Back to top

Sabbath Bible Lessons

Ukukhanya Kwezwe (IV)

 <<    >> 
ISabatha, October 4, 2014 Isifundo 1
“Simfumene UMesiya” “Bheka iWundlu likaNkulunkulu elisusa izono zezwe” (Johane 1:29).
Incwadi Enikeziwe:   The Desire of Ages, pp. 132-143. 
“UJohane wathunywa ngomoya namandla kaEliya ukulungisa indlela kaJesu. Labo abenqaba ubufakazi bukaJohane abazange basizakala ngezimfundiso zikaJesu.”-Early writings, p. 259.

1. UJONANE UMBHABHATHIZI NgeSonto September 28
a. Ngokubona ukuxoxisana okwabakhona kuJohane umbhabhathizi neziphathimandla zaseJerusalema, yisiphi isifundo esingasifunda ngendlela leyo uMbhabhathizi aziveza uqobo lwakhe kanye nomsebenzi wakhe? Johane 1:19-28. “Lapho [uJohane] uMbhabhathizi eqalisa umsebenzi wakhe, abaningi babecabanga ukuthi ngumprofethi uMose uvukile kwabafileyo.”-The Desire of Ages, p. 135. b. Kuyini uJohane akusho emva kosuku lolo ayexoxisana ngalo nabapristi kanye namaLevi? Johane 1:29-34. “Ngokwesaba nangokumangala abantu babheka kuLowo omenyenyezelwe njengeNdodana kaNkulunkulu. Bashukunyiswa kakhulu ngamazwi kaJohane. Wakhuluma kubo ngegama likaNkulunkulu. Babemlalela usuku nosuku lapho ekhuza izono zabo, futhi nsukuzonke bakholwa ukuthi wayethunywe yiZulu lokho kwabapha amandla. Kodwa ngubani Lowo owayemkhulu kunoJohane uMbhabhathizi? Isembatho sakhe nokuhamba kwakhe akukho lutho okwakuchaza isikhundla sakhe. Kwakungathi umuntu onesithunzi esimsulwa, egqoke njengabo izambatho ezizothile zabantu abampofu.”-Ibid., p. 137.

2. “WAMULETHA KUJESU” NgoMvulo September 29
a. Kuyini uJohane uMbhabhathizi akukhulumayo ngosuku olulandelayo? Ngubani kakhulu obalwa njengalowo owamuzwa? Johane 1:35, 36. b. Yisiphi isimo esidingekayo somvangeli labafundi ababili bakaJohane uMbhabhathizi ababenaso”? Johane 1:37-39. “Uma ngabe uJohane noAndreya babenomoya wokungakholwa wabapristi nababusi, ngabe abazange batholakala njengabafundi ezinyaweni zikaJesu. Ngabe beza Kuye njengabagxeki, ukwahlulela amazwi Akhe. Abaningi nokho bavala umnyango wamathuba amakhulu ayigugu. Kodwa abenzanga kanjalo abafundi bokuqala. Bavuma ubizo lukaMoya Ongcwele ekushumayeleni kukaJohane uMbhabhathizi manje bayaliqonda izwi likaThishela wasezulwini. Kubona amazwi kaJesu ayegcwele ubusha kanye neqiniso nobuhle. Ukukhanya okungcwele kwengamela phezu kwemfundiso yeMibhalo yeTestamende Elidala. Izihloko eziningi ebezibekelwe eceleni zeqiniso zema zagqama ngokukhanya okusha.“Kungokuzisola kanye nokukholwa nothando okusiza umphefumulo ukuba uthole ukuhlakanipha okuvela ezulwini. Ukukholwa okusebenza ngothando yisona sihluthulelo solwazi, nabobonke abathandayo ‘bayamazi uNkulunkulu’ (1 Johane 4:7).”-The Desire of Ages, p. 139. c. Ngobani abafundi bokuqala? Johane 1:40. [Qaphela: lapho kubhalwa ivangeli likaJohane, umbhali azange aziveze ngokwakhe ngegama lakhe.] Chaza isifiso sika Andreya, emva kokuchitha isikhathi noJesu, ukwabelana ngezindaba ezinhle. Ivesi 41. “Umfundi uJohane wayengumuntu ozimisele futhi enothando olujulile, oshisekelayo, kodwa engocabangayo. Waqala ukwehlukanisa inkazimulo kaKrestu-engenandaba nodumo lwezwe kanye namandla afundiswe wona ukuwethemba, kodwa ‘inkazimulo yalowo Ozelwe yedwa kuBaba, egcwele umusa neqiniso’ (Johane 1:14). Wayegwinye umcabango wezihloko ezimangalisayo.“UAndreya wayefuna ukwabelana ngenjabulo egcwalise inhliziyo yakhe. Wahamba ukuyofuna umfowabo uSimeyoni, wakhala, ‘Simfumene uMesiya.’”-Ibid.

3. UPETER, UFILIPI, NO-NATHANIYELI Ngolwesibili September 30
a. Kuyini uJesu akusho kuSimiyoni Peter masinyane lapho embona? Johane 1:42. “USimiyoni akalindanga ubizo lwesibili. Wayezwile futhi ukushumayela kukaJohane uMbhabhathizi, waphuthumela kuMsindisi. Iso likaKrestu lalimbhekile, lifunda isimilo sakhe kanye nomlando wempilo yakhe. Imvelo yakhe yobuhluthuhluthu, uthando lwakhe, inhliziyo enozwelo, isifiso sakhe nesibindi sakhe, imbali yokuwa kwakhe, ukuphenduka kwakhe, umsebenzi wakhe, kanye nokufa kwakhe efele ukholo-uMsindisi wafunda konke, wathi kuye, ‘Wena unguSimeyoni indodana kaJona: uzakubizwa ngokuthi unguKhefase, ngokuhunyushwa, ilitshe.’”-The Desire of Ages, p. 139. b. Kungayiphi indlela umfundi omusha abonakalisa ngayo isifiso sokwabelana ngezindaba ezimnandi ngosuku olulandelayo? Johane 1:43-45. c. UNathaniyeli wagcizelela kanjani ukungabaza enhliziyweni yakhe ngezindaba ezimnandi, kungayiphi indlela uFiliphu azama ukususa lokungabaza? Johane 1:46. Kuyini esingakufunda kwindlela lamaKrestu okuqala okuvangela asebenza ngawo emsebenzini wawo? “Lapho bethemba ukuhola kwamandla oluntu, akekho ongeza kulwazi olusindisayo lweqiniso. NjengoNathaniyeli, sidinga ukufunda izwi likaNkulunkulu senzela thina, futhi sikhulekele ukukhanyiselwa nguMoya Ongcwele. Lowo owabona uNathaniyeli ngaphansi kwesihlahla somkhiwane uzakusibona nathi ezindaweni ezisithakele zokukhuleka. Izingelosi emhlabeni wokukhanya ziseduze kulabo ngokuzithoba bedinga ukuholwa okungcwele.“Kubizo lukaJohane uAndreya kanye noSimeyoni, uFiliphu, uNathaniyeli, baqala isisekelo sebandla lamaKrestu. UJohane waqondisa abafundi bakhe ababili kuKrestu. Omunye walabo, uAndreya, wathola umfowabo, wambizela kuMsindisi. UFiliphu wabizwa, futhi wahamba ukuyofuna uNathaniyeli. Lezibonelo kumele zisifundise umzamo obalulekile womuntu ngamunye, wokwenza izicelo eziqondile kwizihlobo, abangane, kanye nomakhelwane. Bakhona labo impilo yabo yonke bezisho ukuthi bayazana noKrestu, kodwa bengazange benza ngokwabo imizamo yokuletha umphefumulo owodwa kuMsindisi.”-Ibid., p. 141.

4. UMA UKHOLWA YIMI Ngolwesithathu October 1
a. Naphezu kokungakholwa kukaNathaniyeli, uJesu wathini ngaye? Johane 1:47. Kuphawula kuni kukaJesu okwamangaza uNathaniyeli, futhi yaba yini impendulo yakhe? Ivesi 48, 49. b. Njengoba uJesu ebhekela phambili ngenjabulo izibusiso eziyigugu zokuthi umsebenzi Wakhe uzakufinyelela kuluntu, wathini kuNathaniyeli? Johane 1:51. Chaza lelivesi. “Uma ukholwa Yimi....ukukholwa kwakho kuzosheshiswa. Nizakubona izulu livuliwe futhi lingasoze lavalwa. Ngilivulele nina. Izingelosi zikaNkulunkulu ziyenyuka, zithwele imikhuleko yabadingayo nabasosizini zenyukela kuBaba phezulu, zehla futhi, ziletha izibusiso kanye nethemba, isibindi, usizo, kanye nempilo, kubantwana babantu.“Futhi kungenxa kaKrestu, nangosizo lwezithunywa Zakhe zasezulwini, nokuthi zonke izibusiso ezivela kuNkulunkulu ziza kithi. Ngokuthathela Kuye Ubuntu, uMsindisi wethu wahlanganisa intakazelelo Yakhe namadodana namadodakazi awileyo kaAdamu, lapho ngobungcwele Bakhe ebamba isihlalo sikaNkulunkulu. Kanjalo uKrestu uhlanganisa ukuxhumana kwabantu noNkulunkulu, noNkulunkulu nabantu.”-The Desire of Ages, p. 142, 143. C. Singeza kanjani kuNkulunkulu ngoKrestu? Johane 14:6. “Ukufisa okuhle kanye nobungcwele zinhle lapho zifinyelela khona; kodwa uma ugcina lapha, akusoze kwakusiza ngalutho. Abaningi bazolahleka uma belangazela ukuba ngamaKrestu. Abafinyeleli kumcijo wokuzinikela kwintando kaNkulunkulu. Abakhethi manje ukuba ngamaKrestu.“Ngokusebenzisa kahle intando, inguquko ephelele ingezeka empilweni yakho. Ngokunikela intando yakho kuKrestu, uzihlanganisa ngokwakho namandla lawo edlula amandla eziphathimandla. Uzoba namandla avela phezulu azokubamba uqinise, kanjalo ngokuzinikela kancane-kancane kuNkulunkulu uzobanakho ukuphila impilo entsha, ngisho nempilo yokukholwa.”-Steps to Christ, pp, 47, 48.

5. UKWEMBULA ISIMILO SIKAKRESTU Ngolwesine October 2
a. Ngeyiphi indlela ephumelelayo yokuvangela komunye nomunye wethu okumele ayisebenzise? 1 Johane 3:10, 11. “Manje njengoba uJesu enyukele ezulwini, abafundi Bakhe bangabameli Bakhe phakathi kwabantu, futhu enye yezindlela eziphumelelayo yokuzuzela imiphefumulo Kuye kungokufanekisa isimilo Sakhe ezimpilweni zethu nsukuzonke. Umfutho wethu kwabanye wencike hayi kakhulu phezu kwalokho esikushoyo kunalokhu esiyiko. Abantu bangalwa futhi bamelane nezikhalo zethu, bangenqaba ukuncenga kwethu; kodwa impilo yothando olungakhethi njengempikiswano abangasoze bayiphikisa. Impilo evumelanayo, eyakhiwe ngokuthobeka kukaKrestu, ingamandla emhlabeni.“Imfundiso kaKrestu beyingukugcizelela ukuzisola kwangaphakathi kanye namava, nalabo abafunda Kuye baba ngothishela ngaphansi kohlelo olungcwele. Izwi likaNkulunkulu, elikhulunywa yilowo owangcweliswa yilo, unamandla anika ukuphila elenza lithathekise kulabo abalizwayo, futhi abenelise ukuthi lokhu kuyaphila ngempela. Uma omunye ethole iqiniso ngokulithanda, uzakubonakalisa lokhu ngokugqugquzela ngendlela yakhe kanye nomsindo wezwi lakhe. Wazisa lokhu akwaziyo yena nakuzwile, wakubona, waphatha ngayo izwi lokuphila, ukuze abanye bakhonze naye ngolwazi lukaKrestu. Ubufakazi bakhe, ngezindebe ezathintwa ngelahle elivuthayo livela ealtare, luyiqiniso kwinhliziyo eyamukelayo, bese lisebenza ukuhlanza phezu kwesimilo.”-The Desire of Ages, pp. 141, 142.

IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE Ngolwesihlanu October 3
1. Kuyini uJohane umBhabhathizi akusho ngoJesu Krestu masinyane lapho embona? 2. Abayini amava okuqala kaAndreya okuvangela-futhi kuyini esingakufunda kuwo? 3. UFiliphu waveza kanjani ukunaka okufanayo nokukaAndreya? 4. Chaza ukuthi kumele size kanjani kuNkulunkulu? 5. Fingqa indlela enamandla amakhulu yokuhambisa ivangeli?
 <<    >>