Back to top

Sabbath Bible Lessons

Eqhakazile Imisebe yokukhanya ingcebo yeqiniso (II)

 <<    >> 
Umnikelo WeSabatha Lokuqala Owe-Headquaters neChapel in Hosanna, Ethiopia ISABATHA, NHLANGULANA 3, 2023 I-Ethopia, ilizwe elaziwa ngempucuko yalo yasendulo, isemngceleni weSudan engaseningizimu, Sudan, Kenya, Eritrea, Djibouti, neSomalia. Phakathi kwabantu abangu 120 wezigidi, abantu baseEthopia bafakazela izinkolo eziningi-ikakhulukazi inkolo kaAbrahama nenkolo yaseEthopia, P’ent’ay (Amaprotestanti ahambisa ivangeli), namakholwa aseRoman Catholic ahlanganisa 67.3% yabantu, balandelwe ngamaIslam angu 31.3%. Kukhona nenani elincane lomphakathi wamaJuda, namanye amalunga anenkolo yeBaha’I’. Isigijimi seSDARM safika eEthopia imiyaka engu 20 edlule lapho abanye abazalwane nodade, bethintwa nguMoya Ongcwele, baqala ukufunda nokuthandaza maqondana neqiniso lanamuhla. Masinyane emva kwalokho, abazalwane beSDARM basihambela sase-sihlelwa njengensimu. IHosanna (elaziwa njenge Hosaena) umuzi omkhulu ukusuka eAddis Ababa ngamamayela angu 139 noma (225 km.) inhloko-dolobha yesizwe. IHosanna kulapho sihlela ukwakha indlunkulu yeEthopian Northren Union Mission. Le-Union mission yasekwa ngonyaka ka2020, lapho iEthopian Union Mission iphenduka amaUnion abayizigaba ezintathu eningizimu-lendawo inemiphefumulo engaba izigidi ezingu 40. Asinayo imali eyanele, kodwa umsebenzi wethu uyakhula. Okwamanje iEthopian Northren Union Mission inezindlu zokukhonzela ezidlula u26 zasendaweni. Ihlanganisa izifunda zonke kusukela edolobheni laseHosanna ukufika kumngcele waseKenya. Sinamalunga ebandla eHosanna-ukudlula iminyaka engamashumi amabili (20), abazange babe nendlu yokukhonzela. Kodwa manje sibonga iNkosi ngoba sinethemba futhi siyakholwa ukuthi amalunga ebandla lethu emhlabeni wonke jikelele azoguqula lembali asisize ukwakha inkonzo kanye nendlunkulu lapha ukuba isebenze njengenhloko yeUnion yethu. Ukusuka kulendawo, inhloso yethu ukukhulisa ivangeli laphakade kungesikho eHosanna kuphela kodwa nakwimizi engomakhelwane size sifinyelele emngceleni waseKenya. Lesikhumbuzo maqondana neNkosi sizoba ukukhanya okukhazimulayo kulendawo yonke-futhi siyaludinga usizo lwenu. Kanjalo siyacela kubazalwane bethu, odade, nabasha emhlabeni wonke ukuba banikele ngesihle kulomsebenzi, “Ukuze ezintweni zonke nicetshiswe kukho ukuphana konke okuveza ngathi ukubonga uNkulunkulu” (2 Korinte 9:11). Ngoba usizo lwenu lokupha sithanda ukugcizelela ukubonga kwethu okujulile nenhlonipho efudumele. Abazalwane abavela Ethopia Northren Union Mission, Hosanna
 <<    >>