Back to top

Sabbath Bible Lessons

Ukukhanya Kwezwe (IV)

 <<    >> 
Isingeniso Phakathi kwamakota amathathu okuqala kulonyaka sifunde izifundo zokushumayela ivangeli ezivela kumlando wabantu bakaNkulunkulu ngaphambi kokubonakala kokuqala kukaKrestu. Kulelikota sizobheke izifundo zokushumayela ivangeli zamava wabafundi bokuqala bakaKrestu kanye nebandla lokuqala lamaKrestu. Sizobheka futhi izeluleko lezo uNkulunkulu azihlinzekela ukusizakala kwethu ukuze sigcwalise inhloso Yakhe njengensali yabantu bakaNkulunkulu. “Namuhla ibandla likaNkulunkulu likhululekile ukuqhubekisela phambili ukugcwaliseka kwecebo elingcwele ngensindiso yesizwe esilahlekileyo…UIsrayeli wesimoya uthe wabuyiselwa amathuba ngokuvumela abantu bakaNkulunkulu ngesikhathi sokukhululwa kwabo eBhabhilona. Kuzozonke izinxenye zomhlaba, abesilisa nabesifazane bayasabela kwisigijimi esivela eZulwini leso uJohane umabuleli aprofetha ukuthi sizomenyezelwa ngaphambi kokuza kwesibili kukaKrestu: Mesabeni uNkulunkulu, nimnike inkazimulo; ngokuba ihora lokwahlulela kwakhe selifikile’ (Isambulo 14:7).”-Prophets and Kings, p. 714. “Ibandla likaNkulunkulu liyisithunywa esimisiwe sensindiso yomuntu. Lihlelelwe umsebenzi, futhi umsebenzi walo ukuhambisa ivangeli emhlabeni. Kusukela ekuqaleni bekuyicebo likaNkulunkulu ukuthi ngebandla Lakhe kuzobonakaliswa emhlabeni ukuphelela Kwakhe nokulingana Kwakhe. Amalunga ebandla, lawo awabizile ukuba aphume ebumnyameni angene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo, kumele abonakalise inkazimulo Yakhe. Ibandla lingumgcini wengcebo yomusa kaKrestu; futhi nangalo ibandla ekugcineni lizobonakala, ngisho nemibuso namandla ezindawo eziszulwini, ukubonakala kokugcina okuphelele kothando lukaNkulunkulu (Efesu 3:10).”-The Acts of the Apostles, p. 9. “Umhlaba wonke, wembozwe ubumnyama besono nosizi nobuhlungu, kumele ukhanyiselwe ngolwazi lothando lukaNkulunkulu. Kusukela kuhlelo, isigaba, noma ixuku labantu ukukhanya kwenkazimulo okuvela esihlalweni ezulwini okumele babekelwe ngaphandle. “Isigijimi sethemba kanye nomusa kumele kuyiswe emagumbini onke omhlaba. Othandayo, angafinyelela phambili abambelele emandleni kaNkulunkulu enze ukuthula Naye, futhi uzoba nokuthula.”-Prophets and Kings, p. 719. Kungumkhuleko wethu ukuthi lohlu lwezifundo luzonceda abafundi besikolo seSabatha ukuba babe ngabashumayeli abaphumelela kakhulu beqhubekisela phambili isigijimi sokugcina somusa emhlabeni. The General Conference Sabbath School Department
 <<    >>