Eqhakazile Imisebe yokukhanya ingcebo yeqiniso (II) << >> ISabatha, Nhlangulana 17, 2023 Isifundo 12 Ngena Ekuphumuleni kukaNkulunkulu IVESI LEKHANDA: “Ngabanika amasabatha ami, abe yisibonakaliso phakathi kwami nabo, ukuze bazi ukuthi nginguJehova obangcwelisayo” (Hezekeli 20:12). Incwadi Enikeziwe: The Desire of Ages, pp. 281-289. “ISabatha elanikezwa umhlaba njengophawu lukaNkulunkulu njengoMdali nalo liluphawu Lwakhe futhi njengoMngcwelisi. Amandla adala zonke izinto angamandla adala kabusha umphefumulo ekufaneni Naye.”-Testimonies for the Church, vol. 6, p. 350. 1. UPHAWU LWESIVUMELWANO ESISHA NgeSonto Nhlangulana 11 a. UNkulunkulu wayehlose ukuthi isivumelwano Sakhe sihlale isikhathi esingakanani futhi siqondiswe kwesiphi isivumelwano-na? Exodusi 31:16; Heberu 8:10. b. Yikhuphi uNkulunkulu akuphumula phakathi kwesonto lendalo nokuthi ukuphumula kuhlangene kanjani nesivumelwano esisha-na? Genesis 2:2, 3; Eksodusi 35:2; 20:11. c. Ukuphumula emsebenzini wenyama kufanekisa kanjani ukuphumula ngomcabango wesimoya-na? Heberu 4:4, 10; Efesu 2:8, 9; Hezekeli 20:12. d. Uma umuntu ezalwa kabusha (Johane 3:5, 6), hlobo luni lwemisebenzi oluphelayo ekuphileni kwakhe-na? Galathiya 5:19-21; Eksodusi 31:15. “Kulabo abaligcina lingcwele usuku lweSabatha kuluphawu lokungcweliswa. Ukungcweliswa kwangempela kuyavumelana noNkulunkulu, ubunye Naye ngokwesimilo. Ukungcweliswa kwamukelwa ngokulalela izimiso ezembula isimilo Sakhe. ISabatha liwuphawu lokulalela. Lowo okusuka enhliziyweni ukulalela umthetho wesine uzokugcina wonke umthetho. Ungcweliswa ngenxa yokulalela.”-Testimonies for the Church, vol. 6, p. 350. 2. AMANDLA ANGCWELE NgoMvulo Nhlangulana 12 a. Kungani isizwe samaHeberu sehluleka ukungena ekuphumuleni kukaNkulunkulu kwesimoya-futhi yisiphi isixwayiso esiza kithi-na? Heberu 4:1, 2; 3:12, 19; 4:4-6. “Isizathu sobuthakathaka kukaIsrayeli kweyame ekusukeni kwabo kuNkulunkulu ngokungalaleli imithetho Yakhe. Isizathu sobuthakathaka nokubuyela emuva kukaIsrayeli wanamuhla ukunganaki ukulalela umthetho ongcwele. UNkulunkulu udinga umuntu wonke ukuba alalele imithetho Yakhe. Umhlaba wonke uzokwahlulelwa ngomthetho olushumi ngokuya ngamathuba okujwayelana nawo, noma ngesizathu, noma ngesiko, noma izwi elibhaliwe.”-Selected Messages, bk. 1, p. 232. b. UIsrayeli wafinyelela kanjani kulomcijo wokungakholwa kwakhe-na? Ingabe lokhu kwenzeka ngokuzumayo-na-futhi kwaqala kanjani? Heberu 3:8-11, 15-18. “Uma abantu benikela izinhliziyo zabo kukho ukungakholwa, bazibeka ngokwabo ngaphansi kolawulo lukaSathane, futhi akakho ongasho ukuthi uyobahola kuze kube nini.”-Ibid., p. 238. c. Ingabe kulula yini ukugcina iSabatha libe-ngcwele uma singenawo amava esimoya okunqoba ekuphileni kwethu-na? 1 Johane 5:4. “Konke ukuhluleka kuhlangothi lwabantwana bakaNkulunkulu kungenxa yokuswela ukholo.”-Ibid., p. 657.“Inqobo nje uma izulu nomhlaba kusekhona, iSabatha lizoqhubeka njengophawu lwamandla omdali.“Asikho esinye isimiso esanikwa amaJuda esasilindelwe ngokuphelele ukubahlukanisa kwizizwe eziwazungezile njengoba kwenza iSabatha. UNkulunkulu wahlela ukuthi ukugcinwa kwalo kukhetheke kubo njengezikhonzi Zakhe. Kwakufanele libe isibonelo sokwehlukana kwabo nabakhonza izithombe, nokuxhumana kwabo noNkulunkulu weqiniso. Kodwa ukuze ugcine iSabatha lingcwele, abantu kufanele babengcwele. Ngokukholwa kufanele babe ngabahlanganyeli bokulunga kukaKristu. Lapho umyalo unikezwa uIsrayeli, ‘Khumbula usuku lweSabatha, uligcine lingcwele,’ iNkosi yathi futhi kubo, ‘Nizakuba ngabantu abangcwele Kimi.’ Eksodusi 20:8; 22:31. Kungalendlela kuphela iSabatha elikwazi ukuhlukanisa ngayo uIsrayeli njengezikhonzi zikaNkulunkulu.”-The Desire of Ages, p. 283. 3. UKULUNGISISWA Ngolwesibili Nhlangulana 13 a. Ingabe ukulungisiswa kuqala ngokulalela-na? Lokhu kubonakaliswa kanjani ekugcinweni iSabatha-na? Roma 3:28; Duteronomi 5:15. “Kuyini ukulungisiswa ngokukholwa? Ngumsebenzi kaNkulunkulu ukubeka inkazimulo yomuntu othulini, nokwenzela umuntu lokhu okungekho emandleni akhe ukuzenzela ngokwakhe. Uma abantu bebona ukungabi nalutho kwabo, bakulungele ukwembathiswa ukulunga kukaKristu.”-The Faith I Live By, p. 111.“Asinakho ukulunga okungokwethu esingahlangabezana ngakho nezimfuno zomthetho kaNkulunkulu. Kodwa uKristu usenzela indlela yokuphepha. Waphila emhlabeni phakathi kwezinhlupheko nezilingo okumele sibhekane nazo. Waphila ukuphila okungenasono. Wafa ngenxa yethu, manje uzimisele ukuthatha izono zethu asinike ukulunga okungoKwakhe. Uma uzinikela Kuye, umamukele njengoMsindisi Wakho, besekuthi, noma ukuphila kwakho kunesono kangakanani, ngenxa Yakhe ubalelwa ukuthi ulungile. Isimilo sikaKristu simi endaweni yesimilo sakho, futhi wamukeleka phambi kukaNkulunkulu kungathi awuzange wona.”-Steps to Christ, p. 62.“UJesu uyathanda ukuba size Kuye njengoba sinjalo, sinezono, singenakuzisiza, siphethwe. Singeza ngobuthakathaka bonke bethu, ubuthutha bethu, izono zethu, siwe ezinyaweni Zakhe ngokuzisola. Kuyinkazimulo Yakhe ukusizungeza ezingalweni zothando Lwakhe asibophe amanxeba ethu, ukusihlanza kukho konke ukungcola kwethu.”-Ibid., p. 52. b. Kungayiphi indlela isonto lendalo libonisa ngawo amandla angcwele aletha intethelelo kanye nokunguqulwa kwesimilo-na? Exodusi 31:16, 17; Amahubo 51:10. “ISabatha liluphawu lwamandla kaKristu okusenza sibengcwele.”-The Desire of Ages, p. 288. c. Singasho yini ukuthi uhlelo olufanayo lokudala luthatha indawo ekuguqukeni-na? 2 Korinte 5:17. “Njengesoni, esidonswa ngamandla kaKristu, esondela esiphambanweni esiphakanyisiwe, futhi akhothame phambi kwaso, kukhona indalo entsha. Uphiwa inhliziyo entsha. Uba yisidalwa esisha kuKristu Jesu.”-Christ Object Lessons, p. 163.“Lapho umphefumulo uzinikela ngokwawo kuKristu, amandla amasha athatha indawo enhliziyweni entsha. Inguquko iyasebenza leyo umuntu angeke ayifeza ngokwakhe. Ngumsebenzi wemvelo, oletha into ekhona kwimvelo yomuntu.”-The Desire of Ages, p. 324. 4. UKUNGCWELISWA Ngolwesithathu Nhlangulana 14 a. ISabatha lifanekisa kanjaniukungcweliswa-na? Levi 20:7, 8; Exodusi 31:13. b. Njengabapristi bakaNkulunkulu, kuyini okufanele sikwenze masonto onke ngaphambi kokushona kwelanga ngosuku lwesithupha lwesonto-na? Nehemiya 13:22, 19. c. Kuyini okufanekisa isinkwa sokubukwa ekulungisweni kwaso-futhi lokhu kusiza ngani ekungcwelisweni-na? 1 Korinte 9:32; Johane 6:48, 53, 54, 56, 63; Heberu 4:12. “Ukudla inyama nokuphuza igazi leNdodana kaNkulunkulu kusho ukufunda izwi likaNkulunkulu.”-The Ellen G. White 1888 Material, p. 1683.“Njengoba igazi lisemzimbeni, kanjalo nokuphila kukaKristu kufanele kube kulabo abaletha Izwi, azungeza kubo njengamandla avuselelayo. Umuntu akufanele aphakanyiswe. Ngumoya Ongcwele oguqula inhliziyo yesoni, athethelele isoni, asinike isoni, nenjabulo, nokukhanya kweNkosi. Akukho mandla kodwa iqiniso njengoba sinjalo kuJesu okungangcweliswa inhliziyo.”-Letters and Manuscript, vol. 12 (1897), Ms 138, 1897.“IBhayibheli liyizwi likaNkulunkulu elikhuluma nathi, kungathi siyalizwa ngezindlebe zethu. Uma sikuqonda lokhu, kungokwesaba okungakanani esingavula ngalo izwi likaNkulunkulu, futhi ngesiqiniseko esinjani singahlola izimiso zawo! Ukufunda nokuzindla ngeMibhalo kuzobhekwa njengabalalelli naLowo Ongapheliyo.”-Testimonies for the Church, vol. 6, p. 393. d. Ngumsebenzi muni obalulekile odingekayo ngeSabatha, ikakhulukazi njengoba sisondela ekupheleni kwesikhathi-na? Levi 23:3; Heberu 10:24-26. “Uma abazalwane bethu ngabomu bengaveli kwimihlangano yezenkolo, uma uNkulunkulu engacatshangwa futhi engahlinishwa, uma engakhethwa njengomeluleki wabo nenqaba yabo enamandla yokubavikela, masinyane kangakanani imicabango yabo evamile nokungakholwa kwabo okubi kungena, ngesibindi esiyize nolwazi bathathe indawo yokuzithoba, nokholo olwethembayo.”-Testimonies for the Church, vol. 5, pp. 426, 427.“Ungalokothi ube nomcabango wokuthi ungaba nguMkrestu kodwa uzigodlele ngaphakathi kuwe. Umuntu ngamunye uyinxenye yobuntu obukhulu obuhlangene, futhi imvelo kanye nobunjalo bamava akho kuzonqunywa kakhulu ngamava alabo ozihlanganise nabo.”-Ibid., vol. 7, p. 190. 5. ISIBUSISO SESABATHA Ngolwesine Nhlangulana 15 a. Kuyini esikuzuzayo uma silithokozela kakhulu iSabatha ezimpilweni zethu-na? Isaya 56:2; 58:14; Amahubo 144:15. “Kubo bonke abamukela iSabatha njengophawu lwendalo kaKristu namandla ahlangulayo, lizoba yinjabulo. Ngokubona uKristu kulo, bazithokozisa Ngaye. ISabatha libakhomba kwimisebenzi yendalo njengobufakazi bamandla Akhe ahlengayo. Lapho libizela ingqondo ekuthuleni kwaseEdeni okwalahlekayo, likhuluma ngokuthula okwabuyiselwa ngoMsindisi.”-The Desire of Ages, p. 289. b. ISabatha lenzelwa bani futhi libayini uma silamukela ngokugcwele kokubili ngendlela yokoqobo kanye nendlela yesimoya-na? Marako 2:27, 28; Hezekeli 20:20; Heberu 4:9. “ISabatha elanikezwa umhlaba njengophawu lukaNkulunkulu njengoMdali futhi uphawu Lwakhe njengoMngcwelisi. Amandla lawo adala izinto zonke kungamandla lawo adala kabusha umphefumulo ufane Naye. Kulabo abagcina usuku lweSabatha lungcwele kuluphawu lokungcweliswa. Ukungcweliswa kwangempela kuyavumelana noNkulunkulu, ubunye Naye ngesimilo. Kwamukelwa ngokulalela lezo zimiso ezilotshwe ngesimilo Sakhe. Nesabatha luwuphawu lokulalela. Lowo olalela ngokusuka enhliziyweni umthetho wesine uzakulalela wonke umthetho. Ungcwelisiwe ngokulalela.”-Testimonies for the Church, vol. 6, p. 350. IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE Ngolwesihlanu Nhlangulana 16 1. Sibaluleke kanjani isivumelwano esisha nokuzalwa kabusha ekugcinweni kweSabatha leqiniso? 2. Ukuze sigcine iSabatha lingcwele, uhlobo olunjani lwamava esiludingayo? 3. Ukulungisiswa kwaboniswa kanjani indlela uNkulunkulu akhulula ngayo amaIsrayeli eGibhithe? 4. Umuntu angagcina kanjani amava okungcweliswa angcwele? 5. Yisiphi isibusiso esikhethekile esisitholayo uma ngempela sigcina iSabatha njengoba uNkulunkulu ehlosile? << >>