NgeSonto
, Mbasa 6
1. UKUPHILA ENYAMENI NASEGAZI KUKA-KRISTU
a. Amazwi kaKristu aba namphumela muni kubaholi bezenkolo-na? Johane 6:52. Kuyini akuchaza maqondana nenyama Yakhe negazi Lakhe-na? Johane 6:53-55.
“Manje orrabi bamemeza ngentukuthelo, ‘Lo angasinika kanjani inyama Yakhe, siyidle-na?’ Baye bathinteka ukuqonda amazwi Akhe ngendlela efanayo ngempela njengoba kwenza UNikodemu lapho ebuza ukuthi, ‘Umuntu angazalwa kanjani esemdala-na? Johane 3:4. Ngandlela thize baqonda lokho okushiwo nguJesu, kodwa bengazimisele ukuvuma. Ngokuhlanekezela amazwi Akhe, baba nethemba lokubandlulula abantu ukuba bamelane Naye.”-The Desire of Ages, p. 389.
b. Kusho ukuthini ngempela ukudla inyama nokuphuza igazi leNdodana kaNkulunkulu-na? Johane 6:56, 57; 1 Johane 3:24; 5:12.
“Ukudla inyama nokuphuza igazi likaKristu kungukumamukela njengoMsindisi, sikholwe ukuthi uthethelela izono zethu, nokuthi siphelele Kuye. Kungukubona uthando Lwakhe, ngokuhlala kulo, ngokuphuza kulo, esiba ngabahlanganyeli bemvelo Yakhe. Lokhu okungudla komzimba, uKristu kumele abeyikho emphefumulweni.”-Ibid., p. 389.
NgoMsombuluko
, Mbasa 7
2. IZWI LIKA-NKULUNKULU
a. Iyiphi incazelo eyengeziwe uJesu ayenza ibesobala mayelana nokushiwo amazwi Akhe-na? Johane 6:63.
“Ukudla akusoze kwasisiza ngaphandle kokuthi sikudle, ngaphandle kokuthi kube yinxenye yobuntu bethu. Ngakho uKristu akasizi ngalutho kithi uma singamazi njengoMsidisi. Ulwazi lwethu lomcabango angeke lwasenzela okuhle. Kufanele sizondle Ngaye, simamukele enhliziyweni, ukuze ukuphila Kwakhe kube ngukuphila kwethu. Uthando Lwakhe, umusa Wakhe, kufanele kulingiswe….
“Ukuphila kukaKristu okunikeza ukuphila emhlabeni kusezwini Lakhe. Bekuyizwi Lakhe uJesu aphilisa izifo futhi wakhipha amademoni; ngezwi Lakhe wathulisa ulwandle, wavusa abafileyo; futhi abantu bathwala ubufakazi bokuthi izwi Lakhe lalinamandla. Wakhuluma izwi likaNkulunkulu, njengoba wakhuluma ngabaprofethi nabafundisi beTestamende Elidala. Lonke iBhayibheli libonakalisa uKristu, futhi uMsindisi wayefisa ukulungisa ukholo lwabalandeli Bakhe ngezwi. Lapho ubukhona Bakhe kumele kususwe, izwi kwakufanele libe ngumthombo wamandla abo. NjengeNkosi yabo, kwakufanele baphile ‘ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu. Mathewu 4:4.
“Njengoba ukuphila komzimba wethu kuqiniswa ukudla, ngokunjalo ukuphila kwethu kwesimoya kuqiniswa yizwi likaNkulunkulu. Futhi wonke umphefumulo kufanele uthole ukuphila okuvela ezwini likaNkulunkulu ngokwakhe. Njengoba kufanele sizizidlele ukudla ukuze sithole amandla, ngakho-ke kufanele samukele izwi ngokwethu. Akufanele silamukele ngomqondo womunye. Kufanele sihlole iBhayibheli ngokunakekela, sicela usizo lukaNkulunkulu loMoya Ongcwele, ukuze siqonde izwi Lakhe. Kufanele sithathe ivesi ngalinye, silicabangisise engqondweni ngenhloso yokuthola umcabango lowo uNkulunkulu awufake evesini ngenxa yethu. Kufanele sigxile ngomcabango uze-ube ngowethu, futhi siyazi ‘isho njalo iNkosi.’”-The Desire of Ages, p. 389, 390.
b. Umprofethi uJeremiya uchaza kanjani lawamava-na? Jeremiya 15:16.
“Uma sithatha uNkulunkulu ngokwezwi Lakhe, sizobona insindiso Yakhe…. Kufanele samukele izwi likaNkulunkulu. Kufanele silidle izwi likaNkulunkulu, siliphile izwi, liyinyama negazi leNdodana kaNkulunkulu. Kumele sidle inyama futhi siphuze igazi Layo-samukela ngokukholwa umfuziselo Wakhe wesimoya.”-Testimonies for the Church, vol. 6, pp. 51, 52.
Ngolwesibili
, Mbasa 8
3. UBUNZIMA EBANDLENI ELISHA
a. Ibuphi ubunzima amazwi kaKristu abanga impikiswano phakathi kwabafundi Bakhe-futhi lokhu kuyisixwayiso kanjani kithi namuhla-na? Johane 6:60, 61, 65, 66.
“Ukuhlolwa kwakukukhulu kakhulu. Umdlandla walabo ababefuna ukumbamba ngamandla futhi bambeke abeyinkosi waphelelwa amandla. Lentshumayelo esinagogeni, yayithi, uthe waVula amehlo abo. Manje babengenakudukiswa. Ezingqondweni zabo amazwi Akhe angukuvuma okuqondile ukuthi akaYena uMesiya, nokuthi akukho mvuzo wasemhlabeni okufanele upheleliswe ngokubasusa ekuxhumaneni Naye. Bamukele amandla Akhe asebenza izimangaliso; babelangazela ukukhululwa ezifeni nasekuhluphekeni; kodwa babengeke bazwelane nokuphila Kwakhe kokuzidela. Babengenandaba nombuso ongaqondakali wesimoya Lowo akhuluma ngawo. Ukuzenzisa, ubugovu, labo ababemfuna, babengenandaba Naye. Uma enganikeli amandla Akhe nomfutho ukubatholela inkululeko yabo embusweni wamaRoma, babengeke babenamsebenzi Naye….
“Ngamazwi eqiniso, amakhoba ahlukaniswa namabele. Ngoba babeyize futhi babelunge kakhulu ukuba bangamukela ukusolwa, babethanda izwe kakhulu ukuba bamukele ukuphila okuthobekile, abaningi bamhlubukela uJesu. Abaningi basenza into efanayo namanje. Imiphefumulo iyahlolwa namuhla njengabafundisi esinagogeni laseKapanawume. Lapho iqiniso lilethwa ekhaya enhliziyweni, futhi bebona ukuthi ukuphila kwabo akuvumelani nentando kaNkulunkulu. Babona isidingo sosizo lwenguquko ephelele; kodwa abavumi umsebenzi wokuzidela. Ngakho-ke bayathukuthela uma izono zabo zibonakala. Bahamba becasukile, njengabafundi labo abashiya uJesu, bekhononda. ‘Lesi isisho esinzima; ngubani ozosizwa-na?’ ”-The Desire of Ages, pp. 391, 392.
b. Emva kokuba labafundi sebemshiyile, mbuzo muni uKristu awuletha kwabayishumi nambili-na? Johane 6:67. Singenanela kanjani impendulo kaPeter ehlakaniphile namuhla-na? Johane 6:68, 69.
“Ngenxa yombiko omuhle nomubi, ngenxa yobumnyama, ngenxa yakho konke ukuphikisana kwezithunywa zikaSathane, iLanga Lokulunga lizokhanya ngesizotha, liphenya okubi, livimbela isono, livuselela umoya wothobekile nodabukile. ‘Nkosi, siyakuya kubani-na? Amazwi okuphila okuphakade Akuwe.’”-Testimonies to Ministers, p. 285.
Ngolwesithathu
, Mbasa 9
4. KUSUKELA KUBUFUNDI UKUYA KWIZITHA
a. Kuyini esingakusho ngokuvamile ngalabo abahlubukela uKristu-na? 1 Johane 2:19. Yisiphi isikhundla esidumazayo abafundi ababengathintekile abasithatha-na?
“Njengoba labo bafundi abangabakhohlisi bafulathela uKristu, umoya ohlukile wathatha indawo kubo. Babengaboni lutho oluhehayo Kulowo ngaphambili babemthola ethakazelisa. Bafuna izitha Zakhe, ngoba zazivumelana nomoya wabo nomsebenzi. Bahlanekezela amazwi Akhe, baqinisekisa izitatimende Zakhe, babesola izindlela Zakhe. Bazitholela inkambo yabo ngokuqoqa yonke into engaphenduka imelane Naye. Futhi intukuthelo enjalo yavuselelwa imibiko yamanga yokuthi impilo Yakhe isengozini.”-The Desire of Ages, p. 392, 393.
b. Kuyini okwenzeka kubalaleli abanomcabange wenyama-na? Roma 16:17, 18.
“Ukudumisa nokuthopha kungajabulisa…kodwa iqiniso alamukelwa; abakwazi ukulizwa. Lapho izixuku zilandela, nalapho izixuku zondliwa, nomsindo wokumemeza kokunqoba uzwakala, namaphimbo aphezulu ekudumiseni, kodwa lapho ukucwaninga koMoya kaNkulunkulu kuveza isono sabo, futhi ubancenga ukuba balisishiye, bayalifulathela iqiniso, futhi bangabe besahamba noJesu.”-Ibid., p. 392.
c. Ngaphandle kwalabo abahlubukela uJesu, ngubani owahlangana ngaphakathi nezitha Zakhe-futhi lenkonzo engaphelele yabonakaliswa kanjani-na? Johane 6:70, 71.
“Intshumayelo kaKristu esinagogweni maqondana nesinkwa sokuphila yaba inguquko emlandweni kaJudasi….Wabona ukuthi uKristu ubenikela okwesimoya kunezinto ezinhle zomhlaba. Wazibheka yena njengobonela kude, futhi ecabanga ukuthi uzobona ukuthi uJesu angeke ahlonishwe, nokuthi angeke anikeza isikhundla esiphakeme kubalandeli Bakhe. Wazimisela ukuba angazihlanganisi kakhulu kuKristu kodwa ukuze akwazi ukumgwema. Wayezobheka. Futhi wabheka.
“Kusukela ngalesosikhathi wagcizelela ukungabaza okwamangaza abafundi. Wangenisa izimpikiswano nemicabango edukisayo, ephindaphinda izimpikiswano ezikhuthazwa ngamababhali nabaFarisi mayelana nezimfuno zikaKristu. Zonke izinkathazo ezinkulu nezincane kanye nosizi, ubunzima nezikhubekiso ezisobala zokuthuthukisa ivangeli, uJudasi wazihumusha njengobufakazi obumelene neqiniso.”-Ibid., p 719.
Ngolwesine
, Mbasa 10
5. UKUMAZI ONGUMKHAPHELI
a. Chaza isici esikhona esamukelwa nguJudasi. Johane 12:4-6; Izaga 3:32.
“[UJudasi] wayezokwethula amazwi eMibhalo eyingahlangani neqiniso likaKristu alilethayo. Lemibhalo, yayihlukaniswe nokuxhumana kwayo, yadida abafundi, futhi yakhulisa ukudumazeka okwakubacindezela njalo. Kodwa konke lokhu wakwenza uJudasi ngendlela yokuthi kubonakale sengathi unonembeza.”-The Desire of Ages, pp. 719.
b. Yisiphi isithemiso esivame ukuqinisekiswa kumava ethu ezenkolo-ngisho nasesimeni esifanayo nengozi yaseGalile-na? Roma 8:28.
“Lapho uJesu eletha iqiniso elivivinyayo elabangela abafundi Bakhe abaningi ukuba babuyele emuva, ubazi okuzoba umphumela wamazwi Akhe; kodwa wayenenhloso yomusa okufanele ugcwaliseke. Wabonela ngaphambili ukuthi ngehora lokulingwa bonke abafundi Bakhe abathandekayo bazolingwa kanzima. Usizi Lwakhe eGetsemane, ukukhashelwa Kwakhe nokubethelwa esiphambanweni, kubona kuzoba ukuhlolwa okunzima kakhulu. Sasingekho isilingo ngaphambili abanikezwe sona, abaningi ababunjwa ngumsuka wobugovu nje engabe bazihlanganisa nabo. Lapho iNkosi yabo igwetshwa kuholo lokuthetha amacala; lapho isixuku esasimvuma njengeNkosi yabo ngokufutheka simcasukela; lapho isixuku simemeza, ‘Mbethele!’-lapho ukufisa kwabo okomhlaba kubadangalisa, labo abazifunelayo, bazolahla inkonzo yabo kuJesu, balethe kubafundi usizi olubabayo, nobuhlungu benhliziyo, bengeza osizini lwabo nokudangala ukonakalisa ithemba abalithandayo. Ngehora lobumnyama, isibonelo salabo abamfulathela kungenzeka baholele nabanye ukuba bahambe nabo. Kodwa uJesu wabalethelela lolusizi esekhona phakathi kwabo ukuqinisa ukholo lwabalandeli Bakhe beqiniso.”-Ibid., p. 394.
NgoLwesihlanu
, Mbasa 11
IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE
1. “Singadla kanjani inyama yeNdodana yomuntu, futhi siphuze igazi Layo-na”?
2. Kusho ukuthini ukubheka kuJesu-na?
3. Kungani abanye baphatheka kabi ngamazwi kaJesu-na?
4. Kuyini abakwenza kamuva-futhi lokhu kusixwayisa kanjani-na?
5. Chaza isimo sesimoya sikaJudasi emva kwalokhu, kanye nomphumela wakho.