Back to top

Sabbath Bible Lessons

Ukukhanya Kwezwe (IV)

 <<    >> 
ISabatha, December 6, 2014 Isifundo 10
Ukufuna UMsindisi “Namuhla insindiso ifikile kulendlu” (Luka 19:9).
Incwadi Enikeziwe:   The Desire of Ages, pp. 552-556. 
“Kulenduna yabathelisi kwavuswa isifiso sempilo engcono.”-Conflict and Courage, p. 301.

1. UZAKEWU, UMTHELISI OMKHULU NgeSonto November 30
a. Kuyini uZakewu akwenza njengoba wayefuna ukubona uJesu? Luka 19:3, 4. Kuvuma kuni okwambamba? “Isisebenzi esingumthelisi sasingeyena umuntu olukhuni ngempela njengoba izwe lalimbona kanjalo. Ngaphansi kokubonakala njengothanda izwe nozidlayo kwakukhona inhliziyo enozwelo kwimifutho engcwele. UZakewu wezwa ngoJesu. Umbiko Ngalowo owayenesipho somusa kanye nozwelo maqondana nexuku elinxatshelweyo elithe lamemezela eduze nakude. Umthelisi omkhulu wavuswa futhi ukufisa impilo engcono. Amamayela ambalwa ukusuka eJeriko, uJohane umbhabathizi washumayela eJordane, uZakewu waluzwa ubizo lokuphenduka. Iseluleko eseza kubathelisi, ‘Ningabizi-lutho ngaphezu kwenikumiselweyo’ (Luka 3:13), noma awanakwanga ngelingaphandle, kodwa agxila engqondweni yakhe. Wayenolwazi ngemiBhalo futhi wavuma lokho ayekwenza kwakuphambukile. Manje, ezwa umbiko wamazwi avela kuThishela Omkhulu, wazizwa ukuthi wayengumoni phambi kukaNkulunkulu. Kodwa lokho akuzwa ngoJesu kwavusa ithemba enhliziyweni yakhe.”-The Desire of Ages, p. 553. b. Yimuphi umcijo okumele njalo ubesengqondweni yabobonke abazama ukuvangela. Luka 18:27. “Inguquko, imvuselelo yempilo, ibingenzeka, ngisho nakuye [uZakewu}.”-Ibid.

2. IZIMEMO EZINOMDLANDLA NgoMvulo December 1
a. Lapho uJesu efika endaweni uZakewu ayelinde khona phezu kwesihlahla somkhiwane, kungamaphi amazwi uJesu ambiza ngawo? Luka 19:5. “Ngaphezu kwenhlokomo yabapristi naborabbi nokumemeza kokwamukelwa okuvela esixukwini, leso sifiso esingakhulumeki somthelisi omkhulu akhulunywa enhliziyweni kaJesu. Masinyane, ngaphansi komuthi womkhiwane, isixuku sema, isixuku esiphambili naleso esisemuva sema asanyakaza, naLowo owabheka phezulu ukubuka kwakhe kungathi ufunda umphefumulo. Kancane engabaza imizwa yakhe, indoda eyayiphezu komuthi yezwa amazwi, ‘Zakewu, shesha wehle, ngokuba namuhla ngimelwe ukuhlala endlini yakho’ (Luka 19:5).”-The Desire of Ages, pp. 553, 554. b. Lapho uZakewu ehlangana noJesu eqala ukuhola indlela eqonde ekhaya lakhe, kuyini orabbi ngokukhonona abakusho? Luka 19:6, 7. “Izixuku zamvulela indlela, uZakewu, ehamba kungathi usephusheni, wahamba ngaphambili ngendlela eya ekhaya lakhe. Kodwa orabbi babheka ngobuso obufiphele, bekhonona ngokusola nokweyisa, ‘ukuthi uye kungenisa kwandoda eyisoni’ (Luka 19:7). UZakewu wayejabulile kakhulu, emangele, ethuliswe futhi uthando nokuzikhothamisa kukaKrestu ngokuzehlisa kuye, futhi engamfanele. Manje uthando nobuqotho beNkosi engumngane omusha wavula izindebe zakhe. Uzakuvuma izono esidlangalaleni kanye nenguquko.”-Ibid., p. 554. c. Ukuhlanganyelwa ngokuvumelana okunjani okwakukhona phakathi kwabathelisi? “Phakathi kwabathelisi kwakukhona ukuhlanganyela ngokuvumelana, ukuze bagcizelela kubantu nokugcina omunye nomunye kwizenzo zabo zokukhohlisa. Kubugebengu babo bebephumelelisa ebekufana ngempela imikhubo egcwele yonke indawo. Ngisho nabapristi norabbi ababebazonda babenecala lokuzicebisa ngokwabo ngokusebenza okungathembeki ngaphansi kwesembozo sobizo lwabo olungcwele. Kodwa ngokushesha uma uZakewu angazinikela ngaphansi komfutho woMoya Ongcwele ukubekela eceleni zonke izenzo eziphambene nobuqotho.”-Ibid., p. 555.

3. INHLIZIYO ETHANJISIWE Ngolwesibili December 2
a. Azi ukuthi abaningi abanyundulile bakhe babebuza ngobuqotho bakhe, uZakewu wathini? Luka 19:8. Kungasiphi isimiso seTestamende eNdala osasivumelana ngaso-futhi kuyini esingakufunda kukho? Exodus 22:1. “Labo abangathobisi imiphefumulo yabo phambi kukaNkulunkulu ngokubona isono sabo, abakagcwalisi isimo sabo sokuqala sokwamukelwa. Uma singakabi nalawomava okuguquka okumele singaguquki kukho, futhi singakathobisi ngempela umphefumulo nokudabuka komoya sivume izono zethu, senyanye ububi bethu, asizange sifune ukuthethelelwa kwesono; futhi uma singazange safuna, singazange sathola ukuthula kukaNkulunkulu. Isizathu sinye sokuthi kungani singenakho ukuthethelelwa kwezono ezedlule ukuthi asivumi ukuthoba izinhliziyo zethu singavumelani nezimo zezwi leqiniso. Izeluleko ezikhanyayo ezinikezwayo maqondana nalendaba. Ukuvuma izono, esidlangalaleni noma ngasese, kumele kuzwele futhi kugcizelelwe ngokukhululeka. Akumelanga kucindezelwe kwisoni. Futhi akumele kwenziwe ngendlela yokubheluza kanye nobudlabha, noma kucindezelwe labo abangenqondo yokubona ukwenyaneka kwesimilo sesono.”-Steps to Christ, pp. 37, 38.“Akukho ukuphenduka ngempela lokho okungasebenzi imvuselelo. Ukulunga kukaKrestu akuyona ingubo yokwemboza izono ezingavunywanga nezingalahlwanga; isimiso sempilo leso esiguqula isimilo silawule nokuziphatha. Ubungcwele bophelela kuNkulunkulu; ukuzinikela okuphelele kwenhliziyo nempilo nokuhlala phakathi kwezimiso zezulu.“UmKrestu kwimpilo yomsebenzi kumele afanekise emhlabeni indlela leyo iNkosi yethu ingaziphatha emsebenzini wonke. Kukho konke kumele aveze ukuthi uNkulunkulu unguthishela wakhe. ‘Ubungcwele eNkosini kumele kubhalwe ezincwadini zansukuzonke kanye nezezimali, ngezenzo, ubufakazi, kanye nezikoloto zokushintshelana.”-The Desire of Ages, pp. 555, 556. b. Uthini umhlabeleli ngalabo abathulula umphefumulo wabo bezisola ngaphathi ngempela? Amahubo 34:18. c. Wathini uJesu emva kokuzwa ukuvuma kukaZakewu? Luka 19:9.

4. UMSEBENZI KAKRESTU EMHLABENI Ngolwesithathu December 3
a. UKrestu wasebenzisa kanjani uZakewu njengesibonelo somsebenzi Wakhe emhlabeni? Luak 19:9, 10. “UKrestu waya ekhaya [likaZakewu] ukumnika izifundo zeqiniso, nokufundisa ikhaya lakhe ngezinto zombuso. Babevalelwe ngaphandle kwamasinagoge ngendelelo yorabbi kanye nabakhonzayo; kodwa manje, ikhaya elithandwa kakhulu kwiJeriko lonke, babehlanganyela ekhaya lakhe bezungeza uThishela Ongcwele, bezizwela ngokwabo amazwi okuphila.”-The Desire of Ages, p. 556. b. Chaza umfanekiso lowo uKrestu awengeza ukuphelelisa isifundo asisebenzisa ukufanekisa izindaba ezimnandi zensindiso. Luka 19:12-26. c. Kuyini okudingeka kithi ekufuneni nokusindisa lokhu okulahlekile? 2 Korinte 5:14, 15, 20. “Simelwe ukugcizelela umfutho phezu kwalabo abangenaye uNkulunkulu nabangenalo ithemba emhlabeni. Indlela eya emzini wokuphepha kumele ihlale ingenazo izibi zobugovu besono. Labo abazishoyo ukuthi balandela iWundlu likaNkulunkulu kumele basuse zonke izikhubekiso endleleni. Kodwa kaningi labo abazishoyo ukuthi bakholwa iqiniso babeka izikhubekiso endleleni yabanye. Bathi bayamazi uKrestu, kodwa ngemisebenzi bayamphika Yena. Ngokuziphatha kwabo okuyize bazwisa ubuhlungu labo engabe babasizile.”-The Signs of the Times, November 29, 1899.“Siphila esikhathini lapho isigijimi somusa, isimemo sokugcina, sizwakala kubantwana babantu. Izwi lithi, ‘Phuma uye ezindleleni nasezintangweni,’ sesifinyelele ekugcwalisekeni kokugcina. Kuwowonke umphefumulo isimemo sikaKrestu sizonikezwa. Izinceku zithi, ‘Wozani; ngokuba sekulungisiwe konke’ (Luka 14:23, 17). Izingelosi zezulu zilokhu zisebenzisana nezithunywa zoluntu. UMoya Ongcwele uletha konke okuvumisayo ukucindezela ukuba kuze. UKrestu ubheke izehlo ezithize lezo ezizaba luphawu lokususa umshudo nokuvuleka komnyango wenhliziyo ukuba angene. Izingelosi zilindile ukuthwala izindaba ezimnandi ezulwini zokuthi esinye isoni ebesidukile sithe satholakala.”-Christ’s Object Lessons, p. 237.

5. UKUBAMBISANA NONKULUNKULU Ngolwesine December 4
a. Uma thina, njengabancedisana noNkulunkulu, senza inxenye leyo uNkulunkulu asinike yona, mazwimani oMsindisi azofinyelela kumakhaya amaningi? Luka 19:5 “Uma izinceku zikaNkulunkulu zizohamba Naye ngokukholwa, Uzozinikeza amandla kwisigijimi sabo. Bazosizwa ukuba baveze uthando Lwakhe kanye nengozi yokwenqaba umusa kaNkulunkulu ozocindezela abantu ukuba bamukele isigijimi. UKrestu uzokwenza izimangaliso uma abantu benza inxenye leyo uNkulunkulu abaphe yona. Ezinhliziyweni zabantu namuhla imvuselelo enkulu ingalethwa kunaleyo eyafikela izizukulwane ngaphambili. UJohn Bunyan wahlengwa kwisithuko kanye nokudakwa, uJohn Newton kwizenzo zobugqila, ukumemezela nokuphakamisa uMsindisi. UBunyan kanye noNewton bangasindiswa phakathi kwabanye abantu namuhla. Ngezithunywa zabantu abasizana nomoya ongcwele, abaningi abampofu futhi abadeliwe bazobuyiswa futhi, ekubuyeni kwabo bazakufuna ukubuyisela umfanekiso kaNkulunkulu kumuntu. Bakhona labo ababe namathuba amancane kakhulu, abahambe ngezindlela eziphambukile ngoba bengayazi indlela engcono, kubona imisebe yokukhanya izakufika. Njengoba izwi likaKrestu lafika kuZakewu, ‘Namuhla ngimele ukuhlala endlini yakho’ (Luka 19:5), kanjalo izwi lizakuza nakubona; futhi nalabo obekucatshangelwa ukuthi bayizoni ezinhliziyo iqinile bazofunyanwa banezinhliziyo ezithambile njengomntwana ngoba uKrestu uhlele ukuba abaphawule. Abaningi bazoza bevela kwiziphambeko ezinzima kanye nesono, bathathe indawo yalabo ababenamathuba amakhulu kodwa abazange bawaxabisa. Babalelwa ukuthi bangabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abathandiweyo, abayigugu; uma uKrestu efika embusweni Wakhe, bazokuma eduze kwesihlalo sakhe sobukhosi.”-Christ’s Object Lessons, p. 236.

IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE Ngolwesihlanu December 5
1. Ukuziphatha kukaKrestu maqondana noZakewu kungasilethela ithemba kanjani? 2. UZakewu kuyini akusho ngaphambi kokuba omunye angaba nesikhathi sokumbeka icala? 3. Kungani uKrestu abanakho ukumemezela ukunqoba okusobala ekhaya likaZakewu? 4. Abaningi bangajabula kanjani namuhla njengoba wenza umkhaya kaZakewu? 5. Kusizana kuni okudingekayo kithi emsebenzini wokufuna nokusindisa okulahlekileyo?
 <<    >>