Eqhakazile Imisebe yokukhanya ingcebo yeqiniso (II) << >> ISabatha, Mbasa 1, 2023 Isifundo 1 Ukukhulumisana noNkulunkulu IVESI LEKHANDA: “Yilesi isibindi esinaso kuye sokuthi, uma sicela utho ngokwentando yakhe, uyasizwa. Uma sazi ukuthi uyasizwa noma sicelani, siyazi ukuthi sinakho esikucelileyo, esikucele kuye” (1 Johane 5:14, 15). Incwadi Enikeziwe: Steps to Christ, pp. 93-104. “Umthandazo ungukuvulela inhliziyo kuNkulunkulu njengokungathi ngumngane. Kungesikho ukuthi kudingekile ukuthi simazise uNkulunkulu lokho esiyikho, kodwa ukuze sikwazi ukumamukela. Umkhuleko awehliseli uNkulunkulu kithi, kodwa usikhuphulela Kuye.”-Steps to Christ, p. 93. 1. UMKHULEKO OYISIBONELO NgeSonto Ndasa 26 a. Kungani kubaluleke kangaka ukuhlala sixhumana noMsindisi wethu-na? Johane 15:4-7; Izaga 18:24. “Ngemvelo nangesambulo, ngokuhlinzekela Kwayo, nangomfutho woMoya Wakhe, uNkulunkulu ukhuluma nathi. Kodwa lokhu akwanele; nathi sidinga ukuthululela izinhliziyo zethu Kuye. Ukuze sibe nokuphila kwesimoya namandla, kufanele sibe nobuhlobo bangempela noBaba wethu osezulwini. Izingqondo zethu mhlawumbe zingadonseleka Kuye; singazindla ngemisebenzi Yakhe, isihe Sakhe, izibusiso Zakhe; kodwa lokhu akusikhona, ngomqondo ophelele, ukukhuluma Naye. Ukuze sikhulume noNkulunkulu, kumele sibe nokuthile esingakusho Kuye okuphathelene nokuphila kwethu kwangempela.”-Steps to Christ, pp. 93. b. Njengoba abafundi babebona njalo uJesu ekhuleka ngobuqotho, bamcela ukuba abafundiseni nokuthi wabanika siphi isibonelo-na? Luka 11:1; Mathewu 6:9-13. c. Ingabe lomthandazo oyisibonelo wawuhlose ukuba siwugcine ekhanda futhi uphinda-phindwe njalo-na? Yiziphi ezinye izifundo esingazifunda kulomyalelo-na? Mathewu 6:7. 2. UKUQONDISANA NOKUDUMISA NgoMvulo Ndasa 27 a. Yini esiyiqondayo ngamazwi okuqala alomthandazo oyisibonelo othi “Baba Wethu”? Roma 8:15-17; Johane 20:17. “Labo abamukela uKristu njengoMsindisi wabo abashiywa beyizintandane, ukuba bathwale izilingo zokuphila bebodwa. Ubamukela njengamalunga omkhaya wasezulwini; ubanxusa ukuba babize uBaba Wakhe ngoBaba wabo. Bona ‘bangabancane,’ Bakhe bayathandeka enhliziyweni kaNkulunkulu, baboshelwe Kuye ngezibopho ezithambile kakhulu. Unomusa omkhulu kubo, umusa odlula lowo ubaba noma umama abawubonisa kithi ekusweleni kwethu njengoba ubungcwele bungaphezu komuntu.”-The Desire of Ages, p. 327. b. Iyiphi indima ebalulekile uNkulunkulu ayidlalayo ngaphandle kwegama lobungane elithi, “Baba Wethu”? Amahubo 5:1, 2. c. Ngokuya ngesigaba esilandelayo salomthandazo, ngaphambi kokuba sicele usizo kuNkulunkulu, yiliphi iphuzu elibalulekile okufanele siligcizelele kuqala-na? Amahubo 140:13; 92:1. “‘Kukho konke bongani. Ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu kuKristu Jesu ngani.’ 1 Thesalonike 5:18. Lomyalo uyisithembiso sokuthi zonke izinto ezibonakala ziphambene nathi zizokwenza okuhle kithi. UNkulunkulu ubengeke athi sibonge lokho okuzosilimaza.”-The Ministry of Healing, p. 255. d. Kwisibonelo sikaJehoshafathi, kubaluleke kangakanani ukudumisa nokubonga okwembuliwe-ngisho naphakathi kwempi-na? 2 Izikronike 20:1-30 (6-12, 21, 22). “Kufanele sizungeze isiphambano. UKristu yena Kanye owabethelwa esiphambanweni kufanele abe yindibika yokuzindla, wengxoxo, kanye nemizwa yethu ejabulisa kakhulu. Kufanele sigcine emicabangweni yethu zonke izibusiso esizithola kuNkulunkulu, futhi lapho siqaphela uthando Lwakhe olukhulu kufanele sizimisele ukwethemba konke esandleni esabethelwa esiphambanweni ngenxa yethu.“Umphefumulo ungenyukela eduze nezulu ngamaphiko okudumisa. UNkulunkulu udunyiswa ngezingoma nangomculo ezigodlweni zezulu phezulu, futhi lapho sizwakalisa ukubonga kwethu sisondela ekudumiseni kwebutho lasezulwini. ‘Onikela ngomnikelo wokubonga uyangidumisa; Amahubo 50:23. Masisondele ngenhlonipho nangentokozo phambi koMdali wethu, ngokubonga, nangezwi lokuhuba.’”-Steps to Christ, pp. 103, 104. 3. ISICELO KANYE NESIPHETHO Ngolwesibili Mbasa 28 a. Noma sinezidingo zethu zesikhashana njengesinkwa sethu semihla ngemihla, okuyikho ukusebenza kukamoya ukuthi ngaso sonke isikhathi kube yinto esiyikhathalela kakhulu ngaphezu kwezidingo zethu zesikhashana-na? 1 Amakhosi 17:12-14; Johane 6:48; 14:13, 14; 15:7. “Kungenxa yokwamukela ukuphila esathululelwa kona esiphambanweni saseKhalvari, ukuthi singaphila ukuphila okungcwele. Futhi ukuphila thina sikuthola ngokwamukela izwi Lakhe, nokwenza lezozinto asiyale ngazo. Kanjalo sibamunye Naye.”-The Desire of Ages, p. 660.“Ukukhuleka egameni likaJesu kuyinto engaphezulu nje kunokubiza lelogama ekuqaleni nasekugcineni komkhuleko. Kusho ukukhuleka ngengqondo nomoya kaJesu, kuyilapho sikholelwa ezithembisweni Zakhe, sithembela emuseni Wakhe, futhi senze imisebenzi Yakhe.”-Steps to Christ, pp. 100, 101. b. Njengoba injongo eyinhloko yomthandazo ingumoya wemvelo, yisiphi isicelo esingeke sasikhohlwa-na? Luka 11:4; Mathewu 26:41. “Ngokuzunywa ubuthongo, abafundi bezwa kancane lokhu okwadlula phakathi kukaKristu nezithunywa zezulu. Ukwehluleka ukulinda ngokukhuleka, abakutholanga lokho uNkulunkulu ayefisa ukubanika kona-ulwazi ngezinhlupheko zikaKristu, nenkazimulo ezolandela. Balahlekelwa isibusiso engabe saba ngesabo ngokuhlanganyela ekuzideleni Kwakhe.”-Desire of Ages, p. 425.“UNkulunkulu ubelokhu exwayisa abantu ngokwahlulela okuzayo. Labo ababenokholo kwisigijimi Sakhe esikhathini sabo, abasebenzisa ukholo lwabo, ngokulalela imiyalo Yakhe, babalekela ukwahlulela okwehlela phezu kwabangalaleli nabangakholwa.”-Ibid., p. 634.“Wayesebuthongweni lapho uJesu emnxusa ukuthi alinde akhuleke ukuthi uPeter alungise indlela yesono sakhe esikhulu. Bonke abafundi, ngokulala ngehora elinzima, balahlekelwa kakhulu. UKristu wayesazi isilingo esesabekayo ababezodlula kuso. Ubazi ukuthi uSathane uzosebenza kanjani ukuze akhubaze imizwa yamandla ezingqondo zabo ukuba bangalungeli isilingo. Yingakho abanika isixwayiso. Uma ngabe lamahora ensimini achithwa ngokulinda nokukhuleka, uPeter ubengeke ashiywe ukuba ancike emandleni akhe abuthakathaka. Ngabe engayiphikanga iNkosi yakhe. Uma abafundi balinda noKristu ebuhlungwini Bakhe, ngabe bakulungela ukubhekana nokuhlupheka Kwakhe esiphambanweni. Ngabe baqonda ngelinye izinga imvelo yamandla osizi Lwakhe.”-Ibid., pp. 713, 714. 4. IZIMPENDULO ZOMKHULEKO Ngolwesithathu Mbasa 29 a. Yiziphi ezinye izizathu eziyingqikithi ezenza umthandazo ungaphendulwa ngendlela esinethemba ngayo-na? Jakobe 4:3; Amahubo 66:18; Izaga 28:9. “Uma besiqonda ububi obusezinhliziyweni zethu, uma sibambelela noma kwesiphi isono esaziwayo, iNkosi ibingeke isizwa; kodwa umkhuleko wozisolayo, umphefumulo odabukileyo uyamukelwa ngezikhathi zonke. Uma zonke iziphambeko zilungiswa, singakholwa ukuthi uzophendula izicelo zethu. Ukufaneleka kwethu akusoze kwasitusa emuseni kaNkulunkulu; kungenxa yokufaneleka kukaJesu okuzosisindisa, igazi Lakhe yilona elisihlanzayo; nokho sinomsebenzi okufanele siwenze ngokuvumelana nemibandela yokwamukelwa.”-Steps to Christ, p. 95.“Maye, bangakhi abalahlekelwa izibusiso ezinothile uNkulunkulu azigcinele bona ngokwempilo nangesipho sesimoya! Kunemiphefumulo eminingi elwela ukunqoba okukhethekile nezibusiso ezikhethekile ukuze benze izinto ezinkulu. Kuze kube manje bazizwa sengathi kumele benze umzabalazo obuhlungu ngokukhuleka nangezinyembezi. Labantu uma behlola imiBhalo ngomkhuleko bazoyazi intando kaNkulunkulu emisiwe, futhi benze intando Yakhe ngenhliziyo ngaphandle kokugodla okukodwa noma ukuzitika, bazothola ukuphumula. Lonke usizi, zonke izinyembezi nokuhlupheka, akusoze kwabalethela isibusiso abakade besilangazelela. Umina kumele anikelwe ngokuphelele. Kufanele benze umsebenzi oziletha phambi kwabo, ngokwahlukanisa ngokuchichima umusa kaNkulunkulu othenjiswe bonke abacela ngokukholwa.”-Testimonies for the Church, vol. 9, p. 165. b. Kuyini okudingekayo ukuze umthandazo uphendulwe-nokuthi kungani-na? Jakobe 1:6, 7. “Uma singazitholi zona lezozinto esizicelayo, ngesikhathi esizicela ngaso, kufanele siqhubeke sikholwe ukuthi iNkosi iyezwa futhi izophendula imikhuleko yethu. Senza amaphutha kakhulu futhi sinombono omfushane kangangokuthi ngezinye izikhathi sicela izinto ezingeke zibe isibusiso kithi, futhi uBaba wethu osezulwini ngothando uphendula imikhuleko yethu ngokusinika lokho okuzoba yinzuzo yethu ephakeme kakhulu-nathina ngokwethu sizofisa ukuba nombona okhanyiselwe ngokwaphezulu besingabona izinto ngobunjalo bazo. Uma imikhuleko yethu ibonakala ingaphendulwa, kufanele sibambelele esithembisweni; ngoba isikhathi sokuphendulwa kwayo sizofika ngempela, futhi sizothola isibusiso esisidinga kakhulu. Kodwa akusho ukuthi umkhuleko uzohlala uphendulwa ngaleyondlela nokuthi lokhu okuthize esikufisayo, ngumcabango kuphela. UNkulunkulu uhlakaniphe kakhulu ukuba angaphambuka, futhi muhle kakhulu ukuba angavimbela noma yini enhle kulabo abahamba ngobuqotho. Ngakho-ke ungesabi ukumethemba, noma ungaboni impendulo yomkhuleko wakho ngokushesha.”-Steps to Christ, p, 96. 5. KHULEKANI NINGAPHEZI Ngolwesine Mbasa 30 a. Kumkhuleko ngamunye, yiliphi iphuzu elibalulekile okufanele siliqaphele futhi silungele ukulithobela-na? 1 Johane 5:14, 15. “Ukucela kwethu kufanele kube ngokuya ngentando kaNkulunkulu; kufanele sicele izinto asithembise zona, noma yini esikutholayo kufanele kusetshenziselwe intando Yakhe. Imibandela ifinyelelwe, isithembiso siyakhanya.“Ukuthethelelwa kwesono, nguMoya Ongcwele, umoya wobuKrestu, ukuhlakanipha namandla wokwenza uMsebenzi Wakhe, noma yisiphi isipho asithembise sona, singasicela; futhi sikholwe ukuthi sizosamukela, futhi sibuyisele ukubonga kuNkulunkulu.”-Education, p. 258. b. Kufanele sithandaze kaningi kangakanani-na? Daniyeli 6:10; 1 Thesalonike 5:17. “UNkulunkulu akasho ukuthi omunye wethu angahlala yedwa noma angaganwa ahlalele kude nelizwe ukuze sizinikele ngokwethu njengesenzo sokukhonza. Ukuphila kwethu kufanele kufane nokuphila kukaKristu-phakathi kwezintaba neningi labantu. Lowo ongenzi lutho kodwa ekhuleka masinyane uzopheza ukukhuleka, noma umkhuleko wakhe uzoba yisimiso esisemthethweni. Uma abantu bezivalela ngaphandle komphakathi, kude nomfutho womsebenzi wobuKrestu wokuthwala isiphambano; uma beyeka ukusebenza ngokukhuthazela benzela iNkosi, eyasebenza ngokukhuthazela yenzela bona, balahlekelwa indaba ebalulekile yomkhuleko ongenavuso wokukhonza. Imikhuleko yabo iqondana nabo futhi inokuzithandela. Abakwazi ukukhuleka maqondana nezidingo zoluntu noma ukwakha umbuso kaKristu, benxusa amandla abazosebenza ngawo.”-Steps to Christ, p. 101. c. Ingabe zikhona izimo ezikhethekile ezifuna ukuthi umzila wokuxhumana uhlale uvulekile nokuthi kufanele sibeyini isimo sethu sengqondo uma siza phambi koMenzi wethu-na? Nehemiya 2:4, 5; Heberu 4:16. IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE Ngolwesihlanu Mbasa 31 1. Yayiyini inhloso yesibonelo somkhuleko uKristu awufundisa abafundi-na? 2. Kubaluleke kangakanani ukudumisa nokukhonza uMdali wethu-na? 3. Noma izidingo zesikhashana zibalulekile, kuyini okufanele kuze kuqala-na? 4. Kuyini okungaba yizithiyo ezinkulu emkhulekweni-na? 5. Kubaluleke kanjani ukwazi intando kaNkulunkulu ngaphambi kokuba sikhulekele izinto ezithize-na? << >>