Izifundo Ezivela ENCWADINI KA-Jakobe << >> ISabatha, Lwezi 16, 2024 Isifundo 7 Ukukhuleka Ngaphambi Kokuvula Umlomo Wethu IVESI LEKHANDA: “Ngifundise, khona ngiyakuthula mina, ningiqondise lapho ngiduke khona” (Jobe 6:24). Incwadi Enikeziwe: Testimonies for the Church, vol. 2, pp. 50-55. 314-318; vol. 5, pp. 55-59, 175-177. “Noma ngubani ongakhubeki ngezwi, lowo uyindoda epheleleyo, enamandla okulawula umzimba wonke ngetomu.’ Ukukhanya okukhanyisa endleleni yethu, iqiniso elizincoma ngokwalo kunembeza wethu, lizolahla futhi libhubhise umphefumulo, noma liwungcwelise futhi liwuguqule. Siphila eduze kakhulu ekuvalweni komusa ukuba seneliseke ngomsebenzi wangaphandle.”-Testimonies for the Church, vol. 1, p. 308. 1. UKWEHLISA UMOYA WOKUZIGQAJA KWETHU NgeSonto Lwezi 10 a. Kuyini okufanele kukhunjulwe yilabo abahlala ngokushesha ukuzama ukubusa abanye-na? Jakobe 3:1; Marako 9:35. “UNkulunkulu ubeka wonke umuntu icala ngomfutho ozungeza umphefumulo wakhe, ngenxa yakhe nangenxa yabanye.”-Counsels to Parents, Teachers, and Stdents, p. 102.“Ngokwemvelo, abantu bazicabangela bona futhi banemibono yabo. Kodwa ubugovu buyanyamalala ezimpilweni zalabo abafunda izifundo uKristu afisa ukubafundisa zona. Baba ngabahlanganyeli bemvelo engcwele, noKristu uphila kubo. Babheka bonke abantu njengabazalwane, banezifiso ezifanayo, amandla, izilingo, izivivinyo, befisa uzwelo nosizo abaludingayo.“Akufanele nanini silulaze umfowethu. Uma sibona amaphutha enziwe, kufanele senze konke okusemandleni ethu ukusiza labo abasephutheni, ngokubatshela amava ethu-ngesikhathi senze amaphutha amakhulu, ukubekezela nobudlelwane, umusa nokusiza, inxenye yabasebenzi esikanye nabo, yasinika isibindi nethemba.”-The Signs of the Times, Nhlaba 11, 1904. 2. UKUHLAKULELA ISIMO SENGQONDO ESINGCONO NgoMsombuluko Lwezi 11 a. Kusolwa kuni okubukhali okunikezwa labo abalukhuni kwabanye kuyilapho benqaba ukuvuma amaphutha abo-na? Umshumayeli 7:20; Jakobe 3:2 (isigaba sokuqala). “Angeke wahlukanisa yini ubuthakathaka bakho bese uhloma ngazozonke izikhali zokulunga okungokwakho-na? Angeke uqaphele futhi usole phezu komoya wakho inhliziyo namazwi njengoba ungaphezu kwabanye, hleze uNkulunkulu adunyazwe, eqiniso Lakhe lihlanekezelwe? Ukuhlakanipha kwakho kuzothuthukiswa kakhulu uma ukwenza lokho. Iqiniso, izwi eliphilayo, lizoba njengomlilo ovalelwe phakathi kwamathambo akho, elizokhanya ngokusobala, ngokuhlukile okungenaphutha, lifanekisa uKristu emhlabeni…“Akekho yini kulaba abazenze abaseshi ongabona ukuthambekela kwesikhundla abasithathile bezama ukuba namandla okulawula-na? Abekuphi amehlo esimoya esisobala-na? Kungani bekwazi ukubona ucezwana olusesweni lomfowabo, kuyilapho ugongolo lusemehlweni abo-na?”-Testimonies to Ministers, pp. 295, 296. b. Yini ebonisa ukuthi omunye usefinyelele kwizinga lokuphelela lokuziphatha-nokuthi lokhu kungenzeka kuphela kanjani-na? Jakobe 3:2; 1 Korinte 13:5 (isigaba sesibili). “Lapho ulwimi olungalawuleki luthola indawo yokwenza umsebenzi wawo ongcolile, injabulo yeNkosi ayinakho ukuhlala lapho.“Labo abakhonondayo, abacabanga futhi bakhulume okubi ngabazalwane babo, khumbulani ukuthi benza umsebenzi kaSathane. Ilunga ngalinye lebandla malisebenze ngokuzimisela okuqinisekile, futhi ngomkhuleko wosizo, ukwelapha ilunga eligulayo, lolwimi. Umuntu ngamunye makazizwe ukuthi ngumsebenzi wakhe nethuba ukudlulisela ukungezwani okuncane namaphutha ngaphandle kokuthasisela. Ungakhulisi amaphutha amancane enziwa ngomunye, kodwa cabanga okuhle okukuye. Lapho amaphutha ecatshwanga futhi kukhulunywa ngawo, ayakhula. Intaba iyenziwa esikhundleni sentaba yemvukuzane. Ukuzizwa okungemnandi nokuswela isibindi ngumphumela.”-Australian Union Conference Record, Mbasa 15, 1903.“Yenza isivumelwano noNkulunkulu sokuthi uzolonda kahle amazwi akho. ‘Uma umuntu engakhubeki ngazwi, lowo uyindoda epheleleyo enamandla okubamba nomzimba wonke kungathi ngetomi.’ Jakobe 3:2. Khumbula ukuthi amazwi okuziphindisela awenzi umuntu azizwe ethola ukunqoba. UKristu ukhuluma ngawe. Ungalahlekelwa isibusiso esiza ngokungacabangi okubi.”-Testimonies for the Church, vol. 7, p. 243. 3. KUQALA KUYO IMPANDE Ngolwesibili Lwezi 12 a. Bheka indlela engafanela elandelayo lapho sifukamele intukuthelo, futhi sichaze kuphela indlela yokugwema lokhu. Heberu 12:15; Jakobe 3:3-5. “Uthe wagodla umhawu ubhekene nomyeni wakho nabanye abanecala kuwe, kodwa wehluleka ukubona lapho uphambuke khona wenza izindaba zabe zimbi kakhulu ngendlela yakho engalungile. Umoya wakho obuhlungu umelene nalabo abenze okungalungile, imizwa yakho yafumana isikhala sokudumala nokusola. Lokhu kuzokupha inkululeko yesikhashana umthwalo wenhliziyo yakho, kodwa ushiye ibala elihlalayo emphefumulweni wakho. Ulwimi luyisitho esincane, kodwa luthe lakhuliswa ukulisebenzisa ngokungafanele laze lafinyelela lapho liba ngumlilo obhubhisayo.“Zonke lezinto zigebele ekuhloleni ukuthuthuka kwesimoya sakho. Kodwa uNkulunkulu uyabona ukuthi kunzima kanjani kuwe ukubekezela nokuthethelela, futhi uyakwazi ukuzwela nokusiza. Ufuna ukuba uguqule ukuphila kwakho, ulungise izici zakho. Ufisa ukuthi ukuqina kwakho, umoya wokungavumi kufanele uthotshiswe ngomusa Wakhe. Kufanele ufune usizo kuNkulunkulu, ngoba uyakudinga ukuthula nokuzotha esikhundleni sesiphepho nombango. Ivangeli likaKristu liqondisa phezu kwakho ukuba uhambe kancane ekuthathweni inhliziyo, futhi okwengeziwe ngesizathu esingcwelisiwe nokwahlulela okuzolile.”-Testimonies for the Church, vol. 4, p. 139. b. Kuyini okufanele sikuqaphele ngamagama esiwakhulumayo-na? Jakobe 3:6. “Amazwi akho azomemezela, izenzo zakho zizobonisa lapho ingcebo yakho ikhona.”- Ibid., vol. 1, pp. 698, 699.“UDade F uhamba ngokuthatheka kwenhliziyo, futhi athole iphutha, futhi unokuningi kakhulu angakusho okuphambene nabazalwane nodade. Lokhu kuzobanga isiphithiphithi kunoma yiliphi ibandla.”-Ibid., vol. 2, p. 51.“Vumela labo abajabulela ukuphawula amazwi okuhleba namanga bemelene nezinceku zikaKristu bakhumbule ukuthi uNkulunkulu ungufakazi wezenzo zabo. Ukuthinta kwabo ukuhleba okukhona okungcolisa izitsha zomphefumulo kodwa izimilo zalabo uKristu abathenge ngegazi Lakhe. Isandla esaphawula izimilo ezindongeni zesigodlo sikaBelteshazari sigcina umbiko othembekile ngesenzo sonke sokungalungi noma ukucindezela okumelene nabantu bakaNkulunkulu.”- Ibid., vol. 5, pp. 244, 245. 4. YIZE KUBONAKALA NGATHI KUYIQINISO Ngolwesithathu Lwezi 13 a. Yiziphi izikhalo ezinamandla ezenziwayo maqondana nomkhuba oyingozi ovamile osukwini lwethu-na? Amahubo 15:1-3; 1 Korinte 13:6. “Ulwimi oluthokozela ukona, ulwimi oluxhaphazelayo luthi, Bika, ngizobikela abanye, kusho umpostoli uJakobe kufana nokokhela umlilo wesihogo. Luhlakaza izinkuni yonke indawo. Kuyini ukunaka ukuba ngumthengisi wokuhleba nokuthuka abamsulwa-na? Angeke asekela umsebenzi wakhe omubi, noma achithe ithemba nesibindi kulabo abehlela ngaphansi kwemithwalo yabo. Unaka kuphela ukuzitika ngomkhuba wokuthanda-ukuhleba. Ngisho namaKrestu azishoyo avala amehlo awo kukho konke okuhlanzekile, okuthembekile, okunesithunzi, nokuthandekayo, futhi balondoloze okungathandeki nokungemnandi, bakusakaze emhlabeni.“Wena ngokwakho uvulele kakhulu uSathane iminyango ukuba angene. Wamupha indawo ehloniphekile yokucubungula kwakho, noma imihlangano yokuhlolisisa indaba. Awubonakalisi inhlonipho ebuhleni obuqiniswa iminyaka yokwethembeka. Umona, ulwimi lokuziphindise luthe lwapenda izenzo nokuhlobisa ukuze kufanele imicabango yakho. Benze ukuthi okumnyama kubonakale kumhlophe, nokumhlophe okumnyama. Uma bekhuzwa ngamazwi abo, abanye baphendule bathi: ‘Kuyiqiniso.’ Bevuma ukuthi ngempela lokhu okukhulunyiwe kuyiqiniso, ingabe lokhu kunika ilungelo indlela yakho-na? Cha, cha. Uma uNkulunkulu engamukela ukusola konke okungalethwa kumelane nawe ukuthi kunjalo, bakuhlobise bakuhluphe ukuze bakujezise, amanxeba akho abezojula kakhulu kunalokhu okuzwise Umzalwane….ngisho noma iqiniso lingabekwa kahle ukuqondisa ukucindezela kwamanga. Awunalo ilungela lokuhlanganisa wonke umbiko wokumelana naye wenze ukuba igama lakhe lonakaliswe futhi uchithe umsebenzi wakhe. Uma iNkosi ingabonakalisa kuwe umoya ofanayo othe wawubonakalisa kumzalwane wakho, kufanele ubhujiswe ngaphandle komusa. Awunawo amahloni esazela-na? Ngiyesaba awunawo. Isikhathi sokusebenza kukaSathane asikafafiki sokulahlekelwa amandla. Uma umzalwane….ubeyikho konke ofakazele ukuthi uyikho-engazi kahle ukuthi akanjalo, indlela yakho ayikho emthethweni.“Uma silalela lapho sisolwa, maqondana nomzalwane wethu, masamukele ukusolwa…. [Amahubo 15:1-3 ngokuphindwa.]”-Testimonies for the Church, vol. 5, pp. 57, 58. b. Phakathi kwezono eziyisikhombisa ezibalwa njengezinengekayo eNkosini, zingaki eziphathelene namazwini ethu-na? Izaga 6:16-19. 5. ISIKHALI ESILIMAZAYO Ngolwesine Lwezi 14 a. Kukanjani nokuthi kungani kufanele sigweme umkhuba ovamile kakhulu wokuhleba-na? Jobe 6:24; Izaga 11:13; 26:20-22. “Umhlaba onjani ohlebayo obungavinjelwa uma wonke umuntu angakhumbula ukuthi labo abamtshela amaphutha abanye nabo bazohambisa ngokukhululeka amaphutha akhe ngethuba elifanelekile. Kufanele sizame ukucabanga okuhle ngabantu bonke, kakhulu abazalwane bethu, size sicindezelwe ukucabanga ngenye indlela. Masingasheshi ukukholwa imibiko emibi. Umphumela walokhu kaningi umona noma ukungezwani, noma baqhubekele phambili ukuba nehaba noma ukwembula inxenye yeqiniso. Umona nokucabangela, uma kunikwa indawo, bazovuna ngokwabo abakutshalile, njengamakhakhasi. Uma umzalwane ephambuka, manje yisikhathi sokubonisa intakazelelo yangempela kuye. Hamba uye kuye ngomusa, khuleka naye futhi umkhulekele, ukhumbule umvuzo ongapheli lowo uKristu awukhokha ngenhlengo yakhe. Ngalendlela uzosindisa umphefumulo ekufeni, usibekele izono eziningi.“Ukubheka, inkulumo, ngisho nokuphimisela kwezwi kungase kubaluleke ngamanga, kucwile enhliziyweni yothile njengomcibisholo ohlabayo, kubangele isilonda esingelapheki. Kanjalo ukungabaza, ukusola, kungabekwa phezu komunye lowo uNkulunkulu angafeza umsebenzi omuhle, futhi umfutho wakhe wonakaliswe, nomsebenzi wakhe uchithwe. Phakathi kolunye uhlobo lwezilwane, uma elinye ilunga lawo lilimele futhi lawela phansi, ngokushesha liyasidlwengulwa libe izicubu ngabahlobo baso. Wona lomoya ofanayo uthokozelwa abesilisa nabesifazane abathwele igama likaKrestu. Babonakalisa ukushisekela ekuphonseni amatshe kulabo abanamacala amancane kunawabo. Kukhona abanye abakhomba amaphutha nokwehluleka kwabanye ukuphambukisa ukunaka okuqondene nabo, noma ukuzuza ukukholwa ngentshiseko enkulu kuNkulunkulu nebandla.”-Testimonies for the Church, vol, 5, pp. 58, 59.“Isikhathi esivame ukuba sibi kakhulu sichithwa ngokungenzi lutho, ngokuzithokozisa, nangenhlebo enenzondo okufanele ngabe inikezwa kwizinto eziphakeme nezihloniphekile.”-Ibid., p. 176. IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE NgoLwesihlanu Lwezi 15 1. Kungani kumele ngehlise umkhuba wokuba nombono ngayo yonke into-na? 2. Yisho isici esibalulekile ngesimilo soMkrestu esivame ukunganakwa. 3. Lapho sihlambalaza esikholwa nabo phambi kwabanye, uNkulunkulu ukubheka kanjani lokho-na? 4. Kuyini okufanele ngiyifunde kuMahubo 15-futhi kungani kubalulekile-na? 5. Ngingaba necala kanjani lokutshala ukungezwani phakathi kwabazalwane futhi kungani kufanele ngikuyeke-na? << >>