Eqhakazile Imisebe yokukhanya ingcebo yeqiniso (II) << >> ISabatha, Nhlaba 6, 2023 Isifundo 6 Iminyaka Eyinkulungwane Yencithakalo (II) IVESI LEKHANDA: “Ngase ngibona izihlalo zobukhosi; bahlala kuzo, banikwa ukwahlulela; ngabona nemiphefumulo yabanqunywe amakhanda ngenxa yokufakaza ngoJesu nangenxa yezwi likaNkulunkulu, nalabo abangakhulekanga kuso isilo nomfanekiso waso, nabangamukelanga uphawu lwesilo ebunzini labo nasesandleni sabo; baphila, babusa kanye noKristu iminyaka eyinkulungwane” (Isambulo 20:4). Incwadi Enikeziwe: Early Writings, pp. 289-295. “Kusho ingelosi, ‘Intukuthelo kaNkulunkulu neyeWundlu yiyona ebangela ukubhujiswa noma ukufa kwababi. Ngezwi likaNkulunkulu abangcwele bazoba namandla futhi besabeke njengebutho eliphethe amabhanela, kodwa abasoze ngalesosikhathi bakhiphe isigwebo esilotshwe phansi. Ukukhishwa kwesigwebo kuzoba sekupheleni kweminyaka eyinkulungwane.”-Early Writings, p. 52. 1. ISIMO SIKASATHANE NgeSonto Mbasa 30 a. Kuyini okuzokwenzeka kuSathane phakathi kweminyaka eyinkulungwane-na? Isambulo 20:1-3. Chaza “ngamaketanga”-ukuthi asuswa kanjani futhi nini. Isambulo 20:5, 7, 8. “Umhlaba wawubukeka njengehlane eliyincithakalo. Imizi nemizana, eyanyakaziswa ukuzamazama komhlaba, inqwabelene. Izintaba zisusiwe ezindaweni zazo, kwasala imigodi emikhulu. Amadwala aqhekekile, aphonselwa olwandle, noma aziphumela ngokwawo, asakazeka yonke indawo. Lapha kuzoba yikhaya likaSathane nezingelosi zakhe ezimbi iminyaka eyizinkulungwane. Lapha uzobe evalelwe, ukuba azulazule ehle enyuka phezu kobuso obaphukile bomhlaba futhi abone imiphumela yokuhlubuka kwakhe ehlubukela umthetho kaNkulunkulu. Iminyaka eyinkulungwane uzothokozela isithelo sesiqalekiso asenzile. Eyedwa emhlabeni, angeke abe nelungelo lokuya kwamanye amazwe, ukulinga nokufundekela labo abangazange bawele esonweni.”-Early Writings, pp. 290.“Ekupheleni kweminyaka eyinkulungwane, uKrestu uzobuya futhi emhlabeni….Njengoba ehla ngobukhosi obesabekayo uzoyala ababi abafileye ukuba bavuke bathole ukulahlwa kwabo.”-The Great Controversy, p, 662. 2. UKWAHLULELA IZIZWE NEZINGELOSI NgoMvulo Nhlaba 1 a. Abangcwele kuyini abazokwenza phakathi kweminyaka eyinkulungwane-na? Isambulo 20:4; 3:21; 1 Korinte 6:2, 3. “Emva kokuba abangcwele sebeguqulelwe ukungafi bahlwithwa kanye noJesu, emva kokuthola amahabhu abo, izingubo zabo, nemiqhele yabo, bangena emzini, uJesu nabangcwele bahlala ekwahlulelweni. Izincwadi zavulwa-incwadi yokuphila nencwadi yokufa. Incwadi yokuphila iqukethe izenzo ezinhle zabangcwele; nencwadi yokufa iqukethe izenzo zababi. Lezincwadi ziqhathaniswa nencwadi yemithetho, iBhayibheli, futhi ngalokho abantu bayahlulelwa. Abangcwele, bekanye noJesu, badlulisela ukwahlulela phezu kwababi abafileyo. ‘Bheka,’ kusho ingelosi, ‘abangcwele, bekanye noJesu, bahlala ekwahlulelweni, belinganisa ababi ngokuya ngezenzo abazenzile emzimbeni, nalokhu okufanele bakwamukele ekuphumeni kwesigwebo esibekwe eduze kwamagama abo.’ Lokhu, ngakubona, ukuthi kungumsebenzi wabangcwele noJesu iminyaka eyinkulungwane Emzini Ongcwele ngaphambi kokuba ehlele emhlabeni.”-Early Writings, pp. 52, 53. b. Lapho lomsebenzi usuphelile, kuyini okwenzekalayo kwinhloko-dolobha yasezulwini, iJerusalema Elisha? Isambulo 21:2, 10; Galathiya 4:26. “Ekupheleni kweminyaka eyinkulungwane, uJesu, nezingelosi nabangcwele, bashiya Umuzi Ongcwele, lapho ehlela emhlabeni ekanye nabo, ababi abafileyo bavuswa, khona-ke labo abamgwazayo ‘sebevusiwe, bazombona ekude enkazimulweni Yakhe yonke, izingelosi nabangcwele bekanye Naye, bazolila ngenxa Yakhe.”-Ibid., p. 52.“UKristu wehlela phezu kweNtaba Yeminqumo, lapho, emva kokuvuka Kwakhe, enyukela khona, nalapho izingelosi zaphinda isithembiso sokubuya Kwakhe. Kusho umprofethi: ‘UJehova uNkulunkulu wami nabobonke abangcwele kanye Naye.’ ‘Izinyawo Zakhe ziyakuma ngalolosuku eNtabeni Yeminqumo, ephambi kweJerusalema ngasempumalanga, iNtaba Yeminqumo iyakuqhekezeleka ngasenyakatho nenxenye yaseningizimu….kube yisigodi esikhulu kakhulu.’ ‘UJehova uyakuba yiNkosi emhlabeni wonke; ngalolo suku uJehova uyakuba munye, negama Lakhe libe linye.’ Zakariya 14: 5, 4, 9. Njengoba iJerusalema Elisha, ebuhleni balo obukhazimulayo, lehlela phansi livela ezulwini, lahlala endaweni ehlanziwe yalungiselela ukuwamukela, futhi uKristu, nabantu Bakhe nezingelosi, bangena Emzini Ongcwele.”-The Great Controvesy, p. 662, 663. 3. UKWAHLULELA OKUPHAKEME Ngolwesibili Nhlaba 2 a. Noma uSathane ehlela ukubamba inhloko-dolobha, unjani umphumela wokunye ukwahlulela-na? Isambulo 20:9 (isigaba sokuqala), 11, 12. “Manje uSathane ulungiselela umzamo wokugcina wokubusa. Lapho ephucwe amandla akhe wanqunywa emsebenzini wakhe wokukhohlisa, inkosana yobubi yayilusizi futhi idangele; kodwa njengoba ababi abafileyo bevuswa ebona ixuku elikhulu ohlangothini lwakhe, ithemba lakhe lavuka kabusha, wazimisela ukuthi angazinikeli kulempikiswano enkulu. Uzohola yonke impi yabalahliwe ngaphansi kwebhanela lakhe ngabo uzozama ukwenza amacebo akhe. Ababi bayizigqila zikaSathane. Ngokwenqaba uKristu bamukele umyalo wonholi ohlubukile. Bakulungele ukwamukela imicabango yakhe yokwenza akushoyo. Nokho, ngenxa yobuqili bakhe bokuqala, akavumi ngokwakhe ukuthi unguSathane. Uzisho ukuthi uyinkosana engumninikazi womhlaba nefa amukwa lona ngokungekho emthethweni. Uzibonakalisa kwizikhonzi zakhe azikhohlisile njengomhlengi, ebathembisa ukuthi kungamandla akhe abavuse emathuneni nokuthi uzobasindisa kwisitha esinonya olukhulu. Njengoba ubukhona bukaKristu bususiwe, uSathane wenza izimangaliso ukufakazela amazwi akhe. Wenza ababuthaka babenamandla angenise enhliziyweni konke ngomoya wakhe namandla. Uhlosa ukubaholela phambi kwekamu labangcwele nokuthatha umuzi kaNkulunkulu. Ngobubi bokuziphakamisa okwesabekayo ukhomba kwizigidi ezingenakubalwa ezivuswe emathuneni athi kuzo njengomholi wazo unakho ukuwuchitha umuzi athathe isihlalo sakhe nombuso wakhe.”-Great Controversy, p. 663. b. Ukwahlulela kwenziwa kanjani-na? Isambulo 20:9 (isigaba sokugcina), 10; Isaya 34:8-10. “Umlilo wehlela phansi uvela kuNkulunkulu ezulwini. Umhlaba uphukile. Izikhali ezifihlwe ekujuleni kwawo zikhishiwe. Amalangabi ashwabadelayo aqhamuka kuyoyonke imisele ezamulayo. Amadwala nawo avutha umlilo. Ngokuba bheka, luyeza usuku, luvutha njengelangabi. Kuyakusha konke, kubhidlike, nomhlaba nemisebenzi yawo kuyakusha. Malaki 4:1; 2 Peter 3:10. Ubuso bomhlaba bubonakala bunjengechibi elincibilikisiweyo-ichibi lomlilo elikhulu, elivuthayo. Kuyisikhathi sokwahlulelwa nokubhubha kwabantu abangemesabi uNkulunkulu.”-Ibid., pp. 672, 673. c. Sazi kanjani ukuthi lomlilo awuvuthi ingunaphakade-na? Jeremiya 17:27; Juda 1:7. 4. UKUBHUJISWA KWABABI Ngolwesithathu Nhlaba 3 a. Ukuhlanzwa kokugcina kuqhathaniswa kanjani nomzamcolo wesikhathi sikaNowa-na? 2 Peter 3:10-13. “Lapho umhlaba usongelwe ngumlilo wokubhubhisa, abalungileyo bahlala ngokulondeka emzini ongcwele. Labo ababenesabelo ekuvukeni kokuqala; ukufa kwesibili akunamandla. Lapho uNkulunkulu engumlilo oqothulayo kwababi, kubantu Bakhe uJehova uNkulunkulu uyilanga nesihlangu. Isambulo 20:6; Amahubo 84:11.”-The Great Controversy, p. 673.“Umlilo lowo oqothula ababi yiwona ohlanza umhlaba. Wonke umkhondo wesiqalekiso uyashanelwa. Asikho isihogo esivutha phakade esizogcinwa phambi kwabahlengiwe imiphumela esabekayo yesono.”-Ibid., p. 674. b. Lokubhujiswa kwenzeka ngokuphelele kanjani-na? Malaki 4:1-3; Amahubo 37:10. “Abangcwele bazohlala Emzini Ongcwele babuse njengamakhosi nabapristi iminyaka eyinkulungwane; khona-ke uJesu uzokwehla nabangcwele phezu kweNtaba Yeminqumo, nentaba izohlukana phakathi ibe yithafa elinamandla leParadesi likaNkulunkulu ukuba lihlale phezu kwalo. Umhlaba wonke awuyi kuhlanjululwa kuze kube sekupheleni kweminyaka eyinkulungwane, lapho ababi bevuswa, beqala ukuzungeza umuzi. Izinyawo zababi azingeke zingcolise umhlaba owenziwe busha. Umlilo uzokwehlela phansi uvela kuNkulunkulu ezulwini ubabhubhise-ushise impande negatsha. USathane uyimpande, abantwana bakhe bangamagatsha. Wona kanye umlilo ozobhubhisa ababi uzohlanza umhlaba.”-Early Writings, pp. 51, 52.“Isikhumbuzo esisodwa esisele; UMsindisi wethu uzothwala izimpawu zokubethelwa Kwakhe esiphambanweni. Phezu kwenxeba elisekhanda Lakhe, ohlangothini Lwakhe, ezandleni Zakhe nasezinyaweni, yizona kuphela izimpawu zomsebenzi ononya owenziwa yisono, kusho umprofethi, ebona uKristu enkazimulweni Yakhe; ‘Kuqhamuka ukubengezela kunjengokukhanya; imisebe ivela esandleni Sakhe: efihla lapho amandla Akhe.’ (Habakuk 3:4 umsikelo). Uhlangothi olwagwazwayo kwagobhoza khona umfudlana obomvu owabuyisela abantu kuNkulunkulu-kukhona inkazimulo yoMsindisi, lapho kufihleke amandla Akhe. ‘Enamandla okusindisa,’ ngomhlatshelo wokuhlenga, ngakho-ke wayenamandla okwenza ubulungisa phezu kwabo abadelela umusa kaNkulunkulu. Nezimpawu zokuthotshiswa Kwakhe ziludumo Lwakhe olukhulu; Ngezikhathi zonke zaphakade amanxeba aseKhalvari azobonisa udumo Lwakhe futhi amemezele amandla Akhe.”- The Great Controversy, p. 674. 5. UMHLABA UHLANJULULIWE Ngolwesine Nhlaba 4 a. Kuyini okwenzeka emhlabeni wonke ngokwazi kwethu-na? Isambulo 21:1, 5. Kukuphi umhlaba wonke ozoba munye ngaleso sikhathi-na? Isambulo 5:13 “Iminyaka engunaphakade, njengoba ihamba, izoletha izambulo ezinothile nenkazimulo engunaphakade kaNkulunkulu noKristu. Njengoba ulwazi luqhubeka, kanjalo nothando, inhlonipho, nenjabulo kuyakhula. Njengoba abantu beqhubeka befunda ngoNkulunkulu, kuzobakukhulu ukutusa kwabo isimilo Sakhe. Njengoba uJesu evula phambi kwabo izincwadi zokuhlengwa nezincwadi ezimangalisayo ezigciniwe zempikiswano kaSathane, izinhliziyop zabahlengiwe zizojabulela ukuzinikela kokushiseka okwengeziwe, futhi ngentokozo enkulu bashaya amahabhu egolide; besekuthi izinkulungwane ezilishumi eziphindwe izinkulungwane ezilishumi zamaphimbo ahlangana ukuzwakalisa iculo elimnandi lokudumisa.“Impikiswano enkulu iphelile. Isono nezoni akusekho. Umhlaba wonke uhlanzekile. Igalelo elilodwa lokuzwana nenjabulo kuzwakala kwindalo yonke. Kuye owadala konke, kugeleza ukuphila kanye nokukhanya nentokozo, kuyo yonke imibuso yendawo engenakulinganiswa. Kusukela kumhlaba omncane ukuya kumhlaba omkhulu kunawo wonke, zonke izinto, eziphilayo nezingaphili, ebuhleni bazo obusobala nenjabulo ephelele, zimemezela ukuthi uNkulunkulu uluthando.”-The Great Controversy, p. 678. b. Ngombono weqiniso, kuyini okumele sizibuze kona-na? Heberu 3:7, 8. “Kunamuhla lapho kumele siphaphame senze umzamo onqumayo wokuba nesimilo esifanayo. Namuhla uma nilizwa izwi Lami, ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu.’“Kuyini okwenzayo, mzalwane, emsebenzini omkhulu wokulungiselela.”-Testimonies for the Church, vol. 5, p. 216. IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE Ngolwesihlanu Nhlaba 5 1. Kuyini okubopha uSathane futhi ukhululwa kanjani? 2. Ngumsebenzi onjani abangcwele abazongena kuwo iminyaka eyinkulungwane futhi iyini imiphumela? 3. Noma uSathane ezozama ukunqoba umuzi kaNkulunkulu, lokhu kuzoletha kanjani ukwahlulela kokugcina? 4. Umhlaba wonke uhlanjululwa kanjani? 5. Sinjani isimo sokugcina somhlaba wonke kaNkulunkulu? << >>