Ukuya Ezweni Lonke

Iningi lethu lijwayelene namava kaFiliphu lapho ebizwa ukuthi akhulume kwindoda enesithunzi evela eEtiyopiya.
“Kepha ingelosi yeNkosi yakhuluma kuFiliphu, yathi, Suka, uye ngaseningizimu endleleni ephuma eJerusalema eyehlela eGaza; yona iyihlane. Wayesesuka wahamba: Bheka, nansi indoda yase-Etiyopiya, umthenwa, isikhulu sikaKhandakhe inkosikazi yase-Etiyopiya, ebiphezu kwengcebo yayo, yonke, ebifikile eJerusalema izakukhuleka; isibuya, ihlezi enqoleni yayo, ifunda umprofethi uIsaya. UMoya wathi kuFiliphi: Sondela, unamathele kuleyonqola. UFiliphu wayesegijimela kuyo, wayizwa ifunda umprofethi uIsaya, wathi: Uyakuqonda kambe lokhu okufundayo? Yona yathi: Ngingakwazi kanjani, uma kungekho ongiholayo? Yamnxusa uFiliphu ukuba akhwele ahlale nayo….UFiliphu wavula umlomo wakhe, eqala kulowombhalo washumayela ivangeli ngoJesu” (Izenzo 8:26-31, 35).
Lena akuyona indaba nje, kodwa isehlakalo somlando wangempela. Ingabe siyabheka ukuthi iqondene nathi sonke manje-na?
“LoMtopiya ufanekisa inani elikhulu elidinga ukufundiswa abashumayeli abafana noFiliphu-abantu abazolizwa izwi likaNkulunkulu baye lapho ebaholela khona. Baningi abafunda imiBhalo abangeke baqonda incazelo yayo. Emhlabeni wonke abesilisa nabesifazane babheke ngokulangazela ezulwini. Imikhuleko nezinyembezi nemibuzo ziyenyuka zivela kwimiphefumulo ekhalela ukukhanya, ngomusa, woMoya Ongcwele. Abaningi basemngceleni wombuso, balindele kuphela ukungeniswa ngaphakathi.
“Ingelosi yaholela uFiliphu kulowo obefuna ukukhanya futhi elungele ukwamukela ivangeli, namuhla izingelosi zizohola izinyawo zalezo izisebenzi ezizovumela uMoya Ongcwele ungcwelise ulwimi lwazo nokuhlanza futhi usize izinhliziyo zabo. Ingelosi eyathunyelwa kuFiliphu yayinakho ukwenza lomsebenzi kumTopiya, kodwa akuyona indlela kaNkulunkulu yokusebenza. Kuyicebo Lakhe ukuthi abantu kufanele basebenzele izihlobo zabo.
“Ngethemba elanikezwa abafundi bokuqala, abakholwayo bezikhathi zonke ababelana ngazo. Wonke umuntu owamukele ivangeli unikwe iqiniso elingcwele ukulabela umhlaba. Abantu bakaNkulunkulu abathembekile balokhu bengabashumayeli abahlaselayo, ngokuhlela izimali zabo nokuhlonipha igama Lakhe besebenzisa ngokuhlakanipha amathalenta abo emsebnzini Wakhe.
“Umsebenzi wokuzidela kwamaKristu asendulo kufanele ube yisifundo esiyigugu kithi nesinogqozi. Amalunga ebandla likaNkulunkulu kufanele avuthe ngemisebenzi emihle, azehlukanise ekufiseni izinto zomhlaba ahambe ezinyaweni Zakhe ezazihamba zenza okuhle. Ngezinhliziyo ezigcwele isihawu nozwelo, kufanele bafundise labo abadinga usizo, balethe izoni elwazini lothando loMsindisi. Umsebenzi onjalo udinga izisebenzi ezizamayo, kodwa uletha umvuzo onothile. Labo abahlanganyela kuwo ngokuzimisela ngenhloso bazozuzela imiphefumulo kuMsindisi, ngomfutho ozosiza ukuqhubeka komsebenzi wothumo olungcwele ongenakuvinjelwa.
“Awubekwa phezu komfundisi ogcotshiwe othwaliswe ukuziphendulela bokuqhubekela phambili ukuphelelisa loluthumo. Wonke owamukele uKristu ubizelwa ukusebenzela insindiso yabahlobo bakhe….
Uthumo loMsindisi lunikezwe bonke abakholwa egameni Lakhe. UNkulunkulu uzothumela esivinini Sakhe abaningi abanikele kulemfundiso ngokubabeka izandla zabo.” 1
“Kumava kaFiliphu noMtopiya kuvezwa umsebenzi lowo iNkosi ebiza abantu Bakhe….Kukhona labo emhlabeni abafunda iMibhalo, abangasoze baqonda incazelo yawo. Abesilisa nabesifazane abanolwazi ngoNkulunkulu bayadingeka ukuba bachaze izwi kulemiphefumulo.” 2
Ume uthe wabusiswa ngalolwazi, ungomunye wabo!