NgeSonto
, Nhlolanja 16
1. UJESU ESE-SIKHARI
a. Esendleleni eya eGalile, kukuphi lapho uJesu nabafundi Bakhe bamisa khona-na? Johane 4:6.
“Lapho uJesu ehlezi ngasemthonjeni, wayediniwe ngenxa yendlala futhi omile. Uhambo kusukela ekuseni lwalulude kakhulu, futhi manje ilanga lasemini lehlela phezu Kwakhe. Ukoma Kwakhe kwandiswa umcabango wamanzi apholile, aqabulayo aseduze, nokho engakwazi ukuwakha; ngoba wayengenayo intambo noma imbiza yamanzi, lomthombo wawujulile. Okuqondene nomuntu kungo-Kwakhe, kanjalo walinda omunye ukuba awadonse.”-The Desire of Ages, p. 183.
b. Ngubani oweza emthonjeni, futhi sicelo sini uJesu asiletha kuye-futhi singafundani kulokhu-na? Johane 4:7.
“Inzondo ebikhona phakathi kwamaJuda namaSamariya yavimbela lowo owesifazane ekwenzeni umusa kuJesu; kodwa uMsindisi wayefuna ukuthola isihluthelelo kulenhliziyo, futhi ngesu lokungacunuki lothando lozalo olungcwele, Wacela, kungesikho ukunikeza umusa, isipho somusa sasingase sinqatshwe, kodwa ukwethenjwa kwavusa ukwethenjwa. Inkosi yezulu yeza kulomphefumulo oxoshiweyo, ecela inkonzo kuye. Yena owenza ulwandle, olawula amanzi otwa olukhulu, owavula imithombo nemisele yomhlaba, waphumula ekukhathaleni Kwakhe ngasemthonjeni kaJakobe, wencika emseni kowezizwe ukuze amnike isiphuzo samanzi.”- Ibid., p. 184.
NgoMsombuluko
, Nhlolanja 17
2. UHLOBO OLUHLUKILE LWAMANZI
a. UJesu wabiza kanjani ukunaka kowesifazane isipho sensindiso-na? Johane 4:10.
“Amanzi uKiristu ayekhuluma ngawo angukukwembulwa komusa Wakhe ezwini Lakhe; uMoya Wakhe, imfundiso Yakhe, zingumthombo owenelisayo kuyo yonke imiphefumulo. Yonke eminye imithombo abazophendukela kuyo izobonakala ingagculisi. Kodwa igama elithi iqiniso linjengemithombo ephilile, efaniswa njengemithombo yamanzi aseLebanoni, kaningi ahlala enelisa. KuKristu kukhona ukugcwala kwenjabulo kuze kube phakade.”-Testimonies to Ministers, p. 390.
b. Yaba yini impendulo yowesifazane ngesipho sikaKristu-na? Johane 4:11, 12.
“Ukuqonda kowesifazane akuzange kuzwisise incazelo kaKristu; wayecabanga ukuthi ukhuluma ngomthombo ophambi kwabo.”-The Spirit of Prophecy, vol. 2, pp. 140, 141.
c. UJesu wahlukanisa kanjani uhlobo olulodwa lwamanzi kolunye–futhi lomyalezo kufanele usibusise kanjani, nathina-na? Johane 4:13, 14; Isambulo 22:17.
“Kufanele sithokozele uthando futhi sibonge, kufanele sibheke kuJesu futhi siguqulelwe emfanekisweni Wakhe. Umphumela walentando uzokhulisa isibindi, ithemba, ukubekezela, nenhliziyo. Sizophuza amanzi okuphila lawo uKristu akhuluma ngawo kowesifazane waseSamariya. Wathi: ‘uma ubusazi isipho sikaNkulunkulu, nokuthi ngubani othi kuwe, Ngiphuzise; nga ucela kuye, yena nga ekunikile amanzi aphilayo…Kepha yilowo oyakuphuza amanzi engiyakumnika wona kasayikoma naphakade; kodwa amanzi engiyakumnika wona ayakuba ngumthombo wamanzi aphuphumayo, kube ngukuphila okuphakade.’ Lamanzi afanekisa ukuphila kukaKristu, wonke umphefumulo kumele ubenawo ngokuba nokuxhumana okuphilayo noNkulunkulu. Ebusisiwe, ethobekile, isibindi esibongayo sizoba isimiso esihlalayo emphefumulweni. Ukwesaba okungenakholo kuzosuswa phambi kokholo oluphilayo. Sizozindla ngesimilo Sakhe lowo owasithanda kuqala.”-Testimonies to Ministers, p. 226.
Ngolwesibili
, Nhlolanja 18
3. AMANZI APHILAYO
a. Owesifazane waseSamariya wabonisa kanjani ukuthi akawaqondi amazwi kaKristu-na? Johane 4:15.
“Umusa ongcwele okuNguyena kuphela angawudlulisela, angamanzi aphilayo, ahlanzayo, aqabulayo, futhi anika amandla umzimba.
“UJesu azange anikeze umcabango wokuthi inxenye eyodwa nje yamanzi okuphila izolingana lowo owamukelayo. Lowo onambitha uthando lukaKristu uzohlala elangazelela okwengeziwe; kodwa akafuni lutho olunye. Ingcebo, udumo, nokuzijabulisa kwezwe akumthathekisi. Ukukhala njalo kwenhliziyo yakhe ukuthi, Okuningi Kwakho. Futhi Lowo owembulela umphefumulo isidingo sawo ulindele ukwenelisa ukulamba nokoma kwawo. Zonke izisetshenziswa zomuntu nokuncika kuzohluleka. Isitsha sizothulula okungaphakathi, imithombo ishe, kodwa uMhlengi wethu umgumthombo ongenakuphela. Singase siphuze, siphuze futhi, futhi sihlale sithola njalo ukudla okusha. Lowo uKristu ahlala kuye phakathi kwakhe kukhona umthombo wesibusiso-umthombo wamanzi ophuphumela ekuphileni okuphakade.’ Kulomthombo angathola amandla nomusa owanele zonke izidingo zakhe.”-The Desire of Ages, p. 187.
b. Njengowesifazane waseSamariya nezihambi ehlane ngesikhathi sofuduko (Eksodusi), kwenzeka kanjani ukuba sihluleke ukuqaphela umusa omangalisayo ogeleza uvela kuKristu-na? Amahubo 78:15, 16, 19, 20 (isigaba sokuqala); 114:7, 8.
“UMose walishaya idwala, kodwa bekuyiNdodana kaNkulunkulu, embozekile ensikeni yefu, yema eceleni kukaMose, futhi yabangela amanzi anikeza ukuphila ukuba ageleze. Kungesiye uMose nabadala kuphela, kodwa ibandla lonke elalimi kude, labona inkazimulo yeNkosi; kodwa uma ngabe ifu lithe lasuswa, ngabe babulawa inkazimulo Yakhe esabekayo ehlalayo.”-Patriachs and Prophets, p. 298.
“Ukubakhona komusa kaKristu ezwini Lakhe kukhuluma njalo nomphefumulo, kufana nomthombo wamanzi aphilayo ukuze aqabule umphefumulo owomile. Kuyilungelo lethu ukuba noMsindisi ophilayo, nohlala njalo. Ungumthombo wamandla esimoya atshalwe kithi, futhi umfutho Wakhe ufinyelela kude ngamazwi nangezenzo, uqabula wonke umfutho ongaphakathi kwethu, ukuveza kubo ukulangazela nezifiso zamandla okuhlanzeka, ubungcwele nokuthula, futhi nenjabulo engalethi usizi phakathi kwayo. Lokhu kungumphumela woMsindisi ohlala ngaphakathi.”-Testimonies to Ministers, p. 390.
Ngolwesithathu
, Nhlolanja 19
4. UJESU UQALA UKUDALULA UBUYENA
a. Isiphi isihloko esisha uJesu asethula engxoxweni Yakhe nowesifazane waseSamariya, futhi wasabela kanjani-na? Johane 4:16, 17 (isigaba sokuqala).
“UJesu manje wayiguqula ingxoxo kungazelelwe. Ngaphambi kokuba lomphefumulo uthole isipho alangazelela ukumupha sona. Kufanele alethwe ukuze abone isono sakhe noMsindisi Wakhe. ‘Wathi kuye,’ Hamba, ubize indoda yakho, uze nayo lapha.’ Waphendula wathi, ‘Anginandoda.’ Kanjalo wayenethemba lokuvimbela yonke imibuzo ngaleyo ndlela.”-The Desire of Ages, p. 187.
b. UJesu wenezela kanjani kwimpendulo yakhe-futhi lokhu kusikhumbuzani ngakho konke lokhu akwaziyo ngathi sonke-na? Johane 4:17 (isigaba sokugcina), 18; Amahubo 139:8, 11, 12.
“Ubukhulu bukaNkulunkulu kithina abuzwisiseki. ‘UJehova usethempelini Lakhe’ (Amahubo 11:4); kodwa ngoMoya wakhe ukhona yonke indawo. Unolwazi olujulile, nentakazelelo yobuntu Bakhe, kuyo yonke imisebenzi yezandla Zakhe.”-Education, p. 132.
“Izingelosi zaseZulwini zihlola umsebenzi obekwe ezandleni zethu; futhi lapho kube nokuchezuka ezimisweni zeqiniso, ‘ubulula’ bubhaliwe ezincwadini.”-Child Guidance, p. 155.
“Umthetho kaNkulunkulu ufinyelela kwimizwa nokuqondiwe, ngokufanayo nezenzo zangaphandle. Wembula izimfihlakalo zenhliziyo, ukubenyezela kokukhanya phezu kwezinto ebezingcwatshwe ebumnyameni. UNkulunkulu wazi yonke imicabango yethu, konke okuhlosiwe, wonke amacebo, konke okuqondiwe. Izincwadi zezulu zibhala izono engabe zenziwe uma ithuba belivuma. UNkulunkulu uzoletha wonke umsebenzi ekwahluleleni, nazo zonke izinto ezifihliweyo. Ngomthetho Wakhe ulinganisa isimilo somuntu ngamunye. Njengoba umdwebi edlulisela kucanvasi izimpawu zobuso ukuze izimpawu zomlingisi ngamunye zidluliselwe ezincwadini zezulu. UNkulunkulu unomuntu othwebula izithombe zezimilo zonke zabantu, futhi lomthwebuli uzilinganisa nomthetho Wakhe. Wembula kumuntu izici ezingcolisa ukuphila kwakhe, futhi abize kuye inguquko ashiye isono.”-SDA Bible Commentary [E. G. White Comments], vol. 5, p. 1085.
Ngolwesine
, Nhlolanja 20
5. UJESU UZEMBULA NJENGOMSINDISI
a. Kuyini owesifazane emthonjeni ekugcineni ayiqonda ngoJesu-na? Johane 4:19. Ingabe lokhu kwakanele ukuqashelwa-na?
“Umlaleli ethuthumela. Isandla esingaqondakali sasiphenya amakhasi omlando wonke wokuphila kwakhe, siveza lokho ayenethemba lokukufihla kuze kube phakade. Ngubani Lowo okwazi ukufunda izimfihlo zokuphila kwakhe-na? Kwafika emicabangweni yakhe iphakade, uKwahlulela okuzayo, lapho konke okufihliwe manje kuzokwembulwa. Ekukhanyeni kwawo, unembeza wavuswa.
“Akukho ayengakuphika; kodwa wazama ukubalekela isihloko okukhulunywa ngaso esingamukeleki. Ngokuzithoba okukhulu, wathi, ‘Nkosi, ngiyabona ukuthi ungumprofethi wena.’ Ngakho-ke, ezama ukuthulisa ukulahlwa yicala, waphendukela ezindabeni zempikiswano yezenkolo. Uma kungumprofethi, impela angamyala maqondana nalezozindaba okukade kuphikiswana ngazo.”-The Desire of Ages, p. 187, 188.
b. Lapho owesifazane ebonisa ithemba ngokufika kukaMesiya, uJesu wathini kuye-na? Johane 4:25, 26.
“Isimemo sevangeli akufanele sincishiselwe phansi, masingalethwa kwabambalwa abakhethekile, labo, esicabanga ukuthi, bazosipha udumo uma belamukela. Isigijimi kumele sinikezwe bonke. Nakuphi lapho izinhliziyo zivulekele ukwamukela iqiniso, uKristu ulungele ukubafundisa. Wembula kubo uBaba, futhi inkonzo iyamukelwa Kulowo ofunda inhliziyo. Kwabanjalo akasebenzisi umfanekiso. Kubona, njengowesifazane emthonjeni, Uthi, ‘Nginguye Mina engikhuluma nawe.’”-The Desire of Ages, p. 194.
NgoLwesihlanu
, Nhlolanja 21
IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE
1. Kungani uJesu angazange enza isimangaliso ngenxa Yakhe-na?
2. Kuyini uJesu akusebenzisa ukuholela owesifaza waseSamariya evangelini-na?
3. Yathini iNkosi maqondana namanzi okuphila-na?
4. Kungani uKristu aphawula ngempilo yowesifazane waseSamariya-na?
5. Yisho isithembiso esihlangene nokuza kukaMesiya.