Ukukhanya Kwezwe (IV) << >> ISabatha, December 27, 2014 Isifundo 13 UNkulunkulu Uyakubiza Wena! “Ngokuba baningi ababiziweyo, kepha bayingcosana abakhethiweyo.” “Umoya nomlobokazi bathi: Woza. Nozwayo makathi, Woza” (Matthew 22:14; Isambulo 22:17). Incwadi Enikeziwe: The Desire of Ages, pp. 824-828. “INkosi ithumile abantu Bayo kwizinxenye ezahlukahlukene zomhlaba…ukuze bazuze imiphefumulo iphume ebumnyameni ize ekukhanyeni. Umsebenzi wazo wokuqala ukuthwala isigijimi, uKrestu lowo owabethelwa unguMsindisi wethu.”-The Review and Sabbath Herald, August 15, 1899. 1. UBIZO LUKANKULUNKULU NgeSonto December 21 a. Ingabe ukuthunywa lokhu uKrestu akunika abafundi Bakhe kuhlanganisa bonke abakholwayo-noma abathize abathole izikhundla ezikhethekile ebandleni? Matthew 28:19, 20. “Ukuthuma koMsindisi abafundi kufaka bonkeabakholwayo. Ifaka bonke abakholwa kuKrestu kuze kube sekupheleni kwesikhathi. Kuyiphutha elibulalayo ukucabanga ukuthi umsebenzi wokusindisa imiphefumulo yencike kuphela kubafundisi abagcotshiwe. Bonke labo ukufunzelelwa kwezulu kuthe kwabafikela banikezwa ukwethenjwa kwevangeli. Bonke abathola ukuphila kukaKrestu bagcotshwa ukuba basebenzele ukusindiswa kwabangane babo.”-The Desire of Ages, p. 822. b. Ingabe ukukhanya kwezwe kukhanyele kuphela phezu kwenani elithize labantu noma kumele likhanye phezu kwezidalwa zonke zabantu ngaphandle kokuhlukanisa? Johane 1:9; 8:12; Matthew 24:14. “UKrestu wadilizela phansi udonga oluhlukanisayo, ubandlululo oluhlukanisa izizwe, futhi wafundise ngothando lwemikhaya yonke yoluntu. Uphakamisa abantu kwindingilizi encane leyo ubugovu babo buyinqumile; wabhidliza yonke imizila ephathelene nezwi kanye nokwahlukana komphakathi. Akenzi mahluko phakathi komakhelwane kanye nezihambi, abangani kanye nezitha.”-Ibid., p. 823. 2. UKWAHLUKANA KWEZIPHO EMSEBENZINI KANKULUNKULU NgoMvulo December 22 a. Kungani uNkulunkulu engafuni uhlobo olufanayo lomsebenzi kuzozonke izinceku Zakhe? 1 Korinte 12:4-7. “INkosi ifuna ukuba sinike umsebenzi Wakhe indawo yokuqala ezimpilweni zethu, singavumeli nalunye usuku ludlule ngaphandle kokwenza okuthize ukuqhubekisela phambili umsebenzi Wakhe emhlabeni. Akalindele kubobonke uhlobo olufanayo lomsebenzi. Omunye angabizelwa ukushumayela ezweni elikude; omunye angabizelwa ukunikela ngemali yakhe ukuxhasa umsebenzi wevangeli. UNkulunkulu wamukela umnikelo womuntu ngamunye. Kungukungcwelisa kwempilo nazozonke izintakazelelo, lokhu okubalulekile. Bonke abenza lokukwahlukanisa bazozwa futhi balalele ubizo lwasezulwini.”-Prophets and Kings, p. 221. b. Uma sivuma ukuthi uNkulunkulu usibizela ukuthi sisebenze, kuyini okumele sikuphendule? Isaya 6:8. “Kuwowonke oba ngumhlanganyeli womusa Wakhe, iNkosi imisa umsebenzi wabanye. Ngamunye kumele sime emsebenzini wethu, sithi, ‘Nangu mina, thuma mina.’ Noma umuntu engumfundisi weZwi noma engudokotela, noma engumhwebi noma umlimi, abantu abaqeqeshekile noma umakhenikhi, ukuziphendulela kweyame kuyena. Kungumsebenzi wakhe ukwembulela abanye ivangeli lensindiso yabo. Kodwa wonke umsebenzi osongozwayo lowo ahlangenyela kuwo mawube indlela yalesisiphelo.”-Ibid., p. 222. c. UJesu wathini ngabanye abangabazayo lapho ubizo lufika kubona? Matthew 19:23; Luka 9:59-62; 14:33. Kuyini okumele labo abaswela ukuzibamba ekulungiseleni kwabo ukuqonda umsebenzi wevangeli? “Kufanele kubekhona abantu abazoqala umsebenzi ngendlela efanele, bambelele kuwo bawuqhubele phambili futhi ngokuqina. Yonke into mayenziwe ngokufanele kwicebo elihlelwe kahle, futhi ngemfanelo. UNkulunkulu ubeke umsebenzi Wakhe ebantwini, futhi ubacela ukuba bawenze ngokunakekela. Ukuhamba ngezikhathi ezilingeneyo ezintweni zonke kufanele. Ungabi ngofika emva kwesikhathi esinqunyiwe. Noma kweliphi igatsha noma isikhundla isikhathi masingachithwa ngokuxoxa okunyize. Umsebenzi kaNkulunkulu udinga izinto ongazitholi, ngoba abantu abafundi elwazini lukaNkulunkulu.”-Evangelism, p. 649. 3. UKUNQOBA UKUDUMAZEKA Ngolwesibili December 23 a. Mbuzo muni uNkulunkulu awuletha kulabo abanqikazayo noma amaKrestu adangele? 1 Amakhosi 19:9. “Abaningi bencike kwimisebenzi engapheli yalabo abaqinisekile nabathembekile, futhi ngalesosizathu uSathane ubeka phambili yonke imizamo engenzeka ukuvimbela icebo elingcwele ukuba lenziwe ngokulalela. Wenza ukuba abanye balahlekelwe ngumbono womsebenzi wabo ophakeme kanye nongcwele, nokuthi beneliseke ngenjabulo yalokukuphila. Ubaholela ukuba banethezeke ngokuthokamala, noma, ngenxa yokusizakala okukhulu kwezwe, ebasusa kwizindawo lezoo abazoba namandla okwenza okuhle. Abanye ubenza babaleke ngenxa yokudumala emsebenzini, nangenxa yempikiswano kanye nokushushiswa. Kodwa bonke labo babhekwa iZulu ngobumnene nozwelo. Kuwowonke umntwana kaNkulunkulu izwi lesitha semiphefumulo lithe laphumelela ukumthulisa, umbuzo uza kuye, ‘Wenzani lapha?’ ngiyakuthuma ukuba uye emhlabeni wonke ushumayele ivangeli, ukulungisela abantu usuku lukaNkulunkulu. Kungani ulapha? Ngubani okuthumile?”-Prophets and Kings, p. 171, 172. b. Uma sibona ukuthi insindiso isho ukuthini kithina, singabanakho ukubheka isidingo sabaningi labo abasizungezile? 2 Korinte 5:14, 19, 20. “Labo abaqondayo, ngisho nangezinga elilinganiselwe, ukuthi inhlawulo isho ukuthini kubo nakubangane babo, bazocabanga ngesinye isilinganiso sesidingo esikhulu soluntu. Izinhliziyo zabo zisoshukunyiswa ngesihawu uma zibona ukulunga nokuntuleka kwesimoya kwizinkulungwane ezingaphansi kwethunzi lokubhubha okwesabekayo, uma kuqhathaniswa nokuhlupheka komzimba kuyashabalala njengobala.“Imindeni, njengomuntu ngamunye, umbuzo uyabuzwa, ‘Wenzani lapha?’ emabandleni amaningi kukhona imikhaya efundiswe kahle iqiniso lezwi likaNkulunkulu, leyo engagcwalisa umkhathi ngomfutho wayo ngokuya kwizindawo ezidinga imfundiso abanayo ukunikezela ngayo. UNkulunkulu ubiza imikhaya yamaKrestu ukuba iye ezindaweni ezimnyama zomhlaba isebenze ngokuhlakanipha nangokubekezela kulabo abambozwe ubumnyama besimoya. Ukuphendula lolubizo kudinga ukuzidela komuntu. Lapho abaningi belindele ukuba zonke izikhubekiso zisuswe, imiphefumulo iyabhubha, ngaphandle kwethemba nangaphandle kukaNkulunkulu.”-Ibid., p. 172, 173. 4. UKUNQOBA UKUNGAKHATHALI Ngolwesithathu December 24 a. Ngaphandle kokudumala, ngeyiphi enye ingozi evimbe emnyango wethu? Isambulo 3:15. “Isigijimi esiya kwibandla laseLawodekiya sembula isimo sethu njengabantu.”-The SDA Bible Commentary, [E.G. White Comments], vol. 7, p. 961.“Ukuvutha kothando lukaNkulunkulu luyantula ezinhliziyweni zabo, kodwa yilokhu kuvutha kothando okwenza abantu bakaNkulunkulu babe ukukhanya kwezwe.”-Ibid.“AmaKrestu adengayo edlulele kunabantu abangakholwa; ngoba amazwi abo enkohliso kanye nezikhundla zabo ezingaboshiwe ziholela abaningi ekudukeni. Ongakholwa ubonisa imibala yakhe. UMkrestu osivivi ukhohlisa amaxuku omabili. Akayena othanda izwe kahle futhi akayena uMkrestu omuhle. USathane uyamsebenzisa ukwenza umsebenzi lowo noma ngubani ongeke awenza.”-Ibid., p. 963. b. Abakholwayo ngabanye bangathola kanjani indlela yokuphuma kulokunganaki kweLawodekiya? Izenzo 3:19, 20; Isambulo 3:18, 19. “Lapho umsebenzi wokuphenduka uqinisekile futhi ujulile, amalunga ebandla ngabanye azothenga izimpahla zezulu ezinhle. [Isambulo 3:18 ngokucashunwa.]”-Ibid., p. 961.“Ufakazi weqiniso ukhuthaza bonke abafuna ukuhamba endleleni yokulalela okuzithobile, ngokukholwa egameni Lakhe. Uthi, ‘Kulowo onqobayo ngiyakumnika ukuba ahlale nami esihlalweni sobukhosi, njengalokho nami nganqoba, ngahlala noBaba esihlalweni sakhe sobukhosi.’“Lowo oyiNhloko engcwele yebandla, umnqobi onamandla amakhulu, uzakukhomba abalandeli Bakhe empilweni Yakhe, .ukuze bakhuthazwe ukuba baqhubekele phambili uphawu kanye nomvuzo wabanqobile. Ukunqoba kuthenjisiwe ngokukholwa kanye nokulalela.”-Ibid., p. 966. c. Yisiphi isigwebo esizomemezelwa kulabo abakhethe ukuhlala benganaki? Isambulo 3:16, 17; Matthew 24:48-51. 5. EKUGCINENI EKHAYA Ngolwesine December 25 a. Kuyini uKrestu azokusho kulabo abanqobile abathe basebenza ngokukhuthala emsebenzini wokusindisa imiphefumulo? Matthew 25:34. b. Yimuphi umvuzo othenjiswe abangcwele abasindisiwe? Johane 14:1-3; 1 Johane 3:2. “Wojabulisa kakhulu umvuzo oyakuthweswa izisebenzi ezithembekile eziyohlanganyela esihlalweni sikaNkulunkulu kanye neseWundlu. Lapho uJohane ekwisimo sakhe sokufa wabona inkazimulo kaNkulunkulu, wawela phansi kungathi ufile; wayengakwazi ukubekezelela lombono. Kodwa lapho abantwana bakaNkulunkulu uzakwembatha ukungaboli, ‘bazombona njengoba enjalo’ (1 Johane 3:2).bazoma phambi kwesihlalo, bamukelekile bengabathandiweyo. Zonke izono zabo zihlanguliwe, bonke ububi babo buthe balahlelwa kude. Manje bangabheka inkazimulo ecwebile yesihlalo sikaNkulunkulu.”-Gods Amazing Grace, p. 355. c. Kumangala kuni abangcwele abazobanakho ezulwini? 1 Korinte 2:9. “UMkrestu wathi ngaphambili uma efika ezulwini ulindele ukuhlangana nezimanga ezintathu. Esokuqala uzakuthola labo angabalindele ukubabona lapho. Okwesibili uzakumangala uma engaboni labo alindele ukuhlangana nabo, futhi okokugcina, uzomangala kakhulu ukubona isoni esinguye nesingafanele siseParadesi likaNkulunkulu.”-The Faith I Live by, p. 370. IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE Ngolwesihlanu December 26 1. Chaza ukufinyelela kude nobubanzi Bokuthunywa Okukhulu? 2. Uma ngempela siqonda ukuthi insindiso isho ukuthini kithi, singabanakho kanjani ukubona isidingo esikhulu salabo abasizungezile? 3. Mbuzo-muni uNkulunkulu awuletha kulabo abamanqikanqika noma amaKrestu adumele? 4. Singaba ngabanqobi kanjani kwisikhathi seLawodekiya? 5. Yiziphi izimpawu ezakha injabulo engunaphakade elindele abazuzi bemiphefumulo abaphumelele? << >>