NgeSonto
, Masingana 26
1. UMUNTU OVELELE UFUNA UKUBONA UJESU
a. Ngubani uNikodemu, futhi wayebhekwa kanjani ngabantu-na? Johane 3:1, 10.
“UNikodemu wayephethe isikhundla esiphezulu sokwethembeka esizweni samaJuda. Wayefunde kakhulu, futhi enamathalenta angesona isimilo esijwayelekile, futhi ubeyilunga elihlonishwayo lomkhandlu welizwe…Noma wayecebile, efundile, futhi ehlonishwa, wakhangwa ngendlela eyisimanga uMnazaretha othobekile.”-The Desire of Ages, p. 167.
“UbenguMfarisi oqinile, futhi ezigabisa ngemisebenzi yakhe emihle. Wayehlonishwa kakhulu ngenxa yobubele bakhe nenkululeko yakhe ekusekeleni inkonzo yasethempelini, futhi wazizwa elondekile emseni kaNkulunkulu.”-Ibid., p. 171.
b. Yiliphi ihora uNikodemu ahamba ukuhlangana noJesu-na? Johane 3:2 (isigaba sokuqala).
“Efunda ngokubuza okukhethekile indawo uMsindisi ayehlala kuyo eNtabeni yeMinqumo, walinda kwaze kwaba yilapho umuzi uthuliswa ubuthongo, wayesemfuna.”-Ibid., p. 168.
NgoMsombuluko
, Masingana 27
2. UKUKHULUMISANA KWA-NGASESE
a. Kuyini okubonisa ukuqonda okunomusa kukaJesu lapho amukela isivakashi Sakhe ebusuku-na? Amahubo 31:20, 21.
“[UNikodemu] wayefisa kakhulu ukukhulumisana noJesu, kodwa wesaba ukubonana Naye obala. Kwakungukuthotshiswa okukhulu ukuba umbusi wamaJuda avume ngokwakhe ukuzwelana nothishela owayedume kancane. Futhi ukuhambela kwakhe bekuzokwaziwa ngamaSanhedrin, kuzokwenza ukuba adelelwe futhi alahlwe. Wanquma ukukhulumisana naye ngasese, ngezaba zokuthi uma ezohamba obala, abanye hleze balandele isibonelo sakhe.”-The Desire of Ages, p. 168.
b. Chaza ukuthi uNikodemu waqala kanjani ingxoxo yakhe noJesu-na? Johane 3:2.
“Phambi kobukhona bukaKristu, uNikodemu wezwa enovalo oluyisimanga, wazama ukulifihla ngaphansi komoya wokuzibamba nangesithunzi. ‘Rabbi,’ esho, siyazi ukuthi ungumfundisi ovela kuNkulunkulu, ngokuba akakho ongenza lezibonakaliso ozenzayo, uma uNkulunkulu engenaye.’ Ekhuluma ngoKristu njengomfundisi onezipho ezingavamile, namandla amangalisayo okwenza izimangaliso, enethemba lokuvula indlela yokukhulumisana naye. Amazwi akhe enzelwa ukugcizelela nokumema isibindi; kodwa ngempela ayegcizelela ukungakholwa. Akazange avume ukuthi uJesu unguMesiya, kodwa kuphela umfundisi othunywe nguNkulunkulu.”-Ibid.
c. Kungamuphi umqondo uKristu amangaza ngawo uNikodemu-na? Johane 3:3.
“Esikhundleni sokuqaphela lokhu kubingelela, uJesu wabhekisa amehlo Akhe phezu kwalowo okhulumayo, njengokungathi ufunda umphefumulo wakhe. Ngokuhlakanipha Kwakhe okungapheli wabona phambi kwakhe ofuna iqiniso. Ubenolwazi lwenhloso yokuvakasha kwakhe, futhi enesifiso sokujulisa ukukholelwa osekusele engqondweni yomlaleli, waqonda ngqo ephuzwini, esho ngehliziyo emhlophe, kodwa ngomusa, ‘Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kuwe, Uma umuntu engazalwa ngokusha, angewubone umbuso kaNkulunkulu.’ Johane 3:3, umsikelo.
“UNikodemu wafika eNkosini ecabanga ukungena engxoxweni Naye, kodwa uJesu wembula izimiso eziyisisekelo seqiniso.”-Ibid., pp. 168-171.
Ngolwesibili
, Masingana 28
3. UKUZALWA NGOKUSHA
a. UNikodemu waphendula kanjani kulokhu uKristu athi uyakudinga-futhi, njengaye, kungani sonke sidinga amava okuzalwa kabusha-na? Johane 3:4-8.
“Umfanekiso wokuzalwa kabusha, lowo uJesu awusebenzisa, wawungajwayelekile neze kuNikodemu. Abaphendukile ukusuka kubuhedeni ukuya kwinkolo yamaIsrayeli babelinganiswa njengabantwana abaqeda kuzalwa. Ngakho-ke ngabe kuzwakala sengathi amazwi kaKristu akufanele amukelwe ngomqondo oqondile. Kodwa ngamandla okuzalwa kwakhe njengoIsrayeli wazibheka ngempela enjengonendawo embusweni kaNkulunkulu. Wazizwa ukuthi akadingi inguquko. Kodwa wamangaliswa amazwi oMsindisi. Akaphathekanga kahle ngolokhuu okuqondiswe kuye. Ukuzigabisa koMfarisi kwaba ngumshikashika emelene nesifiso sokufuna iqiniso. Wamangala ukuthi ukhuluma naye njengoba eNzile, engahloniphi isikhundla sakhe njengombusi wakwaIsrayeli.
“Emangalela ukuziphatha kwakhe, waphendula uKristu ngamazwi agcwele ukubhinqa, ‘Umuntu uzalwa kanjani esemdala-na?’ njengabaningi uma iqiniso lihlaba ekhaya kunembeza, wembula wokuthi umuntu wemvelo akamukeli izinto zoMoya kaNkulunkulu. Kukhona Kuye okuvuma izinto zesimoya; ngoba izinto zesimoya zihlukaniswa ngomoya.
“Kodwa uJesu akazange ahlangabeze impikiswano ngempikiswano. Ephakamisa isandla Sakhe ngesizotha, ngesithunzi esinokuthula, wacindezela iqiniso ekhaya ngesiqiniseko esikhulu, ‘Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kuwe, Uma umuntu engazalwa ngamanzi nangoMoya, angengene embusweni kaNkulunkulu.”-The Desire of Ages, p. 171.
b. Kunini nakanjani umuntu ngamunye angazalwa kabusha futhi-na? Johane 1:12, 13.
“Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana Yakhe ezelwe yodwa, ‘ukuze umuntu abuyisane noNkulunkulu. Ngenxa yokufaneleka kukaKristu angabuyiselwa kubudlelwano noMdali wakhe. Inhliziyo yakhe kufanele yenziwe ibentsha ngomusa ongcwele; kufanele abe nokuphila okusha okuvela phezulu. Lenguquko ingukuzalwa kabusha, ngaphandle kwalokho, kusho uJesu, ‘angeke awubone umbuso kaNkulunkulu.’ “-The Great Controversy, p. 467.
“Ngenxa yesenzo esilula sokukholelwa kuNkulunkulu, uMoya Ongcwele uthe wazala ukuphila okusha enhliziyweni yakho. Unjengomntwana ozelwe emndenini kaNkulunkulu, futhi uyakuthanda njengoba ethanda iNdodana Yakhe.”-Steps to Christ, p. 52.
Ngolwesithathu
, Masingana 29
4. UKUHLANZWA NOKUDALWA KABUSHA
a. Kuyini okufanekisa ukuhlanzwa nokuvuselelwa okuza ngokuzalwa kabusha-na? Marako 16:16 (isigaba sokuqala)
“Amandla aguqulayo kaNkulunkulu angaphendula imikhuba ezuzwe njengefa nethe- yahlakulelwa; ngoba inkolo kaJesu iyaphakamisa. ‘Ukuzalwa kabusha’ kusho ukuguqulwa, ukuzalwa kabusha kuKristu uJesu.”-The Adventist Home, p. 206.
“UKristu wenza uMbhapathizo waba luphawu lokungena embusweni Wakhe wesimoya. Wenze lesimo sabasihle okumele bonke bahambisane naso abafisa ukuqashelwa njengebangaphansi kwegunya likaYise, iNdodana, noMoya Ongcwele. Ngaphambi kokuba umuntu athole ikhaya ebandleni, ngaphambi kokuba adlule umngcele wombuso kaNkulunkulu wesimoya, kufanele amukele ukugcizelelwa kwegama elingcwele, ‘UJehova ungukulunga kwethu.’ Jeremiya 23:6.
“UMbhapathizo kuwukulahla umhlaba ngesizotha esikhulu. Labo abathe babhaphathizwa emagameni amathathu elikaYise, neleNdodana, nelikaMoya Ongcwele, ekuqaleni kokuphila kobuKrestu bamemezela ngokusobala ukuthi bayilahlile inkonzo kaSathane futhi bangamalunga omndeni wasebukhosini, abantwana beNkosi yasezulwini,…’Phumani phakathi kwabo, nahlukane nabo,…’ningathinti okungcolileyo; Futhi lesithembiso sigcwalisekile: ‘ngiyakunamukela, ngibe nguYihlo kini, nina nibe ngamadodana namadodakazi kimi, isho iNkosi uSomandla,’ 2 Korinte 6:17, 18.”-Testimonies for the Church, vol. 6, p. 91.
b. Kuthiwani ngobubi bemvelo yomuntu kanye necebo likaNkulunkulu lokusiguqula-na? Johane 3:6; Jeremiya 17:9; Efesu 5:26, 27.
“Angeke kwenzeka kithi, ngokwethu, ukuphepha emgodini wesono esishone kuwo. Izinhliziyo zethu zimbi, futhi asikwazi ukuziguqula….Imfundo, isiko, ukusebenzisa intando, umzamo womuntu, zonke zinesikhathi zaso, kodwa lapha azinamandla. Zingaletha ngaphandle ukuziphatha okulungile, kodwa angeke ziguqule inhliziyo; angeke zihlanze imithombo yokuphila. Kufanele kubekhona amandla asebenza ngaphakathi, ukuphila okusha kwaphezulu, ngaphambi kokuba abantu bangaguqulwa esonweni baye ebungcweleni. Lamandla kaKristu. Ngumusa Wakhe ongasheshisa amandla afile omphefumulo, futhi uwadonsele kuNkulunkulu, ebungcweleni.”-Steps to Christ, p. 18.
Ngolwesine
, Masingana 30
5. UKUPHILA OKUSHA NEZENZO EZINTSHA
a. Yimuphi umyalezo abapostoli ababezowubhala kamuva mayelana noshintsho lokuqondisa okuza ngokuzalwa kabusha-na? Galathiya 2:20; 1 Johane 2:2:15-17.
“Amandla aguqulayo kaNkulunkulu angaphendula imikhuba ezuzwe njengefa nethe- yahlakulelwa; ngoba inkolo kaJesu iyaphakamisa. ‘Ukuzalwa kabusha’ kusho ukuguqulwa, ukuzalwa kabusha kuKristu uJesu.”-The Adventist Home, p. 206.
“[UPawule] wavuma ukuthi izingqondo zabantu zingalethwa ekucabangeni ngomhlatshelo owenziwe iNkosi yasezulwini, bonke ubugovu buzoxoshwa ezinhliziyweni zabo. Uqondisa kuqala izingqondo esikhundleni uKristu ayekuso ezulwini, esifubeni sikaBaba Wakhe; wamembula kamuva lapho ebeka phansi inkazimulo Yakhe, ngokuzithandela ezibeke ngaphansi kwezimo zonke ezithobekile zemvelo yomuntu, elinganisa ukuziphendulela kwenceku, futhi walalela kwaze kwaba sekufeni, futhi lokufa okudumaza kakhulu futhi okuphendula izibilini, futhi okuhlazisayo, nokubuhlungu-ukufa kwesiphambano. Akufanele yini amaKrestu azindle ngalombukiso omangalisayo wothando lukaNkulunkulu kumuntu ngaphandle komuzwa wothando nokubona umqondo womcijo wokuthi asibona abethu? INkosi enjalo akufanele yini ukuba akhonzwe ngaphandle kokukhononda, ukuhaha, izisusa zobugovu.”-Testimonies for the Church, vol. 4, p. 458.
“Ngizokhuluma nawe njengoba uKristu akhuluma noNikodemu: ‘Nimelwe ukuzalwa kabusha.’ Labo abanoKristu obusa ngaphakathi kwabo angeke bafise ukulingisa umbukiso welizwe. Bazothwala yonke indawo isilinganiso sesiphambano, belokhu befakazi ngezinjongo eziphakeme nezindikimba ezinhle kunalezo abantu basemhlabeni abagxile kuzo. Ukugqoka kwethu, izindawo zethu zokuhlala, ingxoxo yethu, kufanele kufakazele ukuzinikela kwethu kuNkulunkulu. Yimaphi amandla azobakhona kulabo ababonisa ukuthi balahle konke ngenxa kaKristu.”-Ibid., vol. 5, p. 189.
NgoLwesihlanu
, Masingana 31
IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE
1. Ngenxa yemisebenzi yakhe emihle, uNikodemu wayezibheka kanjani-na?
2. Ngeyiphi indlela uNikodemu aziphatha ngayo phambi kukaKristu-na?
3. Kusho ukuthini “ukuzalwa kabusha”?
4. Ukuzalwa kabusha kwenzeka kanjani-na?
5. Yiluphi ushintsho kwisimo sengqondo oluza ngenxa yokuzalwa kabusha, nokuthi kungani-na?