Eqhakazile Imisebe yokukhanya ingcebo yeqiniso (II) << >> ISabatha, Nhlangulana 10, 2023 Isifundo 11 Ukuxhumana Okwaphukile “IVESI LEKHANDA: “Makungabikho muntu ozikhohlisayo nangayiphi indlela; ngokuba aluyikufika, kungakaveli kuqala ukuhlubuka, kwambulwe umuntu ongenamthetho, indodana yokulahlwa” (2 Thesalonike 2:3). Incwadi Enikeziwe: The Great Controversy, pp. 49-60, 443-450. “Sihlanganyela emsebenzini obalulekile nodingekayo, futhi kufanele siqhubekele phambili empini yamandla. Kufanele simele izimiso zeqiniso zamaProtestanti; ngoba izimiso zobupapa zizongena kuzo zonke izindawo ezingase zibe nenkululeko kanembeza evinjelwe.”-The Review and Herald, Mandulo 9, 1909. 1. ISILO ESESABEKAYO ESINAMAZINYO ENSIMBI NgeSonto Nhlangulana 4 a. Incazelo enjani enikezwayo ngesiprofetho sesilo esilandelayo, umbuso onamandla waseRoma-futhi unya lwaso lwaboniswa kanjani ekuphatheni uMhlengi welizwe-na? Daniyeli 7:7; Mathewu 27:27-35. “Isimemezelo sombuso waseRoma sokuba abantu bombuso omkhulu babalwe siye sadlulela nakubantu abahlala emagqumeni aseGalile. Ayikho indawo [kaJosefa noMariya] endlini yezihambi ephithizelayo. Esakhiweni esingahloniphekile lapho kukhoseliswe khona izilwane, ekugcineni bathola isiphephelo, nangu uMhlengi womhlaba uzelwe.”-The Desire of Ages, p. 44.“Isixuku sasikhalela igazi likaJesu. Bambhaxabula ngolunya, bamembathisa ingubo yobukhosi ebubende, babopha ikhanda Lakhe elingcwele ngomqhele wameva.“UJesu wema ethobekile futhi emnene phambi kwesixuku esasithukuthele, kuyialapho simthuka kakhulu, Bamkhafulela ebusweni Bakhe-ubuso abayofisa ukubucashela ngelinye ilanga, okuzoletha ukukhanya emzini kaNkulunkulu futhi kukhanye ukudlula ilanga.”-Early Writings, p. 170. b. Ekugcineni mahluko muni ongavamile owenzeka kulombuso-na? Daniyeli 7:19-24. 2. UKUHLOSA UKUGUQULA UMTHETHO KANKULUNKULU NgoMvulo Nhlangulana 5 a. Sazi kanjani ukuthi umthetho kaNkulunkulu awunakuguqulwa-na? Amahubo 111:7, 8; Mathewu 5:17-19; Luka 16:17; Isambulo 22:14. “Umthetho kaNkulunkulu walotshwa ngesandla Sakhe ezibhebheni zamatshe, kanjalo ebonisa ukuthi awusoze waguqulwa noma uchithwe. Kufanele ulondolozwe izikhathi zaphakade, ongenakuguqulwa njengezimiso zombuso Wakhe.”-Counsels to Parents, Teachers, and Students, p. 248.“Ukufa kuyinkokhelo yesono, nomthetho awukwazi ukuguqulwa nakancane ukuze wenzele abenzi bawo indlela yokuphunyuka. Usizi lukaKristu esiphambanweni eKhalvari lukhuluma kakhulu kunanoma iyiphi impikiswano engalethwa, ukufakazela ukungaguquki komthetho.”-The Review and Herald, Ntulikazi 19, 1892.“USathane udukise umhlaba wamaKristu ngendaba yokuthi lapho uKristu efa wachitha umthetho. Kwakuyisiphambano saseKhalvari esaphakamisa umthetho kaNkulunkulu, sawenza wahlonipheka. Uma uNkulunkulu wayekwazi ukuguqula neganyana elilodwa lomthetho Wakhe, kwakungadingeki ukuthi uJesu eze emhlabeni wethu ukuba ahlupheke futhi afe.”-The Signs of the Times, Lwezi 24, 1887. b. Yiliphi igunya elizothuthukiswa embusweni waseRoma-na? Lombuso wawucabanga ukwenzani, futhi ngeyiphi imiyalo ethinteka ngempela-na? Daniyeli 7:23-25; Exodusi 20:4-6, 8-11. “IRoma yathathela ngokungafanele ukususa emthethweni kaNkulunkulu umyalo wesibili, owenqabela ukukhonzwa kwezithombe, nokuhlukanisa umthetho weshumi, ukuze kulondolozwe isibalo.”-The Great Controversy, p. 52.“Ukukhuthaza kobupapa, njengesizathu sokushiya umthetho wesibili, nokuba ungafakwa ngokungadingekile kowokuqala, nokuthi banikeze umthetho ngendlela uNkulunkulu ayewuhlele ngayo ukuba uqondwe. Lena akuyona inguquko eyabikezelwa ngumprofethi. Inguquko, yangabomu iyethulwa: ‘Uzakuhlosa ukuguqula izikhathi nomthetho.’ Ukuguqulwa komthetho wesine kugcwalisa isiprofetho ngempela. Ngoba leli igunya elifunwa yilebandla. Lapha amandla obupapa azibeka ngokusobala ngaphezu kukaNkulunkulu.”-Ibid., p. 446.“Uhlubuko olukhulu lufezekile lokuzikhukhumeza phezu kwakho konke okuthiwa uNkulunkulu, noma izinto ezikhonzwayo.’ 2 Thesalonika 2:4. Wahlosa ukuguqula owona mthetho ongcwele okhomba ngempela lonke uluntu kuNkulunkulu weqiniso ophilayo. Emthethweni wesine, uNkulunkulu wembulwa njengoMdali wezulu nomhlaba, futhi ngalokho uhlukaniswa kubobonke oNkulunkulu bamanga.”-Ibid., pp. 53, 54. 3. ISILO ESIHLAMBALAZAYO Ngolwesibili Nhlangulana 6 a. Anjani amandla ophondo lukaDanyeli 7 ‘iyakukhuluma amazwi ngoPhezukonke,” inhlamba enikaza abantu igunya nelungelo lokuthethelela izono-nokunye? Daniyeli 7:25 (inxenye yokuqala); 2 Thesalonike 2:4. “Ingenye yezimfundiso ezihamba phambili zobuRoma ukuthi umpampa uyinhloko ebonakalayo yebandla lonke lobuKristu, onikezwe ngegunya eliphakeme phezu kobhishobhi nabafundisi kuzo zonke izinxenye zomhlaba. Ngaphezu kwalokho, umpapa unikezwe sona kanye isiqu sobuNkulunkulu. Ubizwa ngokuthi ‘Nkosi Nkulunkulu Mpapa’. Futhi umenyezelwa njengalowo ongenakuduka. Ufuna ukuhlonishwa yibo bonke abantu. Imfuno enjalo yabizwa nguSathane ehlane lesilingo isakhuthazwa nguye ngebandla laseRoma, namalunga amaningi alungele ukumhlonipha.”-The Great Controversy, p. 50.“Esikhundleni sokuthembela eNdodaneni kaNkulunkulu ukuthethelelwa kwezono nensindiso engunaphakade, abantu babheka umpapa, nakubapristi nabobhishobhu labo abanike igunya. Bafundiswa ukuthi umpapa wayengumlamuleli wabo wasemhlabeni nokuthi akukho owayengasondela kuNkulunkulu ngaphandle kwakhe; futhi, ngaphezu kwalokho, wema esikhundleni sikaNkulunkulu kubo futhi kwakufanele alalelwe ngokungabuzi.”-Ibid., p. 55.“UNkulunkulu akazange anikeze izwi ezwini Lakhe ukuthi umise noma ngubani ukuba abe yinhloko yebandla. Imfundiso yobukhulu bompapa iphikisana ngokuqondile nezimfundiso zemiBhalo engcwele.”-Ibid., p. 51.“Kwathathwa olunye unyathelo ekucabangeni kompapa, lapho, ekhulwini leshumi nanye, uPapa Gregory VII ememezela ukuphelela kweSonto lamaRoma. Phakathi kweziphakamiso ezavezwa kwakukhona nesimemezelo sokuthi ibandla alikaze lenze iphutha, futhi alisoze lenza iphutha, ngokwemiBhalo. Kodwa ubufakazi bemiBhalo abuzange buhambisane nalokhu .”- Ibid., p. 57. b. Sazi kanjani ukuthi ukwembulwa komphiku-kristu akusona nje isehlakalo sesikhathi esizayo kodwa saqalisa ngesikhathi sabapostoli namaKrestu amisiwe-na? 2 Thesalonike 2:3, 7; 1 Johane 2:18, 19; 4:1-3; Izenzo 20:28-30. “Umpostoli uPawule, encwadini yakhe yesibili eya kwabaseThesalonika, wabikezela ngokuhlubuko okukhulu umphumela ozoba ukumiswa kwamandla obupapa.”-Ibid., p. 49.“Isabatha lamanga lithe lagcinwa yinhlangano enamandla angaphezulu kwavamile ukuze uNkulunkulu adumazeke. Kuluphawu lobukhulu bukaSathane emhlabeni.”-The Signs of the Times, Ndasa 12, 1894. 4. IBANDLA ELICHITHA IGAZI Ngolwesithathu Nhlangulana 7 a. Yini eyenza abaprofethi bamangale uma bebheka izenzo ezinje zalabo abazibiza ngamaKristu-na? Daniyeli 7:25 (isigaba sokugcina); Mathewu 24:21, 22; Isambulo 13:7; 17:6. “Ngesentshuri yeshumi nantathu kwasungulwa okwesabisa kakhulu kuzozonke izinjini zobupapa-ukuqulwa kwecala. Inkosana yobumnyama yasebenza nabaholi besigaba sobupapa. Emihlanganweni yabo eyimfihlo uSathane nezingelosi zakhe babelawula izingqondo zabantu ababi, kuyilapho ingabonwa kumi phakathi kwabo ingelosi kaNkulunkulu, ithatha umbiko owesabekayo wezimiso zabo ezimbi futhi ibhala umlando wezenzo ezimbi kakhulu ukuba zingabonakala emehlweni abantu. ‘IBhabhilona elikhulu’ lalidakwe igazi labangcwele.’ Izinhlobo eziphitheneyo zezigidi zabafelukholo zakhala kuNkulunkulu zicela impindiselo phezu kwamandla ahlubukayo.”-The Great Controversy, pp. 59, 60.“Ubupapa yilokho isiprofetho esakubikezela ukuthi siyoba yikho, ukuhlubuka kwezikhathi zokugcina. 2 Thesalonike 2:3, 4. Kuyinxenye yenqubomgomo yakhe ukuthatha umlinganiso ozofeza kangcono inhloso yakhe; kodwa ngaphansi kokuguquguquka kokubonakala konwabu lufihla ubuthi benyoka obungaguquki.”-Ibid., p. 571. b. Kuyini amaKrestu abhekene nezenzo zolunya ezivela kwabanye abazibiza ngamakholwa abazoyikhumbula ibanike ithemba-na? 2 Thimothi 3:12; Isambulo 2:10; Luka 21:28. “Kwakufanele kungene izimpisi, zingawuhawukeli umhlambi. Kodwa akukho noyedwa yalezi zinto eyayizoletha ukudangala kulabo abathemba labo ligxile kuKristu. Ngamazwi esikhuthazo nenjabulo uPeter waqondisa izingqondo zamakholwa ekulingweni kwamanje nasezimeni ezizayo zokuhlupheka ‘efeni elingenakonakala nelingangcolile, nelingapheli.”-The Acts of the Apostles, p. 528.“UNkulunkulu ngomusa kubantu Bakhe wafinyeza isikhathi sokulingwa kwabo okuvuthayo, ngomfutho weMvuselelo ukushushiswa kwapheliswa ngaphambi kuka-1798.”-The Great Controversy, pp. 266, 267.“Kuzo zonke izikhathi uSathane ushushise abantu bakaNkulunkulu. Ubahluphile wababulala, kodwa ekufeni kwabo baba ngabanqobi. Bafakaza ngamandla aLowo onamandla ukudlula uSathane. Abantu ababi bangase bahlukumeze futhi babulale umzimba, kodwa abakwazi ukuthinta ukuphila okufihleke noKristu kuNkulunkulu. Bangavalela abesilisa nabesifazane kwizindonga zetilongo, kodwa abakwazi ukubopha umoya.“Ngezilingo nokushushiswa inkazimulo-isimilo-sikaNkulunkulu siyembuleka kwabakhethekile Bakhe.”- The Acts of the Apostles, p. 576. 5. UKUPHELA KWAMANDLA AWO Ngolwesine Nhlangulana 8 a. Njengoba sazi ukuthi usuku esiprothweni lumela unyaka, kuyoze kube nini lombuso uba negunya elinjalo lokushushisa-na? Daniyeli 7:25 isigaba sokugcina (cf. Daniyeli 4:23, 25, 32); Isambulo 12:6, 14; 13:5. “Ngesentshuri yesithupha umpapa wamiswa ngokuqinile. Isihlalo samandla akhe samiswa edolobheni lemakhosi amaningi, nobhishobhi waseRoma wamenyezelwa njengenhloko yebandla lonke. Ubuhedeni buthe bathola indawo kumpapa. Udrako wasinika amandla akhe, nesihlalo sakhe, nokubusa okukhulu. Manje kwase kuqala iminyaka engu 1260 yokucindezela kompapa okwabikezelwa kwisiprofetho sikaDaniyeli kanye neSambulo. Daniyeli 7:25; Isambulo 13:5-7. Amakrestu aphoqelelwa ukuba akhethe ukunikela ngobuqotho babo bamukele izinkonzo zompapa futhi bamkhonze, noma bachithe ukuphila kwabo etilongweni noma bahlupheke ngomgibe wamapulangwe, noma inyanda yamapulangwe, noma banqunywe amakhanda. Manje kwagcwaliseka amazwi kaJesu athi, ‘Yebo, niyakukhashelwa nangabazali, nabafowenu, nezihlobo, nabangane; abanye benu bayakubulawa yibo. Niyakuzondwa yibo bonke ngenxa yegama Lami.’ Luka 21:16, 17. Ukushushiswa kuzovulelwa abathembekile ngokuvutha okukhulu ukudlula ngaphambili, nomhlaba uzoba yinkundla yempi. Iminyaka engamakhulu ibandla likaKristu lithole isiphephelo ehlane nokusithela lingasabonwa.”-The Great Controversy, pp. 54, 55.“Isikhathi okukhulunywa ngaso lapha-‘izinyanga ezingamashumi amane nambili,’ kanye, nezinsuku eziyinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisithupha’ ziyafana, zombili zifanekisa isikhathi leso ibandla likaKristu okwakufanele lihlupheke ukucindezelwa yiRoma. Iminyaka engu 1260 yokubusa kompapa okwaqala ngoA.D. 538, futhi izophela ngoyaka ka1798….Ngaleso sikhathi impi yaseFrance yangena eRoma yabopha umpapa yamfaka etilongweni, wafela khona lapho. Noma umpapa omusha wakhethwa masinyane emva kwalokho, umbuso wompapa awuzange usaba namandla okuphatha ngamandla ebinawo ngaphambili.”-Ibid., p. 266. IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE Ngolwesihlanu Nhlangulana 9 1. Uchazwa kanjani umbuso ononya kunayo yonke esiprofethweni? 2. Ngeyiphi inxenye yomthetho kaNkulunkulu lesilo ukuhlasela kwaso kukhethekile-futhi kungani? 3. Uvelaphi umphikukristu futhi iyini inhloso yakhe enkulu? 4. Lombuso wombangazwe wezenkolo ubaphatha kanjani abantu bakaNkulunkulu abathemebekile? 5. Ngokuya ngokwesiprofetho ancishiswa nini amandla okuncindezela ngandlela-thize? << >>