Back to top

Sabbath Bible Lessons

Izifundo Ezivela ENCWADINI KA-Jakobe

 <<    >> 
ISabatha, Zibandlela 28, 2024 Isifundo 13
Ukubekezela Ngokukholwa IVESI LEKHANDA: “Ngakho, vumani izono omunye komunye, nikhulekelani ukuba niphulukiswe. Umkhuleko oqinileyo wolungileyo unamandla kakhulu” (Jakobe 5:16).
Izincwadi Ezinikeziwe:   The Ministry of Healing, pp. 225-233. 
  Testimonies for the Church, vol. 3, pp. 271-293. 
“Umkhuleko othobekile, oshisekelayo uzosindisa umphefumulo ekufeni, futhi ukuvuma izono nokubuyiselwa kuzosibekela inqwaba yezono.”-The Review and Herald, Zibandlela 16, 1902.

1. ITHEMBA NgeSonto Zibandlela 22
a. Yibuphi ubuhle uJobe akuqaphela ngokukhethekileyo-futhi lokhu kusitshelani ngoNkulunkulu-na? Jakobe 5:11. “[INkosi] ilindile ngothando olungakhathali ukuzwa ukuvuma kwalabo abangalaleli futhi yamukele ukuzisola kwabo. Iyabheka ukubona abanye bebuya ngokubonga okuvela kithi, njengomama ebheka ukumomotheka okuvumayo okuvela kumntwana amthandayo. Uzokwenza sizwisise ukuthi inhliziyo Yakhe ilangazelela ngokuphikelela nangomusa phezu kwethu. Iyasimema ukuthi samukele izilingo zethu ngozwelo Lwakhe, ukuhlupheka kwethu othandweni Lwakhe, amanxeba ethu ekupholiseni Kwakhe, ubuthakathaka bethu emandleni Akhe, ubuze bethu ekupheleleni Kwakhe. Akukho noyedwa oke wadumala othe weza Kuye. ‘Babheka kuye phezulu, bakhanya; ubuso babo abusoze bajabha.’“Labo abafuna uNkulunkulu ngasese abatshela iNkosi izidingo zabo futhi becela usizo, angeke ukunxusa kwabo kubeyize.”-Thoughts from the Mount of Blessings, pp. 84, 85. b. UJakobe waphinda kanjani amazwi kaKristu mayelana nokuba neqiniso-na? Jakobe 5:12; Mathewu 5:37. “Konke okwenziwa ngamaKrestu kufanele kube sobala njengokhanya kwelanga.”-Ibid., p. 68.

2. UKUKHOLWA VS. UKUZIQHENYA NgoMsombuluko Zibandlela 23
a. Uma siphethwe yizifo, kunjani futhi kungani sikhuthazwa ukuba size kuMninki-kuphila omkhulu-na? Jakobe 5:13-15; Amahubo 103:1-3. “UNkulunkulu uthanda ukubuyisela impilo kogulayo manje njengaleso sikhathi lapho uMoya Ongcwele ukhuluma lamazwi ngomhlabeleli. Futhi uKristu ngokufanayo uyinyanga enozwelo manje njengoba wayenjalo esikhathi sokusebenza Kwakhe emhlabeni. Kuyena kukhona ikhambi elilaphayo lezifo zonke, elibuyisela amandla kuzo zonke izifo. Abafundi Bakhe namuhla kufanele bakhulekele abagulayo ngokufanayo njengabafundi basendulo. Ukubuyiselwa kwempilo kuzolandela; ngoba umkhuleko wokukholwa uyakumsindisa ogulayo.’sinawo amandla oMoya Ongcwele, isithembiso esithulile sokukholwa, olungabiza izithembiso zikaNkulunkulu. Isithembiso seNkosi yilesi, ‘Bayakubeka izandla phezu kwabagulayo, basinde’ (Marako 16:18), sithembekile manje ngokufanayo nasezinsukwini zabapostoli.”-The Ministry of Healing, p. 226. b. Kulingana kuni okufanele sikuqaphele uma sifuna impilo-na? Amahubo 66:18. “Asiwufanele umusa [weNkosi], kodwa njengoba sizinikela Kuye, uyasamukela. Uzakusisebenzela futhi kanye nalabo abamlandelayo.“Kodwa kuphela uma siphila ngokulalela izwi Lakhe yilapho singakwazi ukubiza ukugcwaliseka kwezithembiso Zakhe….Uma sinikela Kuye inxenye, ukulalela okumbaxa-mbili, izithembiso Zakhe angeke zagcwaliseka kithi.”-Ibid., p. 227.“Indlela uKristu asebenza ngayo ngukushumayela izwi, nokukhulula abahluphekile ngemisebenzi emangalisayo yokwelapha. Kodwa ngiyelulekwa ukuthi angeke manje sasebenza ngaleyondlela; ngoba uSathane uzosebenzisa amandla akhe ngokwenza izimangaliso. Izinceku zikaNkulunkulu namuhla angeke zasebenzisa izindlela zezimangaliso, ngoba imisebenzi yamanga yokwelapha, ebiza njengengcwele, izokwenziwa.“Ngalesizathu iNkosi iphawulile indlela leyo abantu Bakhe abazoqhubekisela phambili umsebenzi wokwelapha umzimba uhlanganiswa nokufundiswa kwezwi. Izibhedlela kufanele zakhiwe, futhi ngalezindawo kufanele zihlanganiswe nezisebenzi ezizoqhubekisela phambili umsebenzi wemfundiso yokwelapha ngeqiniso. Kanjalo umfutho olondayo onikezwa labo abeza ukuzokwelashwa ezibhedlela.“Lawa ngamalungiselelo iNkosi ewenzile lapho umsebenzi wobufundisi bevangeli lezokwelapha kufanele wenzelwe imiphefumulo eminingi.”-Medical Ministry, p. 14.

3. IZINHLOBO EZIMBILI ZOKUBA NESIBINDI Ngolwesibili Zibandlela 24
a. Yisho isici esibalulekile sokwelapha esinganakwa ngokudabukisayo. Jakobe 5:16. “Kuyiphutha elinjani kulabo abacabanga ukuthi ukuvuma isono kuphungula isithunzi sabo, futhi kunciphise umfutho wabo phakathi kwabangani babo. Bebambelela kulomcabango ophambukile, noma ubona amaphutha abo, abaningi bayehluleka ukuwavuma, kodwa kunalokho badlule kukho okubi abakwenzile kwabanye, ngokwenza zibemunyu izimpilo zabo, nokwenza mnyama izimpilo zabanye. Angeke kwalimaza isithunzi sakho ukuvuma izono zakho. Deda kulesithunzi samanga. Wela phezu kweDwala uphuke, futhi uKristu uzokunika isithunzi sasezulwini. Ungavumeli ukuzigabisa, ukuzazi, ukuzenzisa kugcine noyedwa ukuba angavumi isono sakhe, ukuze akwazi ukubiza isibusiso. ‘Ofihla iziphambeko akayiphumelela, kepha ozivumayo azishiye uyakuthola umusa’ (Izaga 28:13). Ungafihli lutho kuNkulunkulu, futhi ungadebeseli ukuvuma iziphambeko zakho kubazalwane. ‘Ngakho vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuba niphulukiswe’ (Jakobe 5:16). Kaningi isono sishiywa singavunywanga ukuze simelane nesoni ngosuku lokugcina lokuziphendulela; kugcono ukubhekana nezono zakho manje, ukuba uzivume uzishiye, lapho uMhlatshelo ohlangulayo usancenga ngenxa yakho. Ungehluleki ukufunda intando kaNkulunkulu ngalesihloko. Ukuphila komphefumulo nensindiso yabanye kwencike phezu kwendlela oyilandelayo kulendaba.”-Selected Messages, bk. 1, pp. 326, 327. b. Lapho ekhathazekile ngokuhlubuka kwesimoya kwesizwe sakubo, yiliphi inyathelo uEliya alithatha, futhi uNkulunkulu wamlondoloza kanjani-na? 1 Amakhosi 17:1-3. “Ngobuhlungu bomphefumulo [u-Eliya] wancenga uNkulunkulu ukuba alonde abantu abake bathandeka endleleni yobubini babo, ukuba abahambele ngezahlulelo, uma kudingeka, ukuze baholelwe ukubona ukukhanya kweqiniso ukusuka kwabo eZulwini. Walangazelela ukuba ababone bephenduka ngaphambi kokuba bahambe ibanga elide ekwenzeni okubi ukuthukuthelisa iNkosi ukuba ibabhubhise ngempela….“U-Eliya wathwaliswa umsebenzi wokunikeza uAhabi isigijimi sokwahlulela esivela eZulwini….Esigodlweni wacela ukuba angeniswe, noma alindele ukuba abikwe ngokomthetho. Embethe izingubo ezingalingani ngokuvamile ezazigqokwa ngabaprofethi balesosikhathi, wadlula abalindi, kungathi akabonwa, wema umzuzwana phambi kwenkosi eyayimangele.”-Prophets and Kings, pp. 120, 121.

4. UKUFUNDA KU-ELIYA Ngolwesithathu Zibandlela 25
a. Kungani imikhuleko kaEliya yokucela uNkulunkulu ukuba avuse isizwe sakhe esihlubukile sinikezwa njengesibonelo sethu-na? Jakobe 5:17. “Izicelo eziningi zenziwe, amazwi okusola, futhi izixwayiso zehluleka ukuletha uIsrayeli ekuphendukeni. Isikhathi sifikile lapho uNkulunkulu kufanele akhulume kubo ngendlela yezahlulelo. Kangangoba abakhonzi bakaBali bathi ingcebo yasezulwini, amazolo emvula, ayiveli kuJehova, kodwa zivela kumandla abusayo emvelo, nokuthi kungenxa yamandla adalayo elanga ukuthi umhlaba uvundise futhi uveze izithelo eziningi, isiqalekiso sikaNkulunkulu kufanele sihlale kanzima phezu komhlaba owonakalisiwe. Izizwe ezihlubukile zikaIsrayeli kwakumele ziboniswe ubuwula bokuthembela emandleni kaBali ngezibusiso zomhlaba. Kuze kufinyelele lapho bebuyela kuNkulunkulu ngokuzisola, futhi bamvume Yena njengomthombo wezibusiso zonke, kanjalo makungaweli phezu komhlaba amazolo nemvula.”-Prophets and Kings, p. 120. b. Emva kokuba uIsrayeli evuselele ubuqotho bakhe kuNkulunkulu, kungayiphi indlela imikhuleko kaEliya iphinde ibe yisibonelo kithi-na? Jakobe 5:18, 1 Amakhosi 18:39-45. “Izikhathi eziyisithupha [uEliya] ekhuleka ngokukhuthazela, kodwa lungekho uphawu lokuthi isicelo sakhe siyamukelwa, kodwa ngokholo oluqinile waletha isicelo sakhe esihlalweni somusa. Uma wavumela ukudumala esikhathini sesithupha, umkhuleko wakhe ngabe ungaphendulwanga, kodwa wabekezela impendulo yaze yafika. SinoNkulunkulu ondlebe Yakhe ivulelwe izicelo zethu; futhi uma sivuma izwi Lakhe, uzohlonipha ukholo lwethu. Ufuna ukuba sibe nentakazelelo yonke ihlanganiswe nentakazelelo Yakhe, futhi ngalokho angasibusisa kahle; ngoba asingeke sayisa udumo kumina uma izibusiso kungezethu, kodwa sonikela lonke udumo kuNkulunkulu. UNkulunkulu kaningi akaphenduli imikhuleko ngesikhathi siqala ukubiza igama Lakhe; ngoba uma ekwenza lokho, singathatha kalula ukuthi sinelungelo lezibusiso zonke nomusa awubeka phezu kwethu. Endaweni yokuhlola izinhliziyo zethu sibone ukuthi kukhona yini ububi esibuthokozelayo, noma yisiphi isono esisithandayo, singaba ngamadlabha, sehluleke ukubona ukweyama kwethu kuye, nesidingo sosizo Lwakhe.“UEliya wazithoba waze waba sesimweni lapho angeke azithathela khona udumo. Lesi isimo iNkosi ezwa ngaso umkhuleko, yilapho sizobuyisela udumo lonke Kuye.”-The SDA Bible Commentary [E. G. White Comments], vol. 2, pp. 1034, 1035.

5. UKWENGEZA UBUMNENE OBUNJENGOBUKA-KRISTU Ngolwesine Zibandlela 26
a. Phakathi kokudumala okunqwabelane phezu kwethu abantu ababuthakathaka kumhlaba owileyo, kuncenga kuni kokugcina uJakobe avala incwadi yakhe kithi-na? Jakobe 5:19, 20. “Unganikezi nakoyedwa owonayo ithuba lokudangala. Ungavumeli ubulukhuni bobuFarisi bungene ngaphakathi bulimaze umzalwane wakho. Ungavumeli ukugcona okubabayo kuvuke engqondweni noma enhliziyweni. Makungabikho ukusikisela bokunyelisa okungaboniswa ngezwi. Uma ukhuluma izwi elingelakho, uma uthatha isimo esingadingeki, ubonise ukusola noma ukungakholwa, lingafakazela ukonakala komphefumulo. Udinga umzalwane onenhliziyo yozwelo njengoMfowabo Omdala ukuthinta inhliziyo yakhe yobuntu. Makezwe ukubamba okunamandla kwesandla esinozwelo, futhi makezwe ukunyenyeza, kuthi masikhuleke. UNkulunkulu uzonipha amava anothile nobabili. Umkhuleko uhlanganisa ndawonye omunye komunye nakuNkulunkulu. Umkhuleko uletha uJesu ohlangothini lwethu, futhi anikeze lowo oqulekayo, umphefumulo odidekile amandla amasha okunqoba umhlaba, inyama, noSathane. Umkhuleko ubuyisela eceleni ukuhlasela kukaSathane.“Lapho omunye efulathela ukungapheleli komuntu ukuze abheke kuJesu, inguquko engcwele iyenzeka esimilweni. Umoya kaKristu osebenza phezu kwenhliziyo uhambisana nomfanekiso Wakhe. Makube umzamo wakho ukuphakamisa uJesu. Vumela iso lengqondo likuqondise ‘kwiWundlu likaNkulunkulu, elisusa izono zezwe. Johane 1:29. Futhi njengoba ungena kulomsebenzi khumbula ukuthi ‘obuyisile isoni ekudukeni kwendlela yaso, uyakusindisa umphefumulo wakhe ekufeni, asibekele izono eziningi.’Jakobe 5:20.“Intethelelo kaNkulunkulu enhliziyweni yesoni isondela enhliziyweni enkulu yoThando Olungapheli. Umsinga wozwelo olungcwele ugobhozela emphefumulweni wesoni, futhi usuka kuye uya emphefumulweni wabanye.”-Christ’s Object Lessons, pp. 250, 251.

IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE NgoLwesihlanu Zibandlela 27
1. Yisiphi isikhathi ekuphileni kwami lapho ngabona khona umusa omkhulu kaNkulunkulu maqondana nami-na? 2. Yiziphi izindlela engingaba necala ngazo zokungabaza maqondana nempilo yami-na? 3. Umkhuleka kaEliya waphenduleka kanjani ngenxa yesizwe sakubo-na? 4. Kungani uEliya kwafanele akhuleke izikhathi eziningi kangaka ukuba imvula ibuye-na? 5. Ngubani okufanele ngibe nesimo sozwelo olwengeziwe, futhi kungani-na?
 <<    >> 
1 Amakhosi 18:39-45. “Izikhathi eziyisithupha [uEliya] ekhuleka ngokukhuthazela, kodwa lungekho uphawu lokuthi isicelo sakhe siyamukelwa, kodwa ngokholo oluqinile waletha isicelo sakhe esihlalweni somusa. Uma wavumela ukudumala esikhathini sesithupha, umkhuleko wakhe ngabe ungaphendulwanga, kodwa wabekezela impendulo yaze yafika. SinoNkulunkulu ondlebe Yakhe ivulelwe izicelo zethu; futhi uma sivuma izwi Lakhe, uzohlonipha ukholo lwethu. Ufuna ukuba sibe nentakazelelo yonke ihlanganiswe nentakazelelo Yakhe, futhi ngalokho angasibusisa kahle; ngoba asingeke sayisa udumo kumina uma izibusiso kungezethu, kodwa sonikela lonke udumo kuNkulunkulu. UNkulunkulu kaningi akaphenduli imikhuleko ngesikhathi siqala ukubiza igama Lakhe; ngoba uma ekwenza lokho, singathatha kalula ukuthi sinelungelo lezibusiso zonke nomusa awubeka phezu kwethu. Endaweni yokuhlola izinhliziyo zethu sibone ukuthi kukhona yini ububi esibuthokozelayo, noma yisiphi isono esisithandayo, singaba ngamadlabha, sehluleke ukubona ukweyama kwethu kuye, nesidingo sosizo Lwakhe.“UEliya wazithoba waze waba sesimweni lapho angeke azithathela khona udumo. Lesi isimo iNkosi ezwa ngaso umkhuleko, yilapho sizobuyisela udumo lonke Kuye.”-The SDA Bible Commentary [E. G. White Comments], vol. 2, pp. 1034, 1035.