Umnikelo weSabatha Lokuqala
“Isifundazwe saseParaguay ilizwe elingaphakathi eSouth America, lapho lizingezwe iArgentina, Bolivia, neBrazil. Abantu babalelwa kwizigidi ezingu 6.1, zabakhile kulo, I 96.1% yilabo abafakazela ukuthi bangamaKristu (88.3% ngamaKatolika I 7.8% ezinye izinkolo zamaKrestu); 2.6% yilabo abangakholwa, futhi abaseleyo bavela kwezinye izifunda noma akukhulunywa lutho ngabo. Umnotho wezwe lonke usekwe kuqala kwezolimo-ikakhulu isoy-beans-ngaphezu kweminyaka engu 50 edlule, iParaguay ithe yatshala imboni yamandla ehydroelectric.
Amalunga okuqala eSDA Reform Movement afika lapha evela eHungary ngeminyaka yo 1940 nomsebenzi waqhubekela phambili ngeminyaka yo 1950 ngenxa yabathengisa izincwadi futhi kamuva ngeminyaka yo 1970 ngenxa yomsebenzi wokwelapha. Manje sinexuku elimangalisayo lamalunga athembekile emadolobheni amakhulu.
Iminyaka eminingi sinesikhungo sokwelapha kwemvelo esisebenza kwinhloko dolobha yase Asuncion, ukusisiza ukuhambisa ivangeli kwimiphefumulo eminingi nokufundisa indlela yokuphila yabantu abayinsali bakaNkulunkulu. Ngokusizwa nguNkulunkulu kanye nexuku lokuqeqesha elifundisiwe, sinethemba lokuvuselela iclinic-kodwa okwamanje ukuba isebenzele idolobha, futhi ifinyelele emaphandleni ukufeza umsebenzi ongcwele: “Phumani emadolobheni. Misani izibhedlela zenu, izikolo zenu, namahovisi mawabe kude namadolobha anabantu abaningi.”-Selected Messagges, bk. 2, p. 357.
Ngalombono engqondweni, siye safuna isicephu somhlaba endaweni engaphandle kwigatsha lase Paraguari, amamayela angu 66km. (41 miles) ukusuka kwinhloko dolobha. Sesile sinayo indawo engcwele Kanye nendlu yabafundisi kulendawo, kodwa lokhu kuyisiqalo. Umgomo ukusungula isikhungu esisebenza ngezindlela eziningi kanye nesikhungo sezempilo esiyisisekelo, isikolo sebendla, indlu yokukhonzela, kanye nesikhungo sokuthuthukisa amabhizinisi okudla okunempilo okuzondlayo.
Sicela izipho zabazalwane bethu emhlabeni wonke ukuba nisisize ukuletha lomgomo uthela isithelo. Ukuhlanganyela kwenu kuzoletha amandla amasha kwizinga lokugcina ukuphelelisa lomsebenzi. Seyame kumandla nomusa omangalisayo kaNkulunkulu futhi siyethemba ukuthi iNkosi izobusisa imizamo yethu nomphakathi osizungezile emhlabeni ukunika amandla nokukhulisa umsebenzi wevangeli kulenxenye yesivini Sakhe.
Abazalwane benu nodade abavela kwiNsimu yaseParaguayan