Back to top

The Reformation Herald Online Edition

Ukuya Ezweni Lonke

Ukuphuma Manje
Barbara Montrose

Impilo yethu intenga-ntenga kangakanani!

Sibonile lomhlaba ubuze bawo

Ngandlela thize, siyakwazi ukuba lapha

Kunethemba ngoba iWundlu lihlatshiwe

 

Ukugxila eqinisweni lamanje

Kuzo zonke iziphazamiso-suka kuzo!

Ukufuna iNkosi yilokhu esikudingayo;

Ebukhoneni bukaKristu uqobo-hlala ngokuqinile.

 

Uhambo olude lokuphila kwethu akuwona umdlalo,

Ukushiya izipho Asiphe zona.

Kanjalo, yenza icebo lokulandela uKristu

Nokukhetha indlela Yakhe-yiba nesibindi, ube yiqhawe!

 

Imiphefumulo ekude naseduze ifuna iqiniso;

Kungaba oyedwa omaziyo olangazelayo….

Kugqitshwe enhliziyweni ehlolayo

Umlilo uyokhelwa, ushisa kancane.

 

Manje isikhathi sokukhuluma iqiniso ngobuqotho.

Ukuxabana nokungavumelani kuphelile;

Ukukhononda nezaba akusekho.

Masibonise ukukholwa kwizenzo zethu zonke!

 

Abaningi abalahlekile bayazula, banethemba;

Manje akusona isikhathi nethuba lobuvila.

Izwi likaNkulunkulu lizwakala kakhulu futhi ngokusobala

Manje isikhathi sokuqhubekela phambili!

 

Masihlome ngeqiniso phakathi kwenhliziyo yethu

Nezindebe ezokhelwe ngelahle,

Masikhuleke manje, “Nkosi, hola izinyawo zami

Kumuntu oyedwa othandekayo-kulowo mphefumulo!”

 

Ilanga liyashona; isikhathi sifushane.

Igunya elilodwa sonke esilaziyo:

UKristu wethu ovukile uyasibiza kakhulu ngokusobala-

Yebo, manje isikhathi! Phumani nihambe!