Back to top

Sabbath Bible Lessons

Ivangeli Ngokuya NgokukaJohane (INGXENYE YOKUQALA)

 <<    >> 
ISIFUNDO 6 ISABATHA, NHLOLANJA 8, 2025

Ukusebenza koMoya Ongcwele

IVESI LEKHANDA: “Njengokuba uMose waphakamisa inyoka ehlane, kanjalo iNdodana yomuntu imelwe ukuphakanyiswa: ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo abe nokuphila okuphakade” (Johane 3:14, 15).

“Bheka, Maye, bheka kuJesu futhi uphile.”-Christian Education, p. 76.

Incwadi Enikeziwe:   Christ’s Object Lessons, p. 95-102. 

NgeSonto , Nhlolanja 2

1. UKUKHUTHAZELWA KOKUFUNISISA

a. Yimuphi umbuzo kaNikodemu obonisa ukuthi inhliziyo yakhe yayithambile-na? Johane 3:9.

“UJesu ekugcineni wathi kuNikodemu: akusiyo ingxabano ezosiza udaba lwakho: akuzona izimpikiswano ezizoletha ukukhanya emphefumulweni. Kufanele ube nehliziyo entsha, kungenjalo awusoze wakwazi ukuhlukanisa umbuso wezulu. Akubona ubufakazi obukhulu obuzokuletha endaweni efanele, kodwa inhloso entsha, nokuvuka kwezenzo ezintsha, kumele uzalwe kabusha, kuze kube lolushintsho luyenzeka, lwenze zonke izinto zibentsha, ubufakazi obunamandla obungase bethulwe ngeke kube yize. Ukuswela kusenhliziyweni yakho; konke kumele kuguqulwe, uma kungenjalo awusoze wabona umbuso kaNkulunkulu.

“Lokhu bekuyizwi eliluza kakhulu kuNikodemu…Wayengenayo ingqondo eyanele yesimoya ukuba aqonde incazelo yamazwi kaKristu. Kodwa uMsindisi akazange ahlangabeze impikiswano ngempikiswano….

“Okunye ukukhanya okuncane kweqiniso kwangena engqondweni yombusi. Amazwi kaKristu amenza wagcwala ukwesaba, futhi amholela ukuba abuze, ‘Lokhu kungenzeka kanjani-na? Ngokugomelela okujulile uJesu waphendula wathi, ‘Wena ongumfundisi kaIsrayeli, awukwazi lokhu-na? Amazwi Akhe adlulisela kuNikodemu isifundo sokuthi, esikhundleni sokucasulwa amazwi eqiniso, nokuzitika ngokubhinqa, kufanele abe nombono othobekile kakhulu ngaye, ngenxa yokungazi kwakhe okwesimoya. Nokho amazwi kaKristu akhulunywa ngesizotha esinjalo, futhi kokubili ukubukeka nezwi kwabonisa uthando oluqotho kuye, kangangokuthi akazange acasuke lapho ebona isikhundla sakhe esilulazayo.”-Testimonies to Ministers, pp. 368, 369.


NgoMsombuluko , Nhlolanja 3

2. UKUGUQULA ISIMO SENGQONDO ESIVAMILE

a. Yikuphi abaFarisi ababezigqaja ngakho-na? Luka 18:9-12.

“AmaJuda abizelwa kuqala esivinini seNkosi, futhi ngenxa yalokho ayeziqhenya futhi enokulunga okungokwabo. Iminyaka yabo eminingi yenkonzo bayibheka njengenza babe nelungelo lokwamukela umvuzo omkhulu kunabanye. Akukho okwakubathukuthelisa kakhulu nokucasulayo ukuthi abeZizwe bavunyelwe ukuba babe namalungelo alingana nawabo ezintweni zikaNkulunkulu.”-Christ’s Object Lessons, p. 400.

b. Ngeyiphi indlela uJesu afanekisa ngayo uMoya Ongcwele osebenza enhliziyweni-na? Johane 3:8.

“Umoya uzwakala phakathi kwamagathsa emithi, ukuhashaza kwamacembe nezimbali; nokho awubonakali, futhi akukho muntu owaziyo lapho uvela khona nalapho uya khona. Kanjalo nomsebenzi woMoya Ongcwele enhliziyweni. Angeke kuchazwe njengokuhamba komoya. Umuntu angase angakwazi ukusho isikhathi esiqondile noma indawo, noma ukulandelela zonke izimeko zenqubo yokuguqulwa; kodwa lokhu akufakazeli ukuthi akaphendukanga. Ngesithunywa esingabonwa; njengomoya, uKristu uhlala esebenza enhliziyweni.”-The Desire of Ages, p. 172.

c. Igxila kanjani imibono yaphezulu enhliziyweni-na? Isaya 30:21; Jeremiya 42:3; Mathewu 16:17.

“Kancane kancane, mhlawumbe ngokungazelele kulowo owamukelayo, ukugcizelela okwenziwayo kuvame ukudonsela umphefumulo kuKristu. Lokhu kungazuzwa ngokuzindla Ngaye, ngokufunda iMibhalo Engcwele, noma ngokuzwa kumshumayeli ophilayo. Ngokuzumayo, lapho uMoya uza ngokunxusa okuqondile, umphefumulo uzinikela ngokuthokoza kuJesu. Kwabaningi lokhu bakubiza ngokuthi ukuguquka okuzumayo; kodwa kungumphumela wokuncenga isikhathi eside nguMoya Ongcwele kaNkulunkulu-inqubo enesineke, ethatha isikhathi eside.”-Ibid.

“Vumelani izinhliziyo zenu zithanjiswe futhi zithotshiswe uMoya kaNkulunkulu. Makuthi imiphefumulo eboshelwe eqhweni incibilike ngaphansi kokusebenza koMoya Ongcwele.”-Letters and Manuscript, vol. 12, Letter 53, 1897.


Ngolwesibili , Ncwaba 4

3. UBUFAKAZI BOKUZALWA KABUSHA

a. Yembulwa kanjani imisebenzi yangaphakathi yoMoya Ongcwele ngaphandle-na? Galathiya 5:22-25.

“Njengoba umoya ungabonwa, kodwa uletha imiphumela ebonakalayo nezwakalayo. Kanjalo umsebenzi woMoya emphefumulwe uzozibonakalisa kwisenzo ngasinye salowo othe wezwa amandla asindisayo. Lapho uMoya kaNkulunkulu uthatha indawo enhliziyweni, uguqula ukuphila. Imicabango yokona iyasuswa, izenzo ezimbi ziyadelwa, izenzo ezimbi ziyalahlwa; uthando, ukuthobeka, futhi ukuthula kuthatha indawo yolaka, umhawu, nombango. Injabulo ithatha indawo yokudabuka, futhi nobuso bubonakalisa ukukhanya kwasezulwini.”-The Desire of Ages, p. 173.

b. Umuntu usithola nini isibusiso senguquko-na? Roma 10:9, 10; 1 Johane 1:9.

“Akekho obona isandla esiphakamisa umthwalo, noma abheke ukukhanya okwehla kuvela kwizigodlo zaphezulu. Izibusiso ziza uma ngokukholwa umphefumulo uzinikela kuNkulunkulu. Khona-ke lawo mandla angenakubonwa yiso lomuntu adala isidalwa kabusha ngomfanekiso kaNkulunkulu. Ibid.

“Uma unoMoya Ongcwele obumba futhi ulolonge inhliziyo yakho nsuku zonke, kanjalo uzoba nokuqonda kwaphezulu ukuze ubone isimo sombuso kaNkulunkulu. UNikodemu wathola isifundo sikaKristu futhi waba yikholwa leqiniso.”-Testimonies to Ministers, pp. 369, 370.

c. UKristu ufanekisa kanjani lenqubo-na? Mathewu 13:33.

“Imvubelo efihlwe kufulawa isebenza ngokungabonwa ukuze ifake yonke inhlama ngaphansi kwenqubo yokukubilisa; kanjalo nemvubelo yeqiniso isebenza ngasese, ngokuthula, kancane, ukuguqula umphefumulo. Ukuthambekela kwemvelo kuyathanjiswa futhi kunqotshwe. Imicabango emisha, imizwa emisha, izinhloso ezintsha, ziyangeniswa. Izinga-elisha lesimilo liyamiswa-lokuphila kukaKristu. Ingqondo iguquliwe; kodwa amandla ayavuswa ukuba asebenze emigqeni emisha. Umuntu akaphiwa amandla amasha, kodwa amandla anawo ayangcweliswa. Unembezwa uyavuswa. Siphiwa izimpawu zesimilo lezo ezisenza sikwazi ukusebenzela uNkulunkulu.”-Christ’s Object Lessons, p. 98, 99.


Ngolwesithathu , Nhlolanja 5

4. UMFANEKISO OJWAYELEKILE

a. UJesu wafanekisa kanjani ukubethelwa Kwakhe okwakuzokwenzeka maduze-na. Johane 3:14, 15.

“[UJohane 3:14, 15 ngokuphindwa.] Lapha bekuyindawo uNikodemu ayejwayelene nayo. Uphawu lwenyoka ephakanyisiwe lwenze kwacaca kuye umsebenzi woMsindisi. Ngesikhathi abantu bakwaIsrayeli befa ngenxa yokulunywa izinyoka ezinesihlungu, uNkulunkulu wayala uMose ukuba enze inyoka yethusi, ayibeke endaweni ephakeme phakathi kwebandla. Lase lizwakala kulo lonke ikamu ukuthi bonke abazobheka inyoka bazophulukiswa. Abantu bebazi kahle ukuthi inyoka ngokwayo ayinamandla okubasiza. Bekuluphawu lukaKristu. Njengoba umfanekiso ofana nenyoka ebulalayo waphakanyiswa ukuze baphiliswe, kanjalo Lowo owenziwe ‘wafana nenyama yesono’ kwakumele abe nguMhlengi wabo. Roma 8:3. AmaIsrayeli amaningi ayebheka inkonzo yemihlatshelo njengenamandla okubakhulula esonweni. UNkulunkulu wayefisa ukubafundisa ukuthi yayingabalulekanga ngaphezu kwenyoka yethusi. Kwakungukuholele izingqondo zabo kuMsindisi. Noma ukwelashwa kwamanxeba noma ukuthethelelwa kwezono zabo, akukho abangakwenza ngaphandle kokukhombisa ukukholwa kwabo kwiSipho sikaNkulunkulu. Kwakufanele babheke futhi baphile.”-The Desire of Ages, pp. 174, 175.

b. Naphezu kwamalungiselelo, kungani abanye bafa-na? 1 Korinte 10:9; Heberu 3:12.

“AmaIsrayeli amaningi awalubonanga usizo lwekhambi elalimiswe yiZulu. Abafileyo nabafayo babebazungezile, futhi bebazi ukuthi, ngaphandle kosizo lwaphezulu, isiphetho sabo sasiqinisekile. Kodwa baqhubeka bekhalela amanxeba abo, izinhlungu zabo, ukufa kwabo okuqinisekile, kwaze kwaba yilapho amandla abo ephela, futhi amehlo abo ecwebezela, lapho kungenzeka ukuthi ngabe bathola ukwelashwa ngokushesha.”-Patriachs and Prophets, p. 432.

c. Uma sifuna ukusindiswa, kumele sibheke kuphi-na? Heberu 6:19, 20

“Umphumela owesabekayo wesono ungasuswa kuphela ngamalungiselo uNkulunkulu awenzile. AmaIsrayeli asindisa ukuphila kwawo ngokubheka phezu kwenyoka ephakanyisiwe. Lokubheka kusho ukukholwa. Bayaphila ngoba bakholelwa ezwini likaNkulunkulu, nokuthemba izindlela ezinikeziwe ukuze baphile. Kanjalo isoni singabheka kuKristu, futhi siphile. Sithola ukuthethelelwa ngokukholwa kumhlatshelo wenhlawulelo….UKristu unamandla nokulunga okuKuye kokwelapha isoni esiphendukayo.”-Ibid., p. 431.


Ngolwesine , Nhlolanja 6

5. UKUGCINA AMEHLO ETHU EQAPHILE

a. Yisiphi isifundo kamuva esaqondwa nguNikodemu okudingeka sisifunde-futhi sihlale sisikhumbula-na? Efesu 2:8; Luka 13:20, 21.

“Kuvamile ukuvela kombuzo othi, Kungani-ke, manje, bebaningi kangaka, abathi bayakholwa ezwini likaNkulunkulu, kubona akubonakali inguquko yamazwi, yomoya, nangesimilo-na? Kungani bebaningi kangaka abangakwazi ukubekezela ukuphikiswa kwezinhloso nezinhlelo zabo, ababonisi isimo esihle, futhi amazwi abo alukhuni, anonya, futhi anentshiseko. Kubonakala ekuphileni kwabo umina, ukuzitika okufanayo kobugovu, isimo esifanayo futhi namazwi asheshayo, lawo abonakala kwimpilo yokuthanda ilizwe. Kukhona ukuzigabisa okufanayo okuzwelayo, ukuvumela okufanayo ekuthambekeleni kwemvelo, ukuphambuka okufanayo kwesimilo semvelo, kungathi iqiniso abalazi ngokuphelele. Isizathu ukuthi abaphendukanga. Abafihlanga imvubelo yeqiniso enhliziyweni yabo. Alitholanga ithuba lokwenza umsebenzi walo. Ukuthambekela kwabo imvelo nokuhlakulela imikhuba ekhulisiwe yobubi ayizange inikelwe emandleni aguqulayo. Ukuphila kwabo kubonisa ukusweleka komusa kaKristu, ukungakholwa emandleni Akhe aguqula isimilo.

“‘Ukukholwa kuvela ngokuzwa, ukuzwa kuvela ngezwi likaNkulunkulu.’ Roma 10:17. IMibhalo iyisithunywa esikhulu sokuguqula isimilo. UKristu wakhuleka wathi, ‘Bangcwelise ngeqiniso; izwi lakho liyiqiniso.’ Johane 17:17. Uma lifundwa futhi lilalelwa, izwi likaNkulunkulu lisebenza enhliziyweni, linqobe lonke ufuzo olungalungile. UMoya Ongcwele uzele ukulahla ngecala isono, nokholo olukhula enhliziyweni lusebenza lusuka othandweni lukaKristu, lusenze sivumelane nomzimba, umphefumulo, nomoya emfanekisweni Wakhe. Khona-ke uNkulunkulu angasisebenzisa ekwenzeni intando Yakhe. Amandla esiphiwe wona asebenza ngaphakathi nangaphandle, ukusiholela ekukhulumeni nabanye iqiniso eladluliselwa kithi.”-Christ’s Object Lessons, pp. 99, 100.


NgoLwesihlanu , Nhlolanja 7

IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE

1. Yiluphi uphawu oluphakeme lwabaFarisi ezinsukwini zikaKristu-na?

2. Chaza ukuthi sizalwa kanjani kabusha sifane noKristu.

3. Kubonakala kanjani ukuguqulwa kwenhliziyo-na?

4. Chaza uphawu lwenyoka ephakanyisiwe.

5. Umfanekiso wemvubelo uveza kanjani ukukhula emseni kaNkulunkulu-na?

 <<    >>