Back to top

Sabbath Bible Lessons

Izifundo Ezivela ENCWADINI KA-Jakobe

 <<    >> 
ISabatha, Lwezi 2, 2024 Isifundo 5
Ukunqoba Ubandlululo IVESI LEKHANDA: “Ngokuba akukho ukukhetha umuntu kuNkulunkulu“(Roma 2:11).
Incwadi Enikeziwe:   Testimonies for the Church, vol. 3, pp. 304-309, 320-329. 
“UNkulunkulu akanakho ukuhlukanisa ngezikhundla. Kuye asikho isigaba. Emehlweni Akhe, abantu ngabantu, balungile noma babi. Ngosuku lokugcina sekubalwa, isikhundla, ubukhulu, noma ingcebo ngeke kwaguqula umphefumula ngecala noma elikabani. Ngokubona kukaNkulunkulu, abantu bazokwahlulelwa ngalokho abayikho ngokucweba, ngesithunzi, ngokuthanda uKristu.”-Counsels on Stewardship, p. 162.

1. INKINGA YESIMO SENGQONDO NgeSonto Mfumfu 27
a. Chaza umkhuba welizwe esingaba necala ngawo, hleze ngaphandle kokuwuqonda. Jakobe 2:1-4. “Abampofu kufanele baphathwe ngentakazelelo enkulu kanye nangokunakekela njengalokho kwenziwa kwabacebile. Isenzo sokuhlonipha abacebile sokweyisa nokunganaki abampofu kuyisono phambi kukaNkulunkulu. Labo abazungezwe yikho konke ukuzithokozisa kwempilo, noma abatotoswayo nabanconywa ngumhlaba ngoba becebile, abasiboni isidingo sozwelo nokukhathalela ngesihawu kanjalo abantu abaphila isikhathi eside bebhekene nobumpofu.”-Testimonies for the Church, vol. 4, p. 551.“Nakuba uKristu ecebile ezigodlweni zezulu, nokho waba mpofu ngenxa yenu ukuze ngobumpofu Bakhe nicebe-nina. UJesu wahlonipha abampofu ngokuhlanganyela kwisimo sabo sokuthobeka. Emlandweni wokuphila Kwakhe kumele sifunde ukuthi sibaphatha kanjani abampofu.”-Ibid., p. 550. b. Kuyini esingakuqonda ngalabo abampofu ngokwemfuyo yalomhlaba kodwa banothile ekukholweni-na? Jakobe 2:5.

2. UKUQAPHELISA NOKULINGANISA NgoMsombuluko Mfumfu 28
a. Chaza ukusondela okulinganayo lokhu uJesu asifundisa khona maqondana nokusiza abampofu-na? Marako 14:3-9. “Abanye bathwala umsebenzi wokusiza ngokwedlulele futhi balimaza abasweleyo ngokubenzela okuningi kakhulu. Abampofu mabazikhandle ngokufanele ngezikhathi zonke. Noma kungafanele ukuba banganakwa futhi bashiywe behlupheka, kufanele bafundiswe ukuzisiza.“Indlela kaNkulunkulu akufanele ibukelwe phansi yokuthi bampofu kufanele bathole ukunaka kwethu kuqala. UKristu uke wanikeza abafundi Bakhe isifundo esibalulekile kulomcijo. Lapho uMariya ethela amafutha ekhanda likaJesu, umhawu kaJudasi waletha isicelo ngenxa yabampofu, ekhononda ngalokhu akubheka njengokuchithwa kwemali. Kepha uJesu waphendula wathi, ‘Myekeni, nimhluphelani-na? Usebenzile umsebenzi omuhle kimi.’ Noma kukuphi lelivangeli lishunyayelwa emhlabeni wonke, nalokhu akwenzile kuzokhulunywa ngakho njengesikhumbuzo sakhe.’ Ngalokhu sifundiswa ukuthi uKristu kufanele ahlonishwe ekungcwelisweni ngokuhle kakhulu ngempahla yethu. Singenza ukunaka kwethu kuqondiswe ekukhululeni izidingo zabampofu, indlela kaNkulunkulu izogwenywa. Futhi akekho ozohlupheka uma izinceku Zakhe zenza umsebenzi wazo, kodwa umsebenzi kaKristu kufanele uhambe phambili.”-Testimonies for the Church, vol. 4, pp. 550, 551. b. KuIsrayeli wasendulo, simo sini esasidingeka kulabo abaphethe ubulungisa-na? Levi 19:15; Duteronomi 1:17; 10:17. c. Namuhla, kungayiphi indlela bonke ububanzi bobuholi banoma yiliphi ibandla bungasebenzisa lesimiso esifanayo-na? 1 Peter 1:17; Kolose 3:25. “Labo abahlanganisa ukunaka nentakazelelo yabo koyedwa noma ababili, futhi babakhethe ukuze bangasizi abanye, akufanele bagcine isikhundla sabo emsebenzini nosuku olulodwa. Lokukhetha okungengcwele kulabo abakhethekile abajabulela isifiso sokunganaki labo abanonembeza nabesaba uNkulunkulu, futhi phambi Kwakhe bayigugu kakhulu, akumthokozisi uNkulunkulu. Lokhu uNkulunkulu akwazisayo nathi kumele sikwazise. Ukuhloba ngobumnene nomoya othulile iNkosi ikubheka njengokubalulekile kakhulu kunobuhle bangaphandle, ukuhloba kwangaphandle, ubucebi, noma udumo lwezwe.”-Ibid., vol. 3, p. 24.

3. UKWAKHIWA KWEMIKHUBA ENGCONO Ngolwesibili Mfumfu 29
a. Kukhuza kuni uJakobe akunikezayo maqondana nobandlululo lwempahla ngamakholwa azishoyo-futhi kungani kuyindaba enkulu-na? Jakobe 2:6, 7. “UNkulunkulu ukuvumile wena phambi kwabantu nezingelosi njengomntwana Wakhe; khuleka ukuba ungahlambalazi ‘igama elihle enibizwa ngalo.’ Jakobe 2:7. UNkulunkulu unithumela emhlabeni njengabameli Bakhe. Isenzo ngasinye sokuphila kufanele sembule igama likaNkulunkulu. Lesicelo siyakubiza ukuba nesimilo Sakhe. Awusoze wangcwelisa igama Lakhe, angeke umfanekise emhlabeni, ngaphandle kokuthi ekuphileni nangesimilo ufanekisa kona kulokuphila nesimilo sikaNkulunkulu. Lokhu ungakwenza kuphela ngokwamukela umusa nokulunga kukaKristu.”-Thoughts from the Mount of Blessings, p. 107. b. Singaba ngabanqobi ngokufanele kanjani sifanekisa uKristu-na? Roma 2:11; Izaga 23:7. “Funda ngokunakekela isimilo somuntu-esingcwele, futhi ubuze ngezikhathi zonke, ‘Kuyini uJesu ebezokwenza uma ebesesikhundleni sami-na?’ Lokhu kufanele kube yisilinganiso sokusebenza kwethu. Ungazibeki ngokungenasidingo endaweni emphakathini walabo ngobuqili babo bazokwenza buthakathaka inhloso yokwenza okuhle, noma balethe isici kunembeza wakho. Ungenzi lutho phakathi kwezihambi, emgwaqeni, ezimotweni, ekhaya, lokho okungaba nokubukeka okuncane kobubi. Yenza nsuku zonke ukuba uthuthuke, uhlobise, futhi ukhulise ukuphila lokhu uKristu akuthenga ngegazi Lakhe.“Ngezikhathi zonke sebenza ngezimiso, ungenzi ngokuthathwa yinhliziyo. Thambisa amawala emvelo ngokuthobeka nangobumnene. Ungazitiki ngobulula nangobuyize. Makungabikho amazwi okulilisela abhinqayo aphuma ezindebenzi zakho. Ngisho nemicabango akufanele ivunyelwe ukudala uthuthuva. Kufanele avinjelwe, alethwe ebugqilini bokulalela uKristu. Mawabekwe phezu kwezinto ezingcwele. Bese kuthi, ngomusa kaKristu, ahlanzeke futhi aqiniseke.“Sidinga njalo umqondo wamandla okukhulisa imicabango ehlanzekile. Isiphephelo kuphela sanoma yimuphi umphefumulo ukucabanga okulungile….“Khulisa umkhuba wokukhuluma okuhle ngabanye. Gxila phezu kwezimpawu zalabo osondelene nabo, ubone kancane uma kwenzeka amaphutha nokwehluleka kwabo.”-The Ministry of Healing, pp. 491, 492.

4. UKUBA NOKUZIPHATHA NGOKWASEBUKHOSINI Ngolwesithathu Mfumfu 30
a. IMibhalo igcizelela kanjani okubalulekile ngempela kukholo lobuKrestu bethu-futhi kungani-na? Jakobe 2:8. “Othishela abaningi bezenkolo baqinisa ukuthi uKristu ngokufa Kwakhe wawuqeda umthetho, futhi abantu kusukela ngalesosikhathi babekhululekile kwizimfuno zawo. Abanye bawufanekisa njengejoka elinzima, futhi ngokuphambene nobugqila bomthetho banikeza inkululeko eyathokozelwa ngaphansi kwevangeli.“Kodwa abenzanga kanjalo abaprofethi nabapostoli maqondana nomthetho ongcwele kaNkulunkulu. Kusho uDavide: ‘Ngiyakuhamba endaweni ebanzi, ngokuba iziyalezo zakho ngiyazifuna.’ Amahubo 119:45. Umpostoli uJakobe, owabhala emva kokufa kukaKristu, ubhekisa eMthethweni ‘njengomthetho wobukhosi’ futhi ‘umthetho ophelele wenkululeko.’ Jakobe 2:8; 1:25. Futhi umambuleli, emva kwenxenye yekhulu leminyaka emva kokubethelwa, umemezela isibusiso phezu kwalabo ‘abagcina imiyalo Yakhe, ukuba bathole ilungelo labo emthini wokuphila, bangene emzini ngamasango.”-The Great Controversy, p. 466.“Lapho umuntu ezinikela kuKristu, ingqondo ilethwa ngaphansi kokulawulwa ngumthetho; kodwa umthetho wobukhosi, omemezela inkululeko kubo bonke abathunjiwe. Ngokuba munye noKristu, umuntu uyakhululwa. Ukuzithoba entandweni kaKristu kusho ukubuyiselwa ebudodeni obuphelele.“Ukulalela uNkulunkulu kuyinkululeko yokusuka ebugqilini besono, nokukhululwa kwinkanuko nobuthakathaka bomuntu. Umuntu angazinqoba ngokwakhe, anganqoba izinkanuko zakhe, anganqoba iziphathi-mandla, ‘nababusi bezwe balobumnyama,’ nabawomoya bobubi emkhathini.’ Efesu 6:12.”-The Ministry of Healing, p. 131. b. Ukuba nobandlululo, olukhethayo, futhi olungathandeki olulimaza futhi lonakalise ubufakazi bethu ngoKristu-na? Jakobe 2:9. “Singazisho ukuthi singabalandeli bakaKristu, singazisho ukuthi sikholelwa eqinisweni lonke elisezwini likaNkulunkulu; kodwa lokhu angeke kwenzela omakhelwane bethu okuhle ngaphandle kokuthi ukukholwa kusebenza ekuphileni kwethu nsuku zonke. Ukuzisho kwethu kungaphakama njengezulu, kodwa angeke kwasindisa thina noma abahlobo bethu ngaphandle kokuthi sibe-ngamaKristu. Isibonelo esifanele sizokwenza kakhulu ukusiza umhlaba kunokuzisho kwethu.”-Christ’s Object Lessons, p. 383.

5. UKUFUNDISA NGOKUHLAKANIPHA OKUNOZWELO Ngolwesine Mfumfu 31
a. Kuyini okufanele sikugcine engqondweni ngokuphakamisa ukulunga komthetho kaNkulunkulu kithi-ngokufanayo uma sabelana neqiniso kwisizukulwane esilandelayo-na? Umshumayeli 11:9; 12:13, 14; Jakobe 2:10-13. “Abasha banothando lokuzalwa lwenkululeko; bafisa inkululeko; futhi badinga ukuqondiswa ukuthi lezibusiso ezingenakulinganiswa kufanele zithokozelwe kuphela ngokulalela umthetho kaNkulunkulu. Lomthetho ungumlondolozi wenkululeko yangempela kanye namalungelo. Ukhomba futhi uvimbele lezozinto ezonakalisa futhi zigqilaze, futhi kanjalo ukulalela kunika ukuvikeleka emandleni omubi.“Umhlabeleli uthi: ‘Ngiyakuhamba endaweni ebanzi: ngokuba iziyalezo Zakho ngiyazifuna.’ Ubufakazi Bakho buyintokozo yami, bungumluleki wami.“Emizamweni yethu yokulungisa ububi, kufanele sivikele umkhuba wokufuna amaphutha noma ukusola. Ukusola okuqhubekayo kuyakhohlisa, kodwa akuguquki. Ezingqondweni zabaningi, futhi ngokuvamile labo abathinteka kakhulu, isimo sokugxeka okungenalo uzwelo sibulala umzamo. Izimbali azizivezi ngaphansi komphefumulo womoya obhubhisayo.“Isihloko sangempela sokusolwa sitholakala kuphela lapho umenzi wokubi ukuba abone iphutha lakhe futhi intando yakhe ibhaliselwa ukulungiswa kwawo. Uma lokhu sekufeziwe, mqondise emthonjeni wentethelelo namandla. Funa ukugcina ukuzihlonipha kwakhe umkhuthaze ngesibindi nethemba….“Lomsebenzi muhle kunayo yonke, futhi unzima kunayo yonke, kubantu abake bazinikela. Udinga ubuhlakani obubucayi kakhulu, uzwelo oluhle ngempela, ulwazi lwemvelo yomuntu, nokholo oluvela ezulwini nokubekezela, ukuzimisela ukusebenza nokubheka nokulinda. Kungumsebenzi okungekho lutho olubaluleke okwedlula lokho.”-Education, pp. 291, 292.

IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE NgoLwesihlanu Lwezi 1
1. Noma ngingase ngingabi nakho okuningi, kuyini okufanele ngiqaphele ngabanye abanokuncane kakhulu-na? 2. Kulula kanjani ukuba nobandlululo noma ukuchema okungalungile kwabanye abantu? 3. Isibonelo sendlela esicabanga ngayo sithinta kanjani indlela esiphatha ngayo abantu-na? 4. Kungani umthetho kaNkulunkulu ubizwa ngokuthi umthetho wenkululeko-na? 5. Chaza isimo sokufundisa abantu abanemibono engalungile-na?
 <<    >>