Back to top

Sabbath Bible Lessons

Eqhakazile Imisebe yokukhanya ingcebo yeqiniso (II)

 <<    >> 
ISabatha, Nhlaba 27, 2023 Isifundo 9
ISabatha leTestamente Elisha IVESI LEKHANDA: “Ngakho-ke kubasalele abantu bakaNkulunkulu ukuphumula kweSabatha” (Heberu 4:9).
Incwadi Enikeziwe:   Patriachs and Prophets, pp. 44-51. 
“Kubobonke abamukela iSabatha njengophawu lwamandla kaKristu okudala nokuhlenga, kuzoba yintokozo. Ngokubona uKristu kulo, bazithokozisa Ngaye. ISabatha libakhomba emisebenzini yendalo njengobufakazi bamandla Akhe amakhulu ahlengayo”-The Desire of Ages, p. 289.

1. OYISIBONELO SETHU NgeSonto Nhlaba 21
a. Sizophila kanjani uma sithanda uJesu ngokweqiniso futhi silandela isibonelo Sakhe-na? Johane 14:15; 15:10. Kuyini uJesu abekwenza ngeSabatha-na? Luka 4:16, 31. “Buyini ubufakazi bokuguquka?-‘Uma niNgithanda, niyakugcina imiyalo Yami’ (Johane 14:15). ‘Uma niNgithanda, uthando lwenu malungabi njengomuzwa nje ocatshwangayo wokunamathelana phakathi kwabantu. Uthando lweqiniso lweyame ekugcineni imiyalo Yami. Uthando oluzoletha ukulalela kokuzithandela akuyona into eguquguqukayo, kodwa isimiso esiqinile, esingaguquki, esivezwa ngamazwi nezenzo.”-Manuscript Releases, vol. 10, p. 291.“UJesu wenza umhlatshelo ongapheliyo. Akukho okungaphansi ekuphileni kweNdodana kaNkulunkulu ethandekayo eyahlupheka ukuze sikhokhe isikweletu esikhulu esangena kuso ngenxa yokwephula umthetho kaNkulunkulu. Wathathela Kuye imvelo yethu, waba yisoni ngenxa yethu, ukuze sibe ‘nokuthethelelwa kwezono esezadlula,’ futhi ngamandla nangomusa Wakhe ongcwele, sigcwalise izimfuno zomthetho wokulunga. Noma ngabe ngubani othatha isikhundla sokuthi akwenzi mehluko ukuthi siyayigcina noma asiyigcini imiyalo kaNkulunkulu, akamazi uKristu. UJesu uthi. ‘Ngiyigcinile imiyalo kaBaba futhi ngihlala othandweni Lwakhe, futhi labo abalandela uJesu bazokwenza njengoba enzile.”-The Review and Herald, Ndasa 6, 1888. b. Kufanele senzeni ngesibonelo Sakhe-na? 1 Peter 2:21; 1 Johane 2:6.

2. UKUBETHELWA ESIPHAMBANWENI NgoMvulo Nhlaba 22
a. Sazi kanjani ukuthi uJesu wabethelwa ngosuku lolungiselelo-futhi yiluphi lolo-suku-na? Luka 23:52-56; Marako 15:42. “Leli kwakungelona iSabatha okwakumele likhohlwe ngabafundi ababedangele, nakubapristi, ababusi, ababhali, nabantu. Ekushoneni kwelanga ntambama ngosuku lolungiselelo amacilongo ezwakala, ebonisa ukuthi iSabatha liqalile. IPhasika lagcinwa njengoba kwakunjalo iminyaka eyikhulu, lapho Lowo elalikhomba Kuye wayebulewe yizandla ezimbi, futhi ulele ethuneni likaJosefa.”-The Desire of Ages, p. 774.“Ekugcineni uJesu waphumula. Usuku olude lwehlazo nobuhlungu kwaphela. Lapho imisebe yokugcina yokushona kwelanga ingenisa iSabatha, iNdodana kaNkulunkulu ilele ngokuthula ethuneni likaJosefa. Umsebenzi Wakhe wapheleliswa, izandla Zakhe zisongiwe ngokuthula, waphumula ngamahora angcwele osuku lweSabatha.“Manje uJesu uphumulile emsebenzini wokuhlenga; noma kwakukhona usizi phakathi kwalabo ababemthanda emhlabeni, nokho kwakukhona injabulo ezulwini. Injabulo eyayikhona emehlweni ezidalwa zezulu bekuyisithembiso sesikhathi esizayo. Indalo ebuyiselwe, isizwe esihlengiwe, leso esinqobe isono futhi esingeke siphinde siwe,-lona, umphumela ogeleza uvela emsebenzini kaKristu ophelelisiwe, uNkulunkulu nezingelosi bawubona. Ngalesi sigameko usuku uJesu aphumula ngalo luhlanganiswe ingunaphakade. Ngoba ‘Umsebenzi Wakhe uphelele,’ futhi ‘konke akwenzayo uNkulunkulu kuzakuba-khona kuze-kube phakade.’ Duteronomi 32:4; Umshumayeli 3:14. Kuze kube yizikhathi zokubuyiselwa kwakho konke uNkulunkulu akhuluma ngakho ngomlomo wabaprofethi Bakhe abangcwele kusukela kwaphakade’ (Izenzo 3:21), ukudalwa kweSabatha, usuku lolo uKristu aphumula ngalo ethuneni likaJosefa, lizoqhubeka libe usuku lokuphumula nelentokozo. Izulu nomhlaba bazohlangana ukukhuleka, kusukela kwelinye iSabatha ukuya kwelinye’ (Isaya 66:23) izizwe zabasindisiwe zizokhothama ukukhonza ngenjabulo uNkulunkulu neWundlu.”-Ibid., pp. 769, 770. b. Kungani amakholwa angaqedanga ukulungisa umzimba kaKristu ngeSabatha lokuqala emva kokubethelwa Kwakhe-na? Luka 23:56; Marako 15:42-47. “Abafundi baphumula ngeSabatha, bedabukile ngokufa kweNkosi yabo, kuyilapho uJesu, iNkosi yenkazimulo, ilele ethuneni.”-Early Writings, p. 181. c. Bahamba nini ngenhloso yokuqedelela umsebenzi wabo-na? Marako 16:1, 2.

3. AMAKRESTU EBANDLA LASENDULO Ngolwesibili Nhlaba 23
a. Yisiphi isiprofetho sikaJesu esibonisa ukuthi ibandla lalizohlonipha iSabatha eminyakeni engu-40 emva kovuko Lwakhe-na? Mathewu 24:15-20; 5:17. “Lowo owenza iSabatha akalichithanga, akalibethelanga esiphambanweni Sakhe. ISabatha alizange lenziwe ize ngokufa Kwakhe. Iminyaka engamashumi amane emva kokubethelwa Kwakhe esiphambanweni kwakufanele ligcinwe lingcwele. Iminyaka engamashumi amane abafundi kwakufanele bakhuleke ukuthi ukubaleka kwabo kungabi ngosuku lweSabatha.”-The Desire of Ages, p. 630.“UKristu walenza iSabatha, futhi akazange alichithe. ISabatha alizange lenziwe ize ngokufa Kwakhe, njengoba abaningi besho. Ukufa kukaKristu esiphambanweni impikiswano engenakuphendulwa ngenxa yesimo sokungaguquki kwemithetho yonke engcwele kaNkulunkulu.“Njengenhloko yomkhaya woluntu, waphila ngezimiso zonke, lonke ichashaza, lonke igama, lomthetho. Waphila ebuntwini impilo ayedinga abalandeli Bakhe bayiphile, ngakho-ke asikho isizathu sokuthi noma ngubani ahluleke ukufinyelela kwizinga lokupheleliswa.”-The Review and Herald, Zibandlela 20, 1989. b. Ngumkhuba onjani owawuvamile obewenziwa ngabapostoli ngosuku lwesikhombisa lweSabatha leBhayibheli-na? Izenzo 18:1-4. “Kwathi [uPawule] eseqedile, namaJuda esephumile esinagogeni, abeZizwe babelokhu bekhona, bencenga ukuba kukhulunywe wona lamazwi ngeSabatha elilandelayo. Abapostoli badala intakazelelo enkulu endaweni, phakathi kwamaJuda nabeZizwe. Bakhuthaza amakholwa nabaguqukile ukuba beme baqine ekukholweni, futhi baqhubeke emseni kaNkulunkulu. Intakazelelo yokuzwa amazwi abapostoli yayiyinkulu kangangokuthi umuzi wonke wabuthana ngeSabatha elilandelayo.”-Sketches from the Life of Paul, p. 48. c. Kuyini esingakufunda indlela uPawule ayesebenza ngayo uma ehambele indawo engenalo isinagoge-na? Izenzo 16:12, 13. “Akufanele sifundise abantwana bethu ukuba bangajabuli ngeSabatha, ukuthi akulungile ukuphumela ngaphandle kwamasango. UKristu waholela abafundi Bakhe eceleni kwechibi ngosuku lweSabatha futhi wabafundisa. Izintshumayelo Zakhe ngeSabatha zazingenziwa kaningi phakathi kwezindonga ezibiyelwe.”-Child Guidance, pp. 533, 534.

4. USUKU LOKUQALA LWEVIKI Ngolwesithathu Nhlaba 24
a. Lapho uKristu ebonakala okokuqala emva kovuko Lwakhe, kungani abafundi babebuthene ndawonye-na? Ukuhambela Kwakhe okwesibili kuqinisekisa kanjani ukuthi wayengamisi olunye usuku oluhlukile lokukhuleka-na? Johane 20: 19, 26. “UKristu waphumula ethuneni ngosuku lweSabatha, futhi izidalwa ezingcwele eZulwini nasemhlabeni zanyakaziswa ekuseni ngosuku lokuqala lweviki, Wavuka ethuneni ukuze avuselele umsebenzi Wakhe wokufundisa abafundi Bakhe. Kodwa leqiniso alingcwelisi usuku lokuqala lweviki, futhi lulenze lube iSabatha.”-Spirit of Prophesy, vol. 3, p. 204. b. Ukubekela eceleni iminikelo yomuntu ekhaya kubonisa kanjani ukuthi usuku lokuqala alumiswanga ukuba lube usuku olukhethekile lokukhuleka-na? 1 Korinte 16:1, 2. Ingabe ukuhlephula isinkwa kubonisa ukuthi usuku noma ubusuku obuthile bumiswe njengosuku olukhethekile lokukhuleka masonto onke-na? Izenzo 2:42, 46. c. Kungani umhlangano eTrowa wabanjwa kwaze kwaba phakathi kwamabili-na? Izenzo 20:8-12. Linini iphakathi lobusuku losuku lokuqala lweviki luqaliswa khona ezikhathini zanamuhla-na? Genesis 1:5; Levi 23:32. “Umcabango wokuthi uthishela wabo abamthandayo wayesezohamba, babiza isixuku esikhulu kunesijwayelekile. Babuthana ekamelweni eliphezulu kwisitezi sesithathu, indawo epholile futhi ejabulisa kakhulu yomhlangano ngobusuku obufudumele basentwasahlobo. Ubusuku ngaleso sikhathi babumnyama, kodwa izibane eziningi zazivutha ekamelweni. Ingqondo kaPawule yathokoziswa ngumcabango wezingozi ezazimlandela, futhi ngokungaqondi futhi ukuhlangana nabafowabo; wayenezindaba ezinentakazelelo enkulu nezibalulekile ayezozithula phambi kwabo; ngokushisekela kothando lwakhe ngabo, washumayela kwaze kwaba phakathi kwamabili.”-Sketches from the Life of Paul, pp. 196, 197. d. Yiluphi usuku ngempela olungolwe-Nkosi-futhi kubaluleke kanjani kithi ukuthi sikuqonde lokhu-na? Isambulo 1:10; Marako 2:28; Isaya 58:13. “Lapho ukukhanya kweqiniso kuthe kwembulwa kini, kwembula iSabatha lomthetho wesine, futhi kubonisa ukuthi asikho isisekelo Ezwini likaNkulunkulu sokugcina iSonto, kodwa nokho nisabambelele kwisabatha lamanga, nenqaba ukugcina iSabatha elingcwele lelo uNkulunkulu alubiza ‘usuku Lwami Olungcwele,’ namukela uphawu lwesilo. Lokhu kwenzeka nini-na? Lapho nilalela isimemezelo esithi niyeke ukusebenza ngeSonto nikhonze uNkulunkulu, kuyilapho nazi ukuthi alikho igama eBhayibhelini elibonisa ukuthi iSonto usuku oluvamile lokusebenza, nivuma ukwamukela uphawu lwesilo, futhi nenqaba uphawu lukaNkulunkulu.”-Evangelism, p. 235.

5. ISIKHUMBUZO Ngolwesine Nhlaba 25
a. Kuyini okwenza iSabatha libe yisikhumbuzo-na? Exodusi 31:13; Genesis 2:1-3. “Ukubaluleka kweSabatha njengesikhumbuzo sendalo ukuthi sigcina njalo isizathu sokuthi kungani ukukhonza kufanele kuqondiswe kuNkulunkulu. Ngoba unguMdali, thina siyizidalwa Zakhe…Kwakufanele kugcinwe leqiniso njalo ezingqondweni zabantu, ukuthi uNkulunkulu wamisa iSabatha eEdeni; futhi uma inqobo nje leqiniso lokuthi unguMdali wethu lizoqhubeka ukuba yisizathu sokuthi kungani kufanele simkhonze, kuyilapho iSabatha liqhubeka njengophawu nesikhumbuzo. Ukuba iSabatha beligcinwa emhlabeni wonke, imicabango nokuthatheka ngabe kusiholela kuMdali njengesizathu senhlonipho nokukhonza, futhi bekungeke kuze kubekhona okhonza izithombe, ongakholelwa ebukhoneni bukaNkulunkulu, noma owenqaba ukukholwa. Ukugcinwa kweSabatha kuluphawu lokwethembeka kuNkulunkulu weqiniso, ‘Lowo owadala izulu, nomhlaba, nolwandle, nemithombo yamanzi.’ Kulandele isigijimi esiyala abantu ukuba bakhonze uNkulunkulu futhi bagcine imiyalo Yakhe ubabizela ukuba bagcine umthetho wesine.”-The Grest Controversy, pp. 437, 438. b. Liyisikhumbuzo kanjani sokuhlengwa kwethu umuntu ngamunye-na? Duteronomi 5:15. Ukuguquka kwenhliziyo kwenzeka nini-na? Hezekeli 36:26, 27; Amahubo 51:10. “Yinkonzo yothando uNkulunkulu ayazisayo. Uma lokhu kuswelakala, umjikelezo wezinkonzo nje uyicala Kuye. Kunjalo nangeSabatha. Lenzelwa ukuletha abantu ebudlelwaneni noNkulunkulu; kodwa lapho umqondo ugxile emikhubeni ekhathazayo, inhloso yeSabatha izovinjelwa. Ukugcinwa kwalo kwangaphandle bekuyinhlekisa.”-The Desire of Ages, p. 286.

IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE Ngolwesihlanu Nhlaba 26
1. Yisiphi isibonelo uJesu asinikeza maqondana nokugcinwa kweSabatha? 2. Izehlakalo ezizungeze ukubethelwa zibonisa kanjani ngokusobala ukuthi iSabatha limi-njalo? 3. Hlobo luni lwesiko maqondana neSabatha abapostoli abaqhubeka ngalo? 4. Chaza ukuthi kungani usuku lokuqala lweviki lungabizwa njengoluqokwe njengosuku olusemthethweni lokukhonza? 5. Yimuphi umcijo obaluleke kakhulu wokugcinwa kweSabatha?
 <<    >>