Ukukhanya Kwezwe (IV) << >> Umnikelo weSabatha Lokuqala For a chapel in Rocklin, California, U.S.A. ISABATHA, DECEMBER 6, 2014 I United States of America, enabakhileyo kulo abangu 317 million, yinhlangano yamazwe anezifunda ezingu 50, kanye nenhlangano yesigodi. Uma kwenziwa ucwaningo ngo 2012, abadala abalinganiswa nge73% bathi bangamaKrestu, amaProtestanti angu51,3%, amaRoman Catholic, angu23.9%, yisona sibalo esikhulu samakholwa. Noma I U.S. iyinxenye yezidonga ezisobala zenkululeko yezenkolo isikhathi esidlula iminyaka engamakhulu amabili, kanye namazwe aseNtshonalanga, kulelizwe amakholwa ayancipha. Ucwaningo olusanda-kwenziwa manje lubonisa ukuthi ukungakholwa kukhula ngokushesha phakathi kwamaAmerica angaphansi kweminyaka engu 30. Iminyaka eminingi indlunkulu yethu imise eCalifornia, isifunda esaziwa kakhulu. Iminyaka edlula engu 20 ibandla laseRocklin belenza umsebenzi wokufinyelela ebantwini abahlala empumalanga yeGreat Sacramento. Amavulandlela alelibandla anikele ngezimpilo zabo ukuqhubekisela umsebenzi kaNkulunkulu ngendlela leyo namuhla kukhona amalunga azinikele kulendawo lapho ivangeli lamaxuku lezempilo kanye nelokupheka, kanye nezinhlangano zesimoya. Kulezinsuku, lezinhlelo zithe zathathekisa izihambi eziningi nalabo abeza njalo. Manje, ibandla linendawo ekhokhelwayo yemihlangano ababanayo njalo. Ngombono wokumisa ubufakazi obumiyo kwindawo yaseCarlifonia, ibandla liceba ukuba nomsebenzi wesakhiwo salo. Amalunga awo azimisele ukuxhasa lomsebenzi wesakhiwo noma ukuthenga isakhiwo kodwa ngenxa yezindleko eziphakeme zempilo kulendawo, umsebenzi ungaphezu kwamandla abo ukuwufeza. Lapho ubizo luvela kubazalwane bethu nabodade emhlabeni wonke ukusiza ngomsebenzi weminikelo yeSabatha lokuqala, iNkosi ishukumise ibandla leseRocklin ukuba liphiwe ngesihle. Isikhathi sesifikile manje lapho lidinga usizo lwenu. Ngenxa yoMsindisi wethu othandekayo neNkosi, uJesu Krestu, nangenxa yebandla lase Rocklin, siyacela kubazalwane nodade emhlabeni wonke ukuba ninikele ngesihle kulomsebenzi wokwakhiwa kwebandla. The General Conference North American Regional Secretary << >>