Back to top

Sabbath Bible Lessons

Eqhakazile Imisebe yokukhanya ingcebo yeqiniso (II)

 <<    >> 
Umnikelo weSabatha Lokuqala Owendlu yokukhonzela ePort Moresby, Papua New Guinea ISABATHA, MBASA 1, 2023 “Itholakala empumalanga yeIndonesia nasenyakatho yeAustralia, iPapua New Guine [PNG] ngokuvamile kubhekiswa kuyo njengelinye lemingcele yokugcina yomhlaba, iparadesi lokugcina. PNG ilizwe elihle kakhulu-elinothile ngezimbiwa zemvelo, indawo lapho izithunywa zevangeli, odokotela kanye nabasebenza ezimayini beya khona, kodwa izivakashi azilihambeli kakhulu. Njengesizwe esisathuthuka esinokwehlukana okukhulu kwamasiko nezilimi, iPNG inezilimi ezihlukene ezingaphezu kwe 800, okuyizilimi ezikhulunywa kunoma yiliphi ilizwe elilodwa emhlabeni! “AmaSeventh Day Adventist Reform Movement amiswa ngonyaka ka1998 futhi sibonga uNkulunkulu ukuthi izindaba ezimnandi zithe zasabalala ezindaweni eziningi zezifundazwe ezingasenyakatho zelizwe. Amabandla namaxuku athe avuka ezindaweni eziningi lapho ubuthakathi nobuhedeni bebukhona esikhathini esedlule. “Iminyaka embalwa, bekusenhliziyweni yabazalwane ukufinyelela nokumisa umsebenzi engxenyeni engaseningizimu yezwe. I-Port Moresby, inhloko-dolobha yomuzi wasePNG, useningizimu futhi utholakala kakhulu ngokundiza emoyeni noma ngokuhamba olwandle ngenxa yendawo enezintaba nokuntuleka kwemigwaqo emihle. Ngonyaka ka2019 umfundisi wasuswa esuka enyakatho yePNG ukuya endaweni yasePort Moresby insimu entsha yasekwa ukulandela intakazelelo nokusungula umsebenzi ozungeza inhloko-dolobha. “Ngokwenani lokubuyekezwa komhlaba, iPort Moresby iphakathi kwamadolobha angaphileki kakhulu emhlabeni. Ukutshontsha, ukubamba ngendlova nobugebengu kuvamile kulomuzi nabazalwane bethu bathe baba namava alokhu uqobo uma beqhubekisela phambili umsebenzi kaNkulunkulu kuleyondawo. Ukuze umsebenzi uqhubekele phambili ngempumelelo, kukhona isidingo esikhulu sesakhiwo endaweni ephephile ukwakha indlu yokukhanya yeNkosi kulelikhona lensimu Yakhe! Ngakho-ke siyakucela ukuba uhlanganyele nathi kulomsebenzi unikele ngokuzithandela ukuthi indlu yokukhanya ingamiswa nomsebenzi uqhubekele phambili. “Mabanike uJehova udumo, bamemezele udumo Lwakhe eziqhingini” (Isaya 42:12). Siyakhuleka ukuthi uNkulunkulu anibusise ngokunothile! Abazalwane benu nodade abavela ePapau New Guinea South Mission
 <<    >>