“Bheka, Ngiyeza masinyane” << >> ISabatha, 12 Ncwaba, 2017 Isifundo 7 Ukulinda Nokuqaphela “[Umsindisi Wethu uJesu Krestu] owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, asihlambulule isizwe esingesakhe, sishisekele imisebenzi emihle” (Thithu 2:14). Incwadi Enikeziwe: Christ‘s Object Lessons, pp. 353-365. “[UKrestu] wabonisa ukuthi kuchazani ukulindela ukuza Kwakhe. Isikhathi kumele sisetshenziswe, kungesikho ukulinda ngobuvila, kodwa ngokusebenza ngokuhlakanipha.”-Christ’s Object Lessons, p. 325. 1. SIBIZELWE UMSEBENZI NgeSonto 6 Ncwaba a. Kulinganisa kuni uJesu akuletha maqondana nokubuya Kwakhe? Mathewu 25:13-15. “Indoda ehambela ezweni elikude ifanekisa uKrestu, lowo, uma ekhuluma ngalomfanekiso, masinyane wayezosuka kulomhlaba abuyele ezulwini. ‘Izigqila’ noma izinceku ezithengiwe, kulomfanekiso, zifanekisa abalandeli bakaKrestu.“INkosi yethu isifundisa ukuthi umgomo oyigugu wempilo ubufundisi. UKrestu ngoKwakhe ubeyisisebenzi, nakubobonke abalandeli Bakhe unikeza umthetho wokusebenza-umsebenzi kuNkulunkulu nakubazalwane babo.”-Christ’s Object Lessons, pp. 325, 326. b. Amathalenta ayeqhathaniswa nani, futhi abaluleke kanjani? 1 Korinte 12:7-11. “Zonke izipho kanye neziphiwo, noma sizalwe nazo noma sizitholile, ezemvelo noma ezesimoya, kumele zisetshenziselwe umsebenzi kaKrestu. Ukuba ngabafundi Bakhe, sizinikela ngokwethu Kuye nakokonke esiyikho nesinakho. Lezizipho uzibuyisela kithi zihlanzekile futhi zikhulisiwe, ukuba zisetshenziselwe udumo Lwakhe ngokubusisa abazalwane bethu.”-Ibid., p. 328. 2. UKUSEBENZISA KAHLE IZINTO OZIPHATHISIWE NgoMvulo 7 Ncwaba a. Uma sibheka ubunzima besikhathi sethu, kuyini esingakufunda ngomfanekiso kaKrestu ngokusetshenziswa kwamataleta esiphathiswe wona? Mathewu 25:16-18. “Umbuzo kakhulu esiwunakayo thina akuwona wokuthi, Ngithole okungakanani? Kodwa, ukuthi ngenzani ngalokho enginakho? Ukukhulisa wonke amandla ethu ngumsebenzi wethu wokuqala esiwukweleta uNkulunkulu nabazalwane bethu. Akukho noyedwa ongakhuli nsukuzonke ngolwazi kanye nokusiza ukugcwalisa inhloso yokuphila. Ngokuzisho ukuthi siyakholwa kuKrestu senza isiqiniseko sethu sokuba yikhokonke okungenzeka kithi njengezisebenzi zeNkosi, futhi masikhulise wonke amandla ngezinga eliphakeme kakhulu lokuphelela, ukuze senze ngobuningi okuhle lokhu esinokhono lokukwenza.”-Christ’s Object Lessons, pp. 329, 330. b. Kuyini okungazuzwa ngokusebenzisa kahle izipho zethu? Mathewu 25:19, 20, 22. “[INkosi] ayisiphi thina ngamandla ezulu iziqu esingenazo; kodwa uma sisebenzisa lokhu esinakho, uzosebenza nathi ukukhulisa aqinise lonke ikhono. Ngenhliziyo yonke, ukuzidela okuqinisekile umsebenzi weNkosi amandla ethu azokhula. Lapho sizinikela ngokwethu njengethulusi lokusebenza koMoya Ongcwele, umusa kaNkulunkulu usebenza kithi ukudela izinkanuko ezindala, ukunqoba ukunaka okunamandla, nokudala imikhuba emisha. Njengoba sithanda futhi silalela ukufunzelela kukaMoya, izinhliziyo zethu ziyakhuliswa ukwamukela njalo amandla Akhe, nokwenza okuningi kanye nomsebenzi omuhle kakhulu. Amandla afihlakele ayavuswa, namandla angasebenzi athola ukuphila okusha.“Ngokukholwa emandleni kaNkulunkulu, kuyamangalisa ukuthi umuntu obuthakathaka angabanamandla kanjani, nemizamo yakhe yeqiniso, nokuthi umphumela wesithelo wobamkhulu kanjani. Lona oqala ngolwazi oluncane, ngendlela yokuzithoba, asho lokho akwaziyo, lapho efuna ngokuhlakanipha ulwazi oluya phambili, uzozuza ingcebo yezulu ilindele lokhu akudingayo. Njengoba efuna ukwabelana ngokukhanya, uzozuza ukukhanya okukhulu. Lowo ozama kakhulu ukuchaza izwi likaNkulunkulu kwabanye, ngothando lwemiphefumulo, libasobala kakhulu nakuye.”- Ibid., pp. 353, 354. 3. UKUBONGA NOMA UKUKHONONDA Ngolwesibili 8 Ncwaba a. Kungayiphi indlela inceku engathembekile eyasolwa ngayo ngokusebenzisa kabi ithalenta lakhe, futhi kungani isenzo esinjena siyixwayiso kithi? Mathewu 25:24-28. “Baningi labo ezinhliziyweni zabo ababeka uNkulunkulu icala lokuthi uyiNkosi elukhuni ngoba ufuna imfuyo yabo kanye nomsebenzi wabo. Kodwa singaletha yini kuNkulunkulu okuthile okungesikho oKwakhe. Zonke izinto ezikaNkulunkulu, kungesikho ngendalo kuphela, futhi nangokuhlenga. Zonke izibusiso zalokuphila nezokuphila okuzayo zilethwe kithi zigxivizwe ngesitembu sesiphambano saseKhalvari. Ngakhoke icala lokuthi uNkulunkulu uyiNkosi elukhuni, uvuna lapho engatshalanga khona, kungamanga.”-Christ’s Object Lessons, p. 362. b. Kungayiphi indlela ukuFunzelela kukamoya kufanekisa umkhuba wokukhononda nokwenza izaba kwethu, kungani kumele siqaphele ukukhuthala okufiswa iNkosi kubobonke ngaphambi kokubuya Kwakhe? Izaga 30:15, 16; Isaya 29:24. “Ukutetema, ukusola, nokwenza ngamandla amazwi kumele zidelwe. Yisiphi isikhathi osimisile ukuzuza ukunqoba phezu kwentando yenkani kanye nezici esimilweni sakho? Ngenqubekela phambili manje oyenzayo, umusa wakho ungavalwa ngaphambi kokwenza imizamo ekhamelelayo nefanele ekunika ukunqoba umina. Uzobanakho, ngokuhlinzekela kukaNkulunkulu, ukubekwa endaweni lapho izici zakho, uma zikhona zizovivinywa futhi zembulwe.”-Testimonies, vol. 4, pp. 341, 342.“Abaningi bakhetha ukuzikhonza ngokwabo kanye noSathane ngokungenzi imizamo ekhamelelayo yokunqoba izici zesimilo sabo. Lapho abaningi betotosa ngobuqili isono, belindele ukuba sinqotshwe ngezinye izikhathi, banquma ukubhubha. Ngegama likaJesu Krestu ningaba ngabanqobi namanje ‘ngalolusuku’ (Luka 19:42). Ungahleli futhi ufundele umina. Awusoze waba ngophelele eNkosini lapho usathokozela noma ngeliphi izinga likamina. Uthando olungaka lolo uMsindisi asibonise lona kumele ulamukele ngokuzithoba okukhulu uqhubeke ulijabulela. Ukuze ubengojabulile, kumele ulawule imicabango yakho namazwi akho. Uzodinga umzamo oyingcwethi ohlangothini lwakho; nokho kumele kwenzeke uma uzovunywa njengomntwana kaNkulunkulu. Ungakhathi emizameni yakho. USathane ulwela imiphefumulo yenu, futhi kumele ajabhiswe.”-Ibid., p. 344. 4. VEZA OBALA INKOHLISO FUTHI UYIBALEKELE Ngolwesithathu 9 Ncwaba a. Kungayiphi indlela isibonelo seNdodana kaNkulunkulu siphikisa ukubekwa icala ngeze kwesitha esikhulu semiphefumulo yethu? Genesis 3:4, 5; Filiphu 2:5-8. “USathane uholela abantu ukwamukela uNkulunkulu njengomuntu lowo ukucabangela Kwakhe okukhulu ukulunga okunolunya-lowo ongumahluleli onzima, olukhuni, ocindezela lowoa omkweletayo. Ufanekisa uMdali njengomuntu obheka ngeso elinenzondo ukubona iziphambeko kanye amaphutha abantu, ukuze alethe isijeziso phezu kwabo. Kwakungukususa lethunzi elimnyama, ngokwembula emhlabeni uthando olungapheli lukaNkulunkulu, lokuthi uJesu afike ahlale phakathi kwabantu.”-Steps to Christ, p. 293.“USathane ufanekisa umthetho kaNkulunkulu njengomthetho ozifunelayo. Uthi angeke kwenzeka kithi ukulalela izimisa zawo.”-The Desire of Ages, p. 24.“Uma amehlo angavulwa, singabona izithunzi zezingelosi ezimbi zisizungezile, zizama ukuceba izindlela ezintsha zokucunula nokusichitha. Futhi kumele sibone nezingelosi zikaNkulunkulu ezisilondile emandleni azo; ngoba amehlo kaNkulunkulu abhekile phezu kukaIsrayeli wonke ngobuhle, futhi uzovikela futhi asindise abantu Bakhe, uma bebeka ithemba labo Kuye.“Ingelosi yathi, ‘Khumbula, usemhlabathini othwebuliwe.’ Ngabona ukuthi kumele silinde sihlome ngezikhali zonke sithathe isiviko sokholo, ngalokho sobanakho ukumelana, nemicibisholo yomlilo yababi ayisoze yasilimaza.”-Early Writings, p. 60. b. Kuyini okwembula ukubamaganga kukaNkulunkulu kokuvuma kahle ukusisiza ukunqoba ubuthakathaka bethu kanye nobuvila? Amahubo 20:1, 2, 7-9; 94:17, 18. “Konke ukusebenza koMoya Ongcwele oholela abantu ebuhleni nakuNkulunkulu kulotshiwe ezincwadini zezulu.”-Christ’s Object Lessons, p. 361.“INkosi ilangazela abantu Bayo ukuba bafinyelele phezulu kwesitebhisi ukuze badumise Yena ngokuba namandla azimisele ukubathwesa wona. Ngomusa kaNkulunkulu wonke amalungiselelo enzelwe thina ukwembula esenza ngcono amacebo kunalabo umhlaba owenza phezu kwabo.“Labo abangenazo izipho ezinkulu abathweswe zona akufanele badangale. Mabasebenzise lokhu abanakho, ngokwethembeka baqaphele wonke umcijo obuthakathaka ezimilweni zabo, befuna ngomusa ongcwele ukuyenza ibenamandla.”-Ibid., p. 358. 5. IZISEBENZI EZINQOBILE ZIKANKULUNKULU Ngolwesine 10 Ncwaba a. Njengoba silungisela ukubuya kweNkosi yethu ngokuzinikela okuphelele emsebenzi Wakhe, ngeyiphi intakazelelo yethu engamandla, neNgeyakhe futhi? Thithu 2:13; 14; Luka 17:10; Amahubo 145:10-12. “Uma iNkosi ikhumbula izinceku Zakhe, ukubuyiselwa kwetalenta ngalinye kuzohlolisiswa. Umsebenzi owenziwe wembula isimilo somsebenzi.“Labo abamukele amatalenta amahlanu noma amabili babuyisela eNkosini izipho abazinikiwe kanye nenzalo yazo. Ngokwenzenjalo ababizi ukufaneleka okungokwabo. Amatalenta abo yilabo abakhululwe yibo; bazuze amanye amatalenta, kodwa bekungeke kwabakhona inzuzo ngaphandle kwalokhu okufakiwe. Babona kuphela ukuthi benzile umsebenzi wabo. Isisekelo esikhulu eseNkosi; ukuthuthukiswa kwawo oKwakhe. Uma uMsindisi engathwesanga phezu kwabo uthando Lwakhe nomusa, ngabe baphelelwe imali ingunaphakade.“Kodwa uma iNkosi yamukela amatalenta, uyawavuma abesenika umvuzo izisebenzi kungathi imizamo yonke bekungeyabo. Ubuso Bakhe bugcwelele injabulo nokweneliseka. Ugcwaliswe ngentokozo ukuthi angabeka izibusiso phezu kwabo. Ngoba wonke umsebenzi nawowonke umnikelo ubuyiselwa kubo, kungesikho ukuthi yisikweletu aNaso kithi, kodwa ngoba inhliziyo Yakhe iphuphuma uthando kanye nobumnene.”-Christ’s Object Lessons, pp. 360, 361.“UBaba wethu osezulwini akadingi okukhulu noma okuncane kunalokho asiphe amandla okukwenza. Akabeki phezu kwezinceku Zakhe umthwalo abangenakho ukuwuthwala. ‘Ngokuba uyakwazi ukubunjwa kwethu; uyakhumbula ukuthi siluthuli’ (Amahubo 103:14). Konke akufuna kithi ngomusa ongcwele kungenziwa.”- Ibid., p. 349. IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE Ngolwesihlanu 11 Ncwaba 1. Kuyini njalo okungaqondwa ngenhloso kaNkulunkulu yokuphana ngamathalenta? 2. Noma ungaba buthakathaka usoleke, liyini icebo likaNkulunkulu lokukusiza? 3. Qhathanisa inceku enethalenta elilodwa efanekisa ukuziphatha komuntu namuhla? 4. Singedlula eceleni kanjani ubuqili besitha esizama ukuvimba ukungcweliswa kwethu? 5. Chaza ukuthi singazuza kanjani ukunqoba sibeyizithunywa ngempela, ezikhuthele zikaNkulunkulu? << >>