Izifundo Ezivela ENCWADINI KA-Jakobe << >> Umnikelo WeSabatha Lokuqala Uya Colombian Union Headquarters ISABATHA, ZIBANDLELA 7, 2024 “I-Colombia isizwe esise eNingizimu yeAmerica abantu abahlala kulo abangaphezu kwezigidi ezingu 51. Izimboni ezikhiqiza uparafini, ezemishini, ezokuthunga, ezokwakha, ezolimo, ezamabhange, kanye nezinsiza. Phakathi kwabahlali, i 73% yabantu ngamaKatolike, 9.1% abazishoyo ukuthi banekolo okungeyona yobuKristu, 6.9% ngabaVangeli, 6.5% abanayo inkolo, 2.9% ngamaProtestanti, 0.9% abakholelwa kuNkulunkulu. Lesimo sifanekisa inselelo enkulu ebandleni likaNkulunkulu lapha. “Ngonyaka ka1960, isigijimi sengelosi yesithathu safika eColombia lapho isizwe sihlupheka ngokwehla kokuziphatha ngenxa yezimpi zangaphakathi. Phakathi kwesiyaluyalu, sifinyelele kumalunga ayikhulu (100) ngasekupheleni konyaka ka1971 lapho ibandla labhaliswa ngokusemthethweni embusweni. Ngalezozinsuku izisebenzi zazimbalwa, kodwa aziswelanga isibindi nentshiseko yokunikela konke emsebenzini abawuthandayo. Sasijabulela njalo ukuxhasa abafundisi nabothishela labo, abashiye amazwe abo nokuthokomala, beza ngokuthokoza ukuxhasa umsebenzi eColombia-bezinikela ngenhliziyo yonke ekuhambiseni isigijimi kulendawo. “Ngomusa kaNkulunkulu, ngonyaka 2006, I-Union yaseColombia yahlelwa, futhi namuhla inamaField amathathu. I-Union yethu isemaphandleni emzini waseBarbosa, eSantander. “Ukuze sisebenzele abazalwane bethu nalabo abanentakazelelo ekhulayo eqinisweni, sibona isidingo esikhulu sokukhulisa izakhiwo zethu ezikhona namuhla. Manje, sinomhlaba lapho kukhona amahovisi ethu, isikolo sokushumayela ivangela, kanye nomyango weMultimedia uyasebenza. Lapha sibamba khona imihlangano yebandla, imihlangano yabafundi, namalunga ethu ahlehlela emuva ngokwesimoya nalabo abanentakazelelo kwisigijimi sethu. “Inxenye yesakhiwo seyiqalile ukwakhiwa kulendawo, nezinye izinxenye ezengeziwe umsebenzi uyaqhubeka, kodwa siswele imali yokuziphelelisa. Yingakho sicela izipho zokuzithandela kumndeni webandla emhlabeni wonke. Uxhaso lweminikelo yokuzithandela uzokwenza sibe nezakhiwo ezifanelekile zokusebenzela imiphefumulo elambele ulwazi lweNkosi. Sibonga kakhulu izipho zenu. Iphakade kuphela elizobonisa ukuthi zinhle kangakanani izipho neminikelo ekwenzileyo. Abazalwane nodade abavela Colombian Union << >>