Back to top

Sabbath Bible Lessons

Eqhakazile Imisebe yokukhanya ingcebo yeqiniso (II)

 <<    >> 
ISabatha, Nhlaba 20, 2023 Isifundo 8
Usuku lukaNkulunkulu Lothando IVESI LEKHANDA: “Ningcwelise amasabatha ami, abe yisibonakaliso phakathi kwami nani, ukuze nazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu” (Hezekeli 20:20).
Incwadi Enikeziwe:   Child Guidance, pp. 527-537. 
“UNkulunkulu wabona ukuthi iSabatha limqoka kumuntu, ngisho naseParadesi. Kwakufuneka abekele eceleni okuthandeka kuye alandele usuku olulodwa lwesikhombisa, ukuze azindle ngokuphelele imisebenzi kaNkulunkulu acabange ngamandla nobuhle Bakhe. Wayedinga iSabatha ukuba limkhumbuze uNkulunkulu ngokukhanyayo kakhulu futhi avuse ukubonga ngoba konke umuntu akuthokozelayo nanakho kuvela esandleni esinomusa soMdali.”-Patriachs and Prophets, p. 48.

1. UKUPHILA OKUPHAKADE NgeSonto Nhlaba 14
a. Kuyini okufanele sikuqaphele ngalabo kuphela abazoba nelungelo lokuya kulelozwe elingcono-na? Isambulo 22:12-14; Jakobe 2:10. “Lapho [abaningi] benqaba ukukholwa nokulalela ezinye zezimfuno zeNkosi, bephikelela ukunikela kuNkulunkulu izinkonzo zabo ezingokomthetho. Akukho ukusabela komoya kaNkulunkulu enkonzweni enjalo. Kungakhathaliseki ukuthi amadoda angashiseka kangakanani ekugcineni imikhosi yenkolo, iNkosi ayikwazi ukubamukela uma bephikelela ukwephula ngabomi omunye wemithetho Yakhe.”-Patriachs and Prophets, p. 634. b. Kufanele kubeyini esikwenzayo ngalomthetho futhi kufanele ugcinwe kuphi-na? 2 Korinte 13:5; Heberu 8:10. “Kufanele silinganise izimilo zethu nesilinganiso esingenakuduka somthetho kaNkulunkulu. Ukuze sibenakho ukwenza lokhu, kufanele sihlole iMibhalo, silinganisa esikuzuzile ezwini likaNkulunkulu.”-The Review and Herald, Nhlolanja 14, 1893.

2. UKUBUYISELWA OKWAPROFETHWAYO NgoMvulo Nhlaba 15
a. Yisiphi isiprofetho esibonisa ukuthi abantu bakaNkulunkulu bazohlonipha ngokukhethekile umthetho wokuziphatha wemithetho Yakhe elishumi-na? Jeremiya 6:16; Isaya 58:12. “Ngesikhathi sokugcina sonke isimiso esingcwele kufanele sibuyiselwe. Igebe elenziwa emthethweni ngesikhathi iSabatha liguqulwa ngumuntu, kumele lilungiswe. Insali yabantu bakaNkulunkulu, bemi phambi komhlaba njengebavuseleli, kufanele babonise umthetho kaNkulunkulu ukuthi uyisisekelo esiqinile sabavuseleli bonke nokuthi iSabatha lomthetho wesine kumele lime njengesikhumbuzo sendalo, isikhumbuzo esingapheli samandla kaNkulunkulu. Ngokukhanyayo, nangemigqa ehlukile kufanele balethe isidingo sokulalela zonke izimiso Zomthetho. Bephoqelelwa uthando lukaKristu kufanele basizane Naye ekwakheni izindawo ezichithakele. Kufanele babe ngabavalizikhala, nabalungisi bemikhondo ukuba kuhlale kuyo.”-Prophets and Kings, p. 678. b. Yisho amaphuzu aqondile okufanele kunakekelwe ngalokhu kubuyiselwa bese uchaza umphumela walokho? Isaya 58:13, 14. “Uma iSabatha liqala, kufanele sizilinde ngokwethu, izenzo zethu namazwi ethu, hleze siphange uNkulunkulu ngokuthi thina sisebenzise leso sikhathi esingeseNkosi ngempela. Akufanele sizenzele thina, singavumeli izingane zethu ukuba zenze, noma yimuphi umsebenzi wethu ukuze siziphilise, nanoma yini ebingenziwa ngezinsuku eziyisithupha zokusebenza. Ngolwesihlanu usuku lokulungiselela. Isikhathi manje singanikelwa ukwenza amalungiselelo eSabatha ngokucabanga nokuxoxa ngalo. Akukho emehlweni eZulu okuzobhekwa njengokwephula iSabatha elingcwele okufanele kushiywe kungakhulunywa noma kungaqedwa, noma kukhulunywe noma kwenziwe ngeSabatha. UNkulunkulu akadingi kuphela ukuba sizibambe emsebenzini wezandla ngeSabatha, kodwa ingqondo mayiqondiswe ukuba ihlale phezu kwezihloko ezingcwele. Umthetho wesine ngempela uyephulwa ngokukhuluma izinto zezwe noma ukuhlanganyela enxoxweni elula noma eyize.”-Testimonies for the Church, vol. 2, p. 702, 703.“Kubobonke abamukela iSabatha njengophawu lukaKristu lokudala namandla ahlengayo, lizakuba yinjabulo. Ngokubona uKristu kulo, bayakuzijabulisa Kuye. ISabatha libakhomba emsebenzini wendalo njengobufakazi bamandla Akhe amakhulu okuhlenga. Lapho liletha enqondweni ukuthula okwalahlekayo kwaseEdeni, likhuluma ngokuthula okwabuyiselwa ngenxa yoMsindisi.”-The Desire of Ages, p. 289.

3. UKUVUSELELWA KWESABATHA Ngolwesibili Nhlaba 16
a. UNkulunkulu wafuna kanjani ukulungisa isimo sengqondo yabantu Bakhe ngeSabatha-futhi kuyini okuzokwenzeka uma beqhubeka ukulenqaba-na? Jeremiya 17:24-27. “Kolunye uhlangothi, ngokuyala kweNkosi, umprofethi wema kweminye yeminyango emikhulu yomuzi wakhuthaza ukubaluleka kokugcina usuku lweSabatha lungcwele. Abakhileyo eJerusalema babesengozini yokungabuboni ubungcwele beSabatha, futhi baxwayiswa ngesizotha ukuba bangalandeli iminako yabo ngalolosuku.“Ngaleyondlela umprofethi wema waqina maqondana nezimiso eziphelele zokuphila okuhle ezichazwe ngokucacile encwadini yomthetho. Kodwa izimo ezazikhona ezweni lakwaJuda kwakuyilezo ezingasetshenziswa kuphela izinyathelo ezinqunyiwe ukuletha inguquko ibengcono.”-Prophets and Kings, pp. 411, 412. b. Ingabe izenzo ezifanayo zidala kanjani imiphumela efanayo-na? 1 Korinte 10:5, 6. Ingabe uNkulunkulu uguqukile-na? Malaki 3:6; Heberu 13:8. “Noma kunini lapho kukhona isisusa, imiphumela efanayo izolandela. Lowo ngabomu evimbela izinkolelo zakhe zesibopho ngoba ziphazamisa ukuthambekela kwakhe ekugcineni uzolahlekelwa amandla okuhlukanisa phakathi kweqiniso nephutha. Ukuqonda kuyafiphala, unembeza uyabanda, inhliziyo iyaqina, nomphefumulo uhlukaniswa usuke kuNkulunkulu. Lapho isigijimi seqiniso elingcwele senqatshwa futhi singanakwa, ibandla lizombozwa ngubumnyama; ukukholwa nothando kuzokhula futhi kubande, ukulwa nokwehlukana kuyangena. Amalunga ebandla aqondisa intakazelelo yawo namandla ekulandeleni ilizwe, nezoni zibalukhuni ekudabukeleni isono.”-The Great Controversy, pp. 378, 379.“Namuhla uSathane usebenzisa icebo elifanayo ukungenisa ububi obufanayo, nemizamo yakhe ilandelwa imiphumela efanayo yesikhathi sakwaIsrayeli esafaka abaningi emathuneni abo.”-The Review and Herald, Nhlolanja 4, 1909.“INgozi efanayo isekhona namuhla phakathi kwabantu abafakazela ukuthi bangumthombo womthetho kaNkulunkulu. Bafaneleka kakhulu futhi bazithophe ngokuthi indlela abaphethe ngayo imiyalelo kufanele ibavikele emandleni okulunga okungcwele. Abafuni ukukhuzwa ngokwenza okubi babo, basole izinceku zikaNkulunkulu ukuthi zishisekela kakhulu ukukhipha isono ngaphandle kwekamu.”-The Signs of the Times, Nhlolanja 12, 1880, Art. B.

4. UBUNZIMA Ngolwesithathu Nhlaba 17
a. Sazi kanjani ukuthi iSabatha lalikhona ngaphambi kokuba bafike eNtabeni yaseSinayi-na? Exodusi 20:8; 16:4, 5. AmaHeberu abonisa kanjani ukudelela wona lowomthetho-na? Exodusi 16:27-30. “Amaviki wonke phakathi kohambo lwabo olude ehlane amaIsrayeli aba ngofakazi besimangaliso esiphindwe kathathu, esamiswa ukushukumisa izingqondo zabo ngobungcwele beSabatha: isilinganiso semana esiphindwe kabili salala ngosuku lwesithupha, akwabakho lutho ngosuku lwesikhombisa, nenxenye eyayidingeka ngeSabatha yalondolozwa imnandi futhi ihlanzekile, lapho ngezinye izikhathi uma yayigcinwa yayingasalungele ukusetshenziswa.“Kwizimeko ezihlangene nokuphiwa kwemana, sinobufakazi obuqinisekile bokuthi iSabatha alimiswanga, njengokusho kwabaningi, lapho umthetho unikezwa entabeni yaseSinayi. Ngaphambi kokufika kukaIsrayeli eSinayi babelizwisisa iSabatha ukuthi liyisibopho phezu kwabo. Babephoqelelwa ukuba njalo ngolwesiHlanu babuthe imana ephindwe kabili ekulungiseleni iSabatha, lapho kungekho lutho oluzokuwa, imvelo engcwele yosuku lokuphumula yayiqhubeka igcizelelwa phezu kwabo. Futhi lapho abanye abantu bephuma ngeSabatha ukubutha imana, iNkosi yabuza, ‘Niyakwala kuze kubenini ukugcina imiyalo yami nemithetho yami.”-Patriachs and Prophets, pp. 296, 297. b. Ingabe lokhu bekuyinkinga engavamile yini ehlane maqondana nendaba yeSabatha-na? Hezekeli 20:10-13. “Phakathi kweminyaka engamashumi amane ehlane, abantu iviki neviki babekhunjuzwa ngobungcwele besibopho seSabatha, ngesimanga semana. Kodwa lokhu akuzange kubaholele ukuba balalele. Noma bangazange baphendukele ekuphuleni kwabo umthetho ngokubonakalayo nangesibindi njengoba bebona uphawu lwesijeziso salo, nokho kwakukhona ubuvila bokugcina umthetho wesine. UNkulunkulu wamemezela ngomprofethi Wakhe, ‘Bawonile amasabatha ami.’ Hezekeli 20:13-24. Lokhu kulandwa phakathi kwezizathu zokungangeni kwesizukulwane sokuqala Ezweni Lesithembiso. Kodwa abantwana babo abafundanga isifundo. Ukunganaki kwabo iSabatha kwakuku-khulu phakathi kweminyaka engamashumi amane bezula ehlane, noma uNkulunkulu engabavimbelanga ukuba bangene eKanana, wamemezela ukuthi bahlakazwe phakathi kwabahedeni uma befika Ezweni Lesithembiso.”-Ibid., pp. 409, 410.

5. ISIZATHU ESIBALULEKILE Ngolwesine Nhlaba 18
a. Umyalo weSabatha ubonisa kanjani ukuthi akuwona umyalo omusha-na? Eksodusi 20:8-11. “ISabatha alingeniswanga njengesimiso esisha kodwa njengaleso esamiswa endalweni. Kufanele likhunjulwe futhi ligcinwe njengesikhumbuzo somsebenzi wendalo kaNkulunkulu. Likhomba kuNkulunkulu njengoMdali wezulu nomhlaba, lihlukanisa uNkulunkulu weqiniso nabobonke onkulunkulu bamanga. Bonke abagcina usuku lwesikhombisa babonisa ngalesi senzo ukuthi bakhonza uJehova. Kanjalo iSabatha liwuphawu lokuthembeka komuntu uNkulunkulu.”-Patriachs and Prophets, p. 307. b. Singawuthola kuphi umyalo wokuqala nokuthi leNkonzo yeSabatha ibaluleke ngani kubantu bakaNkulunkulu beqiniso-na? Genesis 2:1-3; Hezekeli 20:20. “NjengeSabatha, iviki laqala endalweni, futhi lagcinwa futhi lalethwa phansi kithi ngomlando weBhayibheli. UNkulunkulu nguyena owalinganisa iviki lokuqala njengesibonelo samaviki alandelanayo kuze kube sekupheleni kwesikhathi. Njengamanye amaviki, asekwa izinsuku eziyisikhombisa ngokulandelana. Izinsuku eziyisithupha zasetshenziswa emsebenzini wokudala; ngosuku lwesikhombisa, uNkulunkulu waphumula, futhi walubusisa lolusuku walubekela eceleni njengosuku lokuphumula komuntu.”-Ibid., p. 111.“Njengoba Yena aphumula ngeSabatha, ‘UNkulunkulu walubusisa usuku lwesikhombisa, walungcwelisa,’-walubekela eceleni ukuba lisetshenziselwe okungcwele. Walipha uAdamu njengosuku lokuphumula. Liyisikhumbuzo somsebenzi wokudala, futhi njalo liluphawu lwamandla kaNkulunkulu nothando Lwakhe.”-The Desire of Ages, p. 281.

IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE Ngolwesihlanu Nhlaba 19
1. Buyini ubuhlobo obukhona phakathi kokuphila okuphakade Nemithetho Elishumi? 2. Kuyini esingakufunda ngenguquko eprofethiwe ngodaba lweSabatha? 3. Esikhathini sethu, iyini imiphumela yokudembesela okufanayo ezinsukwini zikaJeremiya? 4. Kwakudlange kangakanani ukunganakwa kweSabatha ehlane futhi yabayini imiphumela? 5. Lubaluleke kangakanani usuku lweSabatha kuwe-na?
 <<    >>