Back to top

Sabbath Bible Lessons

Eqhakazile Imisebe yokukhanya ingcebo yeqiniso (II)

 <<    >> 
ISabatha, Nhlangulana 24, 2023 Isifundo 13
Ubumnandi Bosuku LweSabatha IVESI LEKHANDA: “Abavela kuwe bayakwakha izincithakalo ezindala, ubuye wakhe izisekelo zezizukulwane ezidlulileyo, ubizwe ngokuthi uMvalisikhala nomlungisi wemikhondo ukuba kuhlalwe khona” (Isaya 58:12).
Incwadi Enikeziwe:   Testimonies for the Church, vol. 6, pp. 349-368. 
“Abafundisi kufanele banikeze iziyalezo ngokucophelela zokugcinwa kweSabatha ngokufanele. Kufanele siqaphele, funa ukuxega okukhona phakathi kwabagcini beSabatha kulandelwe yilabo abathi bagcina usuku olungcwele lukaNkulunkulu lokuphumula. Umugqa wokwahlukanisa kufanele ukhanye futhi uhlukanise phakathi kwalabo abathwele uphawu lombuso kaNkulunkulu nalabo abathwele uphawu lombuso wohlubuko.”-Testimonies for the Church, vol. 6, p. 353.

1. IZINSUKU EZIYISITHUPHA NgeSonto Nhlangulana 18
a. Yiziphi izinsuku eziyisithupha zesonto ezenzelwe kona-futhi kubaluleke kangakanani lokhu ekuphileni kobuKrestu-na? Exodusi 20:9; 2 Thesalonike 3:10. b. Chaza usuku lweBhayibheli-futhi yini okumele sikugcine engqondweni ezinsukwini eziyisithupha. Genesis 1:5; Levi 23:32: Eksodusi 20:8. “Phakathi kweviki lonke kufanele sibe neSabatha engqondweni futhi senze amalungiselelo okuligcina ngokomthetho. Akufanele siligcine njengendaba esemthethweni. Kufanele sizwisise ukuphatheka kwalo ngokwesimoya kukho konke okwenziwa ekuphileni.”-Testimonies for the Church, vol. 6, p. 353.“Uma iSabatha likhunjulwa kanjalo, okwesikhashana akusoze kwavunyelwa ukungena kwizinto zesimoya. Akukho msebenzi oqondene nezinsuku eziyisithupha zokusebenza ozoshiyelwa iSabatha. Phakathi kweviki amandla ethu angeke akhathazwa ngumsebenzi wesikhashana ukuthi ngosuku lolo iNkosi eyaphumula ngalo futhi yaqabuleka sizobe sikhathele kakhulu ukuba singahlanganyela enkonzweni Yakhe.”-Ibid., p. 354.

2. IZINKOMBA ZOKUGCINWA KWESABATHA NGOKUFANELE NgoMvulo Nhlangulana 19
a. Libizwani ngokuthi liyini usuku olwandulela iSabatha nokuthi kuyini okufanele kwenziwe ngalolo-suku-na? Marako 15:42; Eksodusi 16:22, 23. “Bonke abashisekela ukugcina iSabatha ngokuya ngokomthetho, abasoze bapheka noma ukuphi ukudla ngeSabatha. Ngokwesaba uNkulunkulu, Lowo owanikeza umthetho Wakhe eSinayi, bazozilandula, futhi badle ukudla okulungiswe ngosuku lwesithupha, ngisho noma kungemnandi kangakho. UNkulunkulu wabenqabela abantwana bakwaIsrayeli ukubhaka nokuthosa ngeSabatha.”-The Spirit of Prophecy, vol. 1, p. 225.“Ukupheka ngeSabatha kufanele kugwenywe; kodwa akudingekile ukuba udle ukudla okubandayo. Ngesikhathi sasebusika ukudla okuphekwe ngosuku lwesithupha kufanele kufudunyezwe.”-The Ministry of Healing, p. 307.“Ngaphambi kokushona kwelanga makubekwe eceleni umsebenzi wokuziphilisa futhi wonke amaphepha asuswe emehlweni.”-Testimonies for the Church, vol. 6, p. 355. b. Kuthiwani uma ezinye izinto zingaqediwe ngalolo-suku-futhi abaluleke kangakanani amalungiselelo esimoya, nawo-na? Luka 23:54, 24, 1; Mathewu 5:23, 24. “Abaningi ngokunganaki bayeka ukupholisha izicathulo zabo, nokushefa izinwele, kuze kube semva kokuqala kweSabatha. Lokhu akufanele kwenzeke. Noma ngubani odembesela ukwenza umsebenzi onjalo ngosuku lokusebenza, kufanele babe nenhlonipho eyanele ngesikhathi sikaNkulunkulu esingcwele sokuba bayeke izintshebe zabo zingagundiwe, nezicathulo zabo zimaholo futhi zingcolile kuze kudlule iSabatha. Lokhu kumele kusize umkhumbulo wabo, futhi kubenze bacophelele kakhulu ekwenzeni umsebenzi wabo ngezinsuku eziyisithupha zokusebenza.”-The Signs of the Times, Nhlaba 25, 1882.“Ngalolusuku konke ukungezwani phakathi kwabazalwane, emndenini noma ebandleni, kufanele kudluliswe. Bonke ubuhlungu nolaka nenzondo kuxoshwe emphefumulweni. Ngomoya othobekile ‘vumani izono omunye komunye, nikhulekelane, ukuba niphulukiswe.”-Testimonies for the Church, vol. 6, p. 356. c. Kubaluleke kanjani ukuhlanzeka ekulungiseleni iSabatha nasezindaweni zokukhuleka-na? Eksodusi 19:10, 11; 30:18-20. “Wonke umuntu kufanele abenempahla ekhethekile, azoyigqoka lapho eya enkonzweni endlini kaNkulunkulu. Kuyilapho kungafanele sihambisane nemfashini yezwe, akufanele sibe abangenandaba nokubukeka kwethu kwangaphandle. Kufanele siqoqeke futhi sibe bahle, nokuba singenakho ukuzihlobisa. Abantwana bakaNkulunkulu kufanele bahlanzeke ngaphakathi nangaphandle.”-Ibid., p. 355.

3. UMSEBENZI WOKUZIPHILISA Ngolwesibili Nhlangulana 20
a. Kuyini okuveza ukujula kwemvelo yemithetho kaNkulunkulu leyo elondoloza iSabatha? Exodusi 31:14; Nehemiya 13:15-18. b. Kuthiwani ngokuthwala imithwalo ngeSabatha nokuthatha uhambo olungenasidingo-na? Jeremiya 17:21, 22. “Uma sifisa isibusiso esithenjiswe kulowo olalelayo, kufanele agcine iSabatha ngokuqinile kakhulu. Ngiyesaba ukuthi kaningi sithatha uhambo ngalolusuku bekungakuhle uma besingakugwema. Ngokuvumelana nokukhanya lokhu iNkosi esinike kona maqondana nokugcinwa kweSabatha, sizoqaphela kakhulu ukuhamba ngemikhumbi noma ngezimoto ngalolusuku. Ngalezindaba masibeke isibonelo eqiqondile phambi kwabantwana bethu kanye nabasha. Ukuze sifinyelele kulamabandla adinga usizo lwethu, nokubanika isigijimi uNkulunkulu alangazelela ukuba basizwe, kungase kudingeke ukuba sihambe ngeSabatha; kodwa ngokusemandleni ethu kufanele sithenge amatikiti futhi senze wonke amalungiselelo adingekayo phakathi kweviki. Uma uthatha uhambo kufanele wenze wonke amalungiselelo afanele ukuze ugweme ukufika kuleyondawo ngeSabatha.“Uma ucindezeleka ukuhamba ngeSabatha masizame ukugwema ukuzihlanganisa nexuku lalabo abangase basidonsele ekunakeni izinto zezwe. Kufanele sigcine izingqondo zethu zihlezi kuNkulunkulu futhi sikhulumisane Naye. Uma ithuba livela masikhulume nabanye maqondana neqiniso. Masihlale silungele njalo ukukhulula abahluphekile nokusiza abaswele. Ezindabeni ezinjalo uNkulunkulu ufisa ukuthi ulwazi nokuhlakanipha asiphe kona kumele kusetshenziswe. Kodwa akufanele sikhulume izindaba zebhizinisi noma sihlanganyele noma yikuphi okuvamile, izindaba zelizwe. Ezikhathini eziningi nasezindaweni zonke uNkulunkulu udinga kithi ukuba sifakazele ukuthembeka Kuye ngokuhlonipha iSabatha.”-Testimonies for the Church, vol. 6, pp. 359, 360. c. Kuthiwani ngamazwi ethu nangemicabango yethu-na? Isaya 58:13. “UNkulunkulu akadinga nje kuphela ukuthi sigweme umsebenzi wezandla ngeSabatha, kodwa ukuthi ingqondo mayifundiswe ukugxila ezihlokweni ezingcwele. Umthetho wesine uyephulwa ngokukhuluma ngezinto zelizwe noma ngokuhlanganyela ezingxoxweni ezilula nezincane. Ukukhuluma noma yini noma konke okungase kufike engqondweni sikhulume amazwi ethu. Konke ukuchezuka ekwenzeni okulungile kusiletha ebugqilini nasekulahlweni.”-Ibid., vol. 2, p. 703.

4. UMDALI WETHU ONOMUSA Ngolwesithathu Nhlangulana 21
a. Kubalukeke kangakanani ukukhonza ngosuku lweSabatha-na? Kuyini okuhlanganiswa nokukhonza-na? Levi 23:3; Izenzo 15:21; Luka 4:16. b. Kuyini okufanele sihlanganyele kukho, ikakhulukazi manje-nokuthi kungani-na? Heberu 10:24, 25. “Labo abangasiboni isidingo sokufuna umhlangano wabangcwele, abenesiqiniseko esiyigugu sokuthi iNkosi izohlangana nabo, babonisa ukuthi balwazisa kancane kanganani usizo uNkulunkulu abanikeze lona.”-The SDA Commentery [E.G.White Comments], vol. 7, p. 934. c. Ingabe ukunikeza usizo kulabo abahluphekile kubhekwa njengomsebenzi wokuziphilisa, noma kuhambisana nokukhonza-na? Mathewu 12:10-13. “Njalo kuzohlala kukhona imisebenzi okufanele yenziwe ngeSabatha ukuze kukhululwe uluntu oluhluphekile. Lokhu kulungile, futhi ngokuvumelana nomthetho Walowo othi, ‘Ngithanda isihawu, hayi umhlatshelo.’ Kodwa kukhona ingozi yokuwela ukuba singawunaki lomcijo, nokwenza okungafanele sikwenze ngeSabatha.”-Medical Ministry, p. 50. d. Kungani uJesu wakhetha ukuphilisa ngeSabatha-na? Johane 5:5-9. “[UJesu] wazela ukukhulula iSabatha kulezo zimfuno eziwumthwalo ezenze iSabatha laba isiqalekiso esikhundleni sesibusiso.“Ngenxa yalesi sizathu wakhetha iSabatha ukuba enze ngalo isenzo sokuphulukisa eBethesda. Wayengaphulukisa indoda egulayo nganoma yiluphi usuku lweviki; kwakungenzeka futhi ukuba aMphilise, ngaphandle kokumtshela ukuthi athwale uhlaka lwakhe. Kodwa kwakungeke kuMnike ithuba abelifisa. Inhloso ehlakaniphile yasekela zonke izenzo zokuphila kukaKristu emhlabeni. Konke akwenzayo kwakubalulekile ngokwakho nemfundiso yakho. Phakathi kwabahluphekile echibini wakhetha isimo esibi kakhulu okwakumele asebenzisa kuso amandla Akhe okuphulukisa, futhi watshela indoda ukuthi ithwale uhlaka lwayo phakathi komuzi ukuze imemezele umsebenzi omkhulu owenziwe kuye. Lokhu kwakuzoletha umbuzo wokuthi kwakusemthethweni yini ukuba kwenziwe ngeSabatha, futhi kwakuzoMvulela indlela yokulahla izivimbelo zamaJuda maqondana nosuku lweNkosi, futhi aMemezele ubuze bamasiko abo.”-The Desire of Ages, p. 206.

5. IZIFUNDO EZIVELA EMVELWENI Ngolwesine Nhlangulana 22
a. Chaza omunye umcijo obalulekile wokugcinwa kweSabatha. Eksodusi 20:11; Roma 1:20; Izenzo 16:13. “Isikolo seSabatha nomhlangano wokukhonza kuthatha inxenye yeSabatha kuphela. Inxenye eselele umndeni ingenziwa ibeyisikhathi esingcwele nesiyigugu kunawo wonke amahora eSabatha. Isikhathi esiningi abazali kumele basichithe nabantwana babo. Emikhayeni eminingi abantwana abancane bashiywa bebodwa ukuze bathole ukuzijabulisa ngendlela abathanda ngayo kunokwenzeka. Bebodwa, abantwana ngokushesha baqala ukungahlaliseki baqale badlale noma benza uhlobo oluthile lobubi. Ngakho iSabatha alinako ukubaluleka okungcwele kubo.“Uma isimo sezulu sisihle abazali ake bahambe nabantwana babo emasimini nasemahlathini. Phakathi kwezinto ezinhle zemvelo babatshele isizathu sokumiswa kweSabatha. Babachazele umsebenzi omkhulu kaNkulunkulu wokudala. Babatshele ukuthi wawunjani umhlaba mhla uvela esandleni Sakhe. Wawungcwele futhi umuhle. Imbali ngayinye, umuthi ngamunye, isihlahla ngasinye, bekuphendula inhloso yoMdali wayo. Konke lokhu iso elikubonayo kwakukuhle futhi kugcwalisa ingqondo ngemicabango yothando lukaNkulunkulu. Wonke umsindo womculo wawuhambisana nezwi likaNkulunkulu. Kwakubonisa ukuthi yisono esangcolisa umsebenzi ophelele kaNkulunkulu; ukuthi ameva namakhakhasi, usizi nobuhlungu nokufa, konke kuyimiphumela yokungalaleli uNkulunkulu. Batsheleni ukuze babone ukuthi umhlaba, njengoba ungcoliswe isiqalekiso sesono, wembula kanjani ubuhle bukaNkulunkulu.“Batsheleni indlela yensindiso. Imbali emnandi yaseBethlehema mayiphindwe. Lethani uJesu phambi kwabantwana, njengomntwana olalela abazali Bakhe, njengomusha othembekile nokhuthele, esiza ekusekeleni umndeni. Ngalokho ungabafundisa ukuthi uMsindisi uyazazi izilingo, ukudideka, nezivivinyo, amathemba kanye nenjabulo, yabasha, nokuthi angabanika uzwelo nosizo.”-Testimonies for the Church, vol. 6, pp. 358, 359.

IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE Ngolwesihlanu Nhlangulana 23
1. Kungenzeka kanjani ukuthi ukusebenza ngokweqile phakathi kweviki kungiholela ekwephuleni iSabatha? 2. Kungani kufanele simise wonke umsebenzi ekushoneni kwelanga ngoLwesihlanu, noma ungaphelanga? 3. Ngingakhulisa kanjani imikhuba yami yokuthatha uhambo maqondana neSabatha? 4. Chaza ukulingana okukhona ekugcineni iSabatha nokusiza ogulayo? 5. Kuyini njengebazali esingasiza abantwana bethu ukuba bathokozele iSabatha?
 <<    >>