Back to top

The Reformation Herald Online Edition

Ukuya Ezweni Lonke

NGOLWESITHATHU, ZIBANDLELA 10, 2025
Ezindleleni Nasezintangwini
DANIEL BALBACH — USA

UJesu unikeza umfanekiso othathekisayo: “Umuntu othile wenza idili elikhulu, wamema abaningi: Ngesikhathi sedili wathuma inceku yakhe ukuba isho kwabamenyiweyo ukuthi: Zanini, ngokuba sekulungisiwe konke. Kepha bonke baqala ukuzilandulela ngazwi linye; owokuqala wathi kuye: Ngithengile insimu, kuswelekile ukuba ngiye ngiyibone; ngiyakuncenga mawungilandulele. Omunye wathi: Ngithengile izinkabi eziyishumi, sengiya ukuzilinga; ngiyakuncenga, mawungilandulele. Omunye wathi: Ngithathile umfazi, ngalokho ngingeze. Isibuyile inceku yabika lokho enkosini yayo. Khona umninimandla wathukuthela, wathi encekwini yakhe: Khawuleza, uye emigwaqeni nasemincingweni yomuzi, ungenise lapha abampofu, nezilima, nezimpumputhe, nezinyonga. Yathi inceku: Nkosi, sekwenziwe ngokuyala kwakho; kepha isekhona indawo. Yathi inkosi encekwini: Phuma uye ezindleleni nasezintangweni, ubancindezele ukuba bangene ukuba igcwale indlu yami.” (Luka 14:16-23).

Yimaphi amaxuku amabili okuqala amenywa kulelidili, futhi lokhu kubonakalisa ini-na?

“Ngesidlo esikhulu, uKristu ufanekisa izibusiso ezinikelwayo ngenxa yevangeli. Amalungiselelo awamancane kunoKristu uqobo Lwakhe. Uyisinkwa esehla sivela ezulwini futhi Ngaye imifula yensindiso iyageleza. Izizithunywa zeNkosi zithe zamemezela kumaJuda ukubonakala kokuqala koMsindisi, bezikhomba kuKristu’njengeWundlu likaNkulunkulu, elisusa izono zezwe.’ Johane 1:29. Kwidili alilungisile, uNkulunkulu wanikela kubo isipho esikhulu leso iZulu elingasinika…’Uma umuntu edla lesisinkwa,’ kusho uKristu, uyakuphila phakade.’ Johane 6:51.” 1

Ukusuka kwisiqephu samazwi angenhla siqonda imicijo emibili emihle:

1. Isimemo sokuqala sanikezwa amaJuda, leso esifanekiswa amaKrestu namuhla njengabantu abakhethiweyo. “Kepha uma ningabakaKristu, seniyinzalo kaAbrahama, niyizindlalifa ngokwesithembiso” (Galathiya 3:29).

2. Njengezinceku nezithunywa zikaNkulunkulu, sinethuba lokunikeza umhlaba isimemo sokwamukela ngesihle isinkwa sokuphila, leso uKristu ngoKwakhe, “UJesu wathi kubo, Mina ngiyisinkwa sokuphila” (Johane 6:35).

Isizwe samaJuda senqaba isimemo ngenxa yesimo sabo sesimoya-becabanga ukuthi “Bacebile, abaswele lutho” (Isambulo 3:17). Isimemo manje sinikezwa ixuku lesibili labantu. INkosi yatshela inceku encwadini kaLuka 14:21, “Khawuleza, uye emigwaqeni nasezingcingweni yomuzi, ungenise lapho abampofu, nezilima, nezimpumputhe, nezinyonga.” Lokhu akakukhulumi ngomcijo oqondile kepha ngomcijo wesimoya. Uma labo abafanekisa abantu bakaNkulunkulu namuhla becebile, besekuthi labo abasemigwaqeni emikhulu nemincane yilabo abanesimoya esimpofu, esibuthakathaka, abayizimpumputhe.

“Isibuyile inceku eyaletha abampofu nezimpumputhe yabika enkosini yayo, ‘Nkosi sekwenziwe ngokuyala kwakho; kepha isekhona indawo. Yathi inkosi encekwini: Phuma uye ezindleleni nasezintangweni, ubancenge ukuba bangene ukuba igcwale indlu yami.’ Lapha uKristu ukhomba umsebenzi wevangeli ngaphandle kwamaJuda amancane, emigwaqeni nasezintangweni zomhlaba.

Kusho ukuthini ngamaxuku amabili okugcina ashiwo kumfanekiso, kufaniswa nemigwaqo nezintango (noma izintango)? Lamaxuku amabili abhekwa Ngokufunzelelwa njengabantu bomhlaba, labo abangaphandle kwenkolo yethu.

Phakathi kwesikolo sokufundisa ukuhambisa ivangeli kumabandla ahlukahlukene, ngithe ngaphawula imizamo yethu-nalokhu esikuntulayo-ukufinyelela kulabo abangaphandle kwenkolo yethu. Ekuqaleni kwexuku lokuqala, Ngacela abafundi ukuba babheke yonke indawo baphawule ukuthi bangakhi egumbini abangamakholwa amasha avela ngaphandle kwebandla, abathe bamukelwa ngaphakathi iminyaka emihlanu edlule.” Kulelixuku elikhulu, kukhona oyedwa noma ababili abaqeda ukuzinikela enkolweni abaphuma “elizweni.” Lokhu kuvusa umbuzo onzima kumuntu ngamunye: njengezinceku zikaKristu, ingabe ngokukhuthala siyafinyelela yini ekumemeni abanye kwidili elikhulu, lapho uJesu uQobo eyisinkwa sokuphila-na?

Singabuza, “Ngingawenza kanjani lomsebenzi? Kakhulukazi, ngubani osemhlabeni okumele ngifinyelele kuye?” Singazizwa singaqiniseki ukufinyelela kubantu abavela kwizigaba ezihlukene-noma abantu abafunde kakhulu, abacebile, noma abanenkolo ehlukile kumasiko amaKrestu nezimfundiso zawo. Abanye bangazizwa bekude nezinkolo zasemphakathini ngenxa yokhetho lomuntu, indlela yesono aphila ngayo ingaba yintakazelelo, noma amasiko emvelo. Kukhona ukungabaza kokuthi abantu abanjalo bazoba nentakazelelo ezindabeni zesimoya noma bavulekele ukuhlangana nebandla.

Iningi lethu licabanga ukuthi angeke kwabakuhle noma kubalungele ukuletha abantu abanjalo ebandleni. Lokungabaza kungavuka uma sicabanga ukufinyelela kubo. Ukwenza ngcono lokungabaza, kubalulekile ukukhomba Kokuphefumulelwe uzothini ngexuku lokuqala ukulimema kwidili levangeli-kulabo “abasemigwaqeni.”

Emigwaqeni emikhulu

“Isimemo sokuza edilini sanikezwa kuqala abantu bamaJuda, abantu ababizelwa ukuba beme njengothishela nabaholi phakathi kwabantu….Lapho ubizo lwevangeli luthunyelwa kwabeZizwe, isigijimi kuqala kufanele sinikezwe ‘emigwaqeni emikhulu’-kubantu abanenxenye esebenzayo emsebenzini yelizwe, kothishela nabaholi babantu.

“Vumela izithunywa zeNkosi zigcine lokhu engqondweni. Kubalusi bomhlambi, kothishela abakhethwe ngobungcwele, kufanele lize njengezwi okumele liqashelwe. Labo abasezikhundleni eziphezulu zomphakathi kufanele bafunwe ngothando olumnene nangokukhonza kobuzalwane. Abantu abaphila kumabhizinisi, labo abasezikhundleni eziphezulu zokwethenjwa, abantu abanamandla okuqamba nenhlakanipho yangaphakathi, abantu abanobuhlakani, abashumayeli bevangeli izingqondo zabo ezingabizelwanga umsebenzi okhethekile weqiniso lanamuhla-labo yibo abokuqala okufanele bezwe ubizo. Kubona isimemo kufanele sinikezwe.

“Kukhona umsebenzi okumele wenziwe maqondana nabacebile. Umuntu ocebile udinga ukusebenza kwakho ngothando nangokwesaba uNkulunkulu. Kaningi ocebile ithemba lakhe lisezintweni anazo, futhi ubona lokhu njengento engenangozi. Iso lengqondo yakhe kufanele liqondiswe kwizinto zenani elingapheliyo….

“Labo abemi ngokuphakama emhlabeni ngenxa yemfundo yabo, ingcebo yabo, noma ubizo lwabo, akuvamile ukuthi kubhekwe ngqo maqondana nentakazelelo yomphefumulo. Abasebenzi abaningi abangamaKrestu bayangabaza ukusondela kulamaxuku anjalo. Kodwa lokhu akufanele kubenjalo.” 3

Umngani othandekayo kababa wami ungaphansi kwalelixuku. Ngeshwa, ngesikhathi ubaba wami edlula emhlabeni ngenxa yokufa, yisikhathi lapho “ngangingowomhlaba.” Kodwa emva kokuzinikela enkolweni ngaba ngumvangeli weBhayobheli, ngaphoqeleka ukuba ngisondele kumngane kababa wami. Ungumuntu onobuntu, kanjalo bengihambela ikhaya lakhe ngidle naye isidlo sakusihlwa. Njengoba ubungane bethu buqhubeka, ngacela eNkosini indlela yokwabelana naye njengoba ngangingabaza. Uma ngihambela ekhaya lakhe, wayengibonisa ivili elenziwe ngobumba emlilweni, njengoba ethanda ukubumba njengento yokuchitha isizungu. Izikhathi ezihlukene wayebuza ukuthi ngingabumba naye, kodwa kaningi ngangenqaba, kungathi lokhu akungithokozisi. Kodwa, njengoba ngiqhubeka ukumvakashela, ngangikhuleka ukuba ngithole indlela yokwabelana ngevangeli naye. Ngolunye usuku ngikhuleka, ngacindezelwa ukuba ngithathe enginikwa kona ukusebenza ngobumba sindawonye-ngaqonda ukuthi lokhu kungaba indlela yokungena ngabelane ngevangeli.

Lapho ngikhuluma nalobaba ukuthi ngingathanda ukufunda ukusebenza ngobumba, wajabula kakhulu. Ekuqaleni komsebenzi, sobabili sathola amava amakhulu-futhi ungakholwa yilokho noma cha, ngabanakho ukwaba izinto zesimoya zokuthi uKristu ubumba kanjani, nokuthi thina singubumba. Emva kwalokho sisonke, ngabanakho ukutshala imbewu yevangeli lapha nalaphaya-futhi ubungani bethu bajula. Ngaqala ukuzwisisa kakhulu indlela kaKristu yokuzuza imiphefumulo:

“Yindlela kaKristu kuphela ezonikeza impumelelo yangempela yokufinyelela abantwini. UMsindisi wayehlangana nabantu njengalowo ofuna ubuhle babo. Wayebonakalisa isihawu Sakhe kubo, enelisa izidingo zabo, wayezuza ithemba labo. Wabancenga ethi, ‘Ngilandeleni.’ “4 Lokhu kuhlanganisa ubudlelwano obujulile nokuthola ithemba lokuzuza omunye. Nokho njengoba sikhulisa ubungani obusondelene nomunye, singabelana kangcono ngevangeli. Namuhla, emva kweminyaka elishumi, lendoda kanye nami sisengabangani abakhulu-futhi ngiyaqhubeka ukutshala imbewu yeqiniso, nginethemba lokuthi ngolunye usuku angabakhona embusweni kaNkulunkulu ezulwini.

Sitshelwa yincwadi Ephefumulelwe ukuthi uKristu wafaka umzamo Wakhe kwisigaba esithile sabantu-futhi siyaboniswa ukuthi wayefinyelela kanjani kubo. UJesu “wayefuna ukuzijwayeza abantu abacebile nabaFarisi abaphucuzekile, amaJuda asebukhosini, ababusi baseRoma. Wayevuma izimemo zabo, ahlanganyele kumadili abo, azijwayeze lokhu okubathokozisayo nemisebenzi abayenzayo ukuze athole ukungena enhliziyweni yabo, futhi embule kubo ingcebo engapheliyo.” 5

Ezintangweni

Siyatshelwa ukuthi sifinyelele nakulabo “abasezintangweni” noma “ababiyelwe.” Uma sikhuluma ngesikhathi sikaMose, iBhayibheli liphawula ukuthi “abafokazi, nezintandane, abafelokazi, abangaphakathi kwamasango akho, bayakuza, badle, basuthe.” (Duteronomi 14:29). Umoya Ophefumulelwe uyasitshela, akufanele sicabange kuphela ngabantu abakhulu nabaneziphiwo, sikhohlwe yixuku elimpofu kakhulu. UKristu uyala izithunywa Zakhe ukuba zihambe ziye ezintangwini nalabo ababiyelwe, kwabampofu nabancane bomhlaba. Ezigodlweni nasemizileni yamadolobha amakhulu, ezintangweni ezisithekile zelizwe, kukhona imindeni nabantu abahlala ngabodwana-hleze izihambi ezweni abangalazi-abangenabandla abangena kulo, nalabo, ngokuba bebodwa, bazizwe sengathi uNkulunkulu ubakhohliwe.” 6

Ukulahla ubandlululo lwethu

Njengomuntu osemusha, bengithengisa amahora amahlanu imihla ngemihla ukungisiza ukuba ngikhokhele imali yesikolo. Uthishela wethu wasifundisa izimiso eziningi ezinhle ezitholakala kumfanekiso wesidlo esikhulu. Esinye ukuthi kumele sithengise kuzo zonke izigaba zabantu esakhelene nabo, kungesikho lapho sizothengelwa khona kakhulu. Ngolunye usuku siya kulabo abacebile, ngosuku olulandelayo komakhelwane abampofu.

Ngolunye usuku lapho ngithengisa komakhelwane abampofu, ngaba namava akhanyayo. Lapho ngisondela emnyango wangaphambili, ngabona izinto ezithize ezembula izimilo eziqinile eziphilwa kulelokhaya. Njengoba ngikhulule eLos Angeles elikhulu, eCarlifonia, ngabanakho ukuqonda iphunga lomsheshwane-lapho umyango uvuleka, ngabona ixuku lamadoda egunjini okuhlalwa kulo liphuza utshwala libhema nensango. Ngabona nemibala nohlobo lwezambatho ukuthi hleze laba ngamaxuku ezigebengu. Uma ngiqala ukuthengisa, umcabango wami wokuqala ukuthi ngizotshelwa ukuthi, “asinayo intakazelelo!” noma umnyango uzovalwa ebusweni bami ngamandla.

Kodwa akuzange kubenjalo…ngabanakho ukuthengisa zonke izincwadi ezine noma ezinhlanu ebengiziphethe ezandleni zami lapho obeme emnyango elalele ngokubekezela engikushoyo. Lapho sengiqedile, wathi, ‘Linda kancane,” wabuya ephethe imali engange $20, ethi, “ngizothatha leyo,” ekhomba incwadi yesimoya. Lapho ngiphuma ukufuna ushintshi (njengoba ngalezo zinsuku izincwadi zabibiza $10 ngayinye,) wathi “ngcina kuwe ushintshi, uqhubekele phambili ukwenza umsebenzi owenzayo, uNkulunkulu akubusise!”

Uma ngiphuma kulelokhaya, ngazindla ngesifundo esibalulekile engisifundile. Uma ngisondela kulendlu, ngaba nokucabangela phambili. Kakhulu emva kokuvulwa komnyango, ngacabanga, “kungani ngithe ngangqongqotha emnyango? Ngempela labantu benza okuphambene noNkulunkulu nelizwi Lakhe, “ngakho kungani ngichitha isikhathi-sami nesabo ngabelane nento abangenantakazelelo kuyo?” Kodwa akukho eBhayibhelini ukuthi sibe nomcabango onjalo ngemiphefumulo. Uyasincenga ukuba sifune nokusindisa okulahlekileyo” (Luka 19:10). Njengoba sifundisiwe izinto ezibalulekile zokuthengisa izincwadi, okunjalo kufana nokugqoka okubukhali, ngokwazi ukuthengisa kahle nokuba nelihlo lokubheka okuhle, ngicabanga ukuthi lokhu kukhuthaze umuntu. Hleze acabange, ‘Lena indlela okumele ngiphile ukuphila kwami,” futhi ngokungenzeka, “mangixhase lomuntu osemusha, njengoba esendleleni elungile.” Ngiyakholwa futhi ukuthi imbewu itshaliwe ngencwadi-nokuthi naye ufuna ukulandela indlela elungile.

“UNkulunkulu unikezile umyalo okhethekile maqondana nesihambi, olahliwe, nemiphefumulo empofu ebuthakathaka ekuziphatheni. Abaningi ababonakala bephelele benganaki izinto zezenkolo enhliziyweni balangazela ukuphumula nokuthula. Noma bejule ekwenzeni isono, likhona ithemba lokubasindisa….

“Tshela ompofu odangele othe waphambuka ukuthi angadangali. Noma ephambukile, uyalangaza ukukhulisa isimilo esilungile. UNkulunkulu ujabulela ukubabuyisa, ngisho nenjabulo yensindiso Yakhe. Ujabulela ukusebenzisa into engenathemba, labo uSathane athe wabasenzisa, uzobenza izikhonzi zomusa Wakhe. Ujabulela ukubakhulula olakeni olwehlela labo abangalaleli. Batshele ukuthi kunekhambi lokwelapha, elihlanza wonke umphefumulo. Ikhona indawo yabo etafuleni leNkosi. Ulindele ukubangenisa ngaphakathi.” 7 isikhuthazo esihle kangakanani uma sithatha lomsebenzi! UNkulunkulu ufuna ukusebenzisa mina nawe ukuba sabelane nevangeli Lakhe ukuze abuyisele umfanekiso Wakhe kubantu abafana nalembali engaphezulu, futhi wayelindele ukubanika indawo etafuleni Lakhe uma besabela imimemo sobizo Lwakhe.

Omunye “ezintangweni” noma “obiyelweyo”

Enye imbali ekhethekile mayelana nomphefumulo othandekayo “obiyelwe” uza kamuva lapho ngangihola uhlelo lokuthengisa izincwadi esifundeni saseWashington. Kwkukhona udade osemusha igama lakhe kungu Daisy kulohlelo (nganikezwa ilungelo lokusebenzisa igama lakhe lokuqala.) Wayejabulile kakhulu ukuba namava okufunda ukuthengisa izincwadi, njengoba bekuyigama lakhe lokuqala. Wayefisa ukufinyelela imiphefumulo-futhi njengomthengisi angazigcinela inxenye yemali ayizuzile, ejabulela nokuthola imali yokuya esikolweni sokuhambisa ivangeli.

Ngolunye usuku lapho sonke sasiphumile ukuthengisa izincwadi, ngamangala lapho ngibona uDaisy ejabulile futhi enamile. (Ngokuvamile ubengumuntu ozothile nothulile.) Kwatholakala ukuthi ubenamava amangalisayo nowesifazane othenge izincwadi ezimbalwa wamupha isikhwama esigcwele imali ukuba azikhokhele. Uma ebala imali kwakukhona $350 esikhwameni kunezimali ezahlukene zamabandla. Ngokumangala, abanye abathengisayo babuza uDaisy ngalona owesifazane. Ingabe ucebile-na?

“Cha,” kuphendula uDaisy. “Wehluke kakhulu, futhi uphila ezimeni eziphansi.” Ngaleso sikhathi, ngacindezeleka ukuhambela lowesifazane ukumbonga ngomnikelo wesihle ukusiza uDaisy nokubona ukutho ngingathola inamba yokuxhumana naye nginike umfundisi wendawo ukuba alandelele ukuya phambili. Lapho uDaisy engipha lapho ngingathola ikhaya lakhe, ngema ngenhla kwesitiladi kunendlu enezindonga eziwayo ngasondela emnyango. Ngaphambili kukhona intombazane cishe ineminyaka eyishumi nambili ingagqokanga izicathulo, ibheke enye yezincwadi ethengwe ngumama wakhe nguDaisy.

Lapho ngicela kulomntwana ukukhuluma nomama wakhe, umnyango wawuvuliwe, lona owesifazane onedumela-futhi ongabazekayo weza emnyango, wabuza ukuthi ngingubani. Ngambonga ngomnikelo wakhe wesihle kudadewethu uDaisy, ungamangala imicabango ebenginayo ekhanda lami. Kungani lona owesifazane-phakathi kwabantu bonke-anikela ngomnikelo omkhulu kangaka kuDaisy, futhi kungani enentakazelelo yezincwadi noma izindaba zesimoya ngempela-na?

Imibuzo yami yaphendulwa ngokushesha…Ngambuza ukuthi ngingashiya yini ezinye izincwadi, njengoba enezinye angazitholanga, ngenxa yokuthi unikele ngokwedlulele. Ngacela ukuthi angiphe inamba yakhe yokuxhumana ukuze umfundisi wasendaweni angaletha umkhuleko, nezifundo zeBhayibheli, nokunye.

Waphendula wathi angeke anginike inamba yakhe ukuze ngilethe izifundo zeBhayibheli, nokunye, kodwa uzonginika ngesizathu esisodwa: wangitshela ukuthi uthathekiswe uDaisy, ukuziphatha kwakhe, nesifiso sakhe sokulandela uNkulunkulu nokuya esikolweni sokuhambisa ivangeli, yena njengomama okhulisa umntwana eyedwa ufuna ukugcizelela okufanayo ngendodakazi yakhe. Wayefuna ukuthi ngamukele indodakazi yakhe kuhlelo lokuthengisa izincwadi. Ngamtshela ukuthi indodakazi yakho isencane kakhulu, ngathembisa ukuthi sizomfaka-nokuthi sizoza simlande-ukuba ahlanganyele nathi uma siphumela ngaphandle ngesikhathi sekhefu lethu.

Lona wesifazane wangitshela ukuthi mangilinde, njengoba ebuyela endlini ukuthatha esinye isikhwama esiphethe imali (cishe enye $350). Lapho sengiqedile uhlelo lweviki ntambama, uDaisy wangitshela ukuthi yena nalabo asebenza nabo bakwazile ukulanda intombazana izikhathi ezimbalwa bahamba nayo ukuba ihlanganyele nabo ezindaweni ezihlukene nokuthi imbewu yevangeli itshaliwe.

Njengoba ngibuyela emuva kulembali ngikhumbula imbali kaMariya Magadalena esendlini kaSimoni. Lona owesifazane, njengoMariya, wazimisela ukunikela ngakho konke anakho ngenxa yethuba lokuzuza ingcebo yomusa wombuso kaNkulunkulu ngenxa yendodakazi yakhe. Ohambeni lwethu njengabafokazi, njengoba siqhubeka ohambeni lwethu sihlangana nabanye ababiyelweyo njengalona wesifazane nalona wesilisa kwimbali yokuqala, kufanele sizibuze, “Ingabe mina, noma sonke, sifana noSimoni uMfarisi, ogcwele ukwahlulela nokugxeka-noma sifana noKristu-na?

“Lowo owamukele izihambi waphendukela kulabo abadelela ukugcwala kwayo futhi wamema isigaba esingenalutho, abangenazo izindlu nemihlaba. Wamema labo abampofu nabalambile, nalabo abazothokozela isipho abasiphiweyo. ‘Abathelisi nezifebe bangena phambi kwenu embusweni kaNkulunkulu’ (Mathewu 21:31). Kodwa-ke kuyadabukisa kakhulu uhlobo lwabantu lapho amadoda enyaya futhi aphenduke khona, ukuqaphela kakhulu, uthando lukaNkulunkulu. UKristu ulangazela ukuthi abasindwayo, abakhathele, abantu abacindezelwe beze Kuye. Izoni ezahlukene bangumgomo wokuhawukela Kwakhe okujulile, okuqotho nothando.” 8

Isiphetho

Bazalwane abathandekayo, nodade, nabantu abasha! Ingabe nizosabela ubizo lokufuna nokusindisa okulahlekileyo-na?

Isimemo sevangeli kufanele siye ezweni lonke- “ezizweni zonke, nemindeni, izilimi, nabantu” (Isambulo 14:6). Isigijimi sokugcina sesixwayiso nomusa kufanele sikhanyise umhlaba wonke ngenkazimulo yaso. Kufanele sifinyelele kuzo zonke izigaba zabantu-abacebile, abampofu, abaphakeme, nabaphansi. “Phuma uye ezindleleni nasezintangweni, ubancindezele bangene ukuba indlu Yami igcwale” (Luka 14:23). Enye yezindlela zokuphumelelisa lobizo ukuba uthume abantwana bakho, izizukulwane, abashana, abantwana bakadadewenu ukuba ubafake kuhlelo lokuthengisa izincwadi kanye nezikolo zokuhambisa ivangeli, lapho bangafundiswa khona ukwabelana ngevangeli ngesibindi nangothando. Nawe, futhi, ungabusiseka futhi weneliseke ngobizo lwakho lokwakha ubudlelwano nalabo abasemphakathini-kungenandaba ukuthi banekhono elikhulu kangakanani, omakhelwane abahluphekile, noma ngubani okude nokukholwa-ngokubonisa uthando lukaKristu ngokuziphatha okunomusa, usizo olusebenzayo, amazwi ethemba, futhi nokulalela okunesihawu. Wabelane nezinsiza ezinjengokudla, izimpahla, noma izincwadi zesimoya kulabo abakhohliwe noma badelwa ngumphakathi, futhi bahlanganyela kwimfundo yomcabango nangezingxoxo zamaqiniso angunaphakade. Ngokuhlangana nabantu bonke, njengoba uKristu akwenza, singazuza ithemba labo sibamemele esidlweni esikhulu.

Kwangathi iNkosi ingasebenzisa umuntu ngamunye wethu, kokubili imizamo ehleliwe nobufakazi bomuntu ngamunye, ukuqhubekisela phambili Uthumo Olukhulu luka (Mathewu 28:19, 20) sibe ukukhanya kwelizwe njengoba siqhubekela phambili simemela abanye Kwisidlo Esikhulu. Amen!

Okuphathelene
1 Christ’s Object Lessons, pp, 222, 223.
2 Ibid., p. 226.
3 Ibid., pp. 229, 230.
4 The Ministry of Healing, p. 143.
5 Ibid., pp. 24, 25.
6 Christ’s Object Lessons, pp, 232, 233.
7 Ibid., p. 234.
8 Ibid., pp. 225, 226.