Back to top

Sabbath Bible Lessons

Izifundo Ezivela ENCWADINI KA-Jakobe

 <<    >> 
ISabatha, Mfumfu 12, 2024 Isifundo 2
Ukuhlakanipha Okunempumelelo “IVESI LEKHANDA: “Uma-ke kukhona kini oswela ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngobuhle engajakadi, khona uyakuphiwa” (Jakobe 1:5).
Incwadi Enikeziwe:   Testimonies for the Church, vol. 1, pp. 120, 121; 
  vol. 2, pp. 232-235. 
“Awudingi ukuya emikhawulweni yomhlaba ukuze uthole ukuhlakanipha, ngoba uNkulunkulu useduze. Akuwona amakhono onawo manje noma ozobanawo azokunika impumelelo. Yilokhu iNkosi engakwenzela kona….ilangazela ukukunika ukuqonda kwizindaba zesikhashana nezesimoya. Iyakwazi ukuthuthukisa ingqondo. Iyakwazi ukunika ubuhlakani bokuhambisa izinto kanye nekhono. Beka amathalenta akho emsebenzini, cela ukuhlakanipha kuNkulunkulu, kanjalo uzakuphiwa.”-Christ’s Object Lesson, p. 146.

1. UKUCELA UKUHLAKANIPHA NgeSonto Mfumfu 6
a. Kungani ngempela sidinga okungaphezu kokuhlakanipha kwabantu ekuphileni, futhi kungafinyelela kanjani kithi-na? Jakobe 1:5. “Sidinga ukuqiniseka kancane kulokho umuntu angakwenza futhi sithembele kakhulu kulokhu uNkulunkulu angakwenzela yonke imiphefumulo ekholwayo. Ulangazela ukuba ufinyelele emva Kwakhe ngokukholwa. Ufisa ukuthi ulindele izinto ezinkulu Kuye.”-Christ’s Object Lesson, p. 146.“Ukuzwa nje izintshumayelo amaSabatha alandelanayo, ukufunda iBhayibheli lonke, noma ukuchaza kahle ivesi ngalinye, angeke kwasisiza noma labo abasizwayo, ngaphandle kokuletha amaqiniso eBhayibheli kumava omuntu ngamunye. Ukuzwisisa, intando, intakazelelo, kufanele lunikelwe ekulawulweni izwi likaNkulunkulu. Ngakhe-ke umsebenzi woMoya Ongcwele izimiso zezwi zizoba izimiso zokuphila.“Njengoba ucela eNkosini ukuthi ikusize, hlonipha uMsindisi wakho ngokukholwa ukuthi uyazithola izibusiso Zakhe. Wonke amandla, konke ukuhlakanipha, kungokomyalo wethu. Kufanele sicele kuphela.”-The Ministry of Healing, p. 514.

2. UKUNIKWA AMANDLA NGOKWETHEMBA NgoMsombuluko Mfumfu 7
a. Sizuza kanjani uma sibheka ukuhlakanipha kukaNkulunkulu njengokuphakeme kakhulu kunokwethu, ngisho nasezintweni ezivamile zokuphila-na? Izaga 3:3-8. “Uma-ke kukhona kini oswela ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngobuhle engajakadi, khona uyakuphiwa.’ Isithembiso esinjalo sibalulekile kakhulu kunegolide nesiliva. Uma ngenhliziyo ethobekile ufuna ukuhola okungcwele kuzo zonke izinkinga nokudideka, izwi Lakhe lithembisa ukuthi impendulo ejabulisayo uzonikwa yona. Nezwi Lakhe alisoze lahluleka. Kuyakudlula iZulu nomhlaba, kepha amazwi Ami awasoze adlula. Themba uJehova, awusoze wajabhiswa noma ubenamahloni. ‘Kungcono ukuthemba uJehova kunokubeka ithemba lakho kumuntu. Kungcono ukuthemba uJehova kunokubeka ithemba lakho kubaholi.’“Noma isiphi isikhundla ekuphileni ongabanaso, noma yiliphi ibhizinisi, kufanele sithobeke ngokwanele ukuzwa isidingo sosizo; kufanele seyame ngokuhlanganyela ezimfundisweni zezwi likaNkulunkulu, sivuma ukulondolozwa ezintweni zonke, nokuthembeka ekuthululeni imiphefumulo ngomkhuleko. Yama kokwakho ukuqonda, mzalwane othandekayo, njengoba uhamba emhlabeni, uzovuna usizi nokudumala. Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, uyakuqondisa imikhondo yakho ekuhlakanipheni, nentakazelelo yakho izophepha kulomhlaba nakumhlaba ozayo. Udinga ukukhanya nolwazi. Uzokwamukela iseluleko esivela kuNkulunkulu noma kweyakho inhliziyo; uzohamba phezu komlilo oziphembele wona, noma uzobuthela kuwe ukukhanya okungcwele kweLanga lokuLunga.”-Testimonies for the Church, vol. 5, p. 427. b. Kungani sidinga ukuzikhipha ekwencikeni kakhulu kwabanye abantu ukuze sithole ukuqondiswa-na? Jeremiya 17:5-8. “Lapho ukudideka kuvuka, nalapho ubhekana nobunzima, ungafuni usizo kumuntu. Themba kuJehova ngakho konke. Isenzo sokutshela ubunzima bethu abanye futhi kusenza sibe buthakathaka, futhi akulethi amandla nakubo. Ubeka phezu kwabo umthwalo wobuthakathaka besimoya, abangeke bakhululeka kukho. Sifuna amandla ebantwini abonayo, umuntu ofayo, engabe sithola amandla kuLowo ongoni, uNkulunkulu ongapheliyo.”-Christ’s Object Lessons, p. 146.

3. UKUTHUTHUKISA UKUSIMAMA KAKHUDLWANA Ngolwesibili Mfumfu 8
a. Isiphi isimo okumele sihlangane naso ngaphambi kokuba iNkosi iphendule isicelo sethu-na? Jakobe 1:6 (isigaba sokuqala) Marako 11:24. Chaza isibonelo esisodwa sendlela esinganquma ngayo ukuthuthukisa amandla kulendaba. 1 Korinte 6:3-5. “Bambalwa abaqonda ukuziphendulela okuphezu kwabafundisi abambalwa abathwele ubunzima kulendlela. Abazalwane kaningi babiza labantu ukuba basuke emsebenzini wabo babhekane nezindaba ezincane, noma ukulungisa ezinye izilingo zebandla, lezo abangakwazi futhi abanakho ukubhekana nazo ngokwabo. ‘Uma kukhona kini oswela ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu, obapha bonke ngobuhle engajakadi, khona uyakuphiwa. Kodwa makacele ukukholo oluqinile.’ Kufanele abeqotho futhi abe ngoqiniselayo. Uma ebuthakathaka, eqhubeka ukungabaza ukuthi uJehova ngempela uzokwenza lokho akusithembisile, angeke athole lutho.“Abaningi babheka kubafundisi ukuthi balethe kubo ukukhanya okuvela kuNkulunkulu, becabanga ukuthi lena indlela eshibhile kunokuzihlupha ngokuya ngokwabo kuNkulunkulu. Abanjalo bazolahlekelwa okuningi. Uma usuku nosuku bengalandela uKristu bamenze umholi nomeluleki wabo, hleze bebazothola ulwazi olukhanyayo lwentando Yakhe, kanjalo bazuze amava abalulekile. Ukuswela amava afana nalawa, kubazalwane abafakazela iqiniso bahamba kumalangabi okhelwe ngabanye; abawujwayele uMoya kaNkulunkulu futhi abanalo ulwazi lwentando Yakhe, ngalokho basuswa kalula ekukholweni kwabo. Bayaxega, ngoba bathemba abanye ukuthola amava abe ngowabo.”-Testimonies for the Church, vol. 2, pp. 643, 644. b. UMkrestu ozishoyo uqhathaniswa nani uma ukholo lwakhe luqala ukuntengantenga-na? Jakobe 1:6 (isigaba sokuqala); Genesis 49:4. Singakugwema kanjani lokhu-na? “Ukholo lwamaKrestu amaningi luzontengantenga ngenxa yokunganaki njalo ukuhlanganyela ndawonye emihlanganweni nasemkhulekweni.”-Ibid., vol. 4, p. 106.“Yamukela izwi likaKristu njengesiqiniseko sakho. Akakumemanga yini ukuthi uze Kuye-na? Ungavumi nakanye ukukhuluma ngendlela yokungabi nethemba, nokudumala. Uma wenza kanjalo uzolahlekelwa okuningi. Ngokubheka ukubonakala kwangaphandle nokukhononda lapho kufika ubunzima nencindezi, unikeza ubufakazi bokholo olugulayo, noludondobalayo. Khuluma futhi wenze kungathi ukholo lwakho alunakwahlulwa.”-Christ’s Object Lessons, pp. 146, 147.

4. UKUGWEMA INHLIZIYO EMBAXA-MBILI Ngolwesithathu Mfumfu 9
a. Singaqiniseka kanjani ukuthi umkhuleko wethu wokucela ukuhlakanipha uzophenduleka-na? Luka 18:1; Jakobe 1:6, 7. “Isicelo sokuhlakanipha akufanele sibe ngumkhuleko ongezwakali, ophuma engqondweni ngokushesha lapho uqeda ukukhuleka. Ngumkhuleko ogcizelela isifiso esinamandla, esiqotho senhliziyo, esibangelwa ukuntula ukuhlakanipha ukukhamelela intando kaNkulunkulu.“Emva kokunikela umkhuleko, uma impendulo ingabonakali masinyane, ungakhathali ukulinda futhi untengantenge. Ungaxegi. Bambelela esithembisweni, ‘Uthembekile Yena okubizayo, oyakukwenza futhi.’ Njengomfelokazi othobekile, beka indaba yakho, futhi uqine enjongweni yakho. Ingabe ngumgomo obalulekile kuwe nomphumela omkhulu-na? Ngempela kunjalo. Ungaxegi, ngoba kungenzeka ukholo lwakho luvivinywe. Uma lokhu okufisayo kubalulekile, kuwufanele umzamo oqinile, noqotho. Unaso isithembiso; Linda ukhuleke. Qina umkhuleko uzophendulwa; ngoba akuyena yini uNkulunkulu othembisile-na? Uma kubiza okuthile kuwe ukuba ukuzuze uzokwazisa kakhulu uma ukuthola. Utshelwa ngokukhanyayo ukuthi uma ungabaza ungacabangi ukuthi uzothola okuthize eNkosini. Isixwayiso lapha ukuthi singakhathali, kodwa sihlale siqinile phezu kwesithembiso. Uma ucela, uzakuphiwa ngesihle futhi ungasoli.“Yilapha abaningi benza iphutha. Bayaxega emgomeni wabo, nokholo lwabo luyahluleka. Yilesi isizathu esenza bangamukeli lutho eNkosini, lowo onguMthombo wamandla. Makungabikho ohamba ebumnyameni, akhubeke njengomuntu oyimpumputhe; ngoba iNkosi inikile ukukhanya uma sizokwamukela ngendlela ayimisile, futhi bangakhethi eyabo indlela. Udinga kukho konke okwenziwa ngenkuthalo imisebenzi yansuku zonke.”-Testimonies for the Church, vol. 2, pp. 130, 131. b. Kungani kufanele sigweme ukuba nomqondo ombaxa-mbili-na? Jakobe 1:8; Amahubo 86: 11. “Ngesikhathi bezisho ukuthi bangamaKrestu, abaningi banesimo somhlaba kubo, futhi nothando lwabo alubekwanga kuNkulunkulu. Banhliziyo-mbili, benza umzamo wokukhonza uNkulunkulu kanye nomamona ngesikhathi esisodwa…ngokuzama ukukhonza amakhosi amabili, futhi abagxilanga ezindleleni zabo zonke, futhi angeke bancika kubo….“Kunanzuzo yini ukusho okujabulisayo, kokudelela umsebenzi kaSathane, nokho ngesikhathi esifanayo ungene ekugcwalisekeni kwawo wonke amacebo akhe-na? Lokhu kusho ukuthi umbaxa-mbili.”-The SDA Bible Commentary [E.G. White Comments], vol. 7, p. 938.

5. UKUKHUMBULA U-JAKOBE Ngolwesine Mfumfu 10
a. UJesu ufanekisa kanjani ukuqina okufanele sinikele ngakho ekunxuseni kwethu amandla okufeza intando kaNkulunkulu-na? Mathewu 11:12. “‘Umbuso wezulu uyafuzulwa, nabafuzulayo bayawuthatha.’ Lobudlova bungena enhliziyweni. Ukuba mbaxa mbili kuchaza ukungaqini. Ukuqonda, ukuzidela nomzamo wokuzingcwelisa kuyadingeka emsebenzini wokulungiselela. Ingqondo nonembeza kuyahlanganiswa; kodwa uma intando ingabekwa emsebenzini, sizokwehluleka. Wonke amandla nomuzwa kufanele kungeniswe. Ukushiseka nobuqotho bomkhuleko kufanele kuthathe indawo yokucobeka kanye nokungakhathali. Ubuqotho kuphela, nomzamo ophikelelayo nokukholwa ekufanelekeni kukaKristu esinganqoba ngakho, futhi sizuze umbuso wezulu. Isikhathi sethu sokusebenza sincane. UKristu uyeza masinyane okwesibili.”-The SDA Bible Commentary [E.G. White Comments], vol. 1, p. 1906.“Ngeqiniso elikhulu esibe nelungelo lokulamukela, kufanele, futhi nangaphansi kwamandla oMoya Ongcwele singabanakho, ukuba yimizila ephilayo yokukhanya. Singasondela esihlalweni somusa; futhi ngokubona ukuthobeka kwesithembiso, siguqe ngezinhliziyo ezizisolayo, sifune umbuso wezulu ngamandla esimoya esizoletha umvuzo wawo. Kufanele siwuthathe ngendluzula, njengoJakobe. Bese isigijimi sethu siba ngamandla kaNkulunkulu kube yinsindiso. Izicelo zethu zizogcwala ubuqotho, zibe nomqondo wesidingo sethu esikhulu; futhi angeke senqatshwe. Iqiniso lizocindezelwa ngokuphila nesimilo, nangezindebe ezithintwe ngelahle eliphilileyo elivela kwi-altare likaNkulunkulu.“Uma lamava kuba ngawethu, sizokhishwa ekuhluphekeni kwethu, ubumina obushibhile esibuthanda kakhulu. Sizothulula izinhliziyo zethu emandleni obugovu obugqwalayo, futhi sizogcwala ukudumisa nokubonga kuNkulunkulu. Sizokhulisa iNkosi, uNkulunkulu womusa wonke, Lowo owakhulisa uKristu. Futhi uzobonakalisa amandla Akhe ngathi, ukuba asenze njengamasikela abukhali ensimini yokuvuna. UNkulunkulu ubiza abantu Bakhe ukuba bamembule.”-Reflecting Christ, p. 217.

IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE NgoLwesihlanu Mfumfu 11
1. Chaza ezinye izihluthulelo ezibalulekile zokuzuza ukuhlakanipha okwengeziwe okuvela Ezulwini. 2. Kwenzekani uma seneliseka ekweyameni olwazini lwabantu-na? 3. Ngingenza kanjani inxenye yami ngikhulule abafundisi ukuthi bagxile emiphefumulweni emisha-na? 4. Yiziphi izici zokuphila engingase ngibe mbaxa-mbili kunalokhu engikuqondayo-na? 5. Chaza amandla kanye nokufaneleka komshikashika kaJakobe ezinsukwini zokugcina.
 <<    >>