Ukuya Ezweni Lonke

Ubizo lokubeka konke phezu kwe-altare lomsebenzi ovela komuntu ngamunye. Akusibo bonke abacelwe ukuba bakhonze njengoElisha, noma sicelwe sonke ukuba sithengise ngakho konke esinakho; kodwa uNkulunkulu ucela ukuba sibeke phambili umsebenzi Wakhe ezimpilweni, singavumeli nosuku olulodwa ludlule ngaphandle kokuthuthukisa umsebenzi Wakhe emhlabeni. Akalindeli kubo bonke umsebenzi ofanayo. Omunye angabizwa ukuba asebenze emazweni akude; omunye angacelwa ukuba anikele ngemali yakhe ukuseka umsebenzi wevangeli. UNkulunkulu wamukela umnikelo womuntu ngamunye. Kungenxa yokuzingcwelisa okuzokuzwa kulalele ubizo oluvela eZulwini.
Kubo bonke ababa ngabahlanganyeli bomusa Wakhe, iNkosi ikhetha umsebenzi wabanye. Ngabanye kufanele sime endaweni yethu, uthi, “Nangu mina; ngithume.” Uma umuntu angaba ngumfundisi Wezwi noma inyanga, noma angaba umthengisi noma umkhandi wezimoto, ukuziphendulela kuhlezi phezu kwakhe. Ngumsebenzi wakhe ukwembulela abanye ivangeli bensindiso yabo. Wonke umsebenzi esingena kuwo kufanele ube nesiphelo esinjena. 1
Asikho isidingo sokulinda ukubizelwa kwinsimu ekude ngaphambi kokuba usize abanye. Noma kukuphi lapho ukhona, ungaqala ngaleso sikhathi. Amathuba aseduze kwethu kumuntu wonke. Thatha umsebenzi onikezwe ukuba uziphendulele-umsebenzi okumele wenziwe ekhaya lakho nakumakhelwane wakho. Ungalindeli abanye bacele usizo lwakho. Ngokumesaba uNkulunkulu, qhubekela phambili ngaphandle kokulibala, ngokugcina engqondweni ukuziphendulela komuntu ngamunye Kuye lowo anikela ukuphila Kwakhe ngenxa yakho. Yenza sengathi uzwa uKristu ekubiza ukwenza ngokuphelele umsebenzi Wakhe. Ungabheki ukuthi ngubani omunye okulungele. Uma uzingcwelise ngokweqiniso, uNkulunkulu uzothanda, ngosizo lwakho, ukuletha iqiniso kwabanye angabasebenzisa njengemizila yokuqondisa ukukhanya kwabaningi abadukuza ebumnyaneni.
Bonke bangenza okuthize. Ngomzamo wokuzithethelela ngokwabo, abanye bathi, “Imisebenzi yami yasekhaya, abantwana bami, ababiza isikhathi-sami nemali yami.” Bazali, abantwana benu kufanele babe isandla sosizo lwabo, ukukhisa amandla nekhono lokusebenzela iNkosi. Abantwana bangamalunga amancane omndeni kaNkulunkulu. Bazoholelwa ukuba bazingcwelise ngokuhlengwa. Kufanele bafundiswe ukuthi wonke amandla abo omzimba, ingqondo, nomphefumulo kungokwakhe. Kumele bafundiswe ukusiza ngezindlela ezahlukene kumsebenzi wokuzidela. Ungavumeli abantwana bakho babe yizivimbelo. Abantwana benu nani kufanele babelane ngokwesimoya Kanye nemisebenzi yomzimba. Ngokusiza abanye bakhulisa injabulo yabonokuzidela kwabo. 2
Kuyinhloso kaNkulunkulu ukuthi abantu Bakhe bazoba ngabangcweliswa, ukuhlanzwa, abantu abangcwele, abaxhumanisa ukukhanya kubo bonke abasizungezile. Kuyinhloso Yakhe ukuthi, ngokuba yisibonelo seqiniso ekuphileni kwabo, bazoba yindumiso emhlabeni. Umusa kaKristu wanele ukwenza lokhu. Kuphela uma besebenzisa amakhono uNkulunkulu abanike wona emsebenzini Wakhe bazothokozela ukuphelela kwamandla esithembiso lapho ibandla abizwe ukuma. Uma labo abavuma ukuthi bakholwa kuKristu njengoMsindisi bafinyelela kwizinga eliphansi lokulinganisa kwebandla, ibandla liyehluleka ukuthwala isivuno esikhulu uNkulunkulu asilindele. “Batholakala belula” kubhaliwe kumbiko wabo….
Abafundi kwakungafanele balinde abantu ukuba beze kubo. Kwakufanele baye ebantwini, befune izoni njengabelusi abafuna imvu edukile. UKristu wembula umhlaba phambi kwabo njengensimu yokusebenza kwabo. Kwakufanele bahambe “baye ezweni lonke, nishumayele ivangeli kukho konke okudaliweyo.” Maraku 16:15. Kwakufanele bashumayele uMsindisi, ukuphila Kwakhe bomsebenzi wokuzidela, ukufa Kwakhe okulihlazo, uthando olungelinganiswe, olungaguquki. Igama Lakhe kwakufanele kube isaga sabo, isibopho somunye babo. Ngegama lakhe babethobisa inqaba yesono. Ukukholwa egameni Lakhe kwakufanele kubaphawule njengamaKristu.
Enikeza abafundi izindlela ukuya phambili, uKristu esho: “Kodwa nizakwamukeliswa amandla, uMoya Ongcwele esefikile phezu kwenu, nibe ngofakazi bami eJerusalema naseJudiya lonke, nasesamariya kuze kube sekupheleni komhlaba.” “Kepha hlalani emzini eJerusalema, nize nembathiswe amandla avela phezulu.” Izenzo 1:8; Luka 24:49.
Ngokulalela izwi leNkosi yabo abafundi bahlala eJerusalema belindele ukugcwaliseka kwesithembiso sikaNkulunkulu. Kulendawo bachitha izinsuku ezilishumi, izinsuku zokuhlolisisa ngokujulile izinhliziyo zabo. Babekela eceleni ukungezwani kwabo basondelana ndawonye njengokukhonza kwamaKrestu.
Ekupheleni kwezinsuku ezilishumi isithembiso Sakhe sagcwaliseka ngokuthululwa okumangalisayo koMoya Wakhe. “Ngokungazelelwe kwavela ezulwini inhlokomo kwangathi eyokuvunguza komoya onamandla; yona yagcwalisa indlu yonke ababehlezi kuyo. Kwase kubonakala kubo izilimi ezahlukeneyo kungathi esomlilo; zahlala phesu kwalowo nalowo kubo. Base begcwala bonke uMoya Ongcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokhu uMoya wabapha ukuphimisela.” “Kwenezelwa ngalowomuhla abantu kungathi izinkulungwane ezintathu.” Izenzo 2:2-4, 41.
“Kepha bona bephuma bashumayela ezindaweni zonke, iNkosi isebenza nabo, iqinisa izwi ngezibonakaliso ezilandelayo.” Marako 16:20. Nokho ukumelana okunolaka abafundi abahlangana nakho, ngesikhathi esifushane ivangeli lombuso lezwakala kuzo zonke izinxenye zomhlaba lapho kukhona abantu.
Uthumo olwanikezwa abafundi lunikezwa thina namuhla. Namuhla, njengasendulo, uMsindisi owabethelwa wabuye wavuka kumele aphakanyiswe phambi kwalabo abangenaye uNkulunkulu futhi bengenathemba emhlabeni. INkosi imema abafundisi, abothishela, nabavangeli. Indlu nendlu izinceku Zakhe kufanele zimemezele isigijimi sensundiso. Kuzo zonke izizwe, imindeni, izilimi, nabantu izindaba zentethelelo ngoKristu kumele zihanjiswe.
Kungesikho ngokuthamba, ukunikeza isigijimi ngenkulumo engezwakali, kodwa ngokukhanyayo, okunqumayo, inkulumo ephaphamisayo. Izinkulungwane zilindele isixwayiso ukuze ziphephise ukuphila kwazo. Umhlaba udinga amaKrestu njengobufakazi bamandla obuKrestu. Kungesikho ezindaweni ezimbalwa, kodwa emhlabeni wonke, izithunywa zomusa ziyadingeka. Kwilizwe ngalinye kuzwakala isikhalo: “Wozani ngaphesheya, nisisize.” Abacebile nabampofu, abaphakeme nabaphansi, bafuna ukukhanya. Abesilisa nabesifazane balambele iqiniso njengoba linjalo kuKristu. Uma bezwa ivangeli lishunyayelwa ngamandla avela phezulu, bazokwazi ukuthi idili lilungiselwe bon, futhi bazosabela kulolubizo: “Zanini, ngokuba sekulungisiwe konke.” Luka 14:17.
Amazwi athi “Hambani niye ezweni lonke, nishumayele ivangeli kukho konke okudaliweyo” (Marako 16:15) akhulunywa kumuntu ngamunye ongumandeli kaKristu. Bonke abagcotshelwe ekuphileni kukaKristu bagcotshelwe ukusebenzela insindiso yabangane babo. Ukulangazela okufanayo komphefumulo aKuzwa ngokusindisa okulahlekile kufanele kubonakale kubo. Asibobonke abangagcwalisa lendawo, kodwa kubo bonke kukhona indawo nomsebenzi. Bonke labo izibusiso zikaNkulunkulu zithe zabekwa kufanele basabele ngokwenza umsebenzi; sonke isipho sisetshenziselwe ukuthuthukisa umbuso Wakhe.
UKristu wenza amalungiselelo aphelele okuqhuba umsebenzi onikezwe abafundi, wabeka Kuye ukuziphendulela ngempumelelo yawo. Uma nje beqhubeka ukulalela izwi Lakhe, besebenza ngokuhlanganyela Naye, uyabanxusa. Hambani niye ezweni lonke lapho kukhona abantu, kodwa yazini ukuthi ubukhona Bami buzobakhona. Sebenzani ngokukholwa nangethemba, ngoba isikhathi angeke sabakhona lapho ngizonidela khona.
Kithina isithembiso sokuhlala kobukhona bukaKristu sinikiwe. Ukuphela kwesikhathi akusebenzi inguquko kwisithembiso sokuvalelisa Kwakhe. Unathi namuhla njengoba wayenabafundi ngempela, futhi uzakuba nathi “kuze kube sekupheleni kwezwe.”
“Hambani nishumayele ivangeli ezizweni zonke,” UMsindisi ukhulumma nathi,” ukuze babe ngabantwana bakaNkulunkulu. Nginani kulomsebenzi, ngizonifundisa, nginihole, nginiduduze, nginiqinise, nginiphe impumelelo emsebenzini wokuzidela nokuzinikela. Ngizohamba ezinhliziyweni, ngibabonise isono, ngibasuse ebumnyameni beze ekukhanye, basuke ekungalalelini beze ekulungeni. Ekukhanyeni Kwami bazobona ukukhanya. Nizohlangana nabamelana nani izithunywa zikaSathane, kodwa bekani ithemba lenu Kimi. Angisoze ngihluleke.”
Anicabangi yini ukuthi uKristu usiza labo abaphila ngokuphelele Kuye? Anicabangi yini ukuthi uhambela labo, njengoJohane othandwayo, ngenxa Yakhe baezindaweni ezinzima nezivivinyayo? Uthola abathembekile Bakhe, abambe inxixiswano nabo, abakhuthaze futhi abaqinisise. Izingelosi zikaNkulunkulu, ezinamandla amakhulu, zithunyelwa nguNkulunkulu ukufundisa izisebenzi ezingabantu ezikhuluma iqiniso kulabo abangalazi.
Kulabo abashumayela ivangeli likaNkulunkulu banikwe umsebenzi wokuholela kuKristu labo abasukile endleleni engumngcingo. Kufanele ahlakaniphe futhi akhuthale emizameni yakhe. Ekupheleni konyaka ngamunye angakwazi ukubheka emuva abone imiphefumulo esindisiwe ngomphumela wokusebenza kwakhe. Abanye kufanele abasindise ngokwesaba, “nibasindise ngokubahlwitha emlilweni; nizonde nengubo enindwe yinyama,” “obambelela ezwini elithembekileyo ngokwesifundiso.” Juda 23; Thithu 1:9. Ukulaya kukaPawule uThimothi kuza kubafundisi namuhla: “Ngiyaqinisa phambi kukaNkulunkulu, noKristu Jesu; Shumayela izwi, uqinise, noma kuyisikhathi noma kungesiso; sola, ukhuze, uyale ngakho konke ukubekezela nokufundisa.” 2 Thimothi 4:1, 2.
Kodwa akukho phezu kwalabo kuphela abashumayela izwi uNkulunkulu abeke ukuziphendulela bokufuna nokusindisa izoni. Unikile lomsebenzi kubo bonke. Izinhliziyo zethu kufanele zigcwaliswe ngothando lukaKristu ukuze amazwi ethu okubonga angafudumeza izinhliziyo zabanye. Lona ngumsebenzi ongenziwa yibo bonke, nonkulunkulu uyawamukela njengoba unikelwa Kuye. Uwenza ube namandla, wabela isisebenzi esikhuthele umusa wokubuyisela umuntu kuNkulunkulu.
Kwangathi iNkosi ingabasiza bakhumbule ukuthi ekhaya, ebandleni, nasemhlabeni kufanele benze umsebenzi kaKristu. Abashiywanga ukuba basebenze bodwa. Izingelosi zisizana nabo. NoKristu ungumsizi wabo. Ngakho-ke mabasebenze ngokwethembeka bangakhathali. Ngesikhathi esifanelebazovuza uma bengadangali.3
Ezindaweni eziningi izithunywa ezizisekelayo zingasebenza ngempumelelo. Bekungumsebenzi wokuzisekela obewenziwa ngumpostoli uPawule lapho esebenza ukuhambisa ulwazi ngoKristu emhlabeni wonke. Lapho nsuku zonke sishumayela ivangeli emadolobheni amakhulu aseAsia naseEurope, wayesebenza umsebenzi wezandla ukuzondla yena nabangane bakhe. Amazwi akhe okuvalelisa kumalunga aseEfesu, ebonisa indlela yokusebenzela, anezifundo eziyigugu kuzisebenzi zevangeli:
“Niyazi ukuthi,” esho, “kusukela osukwini lokuqala…nokuthi angigwemanga ukunitshela okusizayo nokunifundisa phambi kwabantu bonke nakuzo izindlu ngezindlu…Angifisanga-siliva lamuntu, nagolide, nangubo; Nina niyazi ukuthi lezozandla zasebenzela izinswelo zami nezababenami. Kukho konke ngangikhombisa ukuthi kumelwe ukuba nisize ababuthakathaka ngokusebenza okunje, nikhumbule futhi amazwi eNkosi uJesu ukuba yena wathi: Kubusisekile ukupha kunokwamukela.” Izenzo 20:18-35.
Abaningi namuhla, uma befundisa ngomoya ofanayo wokuzidela, bangenza umsebenzi ofanayo ngendlela efanayo. Vumela ababili noma abadlula lokho ukuqala umsebenzi wokuvangela. Mabahambele abantu, bakhuleke nabo, bahlabelele, bafundise bechaza iMibhalo, futhi besiza abagulayo. Abanye bangakwazi ukuzisekela njengbakhankasi; abanye njengompostoli uPawule, bangasebenza umsebenzi wezandla noma eminye imizamo. Njengoba beqhubekela phambili emsebenzini wabo, lapho bebona ukungabi nasizo, kodwa ngokuzithoba beyame kuNkulunkulu, bazuze amava abusisekile. INkosi uJesu uhamba phambi kwabo, futhi phakathi kwabacebile nabampofu bathole umusa nosizo.
Lapho abathe bafundiswa ngomsebenzi wokuvangela kokwelapha emazweni akude kumele bakhuthazwe ukuba bahambe bangalibali lapho kufanele basebenze khona, baqale ukusebenza phakathi kwabantu, bafunde izili njengoba besebenza. Masinyane bazokwazi ukufundisa amaqiniso alula ezwi likaNkulunkulu.
Emhlabeni wonke jikelele, izithunywa zomusa ziyadingeka. Kukhona ubizo lwemikhaya yamaKrestu ukuba baye emiphakathini esebumntyameni nephambukile, ukuba baye emazweni akude, bajwayelane nezidingo zabangane babo, nokwenza umsebenzi weNkosi. Uma lemindeni izohlala ezindaweni ezimnyama zomhlaba, lapho abantu begubuzelwe ubumnyama besimoya, bese bavumela ukukhanya kwempilo kaKristu kukhanye ngabo, ngumsebenzi onesizotha esingakanani ongapheleliswa.
Lomsebenzi udinga ukuzinikela. Lapho abaningi belindele zonke izihibe ukuba zisuswe, umsebenzi engabe bayawenza ushiywa ungenziwanga, futhi abaningi bayabhubha ngaphandle kwethemba nangaphandle kukaNkulunkulu. Abanye ngenxa yenzuzo yokuthengiselana, noma ukuthola ulwazi lwezesayensi, bazongena ezindaweni ezingalawulwa ngenjabulo babekezelele ukuzinikela nobunzima; kodwa bambalwa kanjani ngenxa yabahlobo babo abalungele ukusuka nemindeni yabo baye kwizifundaezidinga ivangeli.
Ukufinyelela kubantu, lapho bekhona, noma bakwesiphi isikhundla noma isimo, ukubasiza ngazozonke izindlela ngokungenzeka-lena ubufundisi bangempela. Ngomzamo onjalo ungazuza izinhliziyo uvule umnyango wokungena kwimiphefumulo ebhubhayo.
Emsebenzini wakho wonke khumbula ukuthi uboshelwe noKristu, inxenye yecebo elikhululokuhlengwa. Uthando lukaKristu, ekwelapheni, umsinga onikeza ukuphila, kufanele ugeleze ekuphileni kwakho. Lapho uzama ukudonsa abanye abaseduze ngothando Lwakhe, vumela ukuhlanzeka kwamazwi akho, umsebenzi wakho ongazifuneli, injabulo yokuziphatha kwakho, ithwele ubufakazi bamandla omusa Wakhe. Nikela emhlabeni ukulunga okucwebuile obufanekisa Yena, ukuthi abantu bambone ebuhleni Bakhe.
Akusebenzi ukuzama ukulungisa abanye ngokuhlasela imikhuba yabo ephambukile. Imizamo enjalo ivamise imiphumela yakhona ilimaza kakhulu kunobuhle. Lapho ekhuluma nowesifazane waseSamariya, esikhundleni sokunciphisa umthombo kaJakobe, uKristu waveza okungcono. “Uma ubusazi isipho sikaNkulunkulu,” esho, “nokuthi ngubani othi kuwe, Ngiphuzise; nga ucele kuye, yena nga ekunikile amanzi aphilayo.” Johane 4:10. Waguqula inkulumo kwingcebo azoyethul, enikeza owesifazane okungcono kunalokhu anakho, ngisho amanzi aphilayo, injabulo nethemba levangeli.
Lona umzekelo wendlela okufanele sisebenze ngawo. Kufanele sinike abantu okungcono kunalokhu abanakho, ngisho nokuthula kukaKristu, okudlula ukuqonda konke. Kufanele sibatshele ngomthetho kaNkulunkulu ongcwele, isembulo sesimilo Sakhe, nokugcizelela afisa ukuba babeyikho. Babonise injabulo engapahakeme nezinto ezithokozisayo zomhlaba ekhasini elingonakali lasezulwini. Batshele ngenkululeko nokuphumula okutholalaka kuMsindisi. “Kepha lowo oyakuphuza amanzi engiyakumnika wona kayikoma naphakade,’ esho. Johane 4:14.
Phakamisa uJesu, ememeza, “Bheka iWundlu likaNkulunkulu, elisusa izono zezwe!” Johane 1:29, A.R.V. Nguye kuphela onganelisa intshiseko yenhliziyo anikeze ukuthula emphefumulweni.
Ebantwini bonke abasemhlabeni abavuseleli kufanele babe ngabantu abazidelayo kakhulu, abanomusa omkhulu, abazothile kakhulu. Ekuphileni kwabo kufanele kubonakale ubuhle beqiniso nezenzo zokuzidela. Isisebenzi esingenaso isizotha, esibonisa ukungabekezeli ngabantu abangenalwazi nabaseziphambekweni, abakhuluma ngamawala noma benze ngokungacabangi, bangavala umnyango kwizinhliziyo ukuze ingaphinde ifinyelele kuzo.
Lapho amazolo nezihlambi ezithulile ziwela kwizintshalo ezibunile, kanjalo vumela amazwi awe ngobumnene lapho uzama ukuzuza abantu abasephutheni. Icebo likaNkulunkulu kufanele liqale lifinyelele inhliziyo. Kufanele sikhulume iqiniso ngothando, sithembela Kuye ukunika amandla ukuguqula ukuphila. UMoya Ongcwele uzosebenza emphefumulweniizwi elikhulunywa ngothando.
Ngokwemvelo siyazicabangela futhi sinemibono. Kodwa uma sifuna izifundo uKristu afisa ukusifundisa sona, siba ngabahlanganyeli bemvelo Yakhe; emva kwalokho siphila ukuphila Kwakhe. Isibonelo esimangalisayo sikaKristu, ubumnene obungelinganiswe lobo angena ngabo kwimizwa yabanye, bekhala nalabo abakhalayo, bajabule nabajabulayo, kufanele babenomfutho ojulile phezu kwezimilo zabo bonke abamlandelayo ngobuqotho. Ngamazwi anomusa nezenzo bazokwenza indlela ibelula ezinyaweni ezikhathele. 4