Back to top

Sabbath Bible Lessons

Eqhakazile Imisebe yokukhanya ingcebo yeqiniso (II)

 <<    >> 
ISabatha, Mbasa 22, 2023 Isifundo 4
Lapho Ilanga Iishona IVESI LEKHANDA: “Likholekile izwi lokuthi: Ngokuba uma safa naye, siyakuphila naye futhi” (2 Thimothi 2:11).
Incwadi Enikeziwe:   The Great Controversy, pp. 551-562. 
“Imizimba yethu ebolayo ingafa futhi ibekwe ethuneni. Nokho ithemba elibusisiwe liyaqhubeka kuze kube sekuvukeni, lapho izwi likaJesu libiza abalele othulini. Sizothokozela ukupheleliswa kwethemba elibusisiwe, nelikhazimulayo.”-In Heavenly Places, p. 352.

1. ISIFISO SOKUPHILA INGUNAPHAKADE NgeSonto Mbasa 16
a. Kungani kukhona ukufa kulomhlaba-futhi yiliphi ithemba uJehova alibeke ezinhliziyweni zethu-na? Roma 5:12; 6:23; Umshumayeli 3:11 (isiphetho) “Ukungafi, kuthenjiswe umuntu ngombandela wokulalela, kuthe kwamlahlekela ngenxa yokweqa umthetho. UAdamu ubengeke akwazi ukudlulisela enzalweni yakhe lokhu angenakho; futhi belingeke libekhona ithemba ngohlanga oluwileyo ukuba uNkulunkulu, ngomhlatshelo weNdodana Yakhe, alethe ukungafi phakathi kwabo….futhi kungoKristu kuphela okungatholakala ukungafi.”-The Great Controversy, p. 533.“Ukuze azuze ukuphila okungapheli, umuntu kwakufanele aqhubeke adle emthini wokuphila. Ngokunqatshelwa lokhu, amandla akhe ayezoncipha kancane kancane kuze kube ukuphila kwakhe kuyaphela. Bekuyicebo likaSathane ukuthi uAdamu noEva ngokungalaleli bathole intukuthelo kaNkulunkulu; futhi khona lapho, uma behluleka ukuthola intethelelo, wayenethemba lokuthi bazodla umuthi wokuphila, ukuze baqhubekisele phambili ukuphila kwesono nosizi. Kodwa emva kokuwa komuntu, izingelosi ezingcwele zathunywa ngokushesha ukuba zilinde umuthi wokuphila. Nxazonke lezi zingelosi zazibaneka imisebe yokukhanya ebonakala njengenkemba ebenyezelayo. Bekungekho kumndeni kaAdamu owavunyelwa ukuba adlule kulowo mgoqo ukuze badle isithelo esinikeza ukuphila; ngakho asikho isoni esingafi.”-Patriachs and Prophets, p. 60.

2. UMPHEFUMULO NgoMvulo Mbasa 17
a. Njengoba umphefumulo wakhiwe ngobumba kanye nomoya kaNkulunkulu awunikeza endalwen (Genesis 2:7), yini okumele siyiqaphele ngalokhu okwenzekayo ngesikhathi sifa-na? Umshumayeli 12:7, Jakobe 4:14. “Ungakhulumi amazwi ngokuthatheka, ‘Namuhla noma kusasa uthi sizokuya edolobheni elithize, sihlale khona unyaka, sithenge futhi sithengise, sithole inzuzo.’ UNkulunkulu angaba necebo elihlukile ngawe. Ukuphila kufana nomusi.”-The Review and Herald, Zibandlela 23, 1902. b. Uyini umahluko phakathi kwabantu nezilwane uma ukufa kubafica-na? Amahubo 49:16, 17; Umshumayeli 2:15, 16; 3:19, 20. “Uhlu lozalo lohlanga lwethu, njengoba lunikezwe ugqozi luhlehlisa umsuka walo kungesikho ohlwini lwamagciwane akhulayo, ama-mollusk, nezilwane ezinezinyawo ezine, kodwa kuMdali kuphela. Nokuba abunjwa ngothuli lomhlabathi, uAdamu “ubeyindodana kaNkulunkulu.’“Wabekwa, njengomela uNkulunkulu, ngaphezu kohlelo oluphansi lobukhona bakhe. Abakwazi ukuqonda noma ukuvuma ubukhosi bukaNkulunkulu, nokho benziwa ukuba bakwazi ukuthanda nokukhonza umuntu.”-Patriachs and Prophets p. 45.“Maye, uthando olumangalisayo lukaKristu, olukhothamayo ukuze luphulukise owonayo nohluphekile! Ubungcwele obudabukayo futhi budambisa izifo zoluntu oluhluphekayo! Maye, ayamangalisa amandla aboniswa kubantwana babantu! Ngubani ongangabaza isigijimi sensindiso? Ngubani oweyisa umusa woMhlengi onozwelo?“Kwakungadingi lutho olungaphansi kwamandla okudala ukubuyisela impilo emzimbeni obolayo. Izwi elifanayo alakhuluma ukuphila kumuntu odalwe ngothuli lomhlabathi lakhuluma ukuphila kofe uhlangothi. Futhi wona lawomandla anika ukuphila emzimbeni enza ibentsha inhliziyo. Ngokuba wakhuluma kwabakhona, ‘walayeza kwema.’ (Amahubo 33:9), wakhuluma ukuphila emphefumulweni ofile eziphambekweni nasezonweni.”-The Desire of Ages, pp. 269, 270.“Isigwebo esamenyezelwa phezu kukaSathane sanikeza isixwayiso sokuhlengwa. ‘Ngizakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe. Yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.’ Genesis 3:15. Lesigwebo, sakhulunywa kubazali bethu bokuqala bezwa, kubona bekuyisithembiso. Ngaphambi kokuba bezwe ngameva namakhakhasi, okusebenza nosizi okumele kube yisabelo sabo, noma uthuli okumele babuyele kulo, balalela amazwi angeke ahluleke ukubanika ithemba. Konke okuthe kwalahleka ngokuzinikela kuSathane kungazuzwa futhi ngoKristu.”-Education, p. 27.

3. ISIMO SABAFILEYO Ngolwesibili Mbasa 18
a. Chaza lokhu abantu abafileyo abakwaziyo-nokuthi kungani kudingeka siliqonde leli phuzu-na? Umshumayeli 9:3-6; Amahubo 115:17; 146:4. “Imimoya ngumsebenzi wenkohliso enobuqili. Ukudukisa kukaSathane okunempumelelo enkulu nokuhuhayo-lowo obalwa njengobamba ukuzwelana nalabo abafake abathandekayo babo ethuneni. Izingelosi ezimbi ziza ngesimo salabo abathandekayo, futhi zisho izehlakalo ezihlobene nempilo yazo, futhi zenze izenzo ezizenzile ngesikhathi zisaphila. Ngaleyondlela ziholela abantu ukuba bakholwe ukuthi abangane babo abafileyo bayizingelosi, ezindiza phezu kwabo, futhi zikhuluma nabo. Izingelosi ezimbi, ezicatshangwa ukuthi zingabangane babo abafileyo, zibhekwa njengesithixo esithize, futhi kwabaningi izwi lazo linesisindo esikhulu kunezwi likaNkulunkulu.”-This Day with God, p. 247.“Imimoya izothumba umhlaba uwenze isigqila. Baningi abacabanga ukuthi imimoya isekelwe ngobuqili nokungathembeki, kodwa lokhu kukude kakhulu neqiniso. Amandla aphakeme asebenza ngezindlela ezihlukahlukene, futhi bambalwa abanombono wokuthi kuyoba yini ukubonakaliswa kokusebenzelana nemimoya esikhathini esizayo. Isisekelo sokuphumelela kwemimoya sibekiwe kulokho okwenziwa kumapulpiti omhlaba wethu. Abafundisi bakumemezela njengezimfundiso zeBhayibheli kungamanga aqanjwe umkhohlisi omkhulu.“Imfundiso yomuzwa emva kokufa, womoya wabafileyo njengoxhumana nabaphilayo, ayinaso isisekelo emiBhalweni, kodwa lemicabango iqiniswa njengeyiqiniso. Ngenxa yalezimfundiso zamanga indlela ithe yavulela imimoya yobubi ukudukisa abantu abazikhulumela ngokwabo njengabafile. Izithunywa zikaSathane zilingisa abafileyo kanjalo zilethe imiphefumulo ebugqilini. USathane unenkolo, futhi unesinagoge lakhe nezikhonzi ezizinikele.”-Evangelism, p. 602, 603. b. Njengoba abafileyo bengazi lutho, singathandaza yini kwabangcwele asebadlula emhlabeni ukuba balamule phakathi kwethu noNkulunkulu-na? 1 Thimothi 2:5. “Ukwenza onkulunkulu ngabafileyo kuye kwaba nendawo evelele cishe kuzozonke izinhlelo zobuhedeni, njengoba kunjalo nangendlela okucatshangwa ukuthi iyahlanganyela nabafileyo. Onkulunkulu kwakukholelwa ukuthi baxhumanisa intando yabo kubantu, futhi, uma bebuzwa, ukuba babanike iseluleko. Ngalendlela bekuyizigijimi ezidumile zaseGreece naseRoma.”-Evangelism, p. 603.

4. ITHEMBA ETHUNENI Ngolwesithathu Mbasa 19
a. Qhathanisa izinga lethemba phakathi kwezinhlobo ezimbili ezihlukene zabantu njengoba zehlela ethuneni. Izaga 11:7; 14:32; Roma 8:11. b. Chaza umehluko phakathi kokuvuka kwabalungileyo nokwababi. Johane 5:21-29. “Umehluko uyenziwa phakathi kwamaxuku amabili avezwayo. ‘Ubusisiwe, ungcwele onesabelo ekuvukeni kokuqala; kulabo ukufa kwesibili akunamandla,’ Isambulo 20:6. Kodwa abangazange, ngokuphenduka nokukholwa, bagcina intethelelo, kufanele bamukele isijeziso sokweqa umthetho-okungumphumela wesono.’ babhekana nesijeziso esingafani ngobude nobukhulu, ‘ngokuya ngemisebenzi yabo,’ kodwa ekugcineni kuphelela ngokufa kwesibili. Njengoba kungeke kwenzeke kuNkulunkulu, ngokuhambisana nokulunga nesihe Sakhe, ukuze asindise isoni ezonweni zaso, usiphuca ukuphila okulahlwe iziphambeko zaso ezibonakalisa ukuthi akafaneleki kukho. Kusho umbhali eqhutshwa ngumoya:’ Kusengumzuzwana, omubi angabe esabakho; kuyakuthi lapho uhlola indawo yakhe, uyakuba engasekho.’ Omunye uthi: ‘Babe njengokungathi abazange babe khona.’ Amahubo 37:10; Obadiya 16. Bembozwe idumela elibi, bacwila ekukhohlweni okuphakade, okungenathemba.”-The Great Controversy, pp. 544, 545. c. IBhayibheli libhekisa kanjani kulesosikhathi lapho abalungileyo sebefile-na? Amahubo 13:3; Marako 5:39; Johane 11:11-14. “UKristu ufanekisa ukufa njengokulala kubantwana Bakhe abakholwayo. Ukuphila kwabo kufihleke noKristu kuNkulunkulu, futhi kuze kufinyelele ekukhaleni kwecilongo lokugcina labo abafayo belalela Kuye.”-Desire of Ages, p. 527.“Kokholwayo, ukufa kuyindaba encane. UKristu ukhuluma ngakho kungathi ngumzuzwana. ‘Uma umuntu egcina izwi Lami, kasoze akuzwa ukufa naphakade.’ KuMkrestu, ukufa kungubuthongo nje, umzuzwana wokuthula nobumnyama. Ukuphila kufihleke noKristu kuNkulunkulu, futhi, ‘Nxa ebonakaliswa uKristu ongukuphila kwethu, khona-ke nani niyakubonakaliswa kanye Naye ekukhazimuleni.’ Johane 8:51, 52; Kolose 3:4. . . .“Ekubuyeni kwakhe kwesibili bonke abafileyo abayigugu bazolizwa izwi Lakhe, bavukele ekuphileni okukhazimulayo, okungenakho ukufa. Wona lawomandla avusa uKristu kwabafileyo azovusa ibandla Lakhe, futhi balikhazimulise bekanye Naye, phezu kwabobonke ababusi, phezu kwamandla onke, ngaphezu kwawowonke amagama abizwayo, kungesikho kulelizwe kuphela, kodwa nakwelizayo.”-Ibid., p. 787.

5. INDLELA YOKUVUKA KWAKHE Ngolwesine Mbasa 20
a. Njengo-Adamu, yiliphi ithemba okudingeka siligcine phambi kwethu? 1 Korinte 15:12-23. “Emva kokuxoshwa kwakhe ensimini yaseEdeni, ukuphila kukaAdamu emhlabeni kwakugcwele usizi. Lonke iqabunga elifayo, zonke izilwane zomhlatshelo, zonke izifo ebusweni obuhle bemvelo, lonke ibala eliphezu kobumsulwa bomuntu, kwakumkhumbuza kabusha isono sakhe. Babusabeka kakhulu ubuhlungu bokuzisola njengoba ebona ububi banda, futhi, ekuphenduleni izixwayiso zakhe, wahlangabezana nezinhlamba ezaziphonswa phezu kwakhe njengembangela yesono. Ngokuthobeka nangesineke wathwala, cishe iminyaka eyinkulungwane isijeziso sokweqa umthetho. Waphenduka ngokwethembeka esonweni sakhe futhi wathembela ekufanelekeni koMsindisi othenjisiwe, futhi wafa enethemba lokuvuswa.”-The Great Controvesy, p. 647. b. Chaza indlela uvuko lwabantu bakaNkulukulu abathembekile oluzokwenzeka ngayo. 1 Korinte 15:42-55. “Umhlaba wazamazama ngamandla amakhulu lapho izwi leNdodana kaNkulunkulu libiza abangcwele abaleleyo. Baphendula obizweni baphuma bembethe inkazimulo yokungafi, bememeza, ‘Ukunqoba, ukunqoba, phezu kokufa nethuna! Kufa, luphi udosi lwakho-na? Kufa, kuphi ukunqoba kwakho-na?’ Abangcwele abaphilayo nabangcwele abavusiwe baphakamisa amaphimbo abo, ngomsindo omude ohambisana nokunqoba. Imizimba eyehlela ethuneni ithwele amabala ezifo nokufa yavuka inempilo engafi namandla. Abangcwele abaphilayo baguqulwa ngomzuzwana, ngokuphazima kweso, bahlanganyela nabavusiwe, bekanye bahlangabeza iNkosi emoyeni. Maye, ukuhlangana okumangalisayo kanjani! Izihlobo ezahlukana ngenxa yokufa zahlanganiswa, zingaphinde zehlukane futhi.”-Early Writings, p. 287.

IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE Ngolwesihlanu Mbasa 21
1. Kungani abantu beqhutshwa ukuba baphile futhi bengafuni ukufa? 2. Ihlukaniswa kanjani ingqikithi yokuqala yomphefumulo ekufeni? 3. Uholela kuphi umbono wamanga mayelana nesimo somuntu ofileyo? 4. Liyini ithemba lawowonke amakholwa selokhu kwangena ukufa emhlabeni? 5. Umzimba ekugcineni uhlangana kanjani nomoya wokuphila kuze kube phakade?
 <<    >>