Back to top

Sabbath Bible Lessons

Ukukhanya Kwezwe (IV)

 <<    >> 
ISabatha, October 18, 2014 Isifundo 3
Uhambo Lokuqala Lokushumayela “UJesu wabiza abafundi abayishumi nambili…futhi…wabathuma ukushumayela ivangeli” (Luka 9:1, 2).
Incwadi Enikeziwe:   The Desire of Ages, pp. 349-358. 
“Abafundi kwakumele babe ngabamemezeli beqiniso, ukulungisa indlela yokuza kweNkosi. Umthwalo wesigijimi sabo kwakuyimpinda yesigijimi sikaJohane uBhabhathizi kanye noKrestu Ngokwakhe, ‘umbuso kaNkulunkulu ususondele.”-The Review and Herald, March 23, 1897.

1. UBIZO LOKUPHENDUKA NgeSonto October 12
a. Yisiphi isigijimi uKrestu asithumela ngabafundi Bakhe abayishumi nambili emva kokuba esebaqeqeshile? Matthew 10:7. b. Yimaphi amandla uKrestu abanika wona, futhi waba yini umyalezo Wakhe kamuva uma ebona impumelelo yabo? Marako 6:7; Luka 10:20. Ngeyiphi inzuzo ebakhona uma sithuma abavangeli bethu ngababili? “Lapho ebizela abayishumi nambili ngaKuye, uJesu wabayala ukuba bahambe ngababili ukuya emadolobhebi nasemizini. Akekho owathunywa ngaphambili eyedwa, kodwa umzalwane wahlanganiswa nomzalwane, umngane nomngane. Kanjalo babezokwazi ukukhuthazana omunye nomunye, balulekani bakhuleke ndawonye, amandla omunye elekelela ubuthakathaka bomunye. Ngendlela efanayo emva kwalokho wathuma abangamashumi ayisikhombisa. Kwakuyinhloso yoMsindisi ukuthi isigijimi sevangeli kumele sihlanganiswe ngalendlela. Ngesikhathi sethu umsebenzi wevangeli uzakuphumelela kakhulu ngalesibonelo uma silandelwa kakhulu.”-The Desire of Ages, p. 350.

2. UKUSIZA ABASWELAYO NgoMvulo October 13
a. Ngesikhathi sobufundisi Bakhe, uKrestu wahlukanisa kanjani isikhathi Sakhe? Matthew 4:23, 24. “Ngesikhathi sokusebenza Kwakhe uJesu wanikela isikhathi esiningi ekwelapheni abagulayo kunokushumayela. Izimangaliso Zakhe zazifakazela iqiniso lamazwi Akhe, lokuthi akezanga ukuchitha kodwa ukusindisa.”-The Desire of Ages, p. 350. b. Sithembiso sini esiyakugcwaliseka kulabo, ngomoya kaKrestu, besiza abaswelayo futhi beshumayela nesigijimi Sakhe? Isaya 58:8. “Abalandeli bakaKrestu kumele basebenze njengoba asebenza. Simele ukondla abalambile, sembathise abahambaze, siduduze abahluphekile nabasosizini. Sifanele sishumayele kulabo abalahle ithemba sivuselele ithemba kulabo abangenalo. Nakithina isithembiso sizogcwaliseka, ‘Ukulunga kwakho kuhambe phambi kwakho; inkazimulo kaJehova ibesemva kwakho’ (Isaya 58:8) Uthando lukaKrestu, elibonakaliswa ngemfundiso yokuzidela, lizakuba nempumelelo ekuvuseleleni umenzi wokubi kunenkemba noma kwisigodlo sokwahlulela. Lokhu kubalulekile ukuletha uvalo kulowo owephula umthetho, kodwa umshumayeli onothando angenza okukhulu kunalokhu.”-Ibid., pp. 350, 351. c. Abashumayeli abangamaKrestu abasoze bahlanganyela namuhla ekwelapheni okuyimbumbulu; kodwa kuyini abangakwenza? “Umshumayeli akumele elaphe kuphela izifo zomzimba, kodwa angaholela isoni kwiNyanga Enkulu, engahlanza umphefumulo kwisilephero sesono. Ngezinceku Zakhe, uNkulunkulu uhlose ukuthi abagulayo, abangenayo inhlanhla, labo abakhwele imimoya emibi, bazakulizwa izwi Lakhe. Ngezithunywa ezingabantu ulangazelela ukuba nguMduduzi lowo izwe elingamazi.”-Ibid., p. 351.“Labo abakholwa yiqiniso akumele basebenzise imvuselelo yempilo kuphela kodwa kumele balifundise ngokuhlakanipha kulabo; ngoba lizakuba yisithunywa iqiniso elingalethwa ngalo ekunakeni kwalabo abangakholwa. Bazocabanga ukuthi uma sinamasu aqinile maqondana nezempilo kanye nokuzithiba, kumele kubekhona ekukholweni kwethu lokho okufanele ukuphenywa.”-Evangelism, p. 514.

3. IMPUMELELO YOMSEBENZI WOKUNGENA UMUZI NGOMUZI Ngolwesibili October 14
a. Myalezo muni uKrestu awunika abafundi Bakhe ngempumelelo yomsebenzi wokungena umuzi ngomuzi? Matthew 10:11-14; Luka 10:5. “Kuyoyonke indawo [abafundi] kwakumele bamukele ukungeniswa kwalabo ababefanele, labo abazobamukela ngenhliziyo kungathi bajabulisa uKrestu ngoKwakhe. Kwakumele bangene endlini ngokubingelela okuhle, ‘Ukuthula makube kulendlu’ (Luka 10:5). Ukuze ikhaya libusiseke ngabakhuleka kulo, izingoma nokudumisa kwabo, nokuvulwa kweMibhalo kwisiyingi sekhaya.”-The Desire of Ages, pp. 351, 352. b. Kuhambo lwabo lokuqala lokushumayela, abafundi kwakumele baye kobani kuqala? Matthew 10:5, 6. Kungani? “Uma [abafundi] manje balishumayela ivangeli kwabezizwe noma kumaSamariya, ngabe balahlekelwa ngumfutho wabo kumaJuda. Ngokuvusa ubandlululo lwabaFarisi ngabe bazihlanganisa ngokwabo kwimpikiswano leyo engabe yabadangalisa khona ekuqaleni komsebenzi wabo. Ngisho nabapostoli babehamba kancane ukuba bazwisise ukuthi ivangeli kwakumele lihanjiswe ezizweni zonke. Bazebona ngokwabo babambelele kuleliqiniso bebengakufanele ukusebenzela abaZizwe. Uma amaJuda elamukela ivangeli, uNkulunkulu wayehlose ukubenza izithunywa Zakhe ukuya kwabeZizwe.”-Ibid., p. 351. c. Lapho abafundi abangu 70 kumele bangene ezindlini zabantu, uJesu wabaluleka wathini ukubonisa ukubonga kanye nenhlonipho ngokwamukelwa ngabanini bemizi? Luka 10:7-9. Kungani? “[Luka 10:1-3, 8, 9 ngokucashunwa. Abafundi abangamashumi ayisikhombisa] kwakungafanele balahlekelwe ngumbono [walesi] sigijimi, noma bangene kwimpikiswano yezindaba ezingadingeki, noma lokho bekuzovala iminyango yamaqiniso abalulekile uJesu abayale ukuba bawafundise.”-This day With God, p. 113.

4. IZIMVU PHAKATHI KWEZIMPISI Ngolwesithathu October 15
a. Sisho ukuthini isixwayiso sikaKrestu kuMatthew 10:16? “Izinceku zikaKrestu akumele zenze ngaphandle kokunikeza amazwi alotshiwe enhliziyo yemvelo. Kumele basondele eduze noNkulunkulu, uma kungenjalo, uma bephansi kokucunulwa, umina aphakame, baqhubezela phambili isikhukhula samazwi lawo angasizi ngalutho, lawo angasiwo amazolo noma imifafazo ethulile leyo eqabula izitshalo ezishwilayo. Lokhu yikona okufunwa nguSathane ukuba bakwenze; ngoba lezi izindlela zakhe. Kodwa izinceku zikaNkulunkulu kumele zibe ngabakhulumeli Bakhe. Ufisa ukuthi basebenze ngomoya wezulu, iqiniso lelo elithwele umfanekiso Wakhe kanye namazwi Akhe. Amandla okumele banqobe ububi kungamandla kaKrestu. Inkazimulo kaKrestu ingamandla abo. Kumele bagxilise amehlo abo phezu kobuhle Bakhe. Bese bakhuluma iqiniso ngobuhlakani obungcwele kanye nobumnene. Umoya lowo ogcinwa umnene ngaphansi kwesicanulo uzakukhuluma ngempumelelo ngomusa weqiniso kunenye impikiswano, kodwa kanzima.“Labo abalethwa kwimpikiswano nezitha zeqiniso kumele bahlangane, kungesikho abantu kuphela, kodwa noSathene nezithunywa zakhe. Mabakhumbule amazwi kaKrestu, ‘Bheka, ngiyanithuma njengezimvu phakathi kwezimpisi’ (Luka 10:3). Mabahlale othandweni lukaNkulunkulu, umoya uzakugcinwa uzolile, ngisho nangaphansi kokuphathwa kabi. INkosi izakubembathisa ngezikhali ezingcwele. UMoya Wakhe Ongcwele uzakunika umfutho wengqondo nenhliziyo, ukuze amaphimbo abo angeke abamba aqaphela ichweba lezimpisi.”-The Desire of Ages, p. 353.“Labo abangaphansi komfutho woMoya kaNkulunkulu angeke baba ngabazenzisi, kodwa bazakuzola futhi baqine, bekhululekile ukuhlaphaza ngomcabango, ngezwi, noma ngesenzo. Phakathi kwesiphithiphithi kanye nezimfundiso ezidukisayo, uMoya kaNkulunkulu uzakuba ngumholi kanye nesivikelo kulabo abangazange bamelana nobufakazi beqiniso, bethulisa onke amanye amaphimbo kodwa lelo elivela Kuye oyiqiniso.”-Gospel Workers, p. 289. b. Wayesho ukuthini uKrestu uma, eqhubeka ngomyalezo Wakhe kubafundi Bakhe, Ethi, “Kepha xwayani abantu”? Matthew 10:17. “[Abafundi] kwakungamele bafake isibindi esingaqondiwe kulabo abangamazi uNkulunkulu, babavulele izeluleko zabo; ngoba lokho kuzonika izithunywa zikaSathane ithuba.”-The Desire of Ages, p. 354.

5. UKUVUMA UKRESTU Ngolwesine October 16
a. Eqhubeka ngomlayezo Wakhe, uKrestu ugcizelela kanjani ukubaluleka kokumvuma Yena ngokuyikho phambi kwabantu? Matthew 10:32, 33. “Nimele ukuba ngofakazi Bami emhlabeni, imizila leyo umusa Wami ungageleza ukwelapha umhlaba. Mina ngizoba ngummeli wenu ezulwini. UBaba akabheki izimilo zenu eziphambukile, kodwa unibona njengalabo abembethe ukuphelela Kwakhe. Ngingumxhumanisi lowo izibusiso zeZulu ezizoza ngazo kini. Wonke umuntu ongivumayo Mina ngokwabelana ngomhlatshelo Wami ngabalahlekile uzakuvunywa njengowabelana ngenkazimulo kanye nenjabulo yabahlengiweyo.“Lowo ovuma uKrestu kumele abe noKrestu ohlala kuye. Angeke abelana ngalokho yena angakwamukelanga. Abafundi bangakhuluma kahle ngezimfundiso, bangaphinda amazwi kaKrestu ngoKwakhe; kodwa ngaphandle kokuthi bafane noKrestu ngobumnene kanye nothando, bebengamvumi Yena. Umoya owehlukile kukaKrestu ungenza simphike Yena, noma kungakuphi ukuzisho. Abantu bangaphika uKrestu ngokukhuluma kabi, ngokukhuluma okuyize, ngamazwi amanga noma angenamusa. Bangamphika ngokugwema imithwalo yempilo, ngokuqhubeka ukuzijabulisa esonweni. Bangamphika ngokuhlangana nelizwe, ngokuziphatha ngokungahloniphi, ngokuthanda eyabo imicabango, ngokuvumela umina, ngokukhuthaza ukungabaza, ukuboleka inkinga, nokuhlala ebumnyameni. Ngalezindlela zonke bamemezela ukuthi uKrestu akekho kubo.”-The Desire of Ages, p. 357. b. Yisiphi iiqiniseko sabobonke abavuma uKrestu ngokwethembeka abangasibiza? Isambulo 3:5.

IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE Ngolwesihlanu October 17
1. Chaza umsebenzi owathweswa abafundi abangamashumi ayisikhumbisa. 2. Kuyini amaKrestu angakwenzela abagulayo namuhla? 3. Yisho ezinye izimpawu ezibalulekile zempumelelo yokuvangela indlu nendlu. 4. Singaqonda kanjani amazwi athi “izimvu phakathi kwezimpisi? 5. Kungaziphi ezinye izindlela esimela ngazo uKrestu ngokufanele noma ngokungafanele?
 <<    >>