Back to top

Sabbath Bible Lessons

Eqhakazile Imisebe yokukhanya ingcebo yeqiniso (II)

 <<    >> 
ISabatha, Mbasa 15, 2023 Isifundo 3
Ngubani Ozokwazi Ukuma IVESI LEKHANDA: “Sibheke ithemba elibusisiweyo nokuvela kwenkazimulo kaNkulunkulu omkhulu noMsindisi wethu uJesu Kristu” (Thithu 2:13).
Incwadi Enikeziwe:   The Great Controversy, pp. 635-652. 
“Elinye lamaqiniso anesizotha nelikhazimula kakhulu elembulwe eBhayibhelini ngelokubuya kwesibili kukaKristu ezoqedela umsebenzi omkhulu wokuhlenga….Imfundiso yokuza kwesibili ingukhiye wemiBhalo Engcwele”-The Great Controversy, p. 299.

1. UKUBUYA OKUNGOKOQOBO NgeSonto Mbasa 9
a. Yisho isithembiso esibusiswe kakhulu emiBhalweni? Johane 14:1-3. 2 Thimothi 4:8. “Ukuza kweNkosi bekuyithemba lezikhathi zonke labalandeli Bakhe beqiniso. Isithembiso sokuvalelisa koMsindisi phezu kwentaba yeMinqumo, ukuthi uzobuya futhi, kwakhanyisa ikusasa labafundi Bakhe, kwagcwalisa izinhliziyo zabo ngenjabulo nethemba lokuthi usizi lwalungeke lucime nesilingo singabi mnyama. Phakathi kokuhlakanipha nokushushiswa, ‘ukubonakala kukaNkulunkulu omkhulu noMsindisi wethu uJesu Kristu’ ‘bekuyithemba elibusisiwe.’ Lapho amaKrestu aseThesalonike egcwele usizi uma bengcwaba ababathandayo, ababenethemba lokuphila baze babengofakazi ekubuyeni kweNkosi, uPawule, uthishela wabo, wabakhomba ekuvukeni okuzokwenzeka ekubonakaleni koMsindisi.”- The Great Controversy, p. 302. b. Kungani imininingwane eseziprofethweni zokubuya kukaKristu zibaluleke kangaka-na? Mathewu 24:30, 31; Heberu 9:28. “Imfundiso yokuguquka komhlaba nokubusa kukaKristu kwesimoya ibanjwe ibandla labapostoli. Ayizange yamukelwe ngobubanzi ngamaKrestu kwaze kwafinyelela ekuqaleni kweSentshuri yeshumi nesishiyagalombili. Njengawo wonke amaphutha, imiphumela yawo yayimibi….kwabangela umuzwa wokuzethemba nokulondeka ongasekwanga kahle futhi waholela abaningi ukuba badembesele amalungiselela adingekayo ukuze bahlangane neNkosi yabo.”-Ibid., pp. 321, 322.

2. OKOQOBO NOKUBONWAYO NgoMvulo Mbasa 10
a. Uzobuya ngayiphi indlela uJesu-na? Izenzo 1:9-11. “Isithembiso sokuza kwesibili kukaKristu kwakufanele sigcinwe sisisha ezingqondweni zabafundi Bakhe. UJesu lowo abambonile enyuselwa ezulwini, uzobuya futhi, ukuthathela Kuye labo emhlabeni bathe bazinikela emsebenzini Wakhe. Lona lelozwi elathi kubo, ‘Bheka nginawe, kuze kube sekupheleni,’ lalizobamema ukuba libamukele ebukhoneni bombuso Wakhe ezulwini.”-The Acts of the Apostles, p. 33.“Besiyigugu, ngempela, lesithembiso kubafundi ababedabukile, ukuthi bazombona uJesu futhi, owayethandwa kakhulu yibo bonke. Siyigugu futhi lesithembiso kubobonke abalandeli beqiniso bakaKristu. Akekho othanda uKristu ngeqiniso ozobalusizi ukuthi uyabuya futhi.“UJesu uzobuya ngokufanayo njengoba nimbona enyukele ezulwini, kuphela ngenkazimulo engeziwe. Uza ngenkazimulo kaBaba Wakhe, nezingelosi zonke ezingcwele zikanye Naye, zimphelezela endleleni Yakhe. Esikhundleni somqhele wolunya onameva ukuhlaba ibunzi Lakhe elingcwele, umqhele wenkazimulo obengezelayo ohlobisa umnsalo Wakhe ongcwele….akasoze embathe ingubo emsulwa engenamthungo, kodwa ingubo emhlophe njengeqhwa-nokukhanya okubengezelayo. UJesu uyeza! Kodwa kungesikho ukubusa okwesikhashana. Uzovusa abangcwele abafileyo, aguqulele abangcwele abaphilayo kwinkazimulo engapheli, futhi, enabangcwele, ukuthatha umbuso ngaphansi kwezulu lonke.”-The Faith I Live By, p. 351. b. Ingabe lokhu kusho ukuthi uJesu wavuka ngomzimba Wakhe wangempela-na? Johane 2:19-21. “Emva kovuko amakhosi nababusi bazungeza umbiko wokuthi uKristu akafanga esiphambanweni, ukuthi uqulekile kuphela, kamuva wabuye wavuka. Omunye umbiko waqinisa ukuthi bekungewona umzimba ngempela wenyama nethambo, kodwa okufana nomzimba, kwabekwa ethuneni. Amasotsha aseRoma awakholwanga yilamanga. Abaphulanga kuphela imilenze Yakhe, ngoba wayesefile. Ukwenelisa abapristi, bagwaza uhlangothi Lwakhe. Uma ukuphila bekungasekho, lenxeba ngabe labangela ukuba afe ngokushesha.”-The Desire of Ages, p. 772.“Emva kovuko Lwakhe wahlala emhlabeni okwesikhashana, ukuthi abafundi Bakhe bajwayelane Naye ekuvukeni Kwakhe ngomzimba ongcwelisiwe. Manje ubekulungele ukuthatha ikhefu. Waqinisekisa umcijo wokuthi unguMsindisi ophilayo. Abafundi Bakhe babengasahlangene Naye ngethuna. Babecabanga Ngaye njengokhazimuliswe ngaphambi kwezulu nomhlaba.”-Ibid., p. 829.

3. UKUBONAKALA KWAKHE OKUKHAZIMULAYO Ngolwesibili Mbasa 11
a. Chaza isimo soqobo uJesu Kristu azobuya ngaso eZulwini. Mathewu 25:31. “Akukho mazwi angachaza inkazimulo yalesehlakalo. Ifu eliphilayo lobukhosi nenkazimulo engenakulinganiswa kwasondela, singabheka ngokukhanyayo ubuntu bukaJesu. Ubengagqokile umqhele wameva, kodwa umqhele wenkazimulo wahlala phezu kwebunzi Lakhe. Phezu kwengubo Yakhe nasethangeni kwakukhona igama elithi iNkosi yamakhosi noMbusi wababusi. Ubuso Bakhe babukhanya njengelanga lasemini, amehlo Akhe evutha umlilo, nezinyawo Zakhe zibonakala njengethusi elicwebile. Iphimbo Lakhe lizwakala njengezinsimbi zomculo. Umhlaba wazamazama phambi Kwakhe, amazulu ahlukana njengomqulu usongwa ndawonye, nazozonke izintaba neziqhingi zasuswa ezindaweni zazo.”-Early Writings, pp. 286, 287. b. Bangakhi abaphilayo abakhileyo emhlabeni abangeke bakwazi ukubona ukuza okunjalo? Mathewu 24:24-27; Isambulo 1:7; 6:16, 17. “Umkhuleko uzophendulwa ngokwesabekayo ngosuku olukhulu lokwahlulela. Lapho uKristu eza futhi okwesibili emhlabeni, kungesikho njengesiboshwa esizungezwe ixuku labantu lizoMbona. Bazombona Yena njengeNkosi yasezulwini. UKristu uyeza ngenkazimulo Yakhe, ngenkazimulo kaBaba Wakhe, nenkazimulo yezingelosi ezingcwele. Izinkulungwane ezilishumi eziphindwe kashumi, nezinkulungwane ezilishumi zezingelosi, ubuhle bamadodana anqobile kaNkulunkulu, enobuhle obudlulele nenkazimulo, bemphelekezela endleleni Yakhe. Bese ethatha indawo phezu kwesihlalo senkazimulo Yakhe, naphambi Kwakhe izizwe zonke zizobuthana. Amehlo onke azakumbona, nabo abamgwazayo. Esikhundleni somqhele wameva, uzombatha umqhele wenkazimulo-umqhele phakathi kwemiqhele. Esikhundleni sengubo yobukhosi endala ebubende, uzokwembatha ingubo emhlophe njengeqhwa, ‘ngangokuba umhlanzi wasemhlabeni angezenze zibemhlophe kangaka.’ Marako 9:3. Unegama engutsheni yakhe nasethangeni Lakhe elithi: iNkosi yamakhosi, noMbusi wababusi.’ Isambulo 19:16. Labo abamklolodelayo bamshaya bazakubakhona. Abapristi nababusi bazobona futhi isehlakalo seholo lokwahlulela. Sonke isimo sizovela phambi kwabo, kungathi sibhalwe ngamagama omlilo. Besekuthi labo abakhuleka ‘bathi igazi Lakhe malibe phezu kwethu, nabantwana bethu,’ bazothola impendulo yomkhuleko wabo. Bese-umhlaba wonke uzokwazi futhi uqonde. Bazokwazi ukuthi ngubani nokuthi bangobani, bampofu, babuthakathaka, izidalwa eziphelayo, ekade-zilwa. Ngobuhlungu obukhulu nokwesaba bazomemeza ezintabeni nasemaweni, [Isambulo 6:16, 17 ngokuphindwa].”-The Desire of Ages, pp. 739, 740.

4. INHLOSO YOKUBUYA KWAKHE Ngolwesithathu Mbasa 12
a. Iyini inhloso ngempela yokubuya kukaJesu futhi-na? Mathewu 16:27. “Ngokuhlela okungcwele, ngomusa Wakhe ongasifanele, iNkosi igcobile ukuthi imisebenzi emihle izovuzwa. Samukelwa ngokufaneleka kukaKristu kuphela; nezenzo zomusa, izenzo zothando, esizenzayo, ziyizithelo zokukholwa; ziba yisibusiso kithi; ngoba abantu kumele bavuzwe ngokuya ngemisebenzi yabo. Iphunga lokufaneleka kukaKristu elenza imisebenzi emihle yamukeleke kuNkulunkulu, futhi zingumusa osizayo wokwenza imisebenzi leyo esizovuzwa ngayo. Imisebenzi yethu ngaphakathi nangaphandle ayinanzuzo. Uma senza konke okungenzeka kithi ukuba sikwenze, kufanele sizibale njengezinceku ezingasho lutho. Asidingi ukubongwa okuvela kuNkulunkulu. Sikwenzile obekufanele kube ngumsebenzi wethu ukuwenza, nemisebenzi yethu ngabe singayenzanga ngamandla emvelo yethu yesono”-The SDA Bible Commentary [E.G.White Comments] vol. 5, p. 1122. b. Kuthiwani ngalabo abafa benethemba lokubona uJesu ebuya-na? 1 Thesalonike 4:13-18. “Lapho incwadi kaPawule ivulwa futhi ifundwa, injabulo enkulu nokududuzeka kwalethwa ebandleni ngamazwi aveza isimo sangempela sabafileyo. UPawule uyabonisa ukuthi labo abazobe bephila uma uKristu ebuya angeke bayihlangabeza iNkosi ngaphambi kwalabo abalalele kuJesu. INkosi uqobo ngephimbo lengilosi enkulu nangecilongo likaNkulunkulu, lizofinyelela kwabaleleyo, nabafileyo kuKristu bayakuvuka kuqala, ngaphambi kokuthinta okungapheliyo okuzonikezwa abaphilayo.”-The Acts of the Apostles, p. 258. c. Kwenzekani ngalabo abangaguqukanga-na? Marako 8:38; Isambulo 6:14-17. “Ekuphileni kwalabo abenqaba iqiniso kukhona isikhathi lapho unembeza ezovuka khona, lapho inkumbulo iveza umcabango odabukisayo wempilo yokuzenzisa futhi umphefumulo uzohlushwa ukuzisola okuyize. Kodwa lokhu kuqhathaniswa kanjani nokuzisola ngalolosuku lapho ‘ukwesaba kufika njengesivunguvungu,’ nengozi yenu iza njengesikhwishikhwishi,’! Izaga 1:27. Labo ababulala uKristu nabantu Bakhe abathembekile manje bazofakazela inkazimulo ehlezi phezu kwabo.”-The Great Controversy, p. 644.

5. UKUKULUNGELA Ngolwesine Mbasa 13
a. Ukuze uzilungiselele ukuba ngufakazi wezehlakalo zokugcina usesimeni sokulungela, hlobo luni lwesimilo esidingekayo-na? 1 Johane 2:28; 3:1-9. “Ukulunga kunempande yakho yokwesaba uNkulunkulu. Asikho isidalwa somuntu esilungile njengoba sinokholo kuNkulunkulu futhi silondoloze ukuxhumana okubalulekile Naye. Njengembali yasendle enempande yawo emhlabathini; njengoba kufanele ithole umoya, amazolo, nezihlambi zemvula, nelanga, kanjalo nathi kufanele samukele kuNkulunkulu lokhu okusisizayo ekuphileni komphefumulo. Kungenxa yokuba ngabahlanganyeli kuphela bemvelo Yakhe esithola amandla okulalela imithetho Yakhe. Akukho muntu, ophakeme nophansi, onamava nongenamava, ongalondoloza njalo phambi kwabafowabo ukuphila okuhlanzekile, ngaphandle kokuthi ukuphila kwabo kufihleke noKristu kuNkulunkulu. Uma umsebenzi omkhulu wenziwa phakathi kwabantu, kufanele kubekhona ukusondelana kwenhliziyo noNkulunkulu.”-Testimonies for the Church, vol. 7, p. 194. b. Kuyini bonke abalindele ukubuya kukaKristu abazobe bekwenza-na? Marako 13:35-37; Jakobe 5:7, 8; 1 Thesalonike 5:1-6. “Ngenxa yobufushane besikhathi, kufanele sisebenze ngokukhuthala nangamandla aphindiwe.“‘Lindani nikhuleke,’ ngumyalo ovame ukuphindwa emiBhalweni engcwele. Ekuphileni kwalabo abalalela lomyalo kuzoba khona umsinga wenjabulo ozobusisa bonke abasondelene nabo. Labo abamuncu nabadangele ngesimo bazoba-mnadi futhi bathambe, laba abazidlayo bazoba mnene futhi bathobeke.”-Counsels to Parents, Teachers, and Students, pp. 71, 72.

IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE Ngolwesihlanu Mbasa 14
1. Lilokhu liyini ithemba eliqhubekayo lawo wonke amakholwa kusukela ngesikhathi abazali bethu bokuqala bexoshwa eNsimini yaseEdeni? 2. Sazi kanjani ukuthi ukuza kukaKristu kungokoqobo? 3. Kulabo abakhile emhlabeni, ngobani abayokwazi ngempela ukubona ukubuya Kwakhe? 4. Kungani uJesu ezobuya futhi? 5. Silungiselela kanjani ukubona uJesu?
 <<    >>