Back to top

Sabbath Bible Lessons

Eqhakazile Imisebe yokukhanya ingcebo yeqiniso (II)

 <<    >> 
Isingeniso “Njengoba inkinga yesono idlondlobala emhlabeni ibangela ukuthi umphakathi wonakale ngaphambi nje kokufika kukaKristu, kubaluleke kangakanani ukuba abantu bakaNkulunkulu babheke kuJesu-hayi ezintweni ezibonwayo, kodwa ezintweni ezingabonwayo, amaqiniso aphakade. Ngakho-ke, kulekota, abafundi besikolo seSabatha emhlabeni wonke bazoqhubeka nesiGaba 2 sohlu lweNgcebo Yeqiniso, “Eqhakazile Imisebe Yokukhanya.” Ukungabi namthetho nesiphithiphithi kukhona yonke indawo, ngempela sidinga usizo lukaNkulunkulu lokuba sazi ukuthi siyakuphi ngokuphila. Sidinga ukuziphatha okubanzi. Omunye umbhali wafanisa umzamo wokuguqula umthetho kaNkulunkulu njengomkhuba wasendulo omubi wokuphendukezela ohlangothini olungalungile ibhodi lophawu olumiswa enhlanganweni ebalulekile lapho kuhlangana khona imigwaqo emibili. Ukudideka nobunzima obuvamile bubangelwa yilomkhuba owawumkhulu. “UNkulunkulu walumisa uphawu lwabahamba kulomhlaba. Enye ingalo yophawu Lwakhe yayibonisa ukulalela kokuzithandela uMdali njengendlela eya enjabulweni nasekuphileni, kuyilapho enye ingalo yayibonisa ukungalaleli njengendlela yosizi nokufa. Indlela eya ekujabuleni yayichazwe ngokusobala njengendlela eya emzini wesiphephelo ngaphansi kohlelo lwamaJuda. Kodwa ngehora elibi lesizwe sethu, isitha esikhulu sakho konke okuhle saguqula uphawu, abaningi baphambukela kuleyondlela ngephutha.”-Prophets and Kings, p. 179. “UJesu Kristu nguyena kuphela uMsindisi woluntu-ngokufunda Ngaye nokuphila ngomthetho Wakhe ngamandla Akhe aSinika wona, siyaguqulwa. “Waphila umthetho kaNkulunkulu, futhi ngesibonelo Sakhe wabonisa ukuthi singawulalela kanjani.”-The Desire of Ages, p. 649. “Wonke amalungiselelo enziwe ukusilungisela iphakade uma sisebenzisana noMoya Wakhe ukusinika inhliziyo entsha-ingqondo entsha. Ngokususa uthando lwethu kulomhlaba futhi silubeke phezu kukaJesu eZulwini, sikhulisa injongo entsha ekuphileni, ngombono wephakade. “UNkulunkulu owenyanya isono ubiza labo abazishoyo ukuthi bagcina umthetho Wakhe ukuba basuke kukho konke okubi. Ungadembeseli ukuphenduka futhi ulalele izwi Lakhe kuzoletha imiphumela enzima phezu kwabantu bakaNkulunkulu namuhla, njengoba kwenzeka ngesono esifanayo kuIsrayeli wasendulo.”-The Signs of the Times, Nhlolanja 12, 1880, Art. B. “USathane usebenza njalo ukusibekela ubukhazikhazi bezwe elizayo kanye nokuheha ukunaka konke kwezinto zalokhu kuphila. Uye walwela kanjalo ukuze ahlele izinto ezithinta imicabango yethu, ukukhathazeka kwethu, nomsebenzi wethu ungasetshenziswa ngokuphelele ezintweni zesikhashana ukuze singaboni noma siqonde ukubaluleka kwamaqiniso aphakade. Umhlaba nezinto zawo zinendawo enkulu kakhulu, lapho uJesu nezinto zasezulwini zinenxenye encane kakhulu emcabangweni yethu nokunaka kwethu. Kufanele ngokuqaphela senze yonke imisebenzi yokuphila kwansuku zonke, kodwa kubalulekile futhi ukuba sihlakulele uthando olungcwele ngeNkosi yethu uJesu Kristu ngaphaezu kwako konke okunye.”-The Adventist Home, pp. 404, 405. Igatsha leSikolo seSabatha leGeneral Conference
 <<    >>