Izifundo Ezivela ENCWADINI KA-Jakobe << >> ISabatha, Mfumfu 19, 2024 Isifundo 3 Ukubhekana Nesilingo IVESI LEKHANDA “Ubusisiwe umuntu okhuthazela ekulingweni; ngokuba esevivinyekile uyakwamukeliswa umqhele wokuphila othenjisiwe yiNkosi kwabayithandayo” (Jakobe 1:12). Incwadi Enikeziwe: Testimonies for the Church, vol. 3, pp. 477-492. “Khuluma futhi wenze ngokuvumelana nemikhuleko yakho. Kuzokwenza umahluko ongapheli kuwe nokuthi isivivinyo sizobonisa ukholo lwakho ukuthi luyiqiniso, noma lubonise imithandazo yakho ukuthi iyisimo nje.”-Christ’s Object Lessons, p. 146. 1. ISIMO SOKUKHULA NGOKWESIMOYA NgeSonto Mfumfu 13 a. Chaza imfihlakalo yokuthi kungayiphi indlela uJakobe 1:2 angagcwaliseka kanjani kithi. Nehemiya 8:10. “Zonke izilingo ezamukelwa njengezimfundiso ezibalethela injabulo. Ukuphila konke kwenkolo kuzokhuliswa, kuphakanyise, kusisize, kunandiswe ngamazwi amnandi nemisebenzi. Isitha siyajabula kakhulu ukubona imiphefumulo edangele, nedumele, ekhonondayo nebubulayo; ufuna kuphela ukucindezela okwenziwa njengomphumela wokukholwa kwethu. Kodwa uNkulunkulu uhlela ukuthi ingqondo ukuthi ingehliselwa kwizinga eliphansi. Ufisa wonke umphefumulo ukuqoda ngamandla oMhlengi olondayo.”-Testimonies for the Church, vol. 6, pp. 365, 366. b. Kungani uNkulunkulu evumela izilingo ukuba zisehlele-na? Jakobe 1:3; Roma 5:3. “Uma sinqoba izilingo zethu futhi sithole ukunqoba izilingo zikaSathane, kanjalo sibekezelela isilingo sokukholwa kwethu, esiyigugu kunegolide, futhi sinamandla futhi silungele kangcono ukuhlangabezana nesilingo esilandelayo. Kodwa uma sicwila ekuzinikeleni kwizilingo zikaSathane, sizokhula sintengantenga singatholi umvuzo wesilingo angeke walungela kahle ukubhekana nesinye. Ngalendlela sizoba buthakathaka kakhulu, size siholelwe ebugqilini bukaSathane entandweni yakhe. Kufanele sihlome ngezikhali zonke zikaNkulunkulu nokuthi silungele nangasiphi isikhathi sempi yolulwa namandla obumnyama.”-Early Writings, p. 46. 2. IMIPHUMELA ENGAPHEZU KOKUCABANGA KWETHU NgoMsombuluko Mfumfu 14 a. Chaza inzuzo yokubonakalisa ukubekezela. Jakobe 1:4; Luka 21:19. “UNkulunkulu uhlakaniphe kakhulu futhi muhle ukuphendula imikhuleko yethu njalo ngesikhathi nangendlela esifisa ngayo. Uzokwenza okuningi kangcono ngenxa yethu kunokufeza zonke izifiso zethu. Ngoba singathemba ukuhlakanipha Kwakhe nothando, masingaceli Kuye ukuthi sisithele entandweni yethu, kodwa masifune ukungena ukufeza intando Yakhe. Isifiso sethu nentakazelelo ilahleke entandweni Yakhe. Lamava avivinya ukholo lwethu ngenxa yenzuzo yethu. Ngabo kwenziwa kungembula noma ukholo lwethu luqiniseke kubeqotho, ngokweyama ezwini likaNkulunkulu kuphela, noma seyame kwizimeko, futhi kuqinisekile akuguquki. Inkolo iqiniswa ngokusetshenziswa. Masivumele ukubekezela umsebenzi ophelele, ukhumbula ukuthi lezi izithembiso eMibhalweni ngalabo abalinda eNkosini.”-The Ministry of Healing, p. 231. b. Kungayiphi indlela futhi kungani uJakobe esibonisa isithombe esikhulu kunombono wesikhashana wamandla emfuyo yalelizwe eyonakele-na? Jakobe 1:9-11. “Ngalesikhathi, ngaphambi kwengozi enkulu, kunembumbiso yokuqala yomhlaba, abantu bacwila ekuzijabuliseni kanye nokulandela ingqondo. Ukulibazisa ngombono nokukhula, balahlekelwe umbono ongambonwa kanye naphakade. Ngezinto ezifayo nokusetshenziswa, banikela ngengcebo efayo. Izingqondo zabo zidinga ukuphakanyiswa, imibono yabo yokuphila yandiswe. Badinga ukuvuswa ekunwabuzeleni kokuphupha okwelizwe.“Ngenxa yokuvuka nokuwa kwezizwe njengoba kwenziwe kwabasobala kumakhasi eZibhalo eZingcwele, kufanele bafunde ukuthi abafaneleki kanjani lokhu okwangaphandle kuphela kanye nodumo lwezwe. Ibhabhilona, namandla onke alo nobukhulu balo, okufanayo lokho umhlaba wethu ongakaze ukubone-amandla nobukhosi lokhu kubantu bangalolusuku babonakala bagxilile futhi beqinile-futhi kuphela futhi kwedlula kanjani! Ngokuba ‘njengembali yotshani uyakudlula. Konke kuyakubhubha lokho uNkulunkulu engeyena isisekelo sakho. Kuphela lokho okuhlanganiswe nenhloso Yakhe nokucindezela isimilo Sakhe okuzohlala isikhathi. Izimiso Zakhe kuphela nezinto eziqinile umhlaba wethu ozaziyo.”-Education, p. 183.“Ingcebo yomhlaba idlula ngokushesha. KungoKristu kuphela esingathola ngayo ingcebo engunaphakade.”-The Review and Herald, Zibandlela 10, 1901. 3. LAPHO IMPI IVUTHA KHONA Ngolwesibili Mfumfu 15 a. Lapho sibhekene nesilingo, kuyini okumele sikwenze ngomthandazo, futhi kungani-na? Jakobe 1:12. “Bekela eceleni konke ukuzenzisa nokuzidla. Yenza ngobulula, ubumina bemvelo. Yiba neqiniso ngawo wonke umcabango ngelizwi nangesenzo, futhi ‘ngokuzithoba kwengqondo masibone abanye bengcono kunathi.’ Khumbula njalo ukuthi ukuziphatha kwemvelo kufanele sikwamukele ngokuqaphela njalo nangomkhuleko. Uma ubheka kuKristu njalo, uzoba uphephile; kodwa uma ucabanga ngokuzidela kwakho nobunzima, futhi uqale ukuzizwela nokuzitotosa ngokwakho, balahlekelwa ukuthemba uNkulunkulu futhi basengozini enkulu.”-Testimonies for the Church, vol. 4, p. 522.“Kufanele siqhubekele phambili ngokukhuthazela, ungalahlekelwa inhliziyo noma ithemba emsebenzini omuhle, noma yiziphi izilingo zisihlasela endleleni yethu, bonke ubumnyama besimilo busizungeza. Ukubekezela, ukholo, nothando lomsebenzi ziyizifundo okufanele sizifunde. Ukuthobisa ubumina nokubheka kuJesu emsebezini wonke wosuku. INkosi ayisoze yadela umphefumulo obeka ithemba Kuyo nokufuna usizo Kuye. Umqhele wokuphila ubekwa ebunzini kuphela konqobayo.”-Ibid., vol. 5, pp. 70, 71. b. Kungani kungalungile ukuthi uNkulunkulu othumela izivivinyo nezilingo-na? Jakobe 1:13. “Akufanele sinciphise icala lethu ngokuthethelela isono. Kufanele samukele isilinganisa sikaNkulunkulu sesono, futhi lokhu kunzima ngempela. IKhalivari kuphela elingembula ubukhulu bobubi besono….“Isilingo sisiyengela esonweni, futhi lokhu akuveli kuNkulunkulu, kodwa kuSathane futhi nasebubini bezinhliziyo zethu. ‘UNkulunkulu angeyengwe ngokubi, Naye uqobo akayengi muntu.’ Jakobe 1:13, R. V.“USathane uzama ukusifaka ekulingweni, ukuze ububi besimilo sethu bubonakale phambi kwabantu nezingelosi, ukuze athi singabakhe….Isitha sisiholela esonweni, bese sisimangalela phambi kombuthwano wasezulwini, njengabanga-lufanele uthando lukaNkulunkulu.”-Thoughts from the Mount of Blessing, pp. 116, 117. c. Lapho ummangaleli ehlasela isimilo sethu esinesici, iNkosi isivikela kanjani-na? Zakariya 3:1-4; 1 Johane 1:9; 2:1. 4. AMANDLA KANKULUNKULU EBUTHAKATHAKENI BETHU Ngolwesithathu Mfumfu 16 a. Chaza isipho seNkosi somkhuleko, “Ungasingenisi ekulingweni. Mathewu 6:13 (isigaba sokuqala); Isaya 30:21. “[UNkulunkulu] uyasivumela ukuba sibhekane nezithiyo, izinhlupho, nobunzima, kungabi njengesiqalekiso, kodwa njengesibusiso esikhulu sokuphila kwethu. Isilingo ngasinye omelana naso, ukuvivinywa okukodwa okuthwalayo, kusinika amava amasha futhi kusikhulise emsebenzini wokwakha isimilo. Umphefumulo lowo ngamandla angcwele okumelana nesilingo okwembula emhlabeni futhi nakumhlaba wasezulwini ukuneliseka komusa kaKristu.“Kodwa njengoba kungafanele sidangale ngenxa yesivivinyo, noma ubuhlungu, masikhuleke ukuthi uNkulunkulu angeke asivumela ukuba silethwa lapho sizodonselwa kude ngezifiso ezimbi zezinhliziyo zabo. Ngokunikela umkhuleko lowo uKristu asinike wona, sizinikela ekulawulweni nguNkulunkulu, simcela ukuba asiholele ezindleleni eziphephile. Asikwazi ukunikela lomkhuleko ngobuqotho, futhi nokho sikhethe ukuhamba noma ngayiphi indlela yokukhetha kwethu. Sizolindela isandla Sakhe ukusihola….“Akuphephile kithi ukuba silibale ukucabanga ngamathuba okuzuza ngokuzinikela kumacebo kaSathane. Isono sichaza ukudumaza futhi nengozi kumphefumulo ngamunye ozitika ngawo; kodwa kuyesabisa futhi kuyadukisa ngemvelo yakho, futhi izakusiyenga ngokupha okududayo. Uma siphendukela emhlabeni kaSathane asinaso isiqiniseko sokuvikelwa emandleni akhe. Konke okumele sikwenze, kufanele sivale yonke imigudu eminingi umlingi angathola ngayo ukufinyelele kithi.“Umkhuleko, ‘Ungasingenisi ekulingweni,’ wona uqobo uyisithembiso.”-Thoughts from the Mount of Blessing, pp. 117, 118. b. Isiphi isikhalo nesiqinisekiso uNkulunkulu asinika sona maqondana nesilingo-na? Jakobe 1:14-16; 1 Korinte 10:13. “Siyini isilingo-na? Kuyizindlela lezo bonke abazibiza abantwana bakaNkulunkuku balingwa futhi bavivinywe ngazo. Siyafunda ukuthi uNkulunkulu walinga uAbraham, nokuthi walinga abantwana bakwaIsrayeli. Lokhu kuchaza ukuthi wavumela izimeko ukuba zenzeke ukuvivinya ukholo lwabo lubaholele ukubheka Kuye usizo. UNkulunkulu uvumela isilingo ukuba size kubantu Bakhe namuhla ukuze babone ukuthi ungumsizi wabo. Uma besosondela eduze Kwakhe uma belingwa, ubapha amandla okuhlangabezana nesilingo.”-In Heavenly Places, p. 251. 5. IZILINGO NGOBUNJALO BAZO Ngolwesine Mfumfu 17 a. Ukuhlala kuKristu ngalokho asikhulule ekulingweni, kuyini okufanele sikukhethe njalo-na? Luka 4:8; Filiphu 1:21. “Umlingi angeke asicindezela ukuba senze okubi. Angeke alawula izingqondo zethu ngaphandle kokuthi bazinikela ekulawulweni nguye. Intando kufanele ivunywe, ukholo kufanele lubambelele kuKristu, ngaphambi kokuba uSathane asebenzise amandla akhe phezu kwethu. Kodwa sonke isifiso sesono esikuthokozelayo kumnike ithuba lokubambelela. Wonke umcijo esehluleka ukufinyelela isilinganiso esingcwele ukuvuleka komnyango lowo azongena ngawo ukulinga nokusibhubhisa. Futhi konke ukuhluleka noma ukunqotshwa ohlangothini lwethu kunikeza ithuba kuye kuyinhlamba kuKristu.”-The Desire of Ages, p. 125. b. Kuyini okufanele kusishukumise ukuze siqhubekele phambili ekunqobeni ngoKristu-na? Filiphu 4:13; Isambulo 2:10 (isigaba sokugcina); 3:21. “Lowo ozihlanganisa noMoya kaKristu uhlala kuKristu. Konke ukushaya okubhekiswe kuye kuwela phezu koMsindisi, omzungeza ngobukhona Bakhe. Nomayini okuza kuye kuvela kuKristu. Akanaso isidingo sokumelana nobubi, ngoba uKristu uyisivikelo sakhe. Akukho okungamthinta ngaphandle kokuvunyelwa yiNkosi, futhi ‘zonke izinto’ ezivunyelwa’ ukusebenza kokubili okuhle kulabo abamthandayo uNkulunkulu.’ Roma 8:28.”-Thoughts from the Mount of Blessing, p. 71.“Umqhele wokuphila ubekwa kuphela ebunzini lomnqobi. Kukhona, kuwo wonke umuntu, ngomsebenzi oqotho, onesizotha kaNkulunkulu ngesikhathi ukuphila kusekhona.”-Testimonies for the Church, vol. 5, p. 71. IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE NgoLwesihlanu Mfumfu 18 1. Kuyini okufanele ngikukhumbule ngokuzayo lapho kufika isikhathi esinzima kimi-na? 2. Kuyini okufanele ngikuqaphele indlela uNkulunkulu aphendula ngayo imikhuleko-na? 3. Zivelaphi izilingo nezivivinyo zivela kuphi, futhi kungani-na? 4. Kuyini okwenzakalayo lapho simelana nesilingo-na? 5. Ngingahlala kanjani ngokuphelele kuKristu-na? << >>