Back to top

Sabbath Bible Lessons

Ukukhanya Kwezwe (IV)

 <<    >> 
ISabatha, November 29, 2014 Isifundo 9
Ukubonana komphefumulo owodwa- Owesifazane waseSamariya “Ngokuba abaJuda abadlelani namaSamariya” (Johane 4:9).
Incwadi Enikeziwe:   The Desire of Ages, pp. 183-195 
“Uthando kuphela olungavusa uthando.”—Reflecting Christ, p. 23.

1. EMTHONJENI KAJAKOBE NgeSonto November 23
a. Kuyini okwenzeka lapho uJesu ehlala phansi ukuba aphumule kolunye lwemihambo Yakhe? Abafundi babekuphi? Johane 4:3-7 (Isigaba sokuqala). b. Uma ngabe uJesu wazinikela ukumsiza ekukheni amanzi, ingabe usizo lwakhe beluzokwamukeleka? Johane 3:8. Kuyini akwenza ukususa ubandlululo lwakhe? (Ivesi 7, isigaba sesibili). Wamangala kakhulu, kuyini akusho? Johane 4:9. “Inzondo phakathi kwamaJuda namaSamariya yavimbela owesifazane ekunikeleni ngomusa kuJesu; kodwa uMsindisi wayefuna ukuthola ukhiye wokungena kulenhliziyo, futhi ngobuciko bozalo lothando olungcwele, wacela, akaphiwanga, umusa. Ukunikelwa komusa ngabe benqatshwa; kodwa ithemba livusa ithemba.”-The Desire of Ages, p. 184.“Lapho kukhona ukuzizwa komunyu kukhona ngenxa yokwehlukana ngezinkolo, kukhona okuhle okungenziwa ngomsebenzi womuntu oyedwa. Imfundiso yothando ingabhidlizela phansi ukungadlelani kuzuzele imiphefumulo kuNkulunkulu.”-Christ’s Object Lessons, p .386.

2. UJESU WAVUSA KANJANI USIKISIKI KOWESIFAZANE NgoMvulo November 24
a. UJesu wafuna kanjani ukuvusa usukisiki kowesifazane aguqule ukunaka kwakhe kulokho okubaluleke kakhulu? Johane 4:10. “Owesifazane azange azwisise amazwi kaKrestu kodwa wezwa ukwamukeleka kwawo ngesizotha.”-The Desire of Ages, p. 184. b. Masilinganise ngokuthi uJesu wayekhuluma ngomthombo kaJakobe, wathini lona owesifazane? Johane 4:11, 12. “[Owesifazane waseSamariya] wabona phambi kwakhe isihambi esasomele amanzi, sikhathele futhi sigcwele uthuli. Engqondweni yakhe wamqhathanisa Yena nompatriyaki uJakobe owayehlonishwa.”-Ibid., p. 184. c. Njengoba engazimisele ukwamukela impendulo yombuzo wakhe, uJesu wazama kanjani ukuvusa usikisiki ukuya phambili? Johane 4:13, 14. “UJesu azange anike umqondo wokuthi uthonsana elilodwa lamanzi okuphila lingenelisa lowo owamukelayo. Lowo onambitha uthando lukaKrestu uzohlala njalo elangazelela okunye; kodwa akafuni okunye. Ubucebi, udumo, kanye nokuzijabulisa kwelizwe akumthathekisi, ukukhala njalo kwenhliziyo yakhe, Okunye Ngawe. Futhi lowo owembula emphefumulweni indingeko ulindele ukwenelisa indlala kanye nokoma. Konke umuntu anakho nokweyama kukho kuzohluleka. Isitsha sizokusha singabinalutho, imifula izokoma, kodwa uMsindisi wethu ungumthombo ongenakuqedwa. Singaphuza kuwo, siphuze futhi, kodwa siphiwa njalo okusha. Lowo kuye kuhlala uKrestu phakathi kwakhe kukhona umthombo wezibusiso-umthombo wamanzi aphuphumayo kuzekube phakade’ (Johane 4:14). Kulomthombo angadonsa amandla kanye nomusa alingengene zonke izidingo zakhe.”-Ibid., p. 484.“Njengoba uJesu ekhuluma ngamanzi okuphila, owesifazane wambheka ngokumangala okunakayo. Uthe wavusa intakazelelo wavusa nesifiso sesipho leso akhuluma ngaso.”-Ibid., p 187.

3. UKUHLAKANIPHA OKUKHULU KUKAJESU Ngolwesibili November 25
a. Owesifazane waseSamariya kuyini akusho lapho eqonda ukuthi uJesu wayemupha okuthize okugcono kunamanzi nje? Johane 4:15. b. Kuyini okwakufanele akuvume? Kungobuhlakani obunjani uJesu aletha ngabo imicijo yempilo yakhe ayezama ukuyigcina ifihlakele? Johane 4:16-18. “Ngaphambi kokuba lomphefumulo ungamukela isipho ayekade efisa ukumnika sona, kwakumele alethwe ukuba abone isono sakhe kanye noMsindisi wakhe. Wathi kuye, Hamba, ubize indoda yakho, nize lapha.’ Waphendula wathi, anginayo indoda.’ Kanjalo wayezama ukuvimbela yonke imibuzo eqondene nalokho. Kodwa uMsindisi waqhubeka, ‘usho kahle, ukuthi anginandoda; ngoba usuke waba namadoda amahlanu; lowo onayo kalokhu akusiyo indoda yakho, lokhu ukusho ngeqiniso’ (Johane 4:16-18).“Lowo olalele wayethuthumela. Isandla esimangalisayo sasiphenya amakhasi embali yempilo yakhe, ngokwembula lokho ayethembe ukukugcina kufihlekile njalo. Ngubani lowo okwazi ukufunda imfihlo yempilo yakhe? Kweza phambi kwakhe imicabango yephakade, nokwahlulela kwesikhathi esizayo, ukutho konke okufihlakele manje kuzokwembulwa. Ngokukhanya kwako, unembeza wavuswa.”-The Desire of Ages, pp. 187, 188. c. Owesifazane waqhubeka kanjani ukuvimba konke okwakuqonde kwimpilo yakhe edlule kanye neyanamuhla? Johane 4:19. Wazama kanjani ukuguqula indlela yokukhulumisana kwabo? Ivesi 20. “Ngokubekezela uJesu wamvumela ukuba akhulume kuqala ngokuthanda. Lapho ebheke ithuba futhi lokuletha iqiniso ekhaya lenhliziyo yakhe. ‘Okhokho benu babekhuleka kulentaba,’ esho, ‘nina-ke nithi, iseJerusalema indawo lapho abantu kufanele kukhulekelwe khona’ (Johane 4:20). Eduze kwakukhona iNtaba iGerizimu. Ithempeli labhidlizwa ialtare kuphela elisele. Indawo yokukhonza kwakuyona ndaba esemqoka neyimpikiswano phakathi kwamaJuda namaSamariya”-Ibid.

4. UJESU AKABONISI UBANDLULULO KWEZIZWE Ngolwesithathu November 27
a. Ebonisa ukuthi akanalo ubandlululo namaSamariya, uJesu wathini? Johane 4:21-24. “UJesu wabonisa ukuthi wayekhululekile kubandlululo lwamaJuda maqondana namaSamariya. Manje wayefuna ukudiliza ubandlululo phakathi kwamaSamariya kanye namaJuda. Lapho eqondisa umcijo wokuthi ukukholwa kwamaSamariya kwakonakaliswe yizithombe, washo ukuthi amaqiniso amakhulu ensindiso anikezwe amaJuda, nokuthi phakathi kwabo uMesiya kwakumele avele kubo. Kwimibhalo engcwele kwakuvezwe ngokusobala isimilo sikaNkulunkulu kanye nezimiso zombuso Wakhe. UJesu wazihlanganisa Ngokwakhe namaJuda njengalabo uNkulunkulu abanike ulwazi Ngaye.“Wayefisa ukuphakamisa imicabango yabalaleli Bakhe ngaphezu kwezindaba zesimo kanye nemikhosi, kanye nemibuzo yempikiswano.”-The Desire of Ages, pp. 188, 189. b. Lona owesifazane ngobuhlakanipha wazama kanjani ukuthola ukuthi uJesu wayenguMsindisi ngempela? Johane 4:25, 26. “Kungesikho ukufuna intaba engcwele noma itempeli elingcwele abantu balethwa ebudlelwaneni nezulu. Ivangeli akumelwe liguqulelwe kwizimo zangaphandle kanye nemihlatshelo. Inkolo evela kuNkulunkulu yinkolo kuphela ezosiholela kuNkulunkulu. Ukuze simsebenzele kahle, kumele sizalwe ngoMoya ongcwele.“Ngesikhathi ukuhlanzeka kobukhona Bakhe bugxeka isono sakhe, akakhulumanga izwi lokusola kodwa wamtshele ngomusa Wakhe, lowo ongenza busha umphefumulo. Waqala ukukholwa yisimilo Sakhe. Umbuzo wafika engqondweni Yakhe, ingabe lona akuyena uMsindisi olindelwe?”-Ibid., pp. 189, 190.“UMsindisi usaphethe wona lomsebenzi njengalapho enikeza amanzi okuphila kulowo wesifazane waseSamariya. Labo abazibiza njengabalandeli Bakhe bangagxeka noma bavalele phandle; akukho zalo noma ubuzwe, isimo noma impilo, esingasusa uthando Lwakhe kubantwana babantu.”-Ibid., p. 194.

5. UBABA UFUNA ABANJALO UKUBA BAMDUMISE Ngolwesine November 27
a. Kuyini okwenzeka lapho owesifazane waseSamariya, egcwele injabulo enkulu, wenza ngokuphelele njengomshumayeli okholisiwe? Johane 4:28-30. “Ukuze sibenakho ukumkhonza ngeqiniso, kumele sizalwe ngoMoya ongcwele. Lokhu kuzohlanza inhliziyo kwenze busha ingqondo, kusinike amandla okumazi nokumthanda uNkulunkulu. Kuzosinika ukulalela okuvumayo kuzozonke izimfuno Zakhe. Lokhu ukukhonza kweqiniso. Kuyisithelo sokusebenza koMoya Ongcwele. NgoMoya wonke umkhuleko oqotho uyaqanjwa, futhi nomkhuleko uyamukeleka kuNkulunkulu. Lapho umphefumulo welulekela kuNkulunkulu, ukusebenza koMoya kuyabonakala, uNkulunkulu uzakuzembula emphefumulweni. Abakhonza kanjalo uyabafuna. Ulindela ukubamukela abenze amadodana Akhe namadodakazi.”-The Desire of Ages, pp. 189.“Owesifazane wayegcwele injabulo njengoba elalela amazwi kaKrestu. Ukwembulwa okumangalisayo kwamehlula ngokuphelele. Eshiya imbiza yakhe yamanzi, wabuyela emzini, ukuhambisa isigijimi kwabanye. UJesu wamazi ukuthi uyephi. Eshiya imbiza yakhe wakhuluma ngokungabazi umphumela wamazwi Akhe. Kwakuyisifiso esiqinisekile somphefumulo wakhe ukuzuza amanzi aphilayo; wakhohlwa umsebenzi wakhe emthonjeni, wakhohlwa ukoma koMsindisi, lokho wayehlose ukumupha. Ngenhliziyo ephuphumayo yenjabulo, wagijima endleleni, ukwabela abanye ukukhanya oyigugu akutholile.”-Ibid., p. 191.

IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE Ngolwesihlanu November 29
1. UJesu wazama kanjani ukunqoba ubandlululo olwalukhona phakathi kwamaJuda namaSamariya? 2. Kuyini uJesu akuchazela owesifazane ngamazi okuphila? 3. Kungani ubuhlakani bubalulekile lapho sabelana ngevangeli? 4. Kuyini sonke esikudingayo ukuze sibone imvelo embaxambili yobandlululo? 5. Kuyini owesifazane akwenza masinyane njengoba enelisekile ngokuphelele.
 <<    >>