Izifundo Ezivela ENCWADINI KA-Jakobe << >> Umnikelo weSabatha Lokuqala Owendlu Yokukhonzela eReading, Pennyslavania, USA ISABATHA, MFUMFU 5, 2024 I-Eastern United States Field (EUSF) ihlukaniswe yizindawo eziyisishiyagalombili ezakhiwe izifundazwe zasePennyslvania, New York, Connecticut, Rhode Island, Massachusetts, Maine, Vermont, neNew Hampshire. Umsebenzi ePennsylvania okwamanje ukhula ngokushesha. Kuyalinganiswa ukuthi ngaphezu kwe 53% yabantu kulesifunda kukhona amakholwa-akhiwa ngamaMethodist, Lutheren, Baptisti, Pentekostals, nezinye izinkolo, i 28% ngamaKatolika. Ngezinsuku zombuso wasendulo, iPennsylvania bekuyindawo yokuphephela kwezihambi ezifuna inkululeko yezenkolo zibalekela ushushiso eEurope. Umlando usabonakala ngenani elikhulu lezenkolo yamaAmish abaqhubeka ukuhlala emapulazini omphakathi omkhulu esifundeni sase-Lancater, begqoke izingubo ezingenambala nokuhamba begibele amahashi kanye namakalishi. “Uma iminyaka ihamba, amalunga ambalwa eSDARM ayehlala ePennsylvania kanye nokuqeqeshwa kwabashumayeli bekwenziwa kulendawo. Kodwa imvuselelo yanamuhla ivusa intakazelelo yeqiniso lanamuhla eyaqala ngo 2016 edolobheni laseReading emva kokuba amalunga amabili eza kulelizwe evela eNew York. Ixuku lakhula futhi laqala ukubamba imihlangano maSabatha onke ntambama, ukuhlangana epakini ngesikhathi sasehlobo noma endlini yodade ngesikhathi sasebusika. Emva kwezinyanga ezimbalwa zokufunda, abaningi babhapathizwa kwinkolo yamaReform. “Isifunda saseReading sinabantu abangaphezu kwe 95, 000 futhi inxenye yezimboni zakhona yizinto ze-electronics, ezokwelapha, ezolwazi lokuxhumana nokunye. Ibandla lethu kulendawo likhulu ngaseMpumalanga yeField yase U.S. Imiphefumulo emisha ilungiselelwa ukuhlangana nabantu bakaNkulunkulu. Namuhla, sikhonza endaweni ekhokhelwayo kodwa sithanda ukumisa namuhla ibandla lethu silikhulise ukuba lifinyelele kude. “Lapho kuvuka khona ixuku labakholwayo, indlu yokukhonzela kufanele yakhiwe….Ezindaweni eziningi lapho isigijimi sithe samenyezelwa nemiphefumulo yamukelwa, isezindaweni ezimbalwa, futhi singenza okuncane ukugcina amathuba azonikeza isithunzi emsebenzini. Ngokuvamile lokhu kuletha ubunzima bokukhulisa umsebenzi . “Ngokunjalo, siyacela kubazalwane bethu ukuba bazwelana nathi emhlabeni wonke jikelelo ukusiza ukukhulisa indlu yokukhonza endaweni yaseReading, nokuthi imiphefumulo eminingi ingalethwa esibayeni. Umusa wenu nezipho zenu zingathokozelwa kakhulu, neNkosi izokubusisa kamuva. Abazalwane benu nodade abavela eEastern United States Field << >>