Ukukhanya Kwezwe (IV) << >> ISabatha, December 13, 2014 Isifundo 11 Uhlelo Lwevangeli “Kepha konke makwenziwe ngemfanelo nangenhlelo” (1 Korinte 14:40). Incwadi Enikeziwe: Early Writings, pp. 97-104. “Kukhona uhlelo ezulwini, futhi kumele lulandelwe yilabo abasemhlabeni abayizindlalifa zensindiso”-Testimonies, vol. 2, pp. 697, 698. 1. IZINDLELA ZIKANKULUNKULU EZIMQOKA NgeSonto December 7 a. Uthini uNkulunkulu ngomahluko phakathi kwezindlela zethu kanye nezindlela Zakhe? Isaya 55:8, 9. b. Kuwowonke amacebo ethu okwenza umsebenzi kaNkulunkulu, kuyini okumele sikucabangisise kakhulu. Efesu 6:6. “Njengabantu kumele sifunde icebo likaNkulunkulu lokwenza umsebenzi Wakhe. Noma ngasiphi isikhathi lapho esinike imiyalo maqondana namuphi umcijo, sifanele ukucabanga ngokunakekela ukuthi sibuka kanjani intando Yakhe egcizelelwe.”-Testimonies to Ministers, p. 342. c. Chaza ukuziphatha kukaPawule nalokho okwabanye abapostoli maqondana nohlelo lwevangeli. 1 Korinte 4:1, 2. “UPawule wema eqinile emela okuhle. Waqonda ukuthi ibandla akumele lilethwe ngaphansi kokulawulwa amandla omuntu. Amasiko kanye nezaga zabantu akufanele zithathe indawo yeqiniso elembuliwe. Lapho sibheke kuNkulunkulu ukuba asiqondise, uhlala njalo ebheke amandla agunyazwe kumzimba wamakholwa ahlangene ukukhonza ebandleni. Wazizwa enesidingo sokululekwa, lapho izindaba ezibalulekile zivuka, wayethokozela ukubeka lezindaba phambi kwebandla futhi ahlangane nabazalwane ukufuna uNkulunkulu ukuba abahlakaniphise ukuze benze isinqumo esifanele.”-Acts of the Apostles, pp. 199, 200. 2. UKUHLELWA EZIKHATHINI ZETESTAMENDE ELIDALA NgoMvulo December 8 a. Seluleko sini uJethro asinika umkhwenyana wakhe, uMose, futhi kungani? Eksoda 18:14-22. “UNkulunkulu nguThixo wohlelo. Konke okuxhumene nezulu kusohlelweni oluphelele; ukuzithoba noqeqesho olukhulu luphawula ukuhamba kombutho wezingelosi. Impumelelo ingaqashelwa kuphela ngohlelo kanye nezenzo zokuvumelana. UNkulunkulu ufuna uhlelo kanye nenkambiso emsebenzini wakhe manje ngokufanayo nasezinsukwini zikaIsrayeli. Bonke abamsebenzelayo kumele basebenzi ngokuhlakanipha, kungesikho ngobudlabha, indlela ehlofuhlufuzayo. Uzakuvumela umsebenzi wakhe wenziwe ngokukholwa kanye nesinwe, ukuze abeke uphawu lokuvuma Kwakhe phezu kwawo.”-Patriachs and Prophets, p. 376. b. Chaza izimpawu ezine zangempela okumele zitholakale kumadoda amiswe ukuthwala ukuziphendulela phakathi kwekamu likaIsrayeli. Exodus 18:21. “[Ku-Exoda 18:19-23 ngokucashunwa.] Lesiseluleko esethu. Kwiseluleko Sakhe kuMose iNkosi ngokukhanyayo yabeka phambili isimilo salabo okwakumele bagcwalise izikhundla njengabaluleki. Kumele babe ngamadoda ‘anamandla, amesabayo uNkulunkulu, amadoda athembekileyo, azonda inzuzo engalungile.’ Iseluleko seNkosi sithe sanganakwa ngokumangalisayo.”-Testimonies to Ministers, p. 341. c. Kungani uBalamu wacindezelwa ukumemezela isibusisa phezu kukaIsrayeli, lapho ingqondo yakhe igcwaliswe ngesiqalekiso? Numeri 23:8, 9. Kungasiphi isisekelo uIsrayeli angabusiswa ngaso? Dutoronomi 4:1, 6-9. “Njengoba uBalamu ebheka ikamu likaIsrayeli wabheka ngokumangala ubufakazi bempumelelo yabo. Bavezwa kuye njengabantu abeyisayo, ixuku elingahambi-kahle, eligcwalise ilizwe ngamaxuku anguvazi lawo ayizilwane futhi besabeka kwizizwe ezibazungezile; kodwa ukubonakala kwazo kwakwehlukile kunakhokonke lokhu. Wabona ubukhulu kanye nokuhlelwa okuphelele kwekamu labo, konke kuthwele uphawu loqeqesho olukhulu kanye nohlelo. Waboniswa umusa lowo uNkulunkulu abheka ngawo uIsrayeli, kanye nesimilo sabo esahlukile njengabantu Bakhe abakhethekile. Kwakungamele bame kwizinga elifanayo nezinye izizwe, kodwa ukuba baphakanyiswe ngaphezu kwezizwe zonke.”-Patriachs and Prophets, p. 447. 3. UKUHLELWA KWEBANDLA KWITESTAMENDE ELISHA Ngolwesibili September 9 a. Kungayiphi inhloso uNkulunkulu aphana ngezipho kanye nomusa kuzozonke izinceku Zakhe? Efesu 4:7, 8, 11, 12. “Kubizo lwethu olunhlobonhlobo kumele kubekhona ukweyamela okufanayo omunye komunye ukuze sisizane.”-Testimonies to Ministers, p. 491. b. Ukuze umsebenzi weNkosi uphumelele phakathi kwethu, kuyini okumele kwakhe umoya wethu? 1 Korinte 12:21, 25; Efesu 4:16. Iphutha elinjani okumele bavale umnyango kulo? “Ngabanye masilinde eNkosini, uzosifundisa ukuthi singasebenza kanjani. Uzakusembulela umsebenzi lowo esijwayele ukuwenza kahle. Lokhu akusoze kwaholela abantu ukuba baqale umoya wokuma bodwana; ukumemezela imicabango emisha. Ngalesikhathi lapho uSathane efuna ukuwenza ize umthetho kaNkulunkulu ngokuphakamisa isayensi yamanga, simelwe ukulinde ngokunakekela okukhulu yonke into ezonciphisa inkolo yethu futhi ichithe impi yethu. Njengabasebenza ndawonye noNkulunkulu, kumele sivumelane neqiniso kanye nabazalwane bethu. Kumele kubekhona izeluleko kanye nokusizana.”-Ibid., p. 490.“Umoya wokusuka ekusebenzeni ndawonye nabazalwane bethu, umoya wokuphuma ohlelweni, ukhona kumoya esiwuphefumulayo. Abanye, yonke imizamo yokufuna ukumisa uhlelo babhekwa njengebayingozi-njengesenqabelo senkululeko yomuntu, futhi hleze besatshwe njengopapa.”-Ibid., p. 488. c. Kungayiphi indlela abalandeli bakaKrestu kumele bahloniphane ngayo? 1 Peter 5:5, 6. “Phakathi kwabantu bakaNkulunkulu kukhona labo abanamava amaningi emsebenzini wakhe, abantu abangazange basuka ekukholweni. Naphezu kwezilingo ezinkulu abadlule kuzo, bayebema bethembekile. Lababantu kumele babhekwe njengalabo abavivinyiwe kanye nabeluleki abakhethiweyo. Kumele bahlonishwe, nokwahlulela kwabo kumele kuhlonishwe yilabo abancane noma abanamava amancane, ngisho noma laba abancane bangaba sezikhundleni eziphakeme.”-Ibid., p. 497. 4. INCEKU ENGAZICABANGELI Ngolwesithathu December 10 a. Yiliphi isilinganiso okumele sizithathele sona uma sigcoba izisebenzi zebandla? Tithu 1:5-9. “Ukuzotha ukuziphendulela okuphezu kwalabo ababizelwe ukusebenza njengabaholi ebandleni likaNkulunkulu emhlabeni.”-The Acts of the Apostles, p, 92.“Emsebenzini wokwenza izinto ngohlelo emabandleni onke, nowokugcoba abantu abafanele ukusebenza njengabaphethe izikhundla, abapostoli babephethe isilinganiso esiphakeme sobuholi esifanekiswa kwimiBhalo yeTestamende Elidala.”-Ibid., p. 95.“Ibandla kumele lizwe ukuziphendulela kwalo futhi kumele libheke ngokunakekela ngokuqaphela izimpilo, nokuqeqesheka, kanye nokuhamba okuvamile kwalabo abazishoyo ukuthi bangothishela. Uma ubufakazi obungenalo iphutha abunikwanga bokuthi uNkulunkulu ubabizile, nokuthi ‘usizi’ luphezu kwabo uma bengaqapheli lolubizo, kungumsebenzi webandla ukwenza ukuba kwaziwe ukuthi lababantu abavumelekanga ukuba ngothishela bebandla.”-Early Writings, p. 100.“Labo abazishoyo ukuthi bangabafundisi bakaJesu kumele babengabantu bamava kanye nobumnene obujulile, besekuthi ngezikhathi zonke nakuzozonke izindawo bangabelana nomfutho ongcwele.”-Ibid., p. 103.“Ukuhlupheka, ukuswela, ukudangala, usizi, ukungakholwa, abafundisi bakaNkulunkulu bazohlangabezana nazo nsukuzonke. Umsebenzi wabo akuwona wokuzijabulisa. Abaningi, imiphefumulo eminingi ayisindiswanga. Zibophe ngokukholwa eNkosini futhi utshele izoni ukuthi uMsindisi uyazibiza.”-The Review and Herald, July 26, 1898. b. Kuyini umpostoli uPawule akusho kubadala bebandla maqondana nokuziphendulela kwabo njengabelusi bomhlambi kaKrestu? 1 Peter 5:1-5. “Labo abagcwalisa izikhundla zabelusi kumele basebenzise ukuqaphela ngokuhlakanipha phezu komhlambi weNkosi. Lokhu akumele kube ngukuqaphela kokuphoqa, kodwa lowo onaka nokhuthaza futhi aqinise abese ephakamisa. Ubufundisi busho okukhulu kunokushumayela; kusho ukuzimisela, umsebenzi womuntu ngamunye.”-The Acts of the Apostles, p. 526.“Okuxhumene neseluleko sakhe kulabo abasezikhundleni zokuwethembeka ebandleni, Umpostoli uveza ezinye izimiso ezivamile okumele zilandelwe yibobonke abahlanganyela ekukhonzeni ebandleni. Amalunga asemasha omhlambi ancengwa ukuba alandele isibonelo sabadala babo ekwenzeni ukuzithoba okufana nokukaKrestu.”-Ibid., pp. 527, 528. 5. ISITHUNYWA ESIZITHUMAYO Ngolwesine December 11 a. Msebenzi muni owenziwa nguNkulunkulu ngenxa yabantwana Bakhe kulezinsuku zokugcina? Yiliphi icebo lokuphamba uSathane alisebenzisayo ukuvimbela umsebenzi weNkosi? Roma 16:17, 18; Izenzo 20:27-30. “Manje kulezinsuku zokugcina, lapho uNkulunkulu eletha abantwana Bakhe ebunyeni bokukholwa, kukhona isidingo esikhulu sohlelo kunesikhathi esidlule; ngoba, njengoba uNkulunkulu ehlanganisa abantwana Bakhe, uSathane nezingelosi zakhe ezimbi basebenza ngamandla ukuvimbela lobubunye nokubuchitha. Ngakhoke abantu basheshiselwa ensimini beswele ukuhlakanipha kanye nokwahlulela, futhi hleze kabelusi kahle namakhaya wabo, bengenalo uhlelo noma ukuphatha abambalwa labo uNkulunkulu abanike ukulawula emakhaya; nokho bazizwa befanele ukuba babheke umhlambi.”-Early Writings, p. 97.“Abantu izimpilo zabo ezingekho-ngcwele futhi bengakufanele ukufundisa nokuletha amaqiniso bangene ensimini ngaphandle kokuba bavunywe ibandla noma abazalwane ngobubanzi, isiphithiphithi nokwahlukana kuzakuba ngumphumela.”-Ibid. b. Yikuphi okulula kakhulu-ukuya kwindawo leyo ethe yonakaliswa izithunywa ezizibekile noma ukungena kumasimu amasha? “Kuyakhathaza kakhulu umoya wezithunywa zikaNkulunkulu ukuya ezindaweni lezo labo abathe bagcizelela umfutho ophambukile kunokungena kumasimu amasha.”-Ibid., p. 99. IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE Ngolwesihlanu December 12 1. Yiziphi izimpawu okumele zibonakale kulabo abakhethelwe umsebenzi kaNkulunkulu? 2. Kungani uNkulunkulu ephana ngezipho kanye nomusa kumuntu wonke oyinceku Yakhe? 3. Simo sini sonke okumele sisiveze komunye nomunye ukuqinisekisa impumelelo yomsebenzi weNkosi phakathi kwethu? 4. Yisiphi isilinganiso abapostoli abasamukela uma begcoba izisebenzi zebandla? 5. Yisiphi isixwayiso sikaPawule esitholakala kwiZenzo 20:27-30? << >>