Izifundo Ezivela ENCWADINI KA-Jakobe << >> ISabatha, Zibandlela 21, 2024 Isifundo 12 Ukugxilisa Amehlo Ezulwini IVESI LEKHANDA: “Bekezelani nani, niqinise izinhliziyo zenu, ngokuba ukufika kweNkosi kusondele” (Jakobe 5:8). Incwadi Enikeziwe: Early Writings, pp. 72, 73. “Udinga ukwembathiswa njalo ukulunga kukaKristu. Udinga ukukhumbula ukuthi ungumntwana kaNkulunkulu, nokuthi kufanele ube nomoya omnene, onomusa, nomoya obekezelayo. Ubhekisisa kakhulu ukuthi ubugovu nokuhaha akuhlali emphefumulweni wakho.”-Manuscript Releases, vol. 13, p. 288. 1. ISIKHATHI SOKUZIHLOLISISA NgeSonto Zibandlela 15 a. Kuyini okuzokwenzeka masinyane kwizinto ezaziswa kakhulu futhi evame ukufiswa kusukela ezikhathini zasendulo-futhi lokhu kusikhumbuza ngani-na? Isaya 31:6, 7. “Kungenxa yobugovu bokuthanda imali futhi isetshenziswe ngokungafanele yikona okuyimpande yabo bonke ububi. Ingcebo izofakazela isibusiso uma siyibheka njengeyeNkosi, ukwamukelwa ngokubonga nangokubonga okubuyiselwa kuMuphi wayo.“Kodwa inaliphi inani lengcebo engachazeki uma iqoqelwa ezindlini ezinkulu ezibizayo noma impahla esebhange? Lezi zilinganisani uma ziqhathaniswa nokusindiswa komphefumulo owodwa owafelwa yindodana kaNkulunkulu emi ingunapahakade.”-Testimonies for the Church, vol. 6, p. 453.“Labo abakhetha ukwenza izaba futhi baqhubeke esonweni nasekuvumelaneni nelizwe bazoyekelwa kwizithombe zabo....Uma uKristu ebuya ngenkazimulo Yakhe nangenkazimulo kaBaba Wakhe, neyezingelosi zonke ezimzungezile, zimphelekezela endleleni Yakhe ngezingoma zokunqoba, lapho ubunzima obukhulu bomculo buhlatshelelwa buwela endlebeni, bonke bazoba nentakazelelo; angeke kubekhona isibukeli esingenandaba. Ukuqagela angeke kugculise umphefumulo. Izinqwaba zegolide zomxhwali, ezidle amehlo akhe, azisakhangwa. Izigodlo ezamiswa ngabantu bomhlaba abazidlayo, bezilokhu ziyizithombe zabo, ziphenduke zaba ukunengeka futhi zazondwa.”-Ibid., vol. 2, p. 41. 2. KUNGAKABI SEMVA KWESIKHATHI…. NgoMsombuluko Zibandlela 16 a. IMibhalo ifanekisa kanjani labo, ngokubuyela emuva, belahlekelwa ithuba lokuhlonipha uNkulunkulu ngempahla yabo-na? Hoseya 4:17; Mathewu 25:11, 12. b. Chaza umphumela omkhulu wabo bonke-kanye nalabo abafakazela iqiniso lanamuhla-ngobugovu bebambelela kwizinto zemfuyo yabo. Jakobe 5:3. “[Jakobe 5:1-3 ngokuphindwa.] Ngabona ukuthi lamazwi esabekayo aqondiswe kakhulu kulabo abanothile abafakazela iqiniso lanamuhla. INkosi iyababiza ukuba basebenzise imali yabo ukuthuthukisa umsebenzi Wakhe. Amathuba alethwa kubo, kodwa bavala amehlo abo kwizidingo zomsebenzi, babambelele ngokuqinile engcebeni yabo yasemhlabeni. Ukuthanda kwabo umhlaba kukhulu kunokuthanda iqiniso, uthando lwabangane babo, noma uthando lwabo kuNkulunkulu. Ubiza impahla yabo, kodwa ngobugovu, nangomhawu, bagcina lokhu abanakho. Banikela okuncane manje ukuthulisa unembeza wabo, kodwa bengazange banqoba ukuthanda kwabo lomhlaba. Abenzi umhlatshelo kuNkulunkulu. UNkulunkulu uvusile abanye labo abathanda ukuphila okuphakade, labo abezwa futhi beqonda ukuthi kukhona okuthize okuyigugu lomphefumulo, futhi ngesihle bathe banikela ngezimali zabo ukuthuthukisa umsebenzi kaNkulunkulu. Umsebenzi ufinyelele ekupheleni; masinyane izimali zalabo abagodle ingcebo yabo, amasimu amakhulu, izinkabi zabo, nokunye, ngeke basweleke. Ngabona iNkosi iphendukela onjalo ngolaka, nangentukuthelo, futhi uphinda lamazwi: ‘Minani-nina bacebileyo;’ inibizile, kodwa anizwanga. Uthando lwalomhlaba luvale izwi Lakhe. Manje akasenamsebenzi nawe, uyakudedela ukuba uhambe, ‘Minani-nina bacebileyo.’“Maye, ngabona ukuthi kuyinto esabekayo ukufulathelwa iNkosi-into ethusayo ukubambelela kwinto ebhubhayo lapha, kuyilapho ikhulumile ukuthi uma sithengisa ngayo sabele abampofu, sizobe sizibekela ingcebo yethu ezulwini. Ngaboniswa ukuthi umsebenzi ufike ekugcine, neqiniso liqhubekela phambili ngamandla amakhulu, abacebile bazoletha imali yabo bayibeke ezinyaweni zezinceku zikaNkulunkulu, bebancenga ukuba bayamukele. Impendulo yezinceku zikaNkulunkulu izothi: Minani-nina bacebileyo. Imali yenu ayidingeki. Niyigodlile engabe nenzile okuhle ngayo ukuthuthtukisa umsebenzi kaNkulunkulu. Abampofu bahlupekile; azange babusiseka ngemali yenu. UNkulunkulu angeke amukela ingcebo yenu manje. Minani-nina bacebileyo.’ ”-Testimonies for the Church, vol. 1, pp. 174, 175. 3. UKUFUNDA UMYALELO WEGOLIDE Ngolwesibili Zibandlela 17 a. Kungayiphi indlela abaphumelelayo kaningi bephatha ngayo ababasebenzelayo-noma abathenga kubo-futhi kuyini okufanele sikukhumbule njalo-na? Jakobe 5:4-6; Mathewu 7:12. “UNkulunkulu akekho kuyoyonke ingcebo etholakalayo. USathane uvame ukwenza okuningi ekuzuzeni imfuyo kunoNkulunkulu. Okuningi kwakho kutholakala ngokucindezela oqhashiwe maqondana neholo lakhe. Isicebi ngokwemvelo esihahayo sithola ingcebo yaso ngokugadlela phansi oqhashiwe, futhi sisebenzisa umuntu ngamunye nomaphi lapho ekhona, ngaleyondlela sengezela engcebeni lokhu okondla inyama yakhe njengomlilo.“Ukuthembeka okuqinile, indlela eqondile ayilandelwanga ngabathile. Abanjalo kufanele bathathe indlela ehlukile ngempela basebenze ngokushesha ukuhlenga isikhathi. Abagcini beSabatha abaningi banephutha kulokhu. Amathuba athathwa ngisho nangabazalwane babo abampofu, futhi labo abanokuningi bacindezela kakhulu kunenani lezinto abanazo, okuningi abangakukhokhela izinto ezifanayo, kodwa bona labazalwane bakhungathekile futhi basosizini lokuswela imali. UNkulunkulu uyazazi zonke lezinto. Isenzo ngasinye sobugovu, umhawu ngamunye wokuphanga ngobugebengu, uzoletha umvuzo wako.“Ngabona ukuthi kungulunya nokungalungi ukungabi nendaba nesimo somzalwane wakho. Uma ekhungathekile, empofu, nokho enza ngokungakho, isabelo kumele enzelwe sona, ngisho nangenani eliphelele lezinto angazithenga kocebile akufanele zibize kakhulu; kodwa kufanele babe nesihawu esisuka ezibilini ngenxa yakhe. UNkulunkulu uzovuma izenzo zomusa onjalo; nowenza lokho angeke alahlekelwe umvuzo wakhe. Kodwa ukulandisa okwesabekayo kumelana nabagcini beSabatha abaningi ngezenzo eziseduze, zokuhaha.”-Testimonies for the Church, vol. 1, pp. 175, 176. b. Esikhathini sasendulo, kungayiphi indlela abakholwayo bebabelana ngayo ngesihle-na? 2 Korinte 8:1, 2. “Ngabuyiselwa emuva esikhathini lapho babembalwa abalalela iqiniso futhi belamukela. Bengenazo izinto eziningi zalomhlaba. Izidingo zomsebenzi zahlukaniswa phakathi kwabambalwa. Ngakho-ke kwafanela ukuthi abanye bathengise ngezindlu zabo nemihlaba, futhi bazithole zishibhile ukuyisebenzisa njengesivikelo, noma ikhaya, kuyilapho imali yabo ngesihle nangokuphana bayinikela eNkosini, ukusakaza iqiniso, futhi ngenye indlela usizo lokuthuthukisa umsebenzi kaNkulunkulu. Lapho ngibheka labo abazidelayo, ngabona ukuthi bathe babekezelela ukuswela ngenxa yokusiza umsebenzi. Ngabona ingelosi imi eduze kwabo, ikhomba phezulu, futhi yathi: ‘Ninamasaka ezulwini! Ninamasaka ezulwini lawo angagugi! Bekezelani kuze kube sekupheleni, futhi umvuzo wenu uzakubamkhulu.’.”-Ibid., p. 176. 4. AMANDLA ADINGEKAYO NAMUHLA Ngolwesithathu Zibandlela 18 a. Ngokukhulisa izimilo zethu, kungani ukubekezela kubalulekile-na? Jakobe 5:7. “‘Bhekani umlimi uyalindela isithelo somhlaba esiyigugu, ebekezelela sona, size sithole imvula yokuqala neyamuva.’ Jakobe 5:7. Ngakho-ke umKrestu kufanele alinde ngokubekezela isithelo ekuphileni kwakhe ngezwi likaNkulunkulu. Kaningi uma sikhulekela umusa kaMoya, uNkulunkulu usebenzela ukuphendula imikhuleko yethu ngokusibeka kwizimo zokukhulisa lezithelo; kodwa asiqondi inhloso Yakhe, futhi siyamangala, futhi sinovalo. Nokho akekho ongakhulisa lomusa ngaphandle kohlelo lokukhula nokuthela isithelo. Inxenye yethu ukwamukela izwi likaNkulunkulu nokubamba ngokushesha, sizinikela ngokuphelele ekulawuleni kwalo, nenhloso yalo kithina izogcwaliseka.“‘Uma umuntu engithanda,’ kusho uKristu, ‘uyakugcina izwi lami; uBaba uyakumthanda; siyakuza kuye, sihlale naye.’ Johane 14:23. Impumelelo yengqondo enamandla, nephelele izoba phezu kwethu; ngoba sinokuxhumana okuphilayo nomthombo wamandla onke ahlalayo. Ekuphileni kwethu okungcwele sizolethwa ebugqilini bukaJesu Kristu. Angeke sisa phila impilo evamile yobugovu, kodwa uKristu uzohlala kithi. Isimilo Sakhe sizofanekiswa emvelweni yethu. Kanjalo sizoveza izithelo zikaMoya Ongcwele-‘ezinye ngamashumi amathathu, ezinye ngamashumi ayisithuphi, futhi ezinye ngekhulu.’”-Christ’s Object Lessons, p. 61. b. Uma silingwa ukuba sikhungatheke noma sesabe ngenxa yobubi obukhulayo kulomhlaba, kungani ithemba elibekezelayo lisiza kakhulu-na? Jakobe 5:8; Luka 21:19. “Umhlaba uqhubekela phambili ukwephula umthetho kaNkulunkulu. Kodwa ngenxa yokubezela kade Kwakhe, abantu banyathelela phansi igunya Lakhe. Banikela amandla omunye komunye ukucindezela ngolunya labo abayifa Lakhe, bethi, ‘UNkulunkulu wazi kanjani-na? Imbala kukhona ukwazi koPhezukonke-na? Amahubo 73:11. Kodwa kukhona umugqa ngaphezulu abangeke baweqa. Isikhathi sifikile lapho bazobe sebefinyelele kwisilinganiso esimisiwe. Ngisho namanje cishe bedlulile umkhawulo wokubekezela kukaNkulunkulu, isilinganiso somusa Wakhe, isilinganiso sesihawu Sakhe. INkosi izongenelela ukuphindisela udumo Lwakhe, ukukhulula abantu Bakhe, nokuvimbela ukukhula kokungalungi.”- Ibid., pp. 177, 178. 5. IZIBONELO ZOKUSINIKA AMANDLA Ngolwesine Zibandlela 19 a. Kububanzi bebandla, yikuphi ngokuvamile esiqondisa kukho-kuyini esingakuletha engqondweni endaweni yalokho-na? Levi 19:18; Jakobe 5:9, 10. “U-Abela, uMkrestu wokuqala kubantwana bakaAdamu, wafela ukholo. U-Enoki wahamba noNkulunkulu, futhi izwe alimazanga. U-Nowa waklolodelwa njengohlanya nanjengomuntu oshaywa luvalo ngeze. ‘Abanye balingwa ngokujivazwa nokushaywa, yebo, nokuboshwa nokufakwa etilongweni; ‘Abanye bahlushwa, abavuma ukukhululwa, ukuze bathole ukuvuka okuhle.’Heberu 11:36, 35.“Ngezikhathi zonke izithunywa zikaNkulunkulu zithe zathukwa futhi zahlushwa, kodwa osizini lwazo ulwazi ngoNkulunkulu lufinyelele ezindaweni zonke. Umfundi ngamunye kaKristu kufanele angene emzileni wokuqhubekisela phambili umsebenzi ofanayo, enolwazi lokuthi izitha angeke zenze lutho ukumelana neqiniso, kodwa ngenxa yeqiniso. UNkulunkulu uchaza ukuthi lizolethwa phambili libe yindaba yokuhlolisiswa futhi kukhulunywe ngalo, ngisho nokweyiswa okuzobekwa phezu kwalo. Izingqondo zabantu kufanele zinyakaziswe; konke ukuphikisana, konke ukusola, wonke umzamo wokuvimbela inkululeko kanembeza, kuyizindlela zikaNkulunkulu aphaphamisa ngazo izingqondo lezo uma kungenjalo zingalala ubuthongo.“Kukaningi kangakanani lomphumela othe wabonakala kwimbali yezithunywa zikaNkulunkulu! Lapho uStefani onesithunzi owakhuluma kamnandi wakhandwa ngamatshe waze wafa ngenxa yokuqhatha kwebandla leSanhendrin, akuzange kubekhona ukulahlekelwa emsebenzini wevangeli. Ukukhanya okuvela ezulwini okwakhazimulisa ubuso bakhe, isihawu esingcwele sadonsa umoya emkhulekweni wokufa kwakhe, wawubukhali njengomcibisholo wokulahlwa ngecala ngamaSanhendri anobandlululo ayemi eduzane, uSawule, uMfarisi oshushisayo, waphenduka isitsha sokuthwala igama likaKristu phambi kwabeZizwe namakhosi nakubantwana bakwaIsrayeli.”-Thoughts from the Mount of Blessings, pp. 33, 34. IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE NgoLwesihlanu Zibandlela 20 1. Kuyini okufanele ngikuqaphele mayelana nokubaluleka kwemali yami-na? 2. Kuyini okuchazwa ngenselelo kaKristu kuJakobe 5:1-na? 3. Yibuphi ubuthakathaka engingaba necala ngabo maqondana nokusebenzisa imali-na? 4. Ekugcineni, ukubekezela kungakhanya kanjani njengobuhle phakathi kwabantu bakaNkulunkulu-na? 5. Kumlando wonke wabafel’ukholo bagcina kanjani ukuqondisa kwabo-na? << >>