Back to top

Sabbath Bible Lessons

UMGCINIMAFA WEQINISO (1) - Ukubonisana noMdali Wethu

 <<    >> 
Isifundo 11 ISabatha, Ndasa 18, 2023

Isivumelwano Esidala

“IVESI LEKHANDA: “Bhekani izinsuku ziyeza, isho iNkosi, lapho ngiyakwenza isivumelwano esisha nendlu kaIsrayeli, nendlu kaJuda” (Heberu 8:8).

“UNkulunkulu wabona okwakwenzeka ekamu. Wabona ukuthi abantu, ngisho nangesikhathi inkazimulo engcwele isahlezi phezu kweSinayi, bazinikela ezilingweni zikaSathane, futhi baceba ukumelana nomthetho abathembise ukuwulalela.”-The Youth’s Instructor, Lwezi 21, 1901.

Incwadi Enikeziwe:   Patriachs and Prophets, pp. 370-373. 

NgeSonto Ndasa 12

1. UBUGQILA BULAHLEKISA IZINGQONDO

a. Sasinjani isimo sika-Israyeli iminyaka eminingi-futhi lesimo sathinta kanjani ulwazi lwabo ngoNkulunkulu nemithetho Yakhe? Exodusi 20:1, 2; Duteronomi 5:15.

“Ebugqilini babo abantu ngezinga eliphakeme balahlekelwa ulwazi ngoNkulunkulu nezimiso zesivumelwano sikaAbrahama. Ngokubakhulula baphume eGibhithe, uNkulunkulu wazama ukwembula kubo amandla Akhe nomusa Wakhe, ukuze baholelwe ukuba bamthande futhi bamethembe. Wabaletha Olwandle Olubomvu-lapho, bexoshwa ngabaseGibhithe, ukuphepha kubonakala kungeke kwenzeka-ukuze babone ukungakwazi ukuzenzela ngokuphelele, isidingo sosizo lwabo olungcwele, wasebenzela inkululeko yabo. Kanjalo bagcwaliswa ngothando nokubonga kuNkulunkulu benethemba emandleni Akhe okubasiza. Wababophelela Kuye njengomkhululi wabo ebugqilini besikhashana.

“Kodwa kwakukhona iqiniso elikhulu okumele licindezelwe ezingqondweni zabo. Ngokuphila phakathi kwabantu abakhonza izithombe nabakhohlakele, babengenawo umqondo weqiniso ngobungcwele bukaNkulunkulu, kanye nobubi obudlulele bezinhliziyo zabo, ukungakwazi kwabo ngokuphelele, ukuthobela umthetho kaNkulunkulu, kanye nesidingo sabo soMsindisi, konke lokhu kufanele bafundiswe.”-Patriachs and Prophets, p. 371.

b. UNkulunkulu wabaletha kuphi ukuze baqonde ukulunga nobungcwele bomthetho Wakhe? Exodusi 19:1, 5, 6.


NgoMvulo Ndasa 13

2. UBUBI BESONO

a. Ama-Israyeli asabela kanjani ezithembisweni zezibusiso ngisho nangemva kokuqonda umthetho lapho ukhulunywa nguNkulunkulu? Exodusi 19:8; 24:3.

“Abantu babengaqondi ukonakala kwezinhliziyo zabo, nokuthi ngaphandle kukaKristu bekungeke kwenzeka ukugcina umthetho kaNkulunkulu; bangena ngokushesha kwisivumelwano noNkulunkulu. Bezizwa ukuthi bangamisa okwabo ukulunga, bathi, ‘Konke akukhulumileyo uJehova siyakukwenza, silalele.’ Eksodusi 24:7. Babengofakazi lapho kumenyezelwa umthetho ngobukhosi obesabekayo, futhi bethuthumela phambi kwentaba; kodwa emva kwamaviki ambalwa ngaphambi kokuba baphule isivumelwano sabo noNkulunkulu, futhi manje, bebona ukonakala kwabo nesidingo sokuxolelwa kwabo, balethwa ukuba bezwe isidingo sabo soMsindisi esambuliwe esivumelwaneni sikaAbrahama futhi besiyisithunzi semihlatshelo yeminikelo. Manje ngokukholwa nothando babeboshelwe kuNkulunkulu njengomkhululi wabo ebugqilini besono. Manje babekulungele ukuthokozela izibusiso zesivumelwano esisha.”-Patriachs and Prophets, p. 371, 372.

b. Yayiyini imibandela yalesi sivumelwano? Duteronomi 27:26; Hezekeli 20:11; Levi 18:5.

c. Ngokufanayo nesimo sethu semvelo, kuyini ababengakwazi ukuyiqonda? Jeremiya 17:9; Isaya 1:5, 6; 64:6.

“‘Anisoze namkhonza uJehova,’ kusho uJeshuwa: ngoba unguNkulunkulu ongcwele….Angeke axolela iziphambeko zenu nezono zenu; ngaphandle kokuba kubekhona inguquko ehlala-njalo abantu kumele baholelwe ukuba bazizwe bengenakuzisiza ngempela ukunikela ukulalela kuNkulunkulu. Bawuphulile umthetho Wakhe, uyabalahla njengabeqi bomthetho, futhi awunikezanga indlela yokuphunyuka. Lapho bethembela emandleni abo nasekulungeni kwabo, kwakunzima kubo ukugcina ukuxolelwa kwezono zabo; babengafinyeleli kwizimfuno zokuphelela komthetho kaNkulunkulu, futhi kwakuyize ukuthi bathembisa ukuthi bazomkhonza uNkulunkulu. Kungenxa yokukholwa kuKrestu kuphela abangakwazi ukugcina ukuxolelwa kwesono bathole amandla okulalela umthetho kaNkulunkulu. Kufanele bayeke ukweyama kumizamo yabo ukuba basindiswe, uma bezokwamukeleka kuNkulunkulu.”-Ibid., p. 524.


Ngolwesibili Ndasa 14

3. UKUQINISA ISIVUMELWANO

a. Emva kokuba uMose esebafundele umthetho nayoyonke imibandela yawo yeziqalekiso nezibusiso, uIsrayeli wasabela kanjani ephindelela? Exodusi 24:7.

“Izingqondo zabantu, ziphuphuthekiswe futhi zehliswa ubugqila babengakulungele ukuthokozela ngokugcwele izimiso ezifinyelele kude zemithetho eyishumi kaNkulunkulu. Nokuthi izibopho zomthetho kumele ziqondwe futhi zicindezelwe, izimiso ezengeziwe zanikezwa, zifanekiswa futhi zisebenzisa izimiso zemithetho elishumi. Ngokungafani nemiyalo elishumi, lezi zalethwa ngasese kuMose, owayezozidlulisela kubantu.”-Fundamentals of Chritian Education, p. 506.

“UMose wabhala, hayi imithetho elishumi, kodwa izahlulelo lezo uNkulunkulu athe bazigcine, nezithembiso ngokuya ngombandela wokuthi bazomlalela. Wayifundela abantu, bathi ngokwabo bazolalela wonke amazwi uJehova awakhulumile. UMose wayesebhala isithembiso esizothile encwadini, wanikela ngomhlatshelo kuNuulunkulu ngenxa yabantu. Wayesekhipha incwadi yesivumelwano, wafundela abantu abalalele, base bethi, Konke akukhulumileyo uJehova siyakukwenza, silalele. UMose wayesethatha igazi, walifafaza ngalo abantu, ethi: Bhekani, nanti igazi lesivumelwano uJehova asenze nani ngawo onke lawamazwi.’ Abantu baphinda amazwi esithembiso esizothile kuJehova ukwenza konke akukhulumileyo, bakulalele.”-The Spirit of Prophecy, vol. 1, p. 240.

b. Kuyini okwenziwa ngokushesha ukubonisa ubucayi besivumelwano esinjalo? Exodusi 24:6, 8.

“Kanjalo abantu base beqinisa isithembiso sabo kuJehova ukwenza konke ayekushilo, nokulalela.”-The Signs of the Times, Nhlaba 6, 1880.

“Lapha abantu bamukela imibandela yesivumelwano. Benza isivumelwano esizothile noNkulunkulu, befanekisa isivumelwano esenziwa phakathi kukaNkulunkulu nawowonke okholwa kuJesu Kristu. Imibandela yabekwa ngokubasobala phambi kwabantu. Abashiywanga ukuba bangaqondi. Lapho becelwa ukuba banqume ukuthi bazovumelana nayo yonke imibandela enikeziwe, ngokungazi bavuma ukulalela zonke izibopho. Base bevumile ukulalela imithetho kaNkulunkulu. Izimiso zomthetho zase zicacisiwe, ukuze bazi ukuthi kungakanani okufakiwe kwisivumelwano sokulalela umthetho; futhi bamukela imininingwane ecacisiwe yomthetho.”-Manuscript Releases, vol. 1, p. 114.


Ngolwesithathu Ndasa 15

4. ISIZUKULWANE ESIDUKILE

a. Kwenzekani ngeningi lesizwe sakwa-Israyeli ngoba lehluleka ukuqonda ukungakwazi ukuzisindisa kwalo nokugcina umthetho ngokuphelele ngaphandle kosizo olungcwele? Abahluleli 26:63-65.

“Konke esingakwenza thina ngokwethu kungcoliswe yisono.”-Christ’s Object Lessons, p. 311.

“UNikodemu wezwa ukushumayela kukaJohane uMbhapathizi maqondana nokuphenduka nokubhapathizwa, ekhomba abantu kuLowo okumele ababhapathize ngoMoya Ongcwele. Naye ngokwakhe wezwa ukuthi kwakukhona ukusilela kwesimoya phakathi kwamaJuda, futhi, ngezinga eliphakeme, babelawulwa ubandlululo nokuthanda ilizwe. Wayefisa isimo esingcono sezinto ekubuyeni kukaMesiya. Kodwa isigijimi esihlola inhliziyo soMbhapathizi sehluleka ukusebenza kuye ukubonisa isono. UbengumFarisi oqinile, ezigabisa ngemisebenzi yakhe emihle. Wayehlonishwa kakhulu ngenxa yokulunga kwakhe nokupha kwakhe ekusekeleni inkonzo yasethempeleni, futhi wazizwa elondekile emseni kaNkulunkulu. Wethuka uma ecabanga ukuthi umbuso uhlanzeke kakhulu ukuthi angawubona ekulesimo akuso.”-Desire of Ages, p. 171.

b. Ingabe inkinga beyiku-kuNkulunkulu noma kubantu kulesivumelwano “esiDala”? Heberu 8:8.

“UMkrestu wemvelo! Lombono okhohlisayo ukhonzwa ngabaningi njengengubo yokulunga kwabo, futhi oholele abaningi ukucabanga ngethemba elikuKristu, ongenamava olwazi Ngaye, amava Akhe, izilingo Zakhe, ukuphila Kwakhe kokuzidela nokuzinikela. Ukulunga kwabo abathembele kukho kakhulu kuyindwangu engcolile kuphela. Kusho uKristu, uThishela Othandekayo: ‘Lowo othanda ukuza emva Kwami, makazidele, athabathe isiphambano, aNgilandele.’ Yebo, Mlandele ebubini nasebuhleni nasembikweni emuhle. Mlandele ebudlelwaneni nabaswele kakhulu nabangenabo abangane.”- Testimonies for the Church, vol. 2, pp. 177, 178.

“Kuyini okwakha usizi, ukuhambaze, kwalabo abazizwa becebile futhi nabakhulelwa yimpahla? Kungenxa yokufuna ukulunga kukaKristu. Ngenxa yokulunga kwabo bafanekiswa njengabambethe izingubo ezingcolile, kodwa ngalesimo bayazikhohlisa ukuthi bembethe ukulunga kukaKristu. Inkohliso ingaba yinkulu? Njengoba ifanekiswa ngabaprofethi, bangakhala bathi, ‘Nanti ithempeli likaJehova, ithempeli likaJehova’ (Bheka kuJeremiya 7:4), lapho izinhliziyo zabo zigcwele ukuhwebelana okungcolile, nokuthengiselana okungcolile.”-This Day with God, p. 228.


Ngolwesine Ndasa 16

5. UKUDINGEKA KWESINYE ISIVUMELWANO

a. Njengoba isivumelwano esidala singenalusizo kangaka, yisiphi isithembiso kuphela esingaletha ithemba kulabo besikhathi seTestamende Elidala? Jeremiya 31:31-33.

“Ngokukholwa kuJesu ukulalela zonke izimiso zomthetho kwenziwa kwenzeke.

“Umoya wobugqila ugqugquzelwa ukufuna ukuphila okuhambisana nenkolo esemthethweni, ngokulwela ukugcwalisa lokho okushiwo ngumthetho ngamandla ethu. Likhona ithemba lethu uma siza ngaphansi kwesivumelwano somusa sokukholwa kuKristu Jesu. Ivangeli elashunyayelwa kuAbrahama, lelo ayenethemba ngalo, bekuyivangeli elifanayo elishunyayelwa kithi namuhla, esinethemba ngalo. UAbrahama wabheka kuJesu, onguMqalisi Nomphelelisi wokukholwa kwethu.”-The SDA Bible Commentary [E.G.White Comments], vol. 6, p. 1077.

b. Yisho amanye amaqhawe eMibhalo amukela lezithembiso zosizo olungcwele? Heberu 11:4-32.

“Iminyaka ngeminyaka amaqhawe okholo aphawulwa ngobuqotho bawo kuNkulunkulu, futhi alethwa ngokusobala phambi kwezwe ukuze ukukhanya kwabo kukhanye kulabo abasebumnyameni. UDanyeli nabangane bakhe abathathu bayizibonelo ezinhle zamaqhawe obuKrestu. Kusukela kumava abo esigodlweni saseBhabhilona singafunda lokhu uNkulunkulu azokwenzela labo abamkhonza ngenjongo ephelele yenhliziyo.”-My Life Today, p. 68.


Ngolwesihlanu Ndasa 17

IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE

1. Silandela kanjani okwenzeka kumaHeberu ngokungakwazi ukuqonda ukubaluleka kweqiniso lomthetho wokuziphatha ongcwele?

2. Kungani bavele bangena ezithembisweni ababengeke bazigcina?

3. Siholelwa kanjani kalula ekwenzeni izithembiso ezifanayo kuNkulunkulu namuhla?

4. Kuyini okwakuqhubeka kwenzeka futhi phakathi kwensali yembali yakwaIsrayeli?

5. Yiziphi izibonelo esinazo, eziveza ukuhlubuka kwesizwe sonke akusona isizathu sokuthethelela ukholo lwethu oluntengantengayo?

 <<    >>