Back to top

Sabbath Bible Lessons

Izifundo Ezivela ENCWADINI KA-Jakobe

 <<    >> 
Umnikelo weSabatha Lokuqala Ngowegatsha Lezemfundo yeGC ISABATHA, LWEZI 2, 2024 “Kukhona isisho esidumile esithi, “Iconsi likayinki lingase lenze izigidi zicabange.’ Izincwadi ezishicilelwe zivame ukuthwala isisindo esikhulu kunamazwi akhulunywayo ngenxa yokuthi ahlala ekhona. Ngezincwadi ezishicilelwe, singathatha isikhathi sethu nangenkambiso yethu, futhi sibuyele emuva sicabange ngokujulile izinto esifuna ukuzazi. Kuyasiza uma sizama ukwamukela izihloko zesimoya ezijulile. “Lokhu okwenzekayo kuyiqiniso ngenxa yomlando: “Usiba luka Luther belingamandla, izincwadi zakhe, ezisakaziwe, zashukumisa umhlaba. Izithunywa ezifanayo zingumyalezo kithi, ngezinhlobo eziphindwe ngamakhulu. AmaBhayibheli, ashicilelwa ngezilimi eziningi, eletha ngaphambili iqiniso lanamuhla, lisezandleni zethu, futhi lingahanjiswa ngokushesha emhlabeni wonke.”-Testimonies for the Church, vol. 6, p. 403. “Ngezinga elikhulu nangenxa yezidlu zethu zokushicilela kufanele siphelelise umsebenzi walengelosi enye eyehla ezulwini inamandla amakhulu nomhlaba wakhanyiswa ngokukhazimula kwayo.”-Ibid., vol. 7, p. 140. “Ngonyaka ka1849, uJames White washicilela incwajana encane igama layo The Present Truth. “Amapheshana amaningi ayizinqwaba aqokelelwe abekwa phansi. Kwasekuthi abazalwane nodade basondela eduze kwawo ngezinyembezi ezigcwele amehlo benxusa uNkulunkulu ukuba abusise lamapheshana njengoba ezohanjiswa. Amapheshana asongwa, agoqwe futhi afakwe amakheli, besekuthi uJames White awathathe ahamba amamayela ayisishiyagalombili ukuya eposini laseMiddletown.”-Early Writings, (xxv). “Lesenzo besivuma isigijimi esithi: “Kufanele nishicilele ipheshana elincane nilithumele ebantwini. Kufanele okokuqala libe lincane; kodwa njengoba abantu belifunda, bazothumela kuwe imali ozoshicilela ngayo, futhi kuzoba impumelelo yokuqala.”-Ibid., (xxiv). “Kwenzakalani uma inani lokuhanjiswa kwazo liphezulu kanye nemithetho yemingcele enamafomu agcwaliswayo abiza kakhulu ukwabelwa kwazo-na? Amanani ezincwadi zethu awahlanganisi lamanani amasha. Ngakho-ke kufanele seyame kwizipho zomusa wamakholwa ukugcwalisa isiprofetho esakhulunywa ngumshicileli wokuqala: “Njengoba abantu befunda, bazothumela kini imali.” “Siyakhuleka ukuthi Umnikelo WeSabatha Lokuqala oya kwigatsha lezemfundo yeGC uzothinta inhliziyo yakho ukunikela kakhulu ngenxa yemiphefumulo esemhlabeni wonke ethanda ukufunda ngeqiniso lanamuhla. Siyabonga! Abazalwane benu kwigatsha lemfundo yeGeneral Conference
 <<    >>