Back to top

Sabbath Bible Lessons

Ivangeli Ngokuya NgokukaJohane (INGXENYE YOKUQALA)

 <<    >> 
Isifundo 10 ISABATHA, NDASA 8, 2025

UJesu Nendodana yeNduna

IVESI LEKHANDA: “Kepha yena onamandla okwenza okukhulu kunakho konke esikucelayo nesikuqondayo ngokwamandla asebenza kithi, makube kuye udumo ebandleni nakuKristu Jesu ezizukulwaneni zonke zaphakade naphakade. Amen” (Efesu 3:20, 21).

“Akusikona ukuthi siyabona noma siyezwa ukuthi uNkulunkulu uyasizwa ngakho kufanele sikholwe. Kufanele sithembele ezithembisweni Zakhe. Lapho siza Kuye ngokukholwa, zonke izicelo zingena enhliziyweni kaNkulunkulu. Uma sesicelise isibusiso Sakhe kufanele sikholwe ukuthi sisamukele, simbonge futhi ukuthi sisitholile. Kufanele senze imisebenzi yethu, siqinisekile ukuthi isibusiso sizotholakala lapho sisidinga kakhulu.”-The Desire of Ages, p. 200.

Incwadi Enikeziwe:   Testimonies for the Church, vol. 9, pp. 107, 108, 164-166. 

NgeSonto , Ndasa 2

1. UKUDONSA UKUNAKA

a. Emva kokuchitha izinsuku ezimbili eSamariya, uJesu waya kuphi-futhi ngubani owadonswa ukuzwa lezindaba-na? Johane 4:43-46.

“Izindaba zokubuyela kukaKristu eKana zasabalala ngokushesha ezweni lonke laseGalile, ziletha ithemba kwabahluphekile nabasosizini. EKapanawume izindaba zadonsa ukunaka kwesikhulu esingumJuda esiyinduna emsebenzini wenkosi.”-The Desire of Ages, p. 196.

b. Kungani umphathi ahamba ukuyobona uJesu-na? Johane 4:47.

“Indodana yenduna yayiphethwe isifo esibonakala singelapheki. Odokotela babemnikele ukuba afe; kepha lapho uyise ezwa ngoJesu, wazimisela ukufuna usizo Kuye.”-Ibid., p. 197.


NgoMsombuluko , Ndasa 3

2. ISIBONISO SOKUNGABAZA

a. Chaza ukuthi uJesu wembula kanjani usizi olungaphakathi kwenhliziyo yenduna eyayifuna ukuba aphulukise indodana yakhe eKapernawume. Johane 4:48.

“Umntwana wayephansi kakhulu, babenovalo, lokuthi angase angaphili ize ibuye. Nokho induna yenkosi yabona kufanele yethule udaba mathupha. Wayenethemba lokuthi umkhuleko kababa ungase uvuse uzwelo lukaDokotela Omkhulu.

“Ekufikeni kwakhe eKana wathola isixuku sizungeze uJesu. Ngenhliziyo ekhathazekile wacindezela ukuba afike phambi koMsindisi. Ukholo lwakhe lwantengantenga lapho ebona indoda egqoke izingubo ezilula, igcwele uthuli futhi ikhathele ngenxa yohambo. Wangabaza ukuthi Lomuntu angenza lokho ayezokucela Kuye; nokho wathola ithuba lokuxoxisana noJesu wamtshela umsebenzi wakhe, futhi wanxusa uMsindisi ukuthi amphelekezele aye ekhaya lakhe. Kodwa usizi lwakhe belaziwa nguJesu. Ngaphambi kokuba induna isuke emzini wayo, uMsindisi wayebonile ukuhlupheka kwayo.

“Futhi uBazi futhi ukuthi uyise, engqondweni yakhe, wayebeke imibandela yokukholwa kwakhe kuJesu. Ngaphandle uma isicelo sakhe samukelwa, wayengeke amemukele njengoMesiya….

“Naphezu kobufakazi bonke bokuthi uJesu unguKristu, ocelayo wayenqume ukwenza ukukholelwa kwakhe Kuye kube ngumbandela lapho eletha isicelo sakhe.”-The Desire of Ages, pp. 197, 198.

b. Uma silingeka ukufuna izibonakaliso, kuyini okufanele sikukhumbule-na? Mathewu 12:38, 39.

“UKristu wezwa ubuhlungu bokuthi abantu Bakhe, okwakunikelwe kubo iMibhalo Engcwele, bangehluleka ukuzwa izwi likaNkulunkulu likhuluma kubo ngeNdodana Yakhe.”-Ibid., p. 198.

“Abantu bafuna isibonakaliso, njengasezinsukwini zikaKristu. INkosi yabatshela ukuthi akukho sibonakaliso abazophiwa sona. Isibonakaliso okumele sembulwe manje noma nini kungukusebenza koMoya Ongcwele engqondweni kathishela; ukwenza Izwi lingene enhliziyweni ngokungenzeka. Izwi likaNkulunkulu alifile, aliwona umcabango owomile, kodwa lingumoya nokuphila, uSathane akathandi lutho olungcono kunokususa izingqondo eZwini, abheke futhi alindele okuthize ngaphandle kweZwi ukubenza bazizwe.”-Selected Messages, bk. 2, p. 95.


Ngolwesibili , Ndasa 4

3. IZIMO ZOMQONDO EZINGAVUMELANI

a. Chaza umehluko phakathi kwamaJuda namaSamariya mayelana nokukholwa kwabo kuJesu. Marako 6:2-6; Johane 4:40-42.

“AbaFarisi babeshisekela ukufuna ubufakazi bokuthi uKristu ungumkhohlisi! Indlela ababheka ngayo wonke amazwi Akhe, befuna ukuhlanekezela futhi behumusha kabi konke akushoyo! Ukuzigabisa nokuchema nentukuthelo. Kwavala indlela yomphefumulo yamelana nobufakazi beNdodana kaNkulunkulu. Lapho ekhuza ngokusobala ububi babo futhi ememezela imisebenzi yabo njengefakazela ukuthi bangabantwana bakaSathane, bachitha icala labo ngolaka bathi, asisho kahle ukuthi wena ungumSamariya, nokuthi unedimoni.”-Selected Messages, bk. 1, p. 70.

“UMsindisi waqhathanisa lombuzo wokungakholwa ngokukholwa okulula kwaMasamariya, olungazange lufune isibonakaliso noma uphawu. Ilizwi Lakhe, ubufakazi obuhlala bukhona bobungcwele Bakhe, babunamandla adelisayo afinyelela ezinhliziyweni zabo.”-The Desire of Ages, p. 198.

“Noma [uJesu] wayengumJuda, wayehlangana ngokukhululeka namaSamariya, azange awenze ize amasiko abaFarisi angamaJuda maqondana nabantu abadelelekile. Wayelala ngaphansi kophahla lwabo, edla ematafuleni abo, efundisa futhi emigwaqeni yabo.”-The Acts of the Apostles, p. 19.

b. Chaza amava abaningi abaye bakhuluma iqiniso lanamuhla kubantu abathi bakholwa nguNkulunkulu ezikhathini zonke. Jeremiya 20:8-11.

“Zonke izimpikiswano eziphikisana noKristu zazisekelwe emangeni. Kwabanjalo nangoStefani, noPawule. Kodwa izitatimende ezibuthakathaka futhi ezingathembeki kakhulu ezazishiwo ohlangothini olungalungile zazinomfutho, ngoba babebaningi izinhliziyo zabo ezingagcweliswanga, ababefisa ukuthi lezinkulumo zibe yiqiniso. Abanjalo bahlala bemaganga ukunamathela kunoma yiliphi iphutha elicatshangwa yilabo abakhuluma kubo iqiniso elingathandeki.

“Akufanele kusimangaze lapho imibono emibi ithathwa ngokuhaha njengamaqiniso angenakungabazwa yilabo abanxanela amanga. Labo abaphikisana noKristu babephinde badungeke futhi bathuliswe ukuhlakanipha kwamazwi Akhe. Nokho babelalela ngokulangazela wonke amahemuhemu, futhi bathole izaba zokumphikisa ngemibuzo bemelene Naye.”-Selected Messages, bk. 1, pp. 70, 71.


Ngolwesithathu , Ndasa 5

4. ISICELO NGOKUZITHOBA

a. Lapho ukukholwa kwenduna kubambelela kuKristu, yasiphinda kanjani isicelo sayo-na? Johane 4:49.

“Njengokubanika kokukhanya, amazwi oMsindisi enduneni abeka obala inhliziyo yayo. Yabona ukuthi isizathu sokufuna uJesu kwakuyinto yobugovu. Ubuyaluyalu bokholo lwakhe babonakala kuye ngokwesimilo sakhe seqiniso. Ngokukhathazeka okukhulu yaqonda ukuthi ukungabaza kwayo kungachaphazela ukuphila kwendodana yakhe. Beyazi ukuthi usebukhoneni baLowo ofunda imicabango, futhi uphambi kwalowo zonke izinto ziyenzeka….Ukukholwa kwayo kwabambelela kuKristu njengoJakobe, lapho, ebambana neNgelosi, wakhala, anginakukuyeka, ukuba uhambe, ungangibusisanga.’ Genesis 32:26.”-The Desire of Ages, p. 198.

b. Kuyini esingakufunda kulokhu uJesu akwenza esikhundleni sokuya endlini yenduna-na? Johane 4:50

“UJesu ubenesipho esikhulu angabapha sona. Wayefisa, kungesikho ukuphilisa umntwana, kodwa ukwenza induna nendlu yakhe bahlanganyele kwisibusiso sensindiso, nokokhela ukukhanya eKapanawume, lokhu masinyane okuzoba insimu yomsebenzi Wakhe. Kodwa isikhulu kwakumele siqonde isidingo saso ngaphambi kokufisa umusa kaKristu. Inceku yenkosi ifanekisa iningi lesizwe sakhe. Sasinentakazelelo kuJesu ngesizathu sobugovu baso. Sasinethemba lokuthola usizo olukhethekile lwamandla Akhe, futhi sabeka ukholo lwaso lokubanika umusa wesikhashana; kodwa sasingenalwazi lwesifo sesimoya saso, futhi singasiboni isidingo saso somusa ongcwele….

“UMsindisi angeke asuke emphefumulweni obambelela Kuye, encenga ngesidingo esikhulu. Hamba, esho; indodana yakho iphilile.’ Induna yasuka ebukhoneni boMsindisi ngokuthula nangenjabulo angazanga wayazi ngaphambili. Akakholwanga kuphela ukuthi indodana yakhe iphiliswa, kodwa ngesibindi esikhulu wakholwa kuKristu njengoMsindisi.”-Ibid., pp. 198, 199.

“Sonke sifisa izimpendulo ezisheshayo neziqondile zemikhuleko yethu, futhi siyalingeka ukuba sidangale lapho impendulo ibambezeleka noma iphendulwa ngohlobo olungalindelwe. Kodwa uNkulunkulu uhlakaniphe kakhulu futhi muhle ukuba aphendule imikhuleko yethu njalo ngesikhathi esifanele nangesimo esifisa ngayo. Uzosenzela okukhulu kangcono kunokufeza zonke izifiso zethu….lamava avivinya ukholo ngokwenzuzo yethu.”-The Ministry of Healing, pp. 230, 231.


Ngolwesine , Ndasa 6

5. UKUPHOLISWA NOKUSINDISWA

a. Kungayiphi indlela uJesu aphulukisa ngayo indodana yenduna-na? Johane 4:51-53; Yiliphi iqiniso elikukhumbuza lona-na? Efesu 3:20, 21.

“Ngaso lesosikhathi lapho ukholo lukayise lubamba khona isiqinisekiso, ‘Indodana yakho iphilile,’ uthando olungcwele lwathinta umntwana ofayo.”-The Desire of Ages, p. 199.

“Ngehora elifanayo abalindi ngaphandle komntwana owayesefa ekhaya eKapernawume babona ushintsho oluyimfihlakalo olusheshayo. Ithunzi lokufa laphakanyiswa ebusweni balowo ohluphekile. Umkhuhlane wasuka kwabonakala inkazimulo ibuyisela impilo. Amehlo afiphele akhanya ngenhlakanipho, namandla abuya ebuthakathakeni, kwisimo somzimba esihushekile. Lwalungekho uphawu lwesifo esasikhona kumntwana. Inyama yakhe evuthayo yathamba futhi yamatha, futhi wazumeka ubuthongo obunokuthula. Umkhuhlane wamshiya ekushiseni kwelanga. Umndeni wamangala, futhi kwaba kukhulu ukujabula.”-Ibid.

b. UJesu uphendula kanjani kunoma ngubani ocela usizo-na? Mathewu 11:28-30.

“UMsindisi angeke asuke emphefumulweni obambelela Kuye, oncenga ngesidingo esikhulu.”-Ibid., p. 198.

“Ingabe uzizwa ukuthi uyisoni esingenathemba lokuthola isibusiso esivela kuNkulunkulu-na? Khumbula ukuthi uKristu weza kulomhlaba ukusindisa izoni. Asinalutho esingazincoma ngakho kuNkulunkulu; Ukunxusa esingakuletha manje naphakade yisimo sethu sokungabi nakuzisiza ngokuphelele, okwenza amandla Akhe okuhlenga abe yisidingo. Silahla konke ukuzethemba, ukuze sibheke esiphambanweni saseKhalvari sithi:

“Esandleni sami ayikho intengo engiyilethayo; Kuphela esiphambanweni Sakho ngiyabambelela.”-The Ministry of Healing, p. 65.


NgoLwesihlanu , Ndasa 7

IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE

1. Kungani abaprofethi ngokuvamile bengamukelwa ezindaweni zakubo-na?

2. Mazwi-mani enduna embula ukungakholwa kwayo-na?

3. UKristu waphendula kanjani ukungakholwa kwabantu-na?

4. Ngubani owabonakalisa ukholo olukhulu kuJesu-amaJuda noma abeZizwe-na?

5. Kuyini uJesu akuthembisa bonke abamukela isimemo Sakhe-na?

 <<    >>