Back to top

Sabbath Bible Lessons

Izifundo Ezivela ENCWADINI KA-Jakobe

 <<    >> 
ISabatha, Zibandlela 14, 2024 Isifundo 11
Ukuba Nombono Othobekile “IVESI LEKHANDA: “Zithobeni ebusweni beNkosi, khona iyakuniphakamisa” (Jakobe 4:10).
Incwadi Enikeziwe:   Testimonies for the Church, vol. 2, pp. 41-44, 678-686. 
“Uma silandela indlela ethobekile yokulalela, sishiya umzila okhanyayo obheke ezulwini ukuze abanye bahambe kuyo. Kuyilungelo lethu lokuba sibenamava ajulile ezintweni zikaNkulunkulu.”-The Signs of the Times, Ndasa 17, 1890.

1. UKUGWEMA UKUHLAKANIPHA KWAMANGA NgeSonto Zibandlela 8
a. Yimuphi umkhuba oyingozi kakhulu okudingeka ulahlwe yibo bonke abafakazela ukuthi bathanda abazalwane babo, futhi kungani-na? Jakobe 4:11, 12. “Akufanele kuthathwe njengento elula ukukhuluma kabi ngabanye noma ukuzenza abahluleli ngabakuqondile noma izenzo zabo.”-Patriachs and Prophets, p. 385.“Ukubaluleka kokuziphatha kweqiniso akufuni ukuzenzela indawo ngokucabanga nokukhuluma okubi, ngokwehlisa abanye. Wonke umhawu, nomona, nokuhlambalaza konke, nakho konke ukungakholwa, kufanele kususwe kubantwana bakaNkulunkulu.”-Our High Calling, p. 234.“Umzamo ophikelelayo kufanele wenziwe ebandleni ngalinye ukubekela kude ukuhleba nomoya wokusola ophakathi kwezono eziveza ububi obukhulu ebandleni. Ukuba lukhuni nokufuna amaphutha kufanele kukhuzwe njengokusebenza kukaSathane. Uthando olufanayo nesibindi kufanele kukhuthazwe futhi kunikwe amandla ngamalunga ebandla. Makuthi bonke, ngokwesaba uNkulunkulu nothando lobuzalwane, bavale izindlebe zabo ekuhlebeni nasekusoleni. Qondisa abathwali bezindaba ezimfundisweni zezwi likaNkulunkulu. Mncenge ukuba alalele iMibhalo ahambise ukukhonona kwakhe ngokuqondile kulabo acabanga ukuthi basephutheni. Isenzo esisodwa sizoletha ukukhanya okukhulu ebandleni sivale umyango wobubi obukhulu. Kanjalo uNkulunkulu uzodunyiswa, futhi imiphefumulo eminingi izosindiswa.”-Testimonies for the Church, vol. 5, pp. 609, 610.

2. UKUBEKA UKUKHANYA NGOKWEQINISO NgoMsombuluko Mandulo 9
a. Uma senza izinhlelo, kuyini okufanele sihlale sikukhumbula-na? Amahubo 16:8; Jakobe 4:10, 13-16. “Zingcwelisele uNkulunkulu ekuseni ukwenze kube ngumsebenzi wakho wokuqala. Umkhuleko wakho mawuthi, ‘Ngithathe, Nkosi, ngingoWakho ngokuphelele. Ngibeka wonke amacebo ezinyaweni Zakho. Ngisebenzise namuhla emsebenzini Wakho.’ lesi isihloko semihla ngemihla. Ukusa ngakunye zingcwelisele uNkulunkulu ngalolosuku. Nikela Kuye amacebo akho, ukuba aphumelele noma anikelwe ukuhlinzekela Kwakhe kuzobonakala. Ngakho-ke usuku nosuku unganikela ukuphila kwakho ezandleni zikaNkulunkulu, futhi ngaleyondlela ukuphila kwakho kuzololongwa kakhulu kufane nokuphila kukaKristu.”-Steps to Christ, p. 70. b. Chaza umthwalo wemfanelo ozothile nokuziphendulela esinakho umuntu ngamunye ngokukhanya kwasezulwini esinikeziwe kuzo zonke izimo zokuphila. Jakobe 4:17; Mathewu 12:31, 32. “Akusiye uNkulunkulu ophuphuthekisa amehlo abantu noma aqinise izinhliziyo zabo. Ubathumela ukukhanya ukuba balungise amaphutha abo, nokubahola ngokuphepha endleleni; kungenxa yokwenqaba lokukhanya ukuthi amehlo aphuphutheke nezinhliziyo ziqiniswe. Ngokuvamile uhlelo luhamba kancane, futhi alubonakali. Ukukhanya kuza emphefumulweni ngezwi likaNkulunkulu, ngezinceku Zakhe, noma ngezithunywa eziqondile zoMoya Ongcwele; kodwa uma umsebe owodwa wokukhanya unganakwa, kubakhona ubuthuntu bokwahlukanisa kwesimoya, nokwembulwa kokukhanya kwesibili kwehlukaniswa kancane. Kanjalo ubumnyama buyakhula, kufinyelele lapho ubumnyama buba ubusuku emphefumulweni.”-The Desire of Ages, p. 322.“Kuyingozi ukukhuluma izwi lokungabaza, kuyingozi ukubuza nokusola ukukhanya okungcwele. Umkhuba wokunganaki nokugxeka okungenanhlonipho kubuyela phezu kwesimilo, ekukhuthazeni ukungahloniphi nokungakholwa. Abaningi abenza lomkhuba bayaqhubeka ukuba sengozini yokungabi nonembeza, baze balungele ukugxeka nokwenqaba ukusebenza koMoya Ongcwele.”-Ibid., p. 323.“Uma abantu bekhuluma ngendaba yezempilo, bavame ukuthi: ‘Sazi kangcono kakhulu kunalokho esikwenzayo.’ Abaqapheli ukuthi banokuziphendulela ngemisebe yonke yokukhanya maqondana nokuphila kwabo ngokomzimba, nokuthi imikhuba yabo yonke ivulekele ukuhlolwa nguNkulunkulu.”-Testimonies for the Church, vol. 6, p. 372.

3. INGCEBO EVEZWA NGENDLELA EDLULELE Ngolwesibili Zibandlela 10
a. Yiziphi izixwayiso ezinikiwe maqondana nezilingo ezizungeze labo ababusiseke ngezinto ezibonakalayo ukudlula abanye-na? Jakobe 5:1. “Abafundisi akufanele basebenzise ukuthopha noma bahloniphe umuntu. Beyilokhu ikhona ingozi, futhi isekhona kakhulu, yokuphambuka lapha, ukwenza umehluko omncane kwabacebile, noma ukubathopha ngokubanika ukunaka okukhethekile, uma kungewona amazwi. Kukhona ingozi ‘yokuba nabantu abakutusayo’ ngenxa yenzuzo, kodwa uma bekwenza lokho intakazelelo yabo ngephakade ifakwa engozini. Umfundisi angase abe yintandokazi ekhetheka endodeni ethile enothile, mhlawumbe futhi akhululeke emalini; lokhu kuyamjabulisa umfundisi. Futhi ujike amdumise ngomusa womnikelo wakhe. Igama lakhe lingase liphakanyiswe ngokuvela ezincwadini, futhi nokho lowo ophanayo ngokukhululela angase angalufaneli neze udumo alunikezwayo. Ukupha kwakhe ngokukhululeka akusuki esimisweni esijulile, esiphilayo sokwenza okuhle ngezinto zakhe, ukuqhubekisela phambili umsebenzi kaNkulunkulu ngoba ewuthanda, kodwa ngenxa yesisusa sobugovu, isifiso sokucatshangelwa njengenkululeko yokupha. Mhlawumbe unikela ngokuzizwa nokupha kwakhe akunaso isimiso esijulile. Mhlawumbe uthe washukunyiswa ukulalela amaqiniso aphaphamisayo lawo okwesikhashana akhulula izintambo zesikhwama semali; kodwa, emva kwalokho, ukupha kwakhe akunasisusa esijulile. Unikela ngenkwantshu; isikhwama semali sivuleka ngokugwabuzela futhi sivaleke ngokugwabuzela okuqinile. Akadingi ukubongwa, ngoba ngesimo sonke salegama ungumuntu oncishanayo, ngaphandle ngokuthi aphenduke ngokuphelele, isikhwama semali nakho konke, uzokuzwa amazwi akhuzayo: ‘Minani-nina bacebileyo, khalani, nilile ngezinhlupheko eziyakunehlele. Ingcebo yenu ibolile, nezingubo zenu zidliwe yizinundu.’ Abanjalo bazovuka ekugcineni ekuzikhohliseni okwesabekayo. Labo abadumisa ukupha kwabo okugwabuzayo basiza uSathane ukuba abadukise abenze bacabange ukuthi bayaphana, futhi banikela ngempela, lapho bengazi izimiso zokuqala zokuphana noma ukuzidela.”-Testimonies for the Church, vol. 1, pp. 475, 476. b. Singathuthukisa kanjani izinto eziza kuqala mayelana nemali-na? Izaga 11:4. “Ngokusebenzisa umusa, uyakhula kancane kancane futhi uqine, uze ube yisimiso esibusa umphefumulo. Kuyingozi enkulu esimoyeni ukuvumela ubugovu nokuhaha kuthole indawo encane kakhulu enhliziyweni.”-Ibid., vol. 3, pp. 548, 549.

4. UKUFULATHELA ISITHOMBE ESIKHONZWAYO Ngolwesithathu Zibandlela 11
a. Siyini isizathu esivamile esenza abantu bazuze ingcebo ngayo-na? Jakobe 5:2 (isigaba sokuqala). “Kulesizukulwane isifiso senzuzo siyashisekelwa ukuze silibazise ingqondo. Ingcebo kaningi itholakala ngenkohliso. Kukhona izinkulungwane ezihlupheka ngobumpofu, ezicindezelwa ukusebenza kanzima ukuthola iholo elincane, alikwazi ukugcina ngisho izimfanelo ezincane zempilo. Ukusebenza kanzima nokuswela, ngaphandle kwethemba lezinto ezingcono, kwenza umthwalo wabo ubenzima. Ukukhathazeka nokucindezelwa, abazi ukuthi bangaya kuphi ukuze bathole usizo. Futhi konke lokhu abacebile bangaxhasa ukusaphaza kwabo imali noma bajabulise izifiso zabo nokubuthelela ndawonye!“Ukuthanda imali nokuthanda umbukiso kwenze lomhlaba waba ngumhume wamasela nabaphangi. Imibhalo ifanekisa ukuhaha kanye nokucindezela okuzokwanda ngaphambi-nje kokubuya kwesibili lukaKristu.”-Prophets and Kings, pp. 650, 651. c. Kuyini okushukumisa inxenye enkulu yelizwe namuhla-futhi kuncenga kuni okudingeka kungeniswe kulabo abaqhutshwa yikho-na? 1 Thimothi 6:9, 10; Duteronomi 8:18, 19. “IBhayibheli alibeki muntu icala ngokuba abe ngonothile, uma ethola ingcebo yakhe ngokuthembeka. Akuyona imali, kodwa ukuthanda imali, okuyimpande yakho konke okubi. NguNkulunkulu onika abantu amandla okuthola ingcebo; futhi ezandleni zakhe lowo osebenza njengenceku kaNkulunkulu, esebenzisa imali yakhe ngokungazicabangeli, ingcebo iyisibusiso, kokubili kulowo onayo nasemhlabeni. Kodwa abaningi, babambelela kwintakazelelo yabo kwingcebo yelizwe, bengezwa izimfuno zikaNkulunkulu nezidingo zabahlobo babo. Babheka ingcebo yabo njengendlela yokuzidumisa. Bengeza izindlu phezu kwezindlu, imihlaba phezu kwemihlaba; bagcwalisa izindlu zabo ngezinto ezinhle, kuyilapho okubazungezile izidalwa zabantu abahluphekayo nobugebengu, ngokugula nokufa. Labo kanjalo banikela ukuphila kwabo ekuzikhonzeni futhi bayazikhulisa, kungekona ukucabangela uNkulunkulu, kodwa becabangela omubi.“Lamadoda adinga ivangeli. Kudingeka asuse amehlo awo kwizinto eziyize ezibonakalayo ukuze babone ubugugu bengcebo engapheli….“Abanye banelungelo elikhethekile lokusebenzela ixuku eliphezulu. Labo kufanele bafune usizo kuNkulunkulu lokwazi ukuthi bangafinyelela kanjani kulabantu, ukuba bangabi nokujwayelana nabo nje okuvamile, kodwa ngomzamo womuntu ngamunye nangokholo oluphilayo ukubaphaphamisa kwizidingo zomphefumulo, babaholela kulwazi lweqiniso njengoba lunjalo kuJesu.”-The Ministry of Healing, p. 212, 213.

5. UKUBONA NGAPHEZU KOKUPHATHEKAYO Ngolwesine Zibandlela 12
a. Chaza umphumela wokuzuza ingcebo ngendlela-engalungile. Jakobe 5:2 (isigaba sokugcina). “Ukuthola ingcebo ngokwenza okungalungile, ngokugabadela kwezohwebo, ngokucindezela umfelokazi nezintandane, noma ukuqongelela ingcebo nokunganaki ukuswela kwabampofu, ekugcineni kuzoletha isijeziso esifanele esichazwe ngumpostoli ophefumulelwe.”-Testimonies for the Church, vol. 2, p. 682. b. Yisiphi isixwayiso sikaNkulunkulu esikhethekile maqondana nengcebo-na? 1 Thimothi 6:17-19. “Abathobekile nabampofu kunabo bonke abafundi bakaKristu beqiniso, labo abacebile ngemisebenzi emihle, babusisiwe futhi bayigugu kakhulu emehlweni kaNkulunkulu kunabantu abaziqhayisa ngengcebo yabo enkulu. Bahloniphekile emagcekeni asezulwini kunamakhosi aphakeme nezikhulu ezingacebile kuNkulunkulu….“Labo abagodla imali yabo noma abafaka imali eningi ukuzuza ngemihlaba yabo, kuyilapho bephanga imindeni yabo ukuthokozela izinto uNkulunkulu abaphe zona ngokunothile kakhulu. Nokho banemfuyo eningi, imindeni yabo kaningi icindezelwa ukusebenza kanzima ngaphezu kwamandla abo ukonga kakhulu imali ukuba bayigodle. Ingqondo, ithambo, kanye nomsipha kukhathazwa ngokwedlulele ukuyikhulisa, futhi inkolo nemisebenzi yamaKristu ayinakwa. Sebenza, sebenza, sebenza, isifiso sabo kusukela ekuseni kuze kube sebusuku.“Abaningi ababonisi isifiso esiqotho sokufunda intando kaNkulunkulu nokuqonda izimfuno Zakhe kubo. Abanye abazama ukufundisa iqiniso abanye bona ngokwabo abalaleli izwi likaNkulunkulu. Njengoba othishela abanjalo emsebenzini kaNkulunkulu bekhona, izoncipha nemiphumela.”-Ibid., p. 649.

IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE NgoLwesihlanu Zibandlela 13
1. Uma ngigxila ekusileleni kwabanye, kuyini engikwenzayo-na? 2. Chaza ukuthi siwudabukisa kanjani uMoya Ongcwele uma singanaki ukukhanya okuthunyelwe yiZulu-na? 3. Kungayiphi indlela abantu abacebile nabafundisi babo bangase babanjwe ogibeni-na? 4. Kungani ukuhaha kwanda futhi kungani kufanele sikugweme manje ukudlula isikhathi esedlule-na? 5. Chaza ubuhle kanye nenzuzo yokuzithoba kuKristu-na?
 <<    >>