Eqhakazile Imisebe yokukhanya ingcebo yeqiniso (II) << >> ISabatha, Mbasa 29, 2023 Isifundo 5 Iminyaka Eyinkulungwane Yencithakalo (I) IVESI LEKHANDA: “Abafileyo ababesele kabaphila yaze yaphela iminyaka eyinkulungwane. Lokhu kungukuvuka kokuqala. Ubusisiwe, ungcwele onesabelo ekuvukeni kokuqala; kulabo ukufa kwesibili akunamandla, kepha bayakuba ngabapristi bakaNkulunkulu nabakaKristu, babuse kanye naye iminyaka eyinkulungwane“(Isambulo 20:5, 6). Incwadi Enikeziwe: The Great Controversy, pp. 653-661. “Umhlaba ubona ixuku lalabo abaye baklolodela futhi badelela, futhi bafisa ukubaqothula, badlule ngaphandle kokulinyazwa izifo ezingumashaya-bhuqe, isiphepho, nokuzamazama komhlaba. Lowo ozoba ngumlilo oqothulayo kulabo abeqa umthetho Wakhe, kubantu Bakhe uyinqaba yesiphephelo.”-Patriachs and Prophets, p. 654. 1. UKUQALA KWEMINYAKA EYINKULUNGWANE NgeSonto Mbasa 23 a. Yisiphi isehlakalo esenzeka ekuqaleni kweminyaka eyinkulungwane-na? Isambulo 20:5. b. Ngubani ozovuswa ngovuko lokuqala, futhi lokhu kwenzeka nini-na? Isambulo 20:6 (inxenye yokuqala); 1 Korinte 15:22, 23. Ubuqiniso bovuko kuyini okufanele kwenze umuntu ngamunye wethu akukhumbule ekuncengeni kwakhe-na? “UKristu uzobonakala ngenkazimulo Yakhe, futhi abize abalungileyo abafileyo. Abangcwele abaphilayo bazoguqulwa, futhi, bekanye nabavusiwe, basuswa emhlabeni izingelosi bahlangabeza iNkosi Yabo emoyeni. Umhlaba usele njengehlane eliyincithakalo.”-Spiritual Gifts, vol. 3, p. 83.“Abantu bangasho ukuthi banokholo olukhulu kuJesu futhi akukho ongakwenza ngaphandle kokuthi uKristu akwenza kuwe. Manje, lapho uKristu ebiza abafileyo, kwencike ngokuphelele emzamweni wakho wokuthatha inyathelo ukuthi uvuselwe ukuphila okuphakade noma uvuko lokulahlwa.”-Faith and Works, p. 55. 2. UKUVUSWA KWABALUNGILE NgoMvulo Mbasa 24 a. Umehluko onjani obonakala kwabalungile njengoba bevuswa ekubuyeni kukaKristu ekuqaleni kweminyaka eyinkulungwane-na? Isambulo 20:4-6. “UKristu…ubheke phambili kulesosikhathi sokuza Kwakhe okwesibili. Bese abalungile abafileyo bavuswe bengenakubola, nabalungile abaphilayo bazoguqulelwa ezulwini bengabonanga ukufa.”-The Desire of Ages, p. 530.“Umniki-kuPhila uzobiza imfuyo Yakhe ayithengile ovukweni lokuqala, futhi kuze kufike lelohora lokunqoba, lapho icilongo lokugcina lizokhala nebutho elikhulu liphumele ekunqobeni okuphakade, bonke abangcwele abalele bazogcinwa ngokuphepha bazolindwa njengetshe eliyigugu, uNkulunkulu ababiza ngegama. Ngamandla oMsindisi obehlala kubo ngesikhathi besaphila futhi nangenxa yokuthi babe-ngabahlanganyeli bemvelo engcwele, bavuswa ekufeni.“Ihora liyeza,’ kusho uKristu, ‘Lelo bonke abasemathuneni bazolizwa izwi Lakhe, futhi bavuke.’ Lelozwi lizozwakala ezindaweni zonke ezihlala abafileyo; nabobonke abangcwele abalalele kuJesu bazovuka bashiye indlu yabo yetilongo. Kanjalo ubuhle besimilo esitholakala ekulungeni kukaKristu buzosihlanganisa nobukhulu beqiniso bohlelo oluphakeme kakhulu.”-Sons and Daughters of God, p. 359.“Kuphela ababusisiwe nabangcwele abazolungela uvuko lokuqala; ngoba uma uKristu eza, angeke aguqule isimilo….Izwi likaNkulunkulu liyasho ukuthi kufanele sifunyanwe singenacala, singenasici, noma ibala noma into enjalo. Manje kufanele sifunde ukulalela, ukuthobela intando engcwele, ukuze uNkulunkulu asebenze kithi intando nokwenza ngokuthanda Kwakhe, ukuze sisebenzele insindiso yethu ngokwesaba nangokuthuthumela. Kodwa imizamo yethu ayisizi lutho ukuhlanza isono noma ukwenza busha inhliziyo. Yigazi likaKristu kuphela elingasihlanza; umusa Wakhe kuphela ongadala kithi inhliziyo entsha, usenze silalele umthetho kaNkulunkulu. Kuyena uyithemba lethu kuphela.”-The Signs of Times, Unhlolanja 9, 1891. b. Hlolisisa indlela uKristu azobuya ngayo kulabo abamthandayo-na? 1 Thesalonike 4:13-16. “UKristu ubiza bonke labo njengaBakhe abathe bakholwa egameni Lakhe. Amandla akhuthazayo oMoya kaKristu ahlala emzimbeni ofayo abophelele wonke umphefumulo okholwayo kuJesu Kristu. Labo abakholwa kuJesu bangcwele enhliziyweni Yakhe; ngoba ukuphila kwabo kufihleke noKristu kuNkulunkulu.”-Selected Messages, bk. 2, p. 271. 3. IKHAYA LASEZULWINI Ngolwesibili Mbasa 25 a. Kuyini okuzokwenzeka kwabalungile abaphilayo, bekanye nabangcwele abavusiwe-na? 1 Thesalonike 4:17. “UKristu wabekwa icala lokuhlambalaza, futhi wagwetshelwa ukufa okunonya, kodwa wagqabula izibopho zethuna, futhi wavuka kwabafileyo engonqobayo, phezu kwethuna likaJosefa uJesu wathi; ‘Mina ngingukuvuka nokuphila, okholwa yimi, noma efa wophila’ (Johane 11:25). Wonke amandla asezulwini nasemhlabeni aphiwa Yena, nabangcwele bazovuka emathuneni bekhululekile kuJesu. Bazobalelwa njengabafanele ukuthola lowomhlaba kanye nokuvuka kwabafileyo.“Ukusa okukhazimulayo kuzoba njani ekuseni kovuko. Isehlakalo esimangalisayo sizobonakala lapho uKristu efika ukuba athokozelwe ngabakholwayo. Bonke ababengabahlanganyeli noKristu ekuthotshisweni Kwakhe nasezinhluphekweni bazoba ngabahlanganyeli Naye enkazimulweni Yakhe. Ngokuvuka kukaKristu ekufeni bonke abangcwele abakholwayo abalalele kuJesu bazovuka etilongweni labo bengabanqobi.“UJesu Kristu ukunqobile ukufa wadabula amaketanga ethuna, bonke abalele emathuneni bazohlanganyela ekunqobeni; bazophuma emathuneni abo njengoba enzile uMnqobi.”-Selected Messages, bk. 2, pp. 271, 272. b. Bazohlanganiswa ndawonye kanjani futhi nangayiphi inhloso? Mathewu 24:29-31; Johane 14:3; 13:36. “Sekuyisikhathi eside silindele uMsindisi wethu ukuba abuye. Noma kunjalo isithembiso siqinisekile. Masinyane sizofika ekhaya lesithembiso. UJesu uzosiholela eduze komfula ophilayo ugeleza uphuma esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu futhi uzosichazela ukulondolozwa okumnyama akulethile kulomhlaba ukuze aphelelise izimilo zethu. Lapho sizobheka ngombono okhanyayo ubuhle beEdeni libuyiselwa. Saphonsa ezinyaweni zoMhlengi imiqhele leyo ayibeke phezu kwamakhanda ethu, sathinta amahabhu ethu egolide, sagcwalisa izulu lonke ngokudumisa Yena ohlezi esihlalweni sobukhosi.”-Testimonies for the Church, vol. 8, p.254.“Siyabonga Nkulunkulu! Ingabe yilezi zithabathaba engibheke ukuya kuzo. Akuzona izindlu zalapha emhlabeni, ngoba zizodilizelwa phansi ukuzamazama okukhulu komhlaba kungekudala; kodwa yilezindlu zasezulwini lezo uKristu ayozilungisela abathembekile. Asinamuzi lapha. Singabafokazi nezihambi lapha, sibheke umuzi ongcono, ngisho owasezulwini.”-In Heavenly Places, p. 354. 4. AMAVA ABABI Ngolwesithathu Mbasa 26 a. Kuyini okuzokwenzeka kwababi ekubuyeni kukaKristu okwesibili-futhi kungani-na? 2 Thesalonike 1:7, 8; 2:7, 8. “Ababi bagcwala ukuzisola, hayi ngenxa yezono zabo zokunganaki uNkulunkulu nabantu abakanye nabo, kodwa ngoba uNkulunkulu unqobile. Bayakhala ngoba umphumela unjengoba unjalo; kodwa abaphenduki ebubini babo.”-The Great Controversy, p. 654.“UKristu lapha akalethi inkulungwane yeminyaka yesikhashana, iminyaka eyinkulungwane okufanele bonke balungiselele ingunaphakade. Uyasitshela ukuthi njengoba kwakunjalo ezinsukwini zikaNowa, koba njalo lapho iNdodana yomuntu ibuya ngokwesibili.”-The Desire of Ages, p. 633. b. Chaza lokhu kuziphindisela. Isambulo 19:11-16; Isaya 24:17-22; Jeremiya 25:30-33. “Manje bonke benzile izinqumo zabo; ababi ngokuphelele bahlangana noSathane empini yabo yokumelana noNkulunkulu. Isikhathi sifikile sokuthi uNkulunkulu aziphindisele ngenxa yomthetho Wakhe onyathelelwe phansi. Manje impikiswano ayiqondanga kuSathane yedwa, kodwa nakubo. ‘UJehova uphikisana nezizwe; ‘Ababi uzakubanikela enkembeni.“Umsebenzi wokubhubhisa uqala phakathi kwalabo ababethi bangabaholi besimoya sabantu, abalindi bamanga bangabokuqala ukuwa. Abekho abazohawukelwa noma abazosinda. Amadoda, abesifazane, izintombi nabantwana abancane bazobhubha ndawonye.”-The Great Controversy, p. 656. c. Chaza ukuthi kwenzekani kubo bonke laba abafile-nesimo somhlaba ngaleso sikhathi. Isambulo 19:17-21; Jeremiya 4:23-29; Isaya 24:1-4. “Ekubuyeni kukaKristu ababi bayachithwa ebusweni bomhlaba wonke–baqedwa umoya womlomo Wakhe futhi babhujiswe ukukhanya kwenkazimulo Yakhe. UKristu uthatha abantu Bakhe abayise eMzini kaNkulunkulu, nomhlaba wenziwa ihlane ngabakhileyo kulo.“Wonke umhlaba ubonakala njengehlane eliyincithakalo. Amanxiwa emizi nemizana zibhujiswe ukuzamazama komhlaba, izihlahla ezisiphuliwe, amadwala aqhekekile aphonselwa olwandle noma aqhephuka ngokwawo emhlabeni, ahlakazeke yonke indawo kuyilapho okusikayo kuphawula ezindaweni lapho izintaba zithe zadabuka khona kusukela ezisekelweni zazo.”-The Great Controversy, p. 657. 5. UKUBA YIZE Ngolwesine Mbasa 27 a. Abakhileyo kulomhlaba babelokhu benzani ukuze bathole ulaka olungaka oluvela kuNkulunkulu ongcwele-na? Isaya 24:5, 6. “INdodana kaNkulunkulu nezithunywa Zayo zilokhu zisempini namandla omubi, ukuxwayisa, ukukhanyisa, ukusindisa abantwana babantu. Manje bonke sebesenzile isinqumo sabo. Ababi bazihlanganise ngokuphelele noSathane empini Yakhe yokulwisana noNkulunkulu. Isikhathi sifikile sokuthi uNkulunkulu aphindisele amandla omthetho Wakhe onyathelelwe phansi. Manje impikiswano ayiqondanga kuSathane kuphela, kodwa nakubantu. ‘UJehova unempikiswano nezizwe,’ ‘ababi uzobanikela enkembeni.’ ”-The Great Controversy, p. 656. b. Ingabe lesi isiphelo esiphelele-na? Jeremiya 4:27. Bazohlala isikhathi esingakanani bekulesi simo-na? Isambulo 20:5. “Ababi babhujisiwe, nemizimba yabo efile ilele phezu komhlaba. Ulaka lukaNkulunkulu ngesibetho sesikhombisa sokugcina luthe lwahambela abakhileyo emhlabeni, ukuba bazilume izilimi ngenxa yobuhlungu nokuhlambalaza uNkulunkulu. Abelusi bamanga babe yisibonakaliso sentukuthelo kaJehova, amehlo abo ayeshone emigodini yawo, nolwimi lwabo emilonyeni yabo, bemi ngezinywawo zabo. Emva kokuba abangcwele sebekhululiwe ngezwi likaNkulunkulu, uquqaba lwabangcwele lwaphendula ukufutheka kwalo omunye komunye. Umhlaba wbonakala ugcwele igazi, nezidumbu zabafileyo zazisuka kulomkhawulo ziye komunye.”-Early Writings, p. 289, 290.“UJohane umambuleli wabikezela ngokuxoshwa kukaSathane nesimo sesiphithiphithi nobuhlane lobo umhlaba ozoncishiswa ngawo, futhi umemezele ukuthi lesi simo siyoba khona iminyaka eyinkulungwane.”-The Great Controversy, p. 658. IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE Ngolwesihlanu Mbasa 28 1. Yisiphi isehlakalo esiphawula ukuqala kweminyaka eyinkulungwane futhi senzeka kanjani? 2. Kuyini abaseThesalonike ababekwesaba futhi izwi likaPawule laletha kanjani induduzo? 3. Izithembiso zikaKristu zisilethela induduzo kanjani? Kuzozonke isiphi ngempela? 4. Kungani ababi bebhujiswa ukukhanya kokuza kukaKristu? 5. Kupheleliswa kanjani ukubhujiswa kokugcina kwababi? << >>