Back to top

Sabbath Bible Lessons

Ukukhanya Kwezwe (IV)

 <<    >> 
ISabatha, October 11, 2014 Isifundo 2
UJesu Wabiza Abayishumi Nambili “Wamisa abayishumi nambili ukuba babenaye nokuba abathume baye kushumayela” (Mark 3:14).
Incwadi Enikeziwe:   The Desire of Ages, p. 290-297. 
“UJesu wabiza abafundi Bakhe ukuba abathumele ngaphambili njengofakazi Bakhe, bamemezele emhlabeni lokho abakubonile nalokho abakuzwile Ngaye. Umsebenzi wabo wawubalulekile kakhulu lowo izidalwa zabantu ezike zabizelwa wona, futhi wawulandela kuphela uKrestu Ngokwakhe. Kwakumele basebenze ndawonye noNkulunkulu ukusindisa umhlaba.”-The Review and Herald, January 11, 1912.

1. ABAPOSTOLI ABAYISHUMI NAMBILI NgeSonto October 5
a. Ngabantu abanjani uKrestu abaqeqesha ukumemezela isigijimi sensindiso emhlabeni? Ngobani amagama abo? Matthew 10:2-4. “UMsindi wethu….wazihlanganisa NgoKwakhe nabantu ababenamaphutha ngokwesimilo wabanika usizo lwezimfundiso Zakhe kanye nesibonelo, ukuba babenethuba lokubona amaphutha abo futhi bawalungise.”-The Great Controversy, p. 43. b. Yiliphi izwi likaKrestu elibonisa ukuthi wayesazi isimilo salabantu? Johane 6:70. “UMsindisi wayesazi isimilo sabantu azikhethele bona; bonke ubuthakathaka babo kanye namaphutha ayesobala phambi Kwakhe.”-The Desire of Ages, p. 291.“Phakathi kwabapostoli abayishumi nambili kwakukhona imbuka. UJudasi wamukelwa, kungesikho ngenxa yezici zesimilo, kodwa ngenxa yokungamelani nazo.”-The Great Controversy, pp. 43, 44.

2. U-JUDASI NgoMvulo October 6
a. Kungayiphi indlela futhi kungani uKrestu amukela uJudasi? Matthew 8:19, 20. “Lapho uJesu elungiselela abafundi ukugcotshwa kwabo, lowo ongazange wamenywa ukuba abekhona phakathi kwabo. UJudasi Iskariyoti, umuntu owayezisho ukuthi ungumlandeli kaKrestu. Manje weza ngaphambili, ecela indawo phakathi kwesiyingi sabafundi. Ngokushisekela okukhulu nangokuqinisa wathi, ‘Mfundisi, ngizakukulandela noma uyangaphi.’ UJesu kazange amxoshe noma amamukele yena, kodwa wakhuluma amazwi adabukisayo: ‘Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zinezidleke, kepha iNdodana yomuntu ayinandawo, lapho ingacamelisa khona ikhanda’ (Matthew 8:19, 20).“Abafundi babenesifiso sokuthi uJudasi angaba ngomunye wesibalo sabo. Ukubukeka kwakhe kwakunamandla, umuntu onokwahlukanisa okubukhali kanye nekhono lokwenza, futhi bamncoma kuJesu njengalowo ozoba lusizo olukhulu Kuye nasemsebenzini Wakhe. Bamangala uma uJesu emamukela ngokungathi qhiki.”-The Desire of Ages, pp. 293, 294. b. Kukhetha kuni okwembulelwa uJudasi, njengoba kunjalo kithi sonke? Dutoronomi 30:19. “Uma [uJudasi] ebengavula inhliziyo yakhe kuKrestu, umusa ongcwele ubungachitha idemoni lobugovu, ngisho naye uJudasi ubengaba isikhonzi sombuso kaNkulunkulu.“UJudasi ubenamathuba afanayo nawalaba abanye abafundi. Walalela izifundo eziyigugu ezifanayo. Kodwa ukwenza iqiniso, lelo uKrestu alifunayo, beliphambana nezifiso kanye nezinjongo zikaJudasi.”-Ibid., pp. 294, 295. c. Kungayiphi indlela kuphela uJudasi ngabe wakhetha ukuphila, futhi ukhetho olunjalo beluzofaka phakathi kanjani inxenye yakhe? Johane 1:12, 13; 1 Peter 1:22, 23. “[UJudasi] wayehlangene nabafundi, ukuthi, ngesiluleko kanye nesibonelo sikaKrestu, ngabe wangafunda lokhu okuseka isimilo soMkrestu, kanjalo ubezoholelwa ukubona amaphutha akhe, aze aphenduke, futhi, ngosizo lomusa ongcwele, ukuhlanza umphefumulo wakhe ngokulalela iqiniso’ (1 Peter 1:22).”-The Great Controversy, p. 44.

3. “NIFUNDE KIMI” Ngolwesibili October 7
a. Umpostoli uPawule uchaza kanjani ubulula babesilisa nabesifazane ababizelwe ukusebenzela uNkulunkulu? 1 Korinte 1:26-28. “UNkulunkulu wamukela abantu njengoba benjalo, ngezimpawu zoluntu esimilweni sabo, futhi abaqeqeshele umsebenzi Wakhe, uma bezofundiswa futhi bafunde Kuye. Abakhethwanga ngoba bengabaphelele, nokho ukungapheleli kwabo, nokuthi ngolwazi kanye nokwenziwa kweqiniso, ngomusa kaKrestu, bangaguqulwa bafane Naye.”-The Desire of Ages, p. 294.“Kuyoyonke indima yempilo evamile kukhona abaningi abahamba ngobunono kumzungezo emsebenzini wabo nsukuzonke, bengazi ngamandla okusilela ukuthi, bavuswe emsebenzini, ozombeka phakathi kwabaholi abakhulu bomhlaba. Ukuthinta kwesandla esibukhali kuyadingeka ukuvusa nokukhulisa amandla afihliwe.”-Counsels to Parents, Teachers, and Students, p. 511. b. Ukubizwa ukusebenzela uKrestu bekusho ukuthini kubafundi bokuqala? Luka 14:27, 33; Efesu 4:20-24. “Bonke abafundi bebenemaphutha anzima uma uJesu ebabizela umsebenzi Wakhe. Ngisho noJohane, owayesondele kakhulu kuLowo owayethobekile futhi emnene, naye ngokwakhe ngemvelo wayengekho mnene futhi engathobekile. Yena nomfowabo babebizwa ‘amadodana odumo.’ [Kodwa] ngokubheka kuKrestu, baguqulwa ngokwesimilo.”-The Desire of Ages, pp. 295, 296. c. Ngubani abafundi ababedinga ukufunda ngaye ukuze bagcwalise ubizo lwabo? Kuphezu kwasiphi isimiso imfudo yabo yayisekelwe kuso? Matthew 11:29; Johane 17:26. “Impilo enikelwe kuNkulunkulu akumele kube yimpilo yokungazi. Abaningi bakhuluma kabi imfundo ngoba uJesu wakhetha abadobi abangafundanga ukushumayela ivangeli. Baphikelela ukuthi wabonisa ukukhetha labo abangafundile. Kodwa babebaningi abafundile abantu abahloniphekile ababekholwa imfundiso kaKrestu. Uma labo balalela ngesibindi ukusolwa konembeza wabo, ngabe bamlandela Yena.”-Counsels to Parents, Teachers, and Students, p. 511.

4. UKWENZA UBIZO LWETHU LUTHEMBEKE Ngolwesithathu October 8
a. Usho ukuthini umpostoli uPawule uma ethi njalo wayekhulekela abakholwayo abaseThesalonike “Ukuze uNkulunkulu wethu anenze nibe ngabafanele ukubizwa kwenu”? 2 Thesalonike 1:11. b. Kungayiphi indlela “abahlanganyeli bobizo lwasezulwini (Heberu 3:1) bayalwa ukwenza ubizo lwabo luthembeke? 2 Peter 1:2-11. “Akufanele ucabange ukuthi kumele ulinde uze uphelelise umusa owodwa ngaphambi kokuba utshale omunye. Cha; kumele ukhule ndawonye, wondliwe njalonjalo kumthombo wothando; nsukuzonke uma uphila, ungaphelelisa ukubalela izibusiso ngokuphelele ezibonakaliswe kwisimilo sikaKrestu; uma nikwenza lokho, nizakuletha ukukhanya, uthando, ukuthula, kanye nenjabulo emikhayeni yenu.”-The SDA Bible Commentary [E.G.White Comments], vol.7, p. 943. c. Yisiphi iseluleko esinikwe ngokukhethekile labo abezwayo ukuthi babizelwe ukuba ngabavangeli? 2 Thimothi 2:15. “Uma isisebenzi sizinikele ngokwaso ngokuphelele kuNkulunkulu futhi ngokukhuthala emkhulekweni sicela amandla kanye nokuhlakanipha kwezulu, umusa kaKrestu uzakuba nguthishela wakhe, futhi uzonqoba izici ahlakaniphe ukuya phambili ezintweni zikaNkulunkulu. Kodwa makungabikho othatha imvumo kulokhu ukuba ngovilaphayo, ukuchitha isikhathi kanye namathuba, enqabe uqeqesho lolo olufunekayo ukuze abe nekhono lokwenza. INkosi ayithokozi ngalabo, ababenamathuba okuthola ulwazi, badembesela ukuthuthukisa amathuba abekwe lapho bangawathola khona.“Ngaphezu kwabobonke abantu bomhlaba umuntu umqondo wakhe uthe wakhanyiselwa ngezwi likaNkulunkulu uzakuzizwa ukuthi kumele azinikele ekukhuthaleni okukhulu ekufundisiseni iBhayibheli kanye nokufunda ngokuhlakanipha nalolonke ulwazi; ngoba ithemba lakhe kanye nobizo lwakhe kukhulu ukudlula konke. Uma umuntu esondelene kakhulu noMthombo wolwazi kanye nokuhlakanipha, angabanakho ukusizwa kakhulu ngokwengqondo kanye nesimoya. “-Counsels to Parents, Teachers, and Students, p. 510.

5. UJESU USABIZA ABESILISA NABESIFAZANE Ngolwesine October 9
a. Kulesikhathi sokugcine, yimiphi imibhalo okumele siyigcine engqondweni maqondana nokuqedelela umsebeni kaNkulunkulu emhlabeni? Matthew 24:14; 9:37, 38; 2 Korinte 4:7. “Lowo owabiza abadobi baseGalile usabizela futhi abantu emsebenzini Wakhe. Futhi uyathanda ukwembula amandla Akhe ngathi njengoba enza kubafundi bokuqala. Noma singapheleli futhi siyizoni singabanakho, iNkosi yelulela kithi isithembiso sokusebenza ndawonye Naye, nokufunda kuKrestu. Uyasimema ukuba sizengaphansi kwesiluleko esingcwele, leso, esisihlanganisa noKrestu, singenza imisebenzi kaNkulunkulu.“[2 Korinte 4:7 ngokucashunwa.] Yingakho ukushunyayelwa kwevangeli kwanikwa abantu abonayo kunezingelosi. Kwembula ukuthi amandla asebenza ubuthakathaka boluntu kungamandla kaNkulunkulu. Bona ngokwabo bengabafayo, bajwayelene nezingozi kanye nobunzima endleleni, futhi ngalesosizathu babizelwa ukuba bafinyelele kwabanye abasengengozi efanayo. Kukhona imiphefumulo edidekile nengabazayo, esindwayo ukugula, nebuthakathaka enkolweni, futhi engakwazi ukubamba Okungabonwayo, kodwa umngane abambonayo, eza kubo esikhundleni sikaKrestu, angaba ngohlanganisa intambo yokubopha inkolo yabo ethuthumelayo phezu kukaKrestu.“Kumele sisebenze ndawonye nezingelosi zasezulwini ekuletheni uJesu emhlabeni. Ngokufisa okungenakubekezela izingelosi zilindele ukusebenzisana nathi; ngoba umuntu kumele abe ngumzila wokukhulumisana nomuntu. Futhui uma sizinikekela ngokwethu kuKrestu ngokukhonza okuphelele, izingelosi ziyajabula ukuthi zingakhuluma ngamaphimbo ethu ukwembula uthando lukaNkulunkulu.”-The Desire of Ages, p. 297.

IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE Ngolwesihlanu October 10
1. Noma uJesu ubazi ukuthi uJudasi uzakumkhaphela, kungani futhi nangayiphi indlela amamukela ngayo uJudasi? 2. Singagwema kanjani amaphutha esabekayo kaJudasi? 3. Yisho ezinye izinjongo ezibalulekile kanye nezidingo zokusebenza ndawonye noKrestu? 4. Iyini imfihlkalo yangempela yokuvangela okunempumelelo? 5. Silulekwe kanjani ukwenza ukubizwa kwethu kuthembeke?
 <<    >>