Back to top

Sabbath Bible Lessons

Ukukhanya Kwezwe (IV)

 <<    >> 
ISabatha, November 15, 2014 Isifundo 7
Umsebenzi Womuntu Ngamunye “Umakhelwane wami ngubani na” (Luka 10:29).
Incwadi Enikeziwe:   The Desire of Ages, pp. 497-505. 
“[UKrestu ubonise ukuthi] ukuthi umakhelwane wethu akusho ukuthi yilona webandla noma inkolo enikuyo. Akanako okuphathelene naye noma ubuzwe, umbala, noma umahluko isigaba. Umakhelwane wethu yiwowonke umuntu odinga usizo lwethu”-Christ’s Object Lessons, p. 376.

1. ISEHLAKALO SANGEMPELA NgeSonto November 9
a. Kuyini okwenzeka kumuntu owayedlula ngendlela endaweni eyayigcwele izigebengu? Luka 10:30. “Endleleni esuka eJerusalema iya eJeriko, isihambi kwakumele sidlula endaweni eyihlane laseJudiya. Indlela yayiyimbi, inezihosha ezinamatshe, leyo eyayigcwele izigebengu, futhi kwakukhona izehlakalo zokukhahlameza.”-Desire of Ages, p. 499. b. Kuyini umpristi akwenza uma edlula ngaleyondlela? Luka 10:31. c. UmLevi yena kuyini akwenza? Luka 10:32. “Bobabili [umpristi nomLevi] babephethe izikhundla ezingcwele futhi bezisho ukuthi bachasisa imiBhalo. Babekwixuku elikhethekile kakhulu benjengabamele uNkulunkulu ebantwini. Kwakumele babenozwelo kulabo abangazi, nakulabo abaphume endleleni’ (Heberu 5:2), ukuze baholele abantu ekwazini ngothando olukhulu lukaNkulunkulu maqondana noluntu.”-Ibid., pp. 499, 500.

2. IZIMISO EZIQONDILE ZIYAFANEKISWA NgoMvulo November 10
a. Lapho umSamariya ebona ozwe ubuhlungu, kuyini akwenza? Luka 10:33, 34. “UmSamariya othize, ohambeni lwakhe, wafika lapho kukhona olinyaziwe, lapho embona, wamhawukela. Azange abuze ukuthi ingabe lesisihambi kwakungumJuda noma Owezizwe. Uma umJuda, umSamariya ekwazi lokho, izimo zabo zazizobuyiselwa emuva, umuntu wayezomkhafulela ebusweni amedlule futhi ngendelelo. Kodwa azange angabaze ngalokhu. Azange acabange ukuthi naye ngokwakhe angaba sengozini yokugetshengwa yilabo abahlala kulendawo. Kwakwenele ukuthi kwakukhona isidalwa somuntu phambi kwakhe odinga usizo futhi ehluphekile. Wakhumula ingubo yakhe ukuba amembese. Amafutha kanye newayini ayekulungisele uhambo lwakhe wakusebenzisa ukwelapha kanye nokuqabula umuntu olimele. Wamukhwelisa esilwaneni sakhe ehamba kancane endaweni ngenyathelo elifanayo, ukuze isihambi singadlukuzeki asenze sihlupheke enyuse nobuhlungu.”-The Desire of Ages, p. 503. b. Kuyini okunye okwenziwa ngumSamariya? Luka 10:34. “[UmSamariya] waletha [isihambi esasilimele] kwindawo yezihambi ukuba zimunakekele ubusuku bonke, zimbheke ngomusa. Ekuseni, njengoba indoda egulayo isingcono, umSamariya ngesibindi waqhubeka ngohambo lwakhe. Kodwa ngaphambi kokuba akwenze lokho, wambeka ezandleni zomninindlu, wakhokha okubizwayo, washiya nenye ezakumsiza; enganelisekanga ngalokho, wenza namalungiselelo phambili uma kukhona isidingo.”-Ibid. c. Ekugcineni, mbuzo muni uJesu awuletha kwisazimthetho? Futhi isazimthetho saholelwa kanjani ukuphendula umbuzo wakhe? Luka 10:36, 37. “UmSamariya ugcwalisile umthetho, ‘Wothanda umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena,’ kanjalo ebonisa ukuthi wayelunge kakhulu kunalabo ababemjivaza…LomSamariya ufanekisa uKrestu…Lapho sasilimele futhi sifa, wabanomusa kithina. Azange adlule ngolunye uhlangothi, asishiye kanjalo, singenako ukuzisiza futhi singenathemba, ukuba sibhubhe….Wabheka isidingo sethu esibuhlungu, ezwisisa indaba yethu, ebonakalisa intakazelelo Yakhe kulo uluntu. Wafa ukuba asindise izitha Zakhe. Wakhulekela ababulali Bakhe.”-Christ’s Object Lessons, pp. 381, 382.

3. UKUKHOMBA UMAKHELWANE WETHU Ngolwesibili November 11
a. Lapho induna yomkhumbi ibuzisisa kuJona, umprofethi wazazisa kanjani? Luka 10:37 (isigaba sesibili). “Iqiniso elingcwele licindezela umfutho omncane emhlabeni, lapho kumele licindezele umfutho omkhulu ngezenzo zethu. Ukuzisho nje kuphela kwenkolo kuvame yonke indawo, kodwa kunesisindo esincane. Singazisho ukuthi singabalandeli bakaKrestu, singasho ukuthi sikholwa yilolonke iqiniso ezwini likaNkulunkulu; kodwa lokhu akusoze kwenza okuhle kumakhelwane kuze ukukholwa kwethu kusetshenziswa empilweni nsuku-zonke. Ukuzisho kwethu kungaphakama njengezulu, kodwa angeke kwasindisa mina noma umzalwane ngaphandle kokuthi sibe ngamaKrestu. Isibonelo esifanele singenza okukhulu ukusiza umhlaba kunokuzisho kwethu.“Uma senza ngokuzidela umsebenzi kaKrestu uzonikezwa. Umsebenzi Wakhe owabacindezelwe kanye nabampofu. Enhliziyweni yabalandeli Bakhe ngokuzisho kumele kubekhona isidingo somusa onozwelo lukaKrestu-uthando olujulile kulabo abathanda kakhulu waze wanikela ngokuphila Kwakhe ukuba basindiswe. Lemiphefumulo iyigugu, iyigugu elikhulu ukudlula eminye iminikelo esingayiletha kuNkulunkulu.”-Christ’s Object Lessons, pp. 383, 384. b. Kubuyisana kuni phakathi kwezizwe, nezihlobo, kanye namaxuku okuhlalisana okuthe kwazuzwa yisiphambano sikaKrestu? Efesu 2:13-16. “Akwenzeki enhliziyweni lapho kuhlala uKrestu uthando luswelakale. Uma simthanda uNkulunkulu njengoba asithanda kuqala, sizakubathanda bonke uKrestu abafelayo. Asingeke sathintana nobungcwele ngaphandle kokuthi sithintane kuqala noluntu; ngoba kuLowo ohlezi esihlalweni sezulu nomhlaba, ubungcwele nobuntu buyahlanganiswa. Uma sihlangene noKrestu, sihlangene nabazalwane bethu ngomhlanganiso weketanga lothando lwegolide.“Awukho umehluko ngokuya ngobuhlobo, ubuzwe, noma uhlobo lozalo olubhekwa nguNkulunkulu. UnguMdali womuntu wonke. Bonke abantu bangumndeni owodwa ngokwendalo, futhi bonke banye ngokuhlengwa. UKrestu weza ukuchitha lonke udonga olwehlukanisayo. “Noma kungabakhona ukwehlukana ngokukholwa kwevangeli, ubizo lokuhlupheka komuntu kumele luzwakale futhi luphendulwe. Lapho umuzwa wobuhlungu ukhona ngenxa yokwehlukana kwezenkolo, okuhle okuningi kungenziwa ngomsebenzi womuntu ngamunye. Ukuthanda ukushumayela kuzoqeda ubandlululo, kuzuzele imiphefumulo kuNkulunkulu.”-Ibid., pp. 384-386.

4. “NAMUKELE NGESIHLE, YIPHANI NGESIHLE” Ngolwesithathu November 12
a. Emsebenzini kaKrestu, sithola kanjani izizathu zokujabula nezizathu zokukhala? Roma 12:15. “Kumele silindele usizi, ubunzima, kanye nobunzima kwabanye. Kumele singene ekujabuleni nasekunakekeleni nasekunakekeleni kokubili abaphakeme nabaphansi, abacebile nabampofu. ‘Namukeliswe ngesihle,’ kusho uKrestu, ‘yiphani ngesihle’ (Matthew 10:8). Yonke indawo sizungezwe ngabampofu, imiphefumulo elingwayo edinga amazwi ozwelo lwethu kanye nezenzo ezilusiso. Kukhona abafelokazi abadinga uzwelo kanye nokuxhaswa. Kukhona izintandane lezo uKrestu alayeza abalandeli Bakhe abamukele njengethemba kuNkulunkulu. Kaningi laba bayadlulwa njalo ngokunganakwa. Bangaba abantu abamanikiniki, abaluhlaza, bebukeka ngezindlela zonke bengathathekisi; kodwa bayimfuyo kaNkulunkulu. Bathengiwe ngenani, futhi bayigugu emehlweni Akhe njengoba sinjalo nathi. Bangamalunga omkhaya omkhulu kaNkulunkulu, futhi amaKrestu njengezinceku Zakhe yibona abanokuziphendulele ngabo. ‘Imiphefumulo yabo,’ uthi, ‘ngoyibiza ezandleni zenu.”-Christ’s Object Lessons, pp. 386, 387. b. Uma amazwi engalingene, singafinyelela kanjani ebantwini abaningi? Jakobe 2:15, 16. “Isono singububi obedlula konke, futhi kungokwethu ukuba sibenozwelo lokusiza isoni. Kukhona abaningi abafihla umphefumulo wabo ngendlala. Labo bangasizwa ngamazwi amnandi noma isikhumbuzo esimnene. Abaningi bacwile sonweni baze balahlekelwa ngumcabango wephakade ngempela, balahlekelwa ukufana noNkulunkulu, abazi nokuthi kukhona imiphefumulo okumele bayisindise noma cha. Abanako ukukholwa kuNkulunkulu noma ithemba emuntwini. Abaningi abanjalo bangafinyelelwa kuphela ngezenzo zomusa ongakhethi. Njengoba ubona ubufakazi bothando lwakho lokuzidela, kuzakubalula kubo ukukholwa uthando lukaKrestu.“Baningi abaphambukayo, futhi bezwa ihlazo labo kanye nobuthutha babo. Babheka iziphosiso zabo kanye namaphutha baze baholelwe ekudangaleni. Lemiphefumulo akumele siyidembesele. Uma omunye kumele abhukude emfuleni, kukhona wonke umfutho wamaza ombuyisela emuva. Isandla esisizayo kumele selulelwe kuyena njengoba wenza kanjalo uMfowabo Omdala elula isandla kuPeter owayecwila. Khuluma kuye amazwi ethemba, amazwi lawo azomisa ithemba futhi avuse uthando.”-Ibid., p. 387.

5. UKWENZA IMIPHUMELA OVUMAYO Ngolwesine November 13
a. Singasiza kanjani abantu abaguliswa yisono ukuba benze ukuthula noNkulunkulu? Isaya 27:5. “Umfowenu, ogula esimoyeni, uyakudinga, njengoba nawe bewudinga uthando lommfowenu. Udinga amava alowo obebuthakathaka njengaye, lowo angazwelana naye amsize. Ukwazi ubuthakathaka bethu kungasinceda ukuba sisize omunye kwisidingo sakhe esibuhlungu.“Kungenxa yobudlelwane noKrestu, nokuthintana Naye ngamunye noMsindisi ophilayo, lokhu kusiza ingqondo kanye nenhliziyo kanye nomphefumulo ukunqoba phezu kwemvelo engaphansi. Tshela ozulayo ngesandla sikasomandla esizomphakamisa, ngobuntu obungapheli kuKrestu lowo omzwelayo.”-Chirst’s Object Lessons, pp.387, 388. b. Mukhulu kangakanani umsebenzi womuntu ngamunye maqondana nomutu ohluphekayo othinta ukulungiselela kwethu umbuso kaNkulunkulu? Danyel 12:3; Zakariya 3:7. “Ngokwethembeka kwakho kulomsebenzi kungekona kuphela inhlalakahle yabanye kodwa isiphelo sakho saphakade sencike khona. UKrestu ufuna ukuphakamisa bonke abazophakanyiswa kubudlelwane Naye, ukuze sibebanye kanye Naye njengoba emunye noBaba. Ufuna ukukhulisa kithina izimpawu zesimilo Sakhe-uzwelo, umusa, nothando. Ngokwamukela lomsebenzi wobuvangeli sizibeka ngokwethu esikolweni Sakhe, ukuze sifanele izigodlo zikaNkulunkulu.”-Ibid., pp. 388, 389.

IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE Ngolwesihlanu November 14
1. Yiziphi izenzo umSamariya abonakalisa ngazo umoya wobuKrestu? 2. Ekugcineni isazimthetho eseza kuJesu kuyini esakuqonda? 3. UbuKrestu bugqame ngani phakathi kwezinkolo kulelizwe? 4. Chaza intshumayelo enamandla amakhulu engashunyayelwa kulabo abangakholwa. 5. Yisho izizathu zangempela ezidonsela abantu kuKrestu.
 <<    >>