Back to top

Sabbath Bible Lessons

Eqhakazile Imisebe yokukhanya ingcebo yeqiniso (II)

 <<    >> 
ISabatha, Nhlaba 13, 2023 Isifundo 7
Ifa Labangcwele IVESI LEKHANDA: “Kepha kunjengokuba kulotshiwe ukuthi: “Lokho iso elingakubonanga, nendlebe engakuzwanga, okungavelanga enhliziyweni yamuntu, uNkulunkulu akulungisela abamthandayo” (1 Korinte 2:9).
Incwadi Enikeziwe:   The Great Controversy, pp. 355-374. 
“Lapho uNkulunkulu enikela ngoKristu emhlabeni wethu, ngalesipho esisodwa wanikela ngengcebo yonke yasezulwini. Akukho azigodlele kona. Akukho okungaphezu kwalokhu akwenzile ukuletha abantu ekuphendukeni. Ayikho enye indlela ayigcinele ukusindiswa kwabo.”-The Review and Herald, Mandulo 17, 1901.

1. ISIMO SOKUQALA NgeSonto Nhlaba 7
a. Kuyini uNkulunkulu akulungiselela umsebenzi womqhele wendalo Yakhe-futhi kungani-na? Genesis 1:1; Isaya 45:18; 43:7. “Ngaphezu kwakho konke ukuphila okuphansi, uNkulunkulu wahlela ukuthi umuntu, ongumsebenzi oyinhloko wendalo Yakhe, kufanele embule umcabango nenkazimulo Yakhe. Kodwa umuntu akufanele aziphakamise njengoNkulunkulu.”-The Ministry of Healing, p. 415.“Emva kokudalwa komhlaba, nezilwane phezu kwawo, uBaba neNdodana baqhubekisela phambili inhloso Yabo, eyahlelwa ngaphambi kokuwa kukaSathane, ukudala umuntu ngomfanekiso Wabo. Basebenza ndawonye ekudaleni umhlaba nakho konke okuphilayo kuwo.”-The Spirit of Prophecy, vol. 1, p. 24. b. Chaza lokho okweza njengomphumela wokuhlubukela injongo kaNkulunkulu yokuqala-na? Genesis 2:17; Roma 6:23. c. Kungani umuntu waqhubeka ephila emva kwesono sakhe-futhi kuyini okwangeniswa ohlelweni lokuhlengwa-na? Luka 19:10; Isambulo 13:8 (isigaba sokugcina); Mika 4:8. “[UKristu] wayenguMhlengi ngaphambili nangasemva kokuguqulelwa Kwakhe ebuntwini. Masinyane emva kwesono, kwaba khona uMsindisi.”-The Desire of Ages, p. 210.

2. IZULU LESITHATHU NgoMvulo Nhlaba 8
a. Mangakhi amazulu akhona-na? 1 Korinte 12:2 (isigaba sokugcina). Chaza elokuqala. Genesis 1:6-8; 6:7. b. Liyini izulu lesibili-na? Genesis 15:5; Amahubo 8:3; Dutoronomi 4:19. c. Ngeyiphi indawo uNkulunkulu ayisa kuyo abantu Bakhe, futhi ngubani ohlala lapho-na? 2 Korinte 12:2, 4; Isambulo 2:7; 22:1, 2; 1 Amakhosi 8:30. “Ukwesaba ukwenza ifa lesikhathi esizayo elibonakala ngokwenyama kakhulu kuye kwaholela abaningi ukuba balahle isimoya wona kanye lamaqiniso asenza siwabheke njengekhaya lethu. UKristu wathembisa abafundi Bakhe ukuthi uyobalungisela indawo ekhaya likaBaba. Labo abamukela izimfundiso zezwi likaNkulunkulu angeke bangabi nalwazi ngempela maqondana nekhaya lasezulwini. Lokho, ‘Iso alikubonanga, nendlebe ayikuzwanga, okungavelanga enhliziyweni yomuntu, uNkulunkulu akulungisela abamthandayo.’ 1 Korinte 2:9. Ulwimi lwabantu alwanele ukuchaza umvuzo wabalungileyo. Uzokwaziwa yilabo kuphela abawulindele. Akukho ngqondo elinganiselwe engaqonda inkazimulo yeParadesi likaNkulunkulu.“EBhayibhelini ifa labasindisiwe libizwa ‘ngelizwe.’ Heberu 11:14-16. Ngesikhathi uMalusi osezulwini eholela umhlambi Wakhe emfuleni wamanzi okuphila. Umuthi wokuphila othela izithelo zawo izinyanga nezinyanga, namaqabunga omuthi angawokuphulukisa izizwe. Kukhona imifudlana egelezayo, ecwebezela njengekristalu, futhi eduze kwayo kukhona imithi ephonsa ithunzi lazo endleleni elungiselwe abahlengiweyo beNkosi. Lapho amathafa abanzi akhukhumala abe ngamagquma amahle, nezintaba zikaNkulunkulu ngasemuva ziphakamisa iziqongo zazo eziphakeme. Kulawomathafa anokuthula, eduze kwemifudlana ephilayo, abantu bakaNkulunkulu, isikhathi eside bengabafokazi nezihambi, bazothola indawo yokuhlala.”-The Great Controversy, pp. 674, 675. d. Msebenzi muni uJesu awenzayo kuleyondawo-na? Heberu 8:1; 9:27; 1 Thimothi 2:5. “Ukulamula kukaKristu esikhundleni somuntu endaweni engcwele ngaphezulu kubaluleke kakhulu kwicebo lensindiso njengoba kwakunjalo ukufa Kwakhe esiphambanweni.”-Ibid., p. 489.“Ukulamula kukaKristu ngenxa yethu kungukuletha ukufaneleka Kwakhe okungcwele ekuzinikeleni Kwakhe kuBaba njengombambeli nesiqiniseko sethu; ngoba wenyukela phezulu ukwenza inhlawulelo ngenxa yeziphambeko zethu.”-Faith and Works, p. 105.

3. UMHLABA OMUSHA Ngolwesibili Nhlaba 9
a. Ingabe uJesu wasithembisa indawo yangempela-futhi sizoyakuphi uma sitholakala sithembekile-na? Johane 14:1-3; Mathewu 5:12. b. Kuyini okuletha injabulo enkulu ekuphileni-futhi laliyini ithemba lokhokho bethu abathembekile-na? Luka 10:20; Heberu 11:13-16. “Kukhona uhleleka okuphelele nokuvumelana Emzini Ongcwele. Zonke izingelosi ezikhonjiwe ukuvakashela umhlaba ziphethe ikhadi legolide, ezilethula ezingelosini esangweni lomuzi ekuphumeni nasekungeneni kwazo. IZulu yindawo enhle.”-Early Writings, p. 39. c. Sizohlala isikhathi esingakanani emhlabeni omusha-na? Mathewu 5:5; Roma 4:13. “Izwi likaNkulunkulu alizange lihluleke; futhi alizange ligcwaliseke okokugcina ekuthathweni kweKanana ngabantu abangamaJuda. ‘KuAbrahama nenzalo yakhe; isithembiso senziwa.’ Galathiya 3:16. UAbrahama ngokwakhe kwakufanele abelane ngalelifa. Ukugcwaliseka kwesithembiso sikaNkulunkulu kungabonakala sengathi kuyephuza-ngoba usuku lunye lunjengeminyaka eyinkulungwane nokuthi iminyaka eyinkulungwane injengosuku lunye’ (2 Peter 3:8); ungabonakala wephuza, wulindele, ngokuba uyakufika nokufika, awuyikwephuza.’ Habakuki 2:3. Isipho sikaAbrahama nenzalo yakhe asifaki kuphela izwe laseKanana, kodwa umhlaba wonke, kusho umpostoli, ‘Ngokuba isithembiso sokuthi uyakuba yindlalifa yezwe asinikwanga uAbrahama nenzalo yakhe ngawo umthetho kodwa ngokulunga kokukholwa.’ Roma 4:13. NeBhayibheli lifundisa ngokukhanyayo ukuthi izithembiso ezenziwa kuAbrahama kumele zigcwaliseke ngoKristu. Bonke abakuKristu ‘bayinzalo kaAbrahama. Kepha uma ningabaKristu, seniyinzalo kaAbrahama, niyizindlalifa ngokwesithembiso’-sibe nefa elingapheliyo, nelingenasisihla, nelingabuniyo, eniligcinele ezulwini-umhlaba ukhululekile esiqalekisweni sesono. Galathiya 3:29; 1 Peter 1: 14. Umbuso nokubusa nobukhulu bemibuso phansi kwalo lonke izulu kuyakunikwa isizwe sabangcwele boPhezukonke; futhi, kepha abathobekileyo bazakulidla ifa lomhlaba, bathokoze ngokuthula okukhulu.’ Daniyeli 7:27; Amahubo 37:11.“UNkulunkulu wanika uAbrahama umbono wefa lokungafi, futhi ngalethemba wayenelisekile. ‘Ngokukholwa waba ngumfokazi Ezweni Lesithembiso, kungathi ngelezizwe, ehlala emathendeni, beno-Isaka noJakobe, beyizindlalifa kanye naye zaleso sithembiso: ngokuba wayebheke umuzi onezisekelo, omakhi nomenzi wawo nguNkulunkulu.’ Heberu 11:9, 10.”-Patriachs and Prophets, pp. 169, 170.

4. INDAWO EJABULISAYO Ngolwesithathu Nhlaba 10
a. Kungani uJesu wazela ukusisindisa-hayi sisezonweni zethu, kodwa ukuba sisuke ezonweni zethu-na? Mathewu 1:21; Isambulo 21:27: 22:14. “UJesu weza kulomhlaba ukusindisa abantu Bakhe ezonweni zabo. Angeke asisindise sisezonweni zethu, ngoba akasona isikhonzi sesono. Kufanele sisabele ekudonsweni okungcwele kukaKristu njengegatsha elihlala emvinini, UJesu uthi, ‘Mina nxa ngiphakanyiswa emhlabeni, ngiyakubadonsela kimi bonke.’ UJesu udonsa bonke abantu, futhi ngubani ozosabela kulokudonswa? Abaningi bazothola umfutho ekuphileni nangezibonelo zalabo abazishoyo ukuthi bathe basabela othandweni olungcwele oludonsa izinhiziyo zabantu. Abaningi bazobheka labo abafakazela igama Lakhe, ukubona ukuthi ingabe likwenza ube owesilisa nowesifazane ongcono. Bazobheka babone ukuthi uyafana noKristu-na, umusa nenhlonipho emndenini wakho. UJehova uthi, ‘nizobazi ngezithelo zabo.”-The Signs of the Times, Nhlolanja 15, 1892.“Akubona ubufakazi ngempela bokuthi unguMkrestu ngoba umuzwa wakho unyakaziswa, umoya wakho ushukunyiswa yiqiniso. Umbuzo uthi, Ingabe ukhulela kuKristu, oyinhloko yokuphila kwakho-na? Ingabe umusa kaKristu ubonakele ekuphileni kwakho-na? UNkulunkulu unikela umusa Wakhe kubantu, ukuze balangazele kakhulu umusa Wakhe. UMusa kaNkulunkulu uhlale usebenza ezinhliziyweni zabantu, futhi uma wamukelwa, ubufakazi bokwamukelwa kwawo uzobonakala ekuphileni nasesimilweni salowo owamukele, ukuphila kwesimoya kuzobonakala kuphilwa kusukela ngaphakathi. Umusa kaKristu enhliziyweni uzokhulisa njalo ukuphila kwesimoya, nokukhuliswa kwesimoya kuzokwenziwa. Ngamunye sidinga uMsindisi noma sizobhubha ezonweni zethu. Imiphefumulo yethu mayibuze lombuzo, Ingabe sikhulela kuKristu, inhloko yokuphila kwethu-na? Ingabe ngizuza ulwazi olukhulayo ngoNkulunkulu, nangoJesu Kristu lowo amthumileyo-na? Asiboni izitshalo zikhula ensimini, kodwa siyathenjiswa ukuthi zizokhula, futhi akufanele yini sazi ngamandla ethu esimoya nokukhula-na?”-That I May Know Him, p. 163. b. Hlobo luni lwamava esingathembela kuwo kuleyondawo entsha-na? Isaya 33:24; 35:1-10; Isambulo 21:4; 22:3. “Lonke usizi nokulwa sekuphelile. Izingoma zokunqoba zigcwalisa lonke izulu njengoba abahlengiwe bemi bezungeze isihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.”-My Life Today, p. 348.

5. UKULUNGISELELA Ngolwesine Nhlaba 11
a. Singalichaza kanjani izulu lesithathu ngolwimi lwethu-na? 1 Korinte 2:9. “Ngisho nakulokhu kuphila singabona kancane ubukhona bukaNkulunkulu futhi singanambitha ukuxhumana kwenjabulo nezulu, kodwa ukugcwala kwenjabulo nesibusiso Sakhe sizofinyelela kuso kwelizayo. Iphakade yilo kuphela elingembula isiphelo esikhazimulayo leso umuntu, angabuyiselwa emfanekisweni kaNkulunkulu, angafinyelela kuso.”-Patriachs and Prophets, p, 602.“Kuthatha ingunaphakade ukwembula inkazimulo nokukhipha ingcebo eyigugu eZwini likaNkulunkulu.”-The SDA Bible Commentary [E. G. White Comments] vol. 6, p. 1107. b. Kungani uNkulunkulu esinika ithuba lokuzwa ngalezinto ezimangalisayo maqondana nezulu-na? Johane 3:16, 17; Mathewu 6:19-21. “UKristu uyajabula ukusebenzisa into engenathemba, labo uSathane athe wabasebenzisa nalabo athe wasebenza ngabo, wabenza baba yizikhonzi zomusa Wakhe. Uthokozela ukubakhulula osizini nasolakeni oluzowela phezu kwabangalaleli. Wenza abantwana Bakhe izithunywa Zakhe ekupheleliseni lomsebenzi, futhi ekuphumeleleni kwawo, gisho nakulokhu kuphila, bathola umvuzo oligugu.“Kodwa akulinganiswa nentokozo ezakuba ngeyabo ngosuku olukhulu lokwembula kokugcina? ‘Manje sibona esibukweni kalufifi; kepha lapho sobukana ubuso nobuso; manje ngazi inxenye, kepha lapho, ngiyakwazi ngokuphelele njengokuba kade ngaziwa ngokuphelele.”-Testimonies for the Church, vo. 6, pp. 308, 309.

IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE Ngolwesihlanu Nhlaba 12
1. Chaza ukuthi kungani umuntu abanakho ukuqhubeka aphile emva kokuwela esonweni. 2. Sizochitha ngempela iphakade endaweni ebizwa “Ngezulu”? Ngicela uchaze. 3. Chaza ifa laphakade labahlengiwe kanye nethemba likaAbrahama endaweni enjalo? 4. Chaza izulu Elisha nomhlaba Omusha. 5. Kungenzeka kanjani ukuba uchithe isikhathi esingunaphakade endaweni enjalo?
 <<    >>