Ukukhanya Kwezwe (IV) << >> ISabatha, December 20, 2014 Isifundo 12 Hambani Nenze Izizwe Zonke “Ngalokho hambani nenze iziwe zonke abafundi, nibabhapathize egameni likaYise, neleNdodana, nelikaMoya Ongcwele” (Matthew 28:19). Incwadi Enikeziwe: The Desire of Ages, pp. 818-823. “Phezu kwabobonke abakhileyo emhlabeni, abakhulu nabancane, abacebile nabampofu, bekukhona ukukhanya kwasezulwini okukhazimula ngokucwebile, imisebe enamandla. Abafundi kwakumele babambisane noMhlengi wabo emsebenzini wokusindisa umhlaba.”-The Review and Herald, October 9, 1913. 1. UMHLANGANO EGALILE NgeSonto December 14 a. Ngesikhathi Sesidlo Sokugcina, seluleko sini uJesu asinika abafundi maqondana nomhlangano ozayo wamakholwa onke? Matthew 26:32; 28:16. b. Bangaki ababekhona kulowomhlangano? 1 Korinte 15:6. “Ngesikhathi esimisiwe, abakholwayo abangamakhulu amahlanu babehlangene bengamaxuku amancane ngasentabeni, befisa kakhulu ukufunda konke okungafundwa kulabo abathe babona uKrestu kusukela ekuvusweni Kwakhe. Ixuku nexuku abafundi babedlula, bekhuluma konke abakubonile nabakuzwile ngoJesu, ngengqondo bechaza imiBhalo njengoba enza kubo. UThomase wabalandisa futhi imbali yokungakholwa kwakhe esho nokuthi ukungabaza kwakhe kususiwe. Masinyane uJesu wema phambi kwabo. Akukho noyedwa owayengasho ukuthi nini noma nokuthi ufike kanjani. Abaningi ababekhona abazange bambona ngaphambili; kodwa ezandleni Zakhe nezinyawo babona amanxeba okubethelwa; ubuso Bakhe kungubuso bukaNkulunkulu, lapho bembona, bamdumisa.”-The Desire of Ages, pp. 818, 819. 2. UKUTHUNYWA OKUNGCWELE NgoMvulo December 15 a. Njengoba abafundi babebizelwe ukubambisana noKrestu emsebenzini wokusindisa imiphefumulo, kuthunywa kuni abanikwa khona? Matthew 28:19, 20; Marako 16:15, 16. b. Lokuthunywa kwamelana nakho kanjani ngabaFarisi abazikhethayo? Izenzo 13:46; 22:21, 22; Galathiya 3:28. “Abantu abangamaJuda benziwa abathwali bamaqiniso angcwele; kodwa abaFarisi babenza baba ngabakhethekile kakhulu, abazonda inkolo kakhulu, kunasosonke isizwe soluntu. Konke ngabapristi kanye nababusi-ukwembatha kwabo, imikhuba, imikhosi, amasiko-kwabenza bangakulungela ukuba ngukukhanya kwezwe. Babezibheka ngokwabo, njengesizwe samaJuda, njengomhlaba. Kodwa uKrestu wathuma abafundi Bakhe ukumemezela ukukholwa kanye nokudumisa kukona kungekho hlobo lokuzalwa noma isizwe, ukukholwa lokho okuzokwamukelwa ngabantu bonke, izizwe zonke, kanye nezinga labantu bonke.”-The Desire of Ages, p. 819, 820. c. Kungani abafundi kwakumele baqalise umsebenzi eJerusalema? Izenzo 1:8. “Kwakukhona abaningi eJerusalema ngasese ababekholwa kuJesu, nabaningi abathe bakhohliswa ngapristi kanye nababusi. Nakulabo ivangeli kwakumele lishumayelwe. Kwakumele babizelwe ekuphendukeni. Amaqiniso amangalisayo lawo ngoKrestu kuphela angasusa izono uma efunyanwa enziwa sobala. Lapho iJerusalema lonke lithe lashukunyiswa izehlakalo ezivusa usikisiki kumaviki ambalwa edlule, ukushumayelwa kwevangeli kwakuzocindezela umuzwa ojulile.“Kodwa umsebenzi kwakungamele uphelele lapha. Kwakumele welulelwe emajukujukwini emikhawulo yomhlaba…Bonke labo, abazabuyiselwa kuNkulunkulu bathole ukuphila okuphakade. Kinina, bafundi Bami, ngiyaninika lesigijimi somusa. Kumele sinikwe uIsrayeli kuqala bese siya kuzozonke izizwe, izilimi, nabantu. Kumele siye kumaJuda kanye nabeZizwe. Bonke abakholwayo kumele baqoqelwe ebandleni linye.”-Ibid., pp. 820, 821. 3. ISIPHO ESITHENJISIWE Ngolwesibili Decembere 16 a. Abafundi basizwa kanjani ukushumayela phakathi kwezizwe ngaphandle kokuthatha isikhathi ukufunda izilimi zabo? 1 Korinte 12:7, 10. “Abafundi kwakumele babenamandla afana nalawo uJesu ayenawo ukwelapha ‘zonke izinhlobo zonke zezifo nazozonke izinhlobo zokugula phakathi kwabantu.’ Ngokwelapha ngegama Lakhe izifo zomzimba, bazofakaza ngamandla Akhe ukwelapha imiphefumulo (Matthew 4:23; 9:6). Futhi ukwembeswa okusha manje kwathenjiswa. Abafundi kwakumele bashumayele phakathi kwezizwe, bazothola amandla okukhuluma ezinye izilimi. Abapostoli kanye nabahambisana nabo bekungabantu abangafundile, kodwa emva kokuthululwa koMoya ngosuku lwePentekoste, ulwimi labo, noma ngolwimi lwabo noma olwezizwe, baba ngabahlanzekile, ngokulula, nokuqondile, ngezwi kanye nokuvuma.“Nokho uKrestu wanika abafundi Bakhe umsebenzi wabo. Wenza amalungiselelo aphelele okuhanjiswa komsebenzi, wathathela Kuye ukuziphendulela kwempumelelo yawo. Uma kuphela belalela izwi Lakhe, basebenze behlangene Naye, abasoze behluleka. Hambani ezizweni zonke, ebancenga. Hambani niye emajukujukwini omhlaba lapho kunabakhileyo kuwo, kodwa yazini ukuthi ubukhona Bami buzobalapho. Sebenzani ngokukholwa kanye nesibindi, ngokuba asikho isikhathi engiyakunidela ngaso.”-The Desire of Ages, pp. 821, 822. b. Yiziphi izimangaliso ezizolethwa ngabameli bevageli ngenxa yesipho sikaMoya Ongcwele? Marako 16:17, 18; 1 Korinte 12:11. “Ivangeli lolokhu liqukethe amandla afanayo, futhi kungani namuhla singafakazeli umphumela ofanayo?“UKrestu uzwa usizi lwabobonke abahluphekayo. Lapho omoya ababi bedwengula isimo somuntu, uKrestu uzwa isiqalekiso. Lapho ukuvutha kushisa umsinga wempilo, uzwa ubuhlungu. Futhi uyathanda ukwelapha ogulayo manje njengokufanayo eselapha emhlabeni. Izinceku zikaNkulunkulu njebangabameli Bakhe, imizila yokusebenza Kwakhe. Uyafisa ngabo ukusebenzisa amandla Akhe okwelapha.”-Ibid., pp. 823, 824. 4. UMSEBENZI OZOTHILE WEBANDLA LIKAKRESTU Ngolwesithathu December 17 a. Yisiphi isibopho, futhi kwenqatshelwa kuni, okwabekwa kubaholi bakwaIsrayeli kusukela lapho umbuso wabo uthe waqiniswa egameni kanye nasemandleni kaNkulunkulu? Dutoronomi 4:1, 2. “Umbuso wakwaIsrayeli wawuphethwe egameni kanye nasemandleni kaNkulunkulu. Umsebenzi kaMose, abadala abangamashumi ayisikhombisa, ababusi kanye nabahluleli, sasingukugcizelela umthetho uNkulunkulu abanike wona: babengenawo amandla okubumba umthetho wesizwe. Lokhu, kwakumele kuhlale kunjalo, isimo sobukhona sikaIsrayeli njengesizwe. Izikhathi zonke amadoda ayeshukunyiswa nguNkulunkulu ayethunyelwa ukululeka abantu nokubaqondisa ekucindezelweni kwemithetho.”-Patriachs and Prophets, p. 603. b. Singaqonda kanjani isibopho sethu sokufundisa abantu “ukugcina konke” njengesiyalezo sikaKrestu? Matthew 28:20. “Ekuthumeni Kwakhe abafundi, uKrestu akafanekisanga kuphela umsebenzi wabo, kodwa wabanika isigijimi sabo. Nifundise abantu, esho, ‘ukugcina zonke izinto enginiyale ngazo’ (Matthew 28:20). Abafundi kwakumele bafundise lokhu uKrestu akufundisile. Lokhu akukhulumile, bangakhulumi ngomuntu kuphela, kodwa ngabapfethi kanye nothishela beTestamende Elidala, nalapha lifakiwe. Imfundiso yabantu ivalelwe ngaphandle. Ayikho indawo yamasiko, umcabango wabantu kanye nokufinyeza, noma imithetho yebandla. Ayikho imithetho engcotshiwe yamandla omshumayeli efakiwe kulokuthunywa. Akukho nokukodwa kulokhu izinceku zikaKrestu okumele zikufundise.”-The Desire of Ages, p. 826. c. Uyini umsebeni webandla maqondana nalabo abawela esonweni? 2 Thimothi 4:2. “Xwayisa wonke umphefumulo osengozini. Ungashiyi noyedwa ukuba azikhohlise. Biza isono ngegama laso. Yisho lokho uNkulunkulu akukhulumile maqondana namanga, ukwephula iSabatha, ukweba, ukukhonza izithombe, nakho konke okubi. Labo abenza izinto ezinjalo abasoze badla ifa lombuso kaNkulunkulu’ (Galathiya 5:21). Uma beqhubeka esonweni, ukwahlulela okukhulunyiwe okuvela ezwini likaNkulunkulu kumenyezelwa phezu kwabo ezulwini.”-Ibid., p. 806. 5. UMBUZO OYISISEKELO KULOWO OZUZE UMPHEFUMULO Ngolwesine December 18 a. Mbuzo muni obhekiswe kwisisebenzi ngasinye sikaKrestu okumele siwuphendule? Johane 21:15-17. b. Singaba yizisetshenziswa kuphela kanjani emsebenzini kaKrestu? 1 Johane 4:7-12. “LAmandla othando ayekhona ekulapheni konke kukaKrestu, futhi kuphela ngokuhlanganyela kwaloluthando, nangokukholwa, singaba izisetshenziswa zomsebenzi Wakhe. Uma sidembesela ukuzixhumanisa ngokwethu ekuhlanganeni okungcwele noKrestu, umsinga wokuphila wamandla anika ukuphila awasoze wageleza ngemizila enothile ukusuka kithi uye kubantu.“Kungukwenza umsebenzi kaKrestu lokho ibandla linesithembiso sobukhona Bakhe. Hambane nifundise izizwe, Esho; ‘Bhekani, mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe’ (Matthew 28:20). Ukuthatha ijoka Lakhe kuyisimo sokuqala sokwamukela amandla Akhe. Impilo yebandla yeyame ekuthembekeni kwalo ekugcwaliseni umsebenzi weNkosi. Uma singanaki lomsebenzi ngempela simema ubuthakathaka besimoya kanye nokubola. Lapho kungekho msebenzi wokusebenzela abanye, uthando luyancipha, nokukholwa kuba lufifi.“UKrestu uhlose ukuthi abafundisi bazakuba ngabafundisi bebandla kumsebenzi wevangeli. Kumele bafundise abantu ukuthi bangafuna kanjani futhi basindise kanjani abalahlekile?”-The Desire of Ages, p. 825. IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE Ngolwesihlanu December 19 1. Yikuphi ukuthuma kukaKrestu okuya kubalandeli Bakhe umuntu ngamunye? 2. Sixwayiswa kanjani maqondana nesimo sabaFarisi sokuzikhetha? 3. Sipho sini esikhethekile esasiza abafundi ukuhambisa ivangeli lensindiso kwezinye izizwe-futhi kuyini okumele sikuqonde ngalokhu? 4. Kungani umyalo kaJesu kuMatthew 28:20 ukhiphela ngaphandle imfundiso yabantu? 5. Yiluphi uhlobo lokuqala okumele lwakhe isimilo sawowonke ozuza umphefumulo? << >>