Umnikelo weSabatha Lokuqala Ngowe Educational and Health Center in Adygea, North Caucasus, Russia
Ilizwe laseRussia lingu 17,125,191 square kilometres okuyi (6, 612,073 squire miles) futhi abantu abahlala lapho balinganiselwa kwizigidi ezingu 146, 780, 000, okungukuthi abangu 111 wezigidi ngamaRussia. Phakathi kwesibalo esisele abangu 35 wezigidi bamela izizwe ezingu 180. Inkolo eyaziwayo yiOrthodox (42%), elandelayo ngamaIslam (30%). Ezinye izinkolo kuhlanganisa amaKatolika (3%), Amakholwa akudala (ixuku laseEastern Orthodox Christians) namaProtestanti (2%) ama Buddhism, Judaism and Greek Catholism (1%).
Kusukela ngonyaka ka1925, isigijimi seReform sithe samenyezelwa lapha ezikhathini zonke ezinzima. Abazalwane abaningi bathe bafakwa etilongweni ngenxa Yezwi likaNkulunkulu. Abanye banikela ngokuphila kwabo ngenxa yeqiniso. Ngeminyaka yo 1990’s ibandla lethu lathola ithuba lokushumayela ngokukhululeka futhi lisebenza ngokukhuthala ngalelithuba. Ngonyaka kaJune 2018, iRussian Union yahlelelwa umsebenzi. Eminyakeni embalwa yokugcina, amathuba ethu wokushunayela endaweni evulekile ancipha kakhulu, kanjalo besilokhu sifuna isicephu sendawo ephakathi kwemvelo ukubamba imihlangano kanye nokuhambisa umsebenzi wezempilakahle. INkosi ivumile ukuba sithenge indawo engange 5 hectares ngasegqumeni ezintabeni zase Caucasus ngombono wezindawo zobuhle obumangalisayo. Njengoba kunzima ukuba sithole amanzi esifundeni sezintaba, inani lentengo yalomhlaba beyiphansi kakhulu. Kodwa iNkosi yakunakekela lokho yasisiza ukuba sithole umthombo wamanzi kungewona owokuphuza kuphela, kodwa nechibi. Siyayibonga kakhulu iNkosi ngokuHlinzekela Kwayo! Ehlobo ngonyaka ka2019, sabamba umhlangano wokuqala kulendawo, noma saphumelela ukwakha izakhiwo ezimbili zasehlobo zomhlangano, indawo yokudlela, kanye nezindu ezimbili ezincane. Udokotela wamenywa ukuba abambe umhlangano wezempilakahle kulendawo. Ngokuvumelana nokukhanya okuvela kuMoya wesiProfetho ebheke nezimo zethu, sibona okungenzeka okukhulu maqondana nomsebenzi wezempilo uma izindawo ezifanelekile zalenhloso zingakhiwa.
Siyakholwa ukuthi ngomusa kaNkulunkulu kanye nosizo oluvela kubazalwane emhlabeni wonke, iNkosi izosisiza ukuphelelisa lomsebenzi ongeke wenzeka kubazalwane abasendaweni ukuba bazikhokhele ngokwabo. Kwangathi iNkosi ingabusisa wonke umuntu othanda ukuxhasa lomsebenzi ngemikhuleko kanye nemali.
Abazalwane benu nodade abavela kwiUnion yaseRussia