Back to top

Sabbath Bible Lessons

Ukukhanya Kwezwe (IV)

 <<    >> 
ISabatha, November 8, 2014 Isifundo 6
Izisebenzi Ndawonye NoKrestu “Nozwayo makathi, Woza” (Isambulo 22:17).
Incwadi Enikeziwe:   The Desire of Ages, pp. 820-828. 
“Lapho uKrestu esehambile, wanika wonke umuntu umsebenzi wakhe. Lokhu kweyame phezu komunye nomunye wethu.”-The Review and Heralds, December 18, 1888.

1. UMNAKO/ INTAKAZELELO YETHU YOKUQALA NgeSonto November 2
a. Kumele ibeyini intakazelelo yokuqala yoMkrestu wonke? Ubufundisi bevangeli buqukethe ini? Isambulo 22:17. “Noma yiluphi ubizo lomunye empilweni, intakazelelo yakhe yokuqala ukuzuzela uKrestu imiphefumulo. Angaba yilowo ongakwazi ukukhuluma phambi kwebandla, kodwa angasebenzela umuntu ngamunye. Eduze nakude kukhona imiphefumulo esindwa ngumcabango wokuzinyeza. Akuyona inkathazo, ukusebenza okukhathazayo, noma ubumpofu lobu obuhlaza uluntu. Kungenxa yokuzinyeza, kanye nokona. Lokhu kuletha ukungaphumuli nokungenami. UKrestu angathanda izinceku Zakhe zisebenzele imiphefumulo yabagula ngenxa yesono.“Abafundi kwakumele baqale ukusebenza lapho bekhona. Insimu enzima nengathembisi kakhulu kwakumele bangayidluli. Ngakhoke wonke osebenzela uKrestu kumele aqale lapho ekhona. Emikhayeni yethu kukhona imiphefumulo elambele uzwelo, elambele isinkwa sokuphila. Kungabakhona abantwana abafuna ukuqeqeshelwa uKrestu. Kukhona abahedeni emasangweni ethu. Masenze ngokwethembeka umsebenzi oseduze. Besekuthi imizamo yethu yelulekele kude lapho isandla sikaNkulunkulu sihola indlela.”-The Desire of ages, p. 822. b. Kungamuphi umqondo wonke uMkrestu engazizwa ecindezelwe uthando lukaKrestu? 2 Korinte 5:14, 15, 19.

2. UKUFUNDA ESIKOLWENI SIKAKRESTU NgoMvulo November 3
a. Kungani futhi kungayiphi indlela okumele sisebenze ndawonye noKrestu? 2 Korinte 6:1. “Kumele sisebenze ndawonye noNkulunkulu ekubuyiseleni impilo emzimbeni kanye nasemphefumulweni.”-The Desire of Ages, p. 824. b. Singaba ngabasebenzisana kanjani ndawonye ngekhono elikhulu kwicebo lensindiso? Kolose 1:9, 10. “Omakhenikhi, abameli, abahwebi, amadoda anamakhono onke kanye nezingcwethi, baqeqeshelwe uhlelo lomsebenzi abathembe ukungena kuwo. Isimiso sabo ukuzenza bakulungele ngendlela yonke. Hamba uye kothengisa izigqoko noma othunga izimpahla, uzakutshela ukuthi usebenze kanjani ngaphambi kokuba abenolwazi oluphelele ngomsebenzi wakhe. Umklami wezindlu uzakutshela ukuthi kumthathe isikhathi esingakanani ukuqonda ukudweba ipulane libe ngelifanelekile, amabhilidi amakhulu. Kanjalo yilona bizo abantu abalilandelayo.“Zifanele yini izinceku zikaKrestu zibonisa ukungakhathali okuncane ekulungiseleni umsebenzi obalulekile kakhulu? Zifanele yini ukusebenza zingazi izindlela kanye nemali ukuba zingayisebenzisa kanjani ukuzuza imiphefumulo?“Kungumcijo oletha umunyu ukuthi ukukhuliswa komsebenzi kuvinjelwa ukuntuleka kwezisebenzi eziqeqeshekile. Abaningi baswela ubuqotho kanye namakhono enhlakanipho.”-Prophets and Kings, p. 254. c. Singaba “ngabaphelele” kanjani esikolweni sikaKrestu? Filiphu 3:12-14; Heberu 6:1. “Umsebenzi kaNkulunkulu ubiza abantu abanolwazi lwakokonke, labo abangaluleka, bacebe umsebenzi, bakhe, bahlele futhi. Nalabo abathokozela ukuthembeka kanye nokungenzeka komsebenzi wangalesisikhathi, bazofuna ukufunda okushisekayo ukuzuza lonke ulwazi abangabanalo elivela eZwini, ukulisebenzisa ekufundiseni abantulayo, imiphefumulo egula ngenxa yesono. Umfundisi makangacabangi nakanye ukuthi ufunde weneliseka, manje angaphumula kwizamo yakhe.”- Ibid., p. 94.

3. UKUFUNA IZIMVU EZILAHLEKILE Ngolwesibili November 4
a. Yimuphi umbuzo uKrestu awubuza abantu abathize labo abafaka imali yabo emhlambini kanye nabelusi? Luka 15:4. “Kumfanekiso [wemvu elahlekile] umalusi uyaphuma ukuyofuna imvu eyodwa-yona lena encane uma ibalwa. Ngakhoke uma kukhona umphefumulo owodwa olahlekile, uKrestu ngabe wawufela.“Imvu leyo ibingekho emhlambini yiyona engenakuzisisa ngempela kuzozonke izidalwa. Kumele umalusi ayifune, ngoba angeke yazitholela indlela ebuyayo. Kanjalo nomphefumulo othe wazula kude noNkulunkulu; akanakuzisiza njengalemvu elahlekile, futhi ngaphandle kothando olungcwele lize ukumophula akasoze athola indlela ebuyela emuva kuNkulunkulu.”-Christ Object Lessons, p. 187. b. Lowo osebenza ndawonye noKrestu ngeqiniso wenza kanjani futhi uzizwa kanjani uma imvu yakhe eyodwa ilahlekile? Luka 15:5, 6. “Umalusi lowo othola ukuthi imvu yakhe eyodwa ilahlekile akabheki ngokunganaki umhlambi lowo ongenisiwe, bese ethi, ‘Ngine zingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye, futhi kuzongibangela ubunzima obukhulu ukuhamba ngifune eyodwa edukile. Mayizibuyele, ngizovula umnyango wesibaya, izingenele.’ Cha; ngokushesha uma imvu iduka umalusi ugcwala usizi kanye nokukhathazeka. Uyabala aphinde abale futhi umhlambi. Uma eqinisekile ngempela ukuthi imvu eyodwa ayikho, akalali nakanye. Ushiya lezo ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye phakathi kwesibaya ahambe ayofuna imvu edukile. Njengoba kubamnyama futhi nesiphepho nobusuku nendlela iba yingozi, umalusi uyakhathazeka kakhulu nokufuna kwakhe kuyaqiniseka. Wenza ngawowonke umzamo ukuthola lemvu eyodwa edukile.”-Ibid., pp. 187, 188. c. Achaza ukuthini amazwi aku 1 Johane 3:1; 4:19? “Asibi ngabaphendukile ukuze uNkulunkulu asithande, kodwa uyasembulela uthando Lwakhe ukuze siphenduke.”-Ibid., p. 189.

4. UHLAMVU OLULAHLEKILE KANYE NENDODANA YOLAHLEKO Ngolwesithathu November 6
a. Uhlamvu olulahlekile okukhulunywa ngalo kumfanekiso lumeleni? Luka 15:8, 9. “Uhlamvu olulahlekile lumela labo…abangenalwazi ngesimo sabo…Imiphefumulo yabo isengozini, kodwa kabanalwazi futhi kabakhathali…nalabo abayekethile kwizimfuno zikaNkulunkulu bayigugu lothando Lwakhe olunesihe. Kumelwe bafunwe ukuze babuyiselwe kuNkulunkulu.“Lomfanekiso unesifundo emakhaya. Emakhaya kukhona ubudlabha obukhulu maqondana namalunga awo. Phakathi kwenani labo kungabakhona oyedwa ozahlukanise kuNkulunkulu; kodwa kuncane ukukhathazeka okukhona kubudlelwane bekhaya ukulahlekelwa oyedwa lowo uNkulunkulu amuphe izipho.”-Christ Object Lessons, pp. 193, 194. b. Kulomfanekiso, misebenzi mini emibili eyayidingeka kulenkosikazi ukuze athole uhlamvu olulahlekile? Luka 15:8 (isigaba sesibili). “UNkosikazi lapha kumfanekiso ufuna ngokukhuthele uhlamvu lwakhe olulahlekile…Angeke ayeke imizamo yakhe luze lutholakale loluhlamvu. Kunjalo nasekhaya uma ilunga elilodwa lilahlekile kuNkulunkulu zonke izindlela zingasetshenziswa ukuze abuyiswe….makubekhona ukukhuthala, ukuzihlolisisa ngokunakekela….sibheke ukuthi alikho yini iphutha, noma isiphambeko sokuphatha, leso esenze lomphefumulo uqinisekiswe ukuthi awuphenduki.”-Ibid., p. 194. c. Kungayiphi indlela iNkosi esebenza ngayo ngamandodana namandodakazi olahleko namuhla? Luka 15:11-32. Sifundo sini esingasifunda ngokuziphatha komfowabo omdala? “Uma nizibona njengezoni ezisindiswa kuphela ngothando lukaBaba osezulwini, nizakuba nozwelo ngalabo abahlupheka ngenxa yesono…Uma iqhwa lobugovu selithe lancibilika ezinhliziyweni zenu, nizozwelana noNkulunkulu futhi nizokwabelana ngenjabulo Yakhe ngokusindisa abalahlekile.“[Umfowenu] uhlanganiswe nawe ngesibopho esiseduze; ngoba uNkulunkulu umbheka njengendodana. Susa ubudlelwane onabo kuye, uziveze njengesisebenzi emndenini, awusiye umntwana womndeni kaNkulunkulu.”-Ibid., pp. 210, 211.

5. UMSEBENZI WEMFUNDISO YEVANGELI Ngolwesine November 6
a. Chaza umsebenzi omkhulu wemfundiso yevangeli? 2 Korinte 12:10; 2 Thimothi 3:10, 11; 4:5. “Umsebenzi wemfundiso yevangeli ukwenza ‘bonke abantu babone ukuthi kuyini ukujwayelana nemfihlakalo, leyo kusukela ekuqaleni komhlaba ithe yafihlwa kuNkulunkulu’ (Efesu 3:9). Lowo ongena kulomsebenzi akhethe inxenye encane yokuzidela, enamile kuyena ngokushumayela, eshiya umsebenzi ongowakhe eshiyela omunye, umsebenzi wakhe awusoze wemukelwa nguNkulunlulu. Imiphefumulo leyo uKrestu ayifela iyabhubha ngenxa yokuswela ukuqondiswa, umsebenzi womuntu ngamunye; futhi wenza iphutha lobizo lwakhe, lowo ongena kulomsebenzi, akathandi ukwenza owakhe umsebenzi wokunakekela izimvu ezimdingayo.“Umoya womaluso weqiniso yilowo wokuzikhohlwa yena. Ngokushumayela izwi kanye nemfundiso yakhe ezindlini zabantu, ufunda izidingo zabo, usizi lwabo, izilingo zabo; futhi, esebenzisana noMthwali Omkhulu wemithwalo, wabelana nothando lwabo, aduduze ukukhathazeka kwabo, aphumuze imiphefumulo yabo elambile, azuzele izinhliziyo zabo kuNkulunkulu.”-The Acts of the Apostles, p. 527. b. Yiziphi ezinye izimpawu ezibalulekile kuyo imfundiso? Jakobe 3:1, 2, 13-18. “Kukhona umsebenzi ohlakaniphile wabalusi abancane abenza lokho ababizelwe khona ukuze ahlangabezane nemvumelwano, ubumuncu, kanye nomona ebandleni, futhi badinga ukusebenza ngomoya kaKrestu ukumisa izinto ngohlelo.”-Ibid., p. 526.

IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE Ngolwesihlanu November 7
1. Kusho ukuthini ukuphoqelelwa uthando lukaKrestu? 2. Yimfundo enjani imfundiso yevangeli eyidingayo futhi kungani? 3. Kungayiphi indlela abasebenza ndawonye noKrestu besebenza ngayo futhi bezizwa ngayo uma imvu ilahlekile emhlambini? 4. Yiziphi izimpawu njalo ezilibalwayo njengezimfuno zemfundiso yevangeli? 5. Kubaluleke kanjani ukuhlakanipha kanye nolwazi lwemfundiso yevangeli?
 <<    >>