Back to top

Sabbath Bible Lessons

Ivangeli Ngokuya NgokukaJohane (INGXENYE YOKUQALA)

 <<    >> 
Isifundo 9 ISABATHA, NDASA 1, 2025

Ukuzalwa Komvangeli

IVESI LEKHANDA: “Anisho yini ukuthi izinyanga zisezine kufike ukuvuna-na? Bhekani, ngithi kini: Phakmisani amehlo enu, nibone ukuthi amasimu asemhlophe, aselungele ukuvunwa” (Johane 4:35).

“UJesu wayeseqalile ukudiliza udonga oluhlukanisa amaJuda nabeZizwe, futhi washumayela insindiso emhlabeni. Noma engumJuda, wazihlanganisa ngokukhululeka namaSamariya, eshaya ize imikhuba yabaFarisi besizwe Sakhe.”-The Desire of Ages, p. 193.

Incwadi Enikeziwe:   Testimonies for the Church, vol. 5, pp. 182-187. 

NgeSonto , Nhlolanja 23

1. UKUPHILA OKUSHA, IMIGOMO EMISHA

a. Lapho evuma uJesu njengoMesiya, owesifazane waseSamariya kuyini akwenza ngokushesha-na? Johane 4:28, 29.

“Owesifazane wayegcwele injabulo lapho elalela amazwi kaKristu. Isambulo esimangalisayo sasicishe sibe namandla. Eshiya imbiza yamanzi, wabuyela emzini, ukuze ahambise isigijimi kwabanye. UJesu ubesazi isizathu sokuhamba kwakhe. Eshiya imbiza yakhe yamanzi engananazi ngomphumela wamazwi Akhe. Bekuyisifiso esiqotho somphefumulo wakhe ukuthola amanzi okuphila; wakhohlwa umsebenzi wakhe emthonjeni, futhi wakhohlwa ukoma koMsindisi, lokho ayehlose ukumnika wona. Ngenhliziyo ephuphuma injabulo, waphuthuma indlela yakhe, ukuze abele abanye ukukhanya okuyigugu akutholile.”-The Desire of Ages, p. 191.

b. Abakhileyo eSikhari kuyini abakwenza uma bezwa ubufakazi bomuntu wakubo-na? Johane 4:30.

“Amazwi [owesifazane] athinta izinhliziyo zabo. Kwakukhona ukubukeka okusha ebusweni bakhe, ushintsho olubonakala kukho konke okwakhe. Baba nentakazelelo yokubona uJesu.”-Ibid.


NgoMsombuluko , Nhlolanja 24

2. ISIVUNO NABAVUNI

a. Lapho uJesu ebona izakhamuzi zaseSikhari ziza, wathini kubafundi Bakhe-na? Johane 4:35-38.

“‘Ovunayo, Esho, ‘wamukeliswa umvuzo, abuthe isithelo kube ngukuphila okuphakade: ukuba ohlwanyelayo athokoze kanye novunayo. Futhi kulokhu lelizwi liqinisile, Omunye uyahlwanyela, omunye uyavuna.’ Lapha uKristu ukhomba inkonzo engcwele eyisikweletu kuNkulunkulu kulabo abamukela ivangeli. Bayakuba yizithunywa Zakhe eziphilayo. Udinga inkonzo yabo ngabanye. Noma sivuna, sisebenzela uNkulunkulu. Omunye uhlakaza imbewu; omunye uyabutha ngesikhathi sokuvuna, nomhlwanyeli bobabili bamukela inkokhelo. Bajabula kanye kanye ngomvuzo womsebenzi wabo.”-The Desire of Ages, p. 191, 192.

b. Waba yini umphumela wobufakazi bowesifazane ngoKristu-futhi kuyini esingakufunda ngomthelela owaba nawo-na? Johane 4:39.

“Uma sihlangene noKristu, sinomqondo kaKristu. Ukuhlanzeka nothando kukhanya esimilweni, ukuthobeka neqiniso kulawula ukuphila. Ukubonakala kobuso kuyaguqulwa. UKristu ohlala emphefumulweni ucindezele amandla aguqulayo, ukubonakala kwangaphandle kuthwala ubufakazi bokuthula nenjabulo ebusa ngaphakathi. Siphuza uthando lukaKristu, njengegatsha elidonsa ukudla kwalo emvinini. Uma sihlumelele kuKristu, uma umucu nomucu uhlangana noMvini Ophilayo, sizonikeza ubufakazi bomcijo ngokuthwala ihlukuzo elinothile lesithelo esiphilayo. Uma sixhumene nokuKhanya, sizoba yimizila yokukhanya, futhi ngamazwi ethu nezenzo sizobonakalisa ukukhanya emhlabeni….

“Ngokubheka siyaguqulwa; futhi njengoba sizindla ngokupheleliswa koMfanekiso ongcwele, sizofisa ukuguqulwa ngokugcwele, futhi senziwe basha ngomfanekiso wokuhlanzeka Kwakhe. Kungenxa yokukholwa eNdodaneni kaNkulunkulu lapho ukuguquka kwesimilo kwenzeka khona, futhi umntwana wolaka uba ngumntwana kaNkulunkulu. Uyadlula ekufeni angene ekuphileni; uba semoyeni wokuhlukanisa izinto zesimoya. Ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kukhanyisa ingqondo yakhe, futhi ubona izinto ezimangalisayo zomthetho Wakhe. Njengoba umuntu eguqulwa ngeqiniso, umsebenzi wokuqula isimilo uyaqhubeka.”-Selected Messages, bk. 1, pp. 337, 338.


Ngolwesibili , Nhlolanja 25

3. UBUKHONA BUKA-JESU ESAMARIYA

a. Yisiphi isicelo amaSamariya asenza kuJesu-futhi kungani-na? Johane 4:40.

b. Chaza umphumela wesikhathi sikaKristu eSamariya. Johane 4:41.

“Ngamazwi akhulunywa kowesifazane emthonjeni, imbewu enhle ithe yahlanyelwa, futhi isivuno satholakala ngokushesha. AmaSamariya eza futhi alalela uJesu, futhi bakholwa Nguye. Bemzungezile ngasemthonjeni, baletha Kuye imibuzo, bamukela ngokulangazela ukucacisa Kwakhe izinto eziningi ebezingaqondakali kubo. Njengoba belalele, ukudideka kwabo kwaqala kwakhanya endleleni. Bebenjengabantu abasebumnyameni obukhulu befuna umsebe wokukhanya masinyane baze baluthola usuku. Kodwa babengeliswa ukuxoxisana lokhu okuncane. Babefuna ukuzwa okunye, nokuthi abangane babo nabo balalele lothishela omangalisayo. Bammemela emzini wabo, bemncenga ukuba ahlale nabo. Izinsuku ezimbili wahlala eSamariya, abaningi bakholwa Nguye.”-The Desire of Ages, p. 192.

“UKristu wembulela abaFundi Bakhe uNkulunkulu ngendlela eyenza umsebenzi okhethekile ezinhliziyweni zabo, njengalokhu kuyisikhathi eside enxusa ukuba simvumele ukuba awenze ezinhliziyweni zethu. Kukhona abaningi abathi, ngokuhlala kakhulu phezu komcabango, balahlekelwe umbono wamandla aphilayo esibonelo soMsindisi. Balahlekelwe umbono Wakhe njengesisebenzi esizithobile, esizincishayo. Abakudingayo ukuba babheke uJesu. Nsuku zonke sidinga ukwembulwa okusha kobukhona Bakhe.”-Reflecting Christ, p. 302.

c. Kuyini okwashiwo ngamaSamariya amaningi emva kokwamukela uJesu njengoMesiya-na? Johane 4:42.

“AbaFarisi babedelela ubulula bukaJesu. Babenganaki izimangaliso Zakhe, futhi babefuna isibonakaliso sokuthi uyiNdodana kaNkulunkulu. Kodwa amaSamariya awafunanga isibonakaliso, futhi uJesu akenzanga isimangaliso phakathi kwabo, wagcina ngokudalula izimfihlo zokuphila kwakhe kowesifazane osemthonjeni. Kodwa abaningi bamamukela. Ngenjabulo yabo entsha bathi kowesifazane, ‘manje asisakholwa, ngokulanda kwakho nje: ngokuba sesizizwele ngokwethu, siyazi ukuthi Lo ngempela unguKristu, UMsindisi welizwe.”-The Desire of Ages, p. 192, 193.


Ngolwesithathu , Nhlolanja 26

4. AMANDLA ESIPROFETHO

a. Yisiphi isiprofetho amaSamariya asekela ukholo lwawo kuMesiya othenjisiweyo-na? Genesis 49:10.

“AmaSamariya ayekholelwa ukuthi uMesiya uzofika njengoMhlengi, kungesiye wamaJuda kuphela, kodwa womhlaba wonke. UMoya Ongcwele ngoMose wabikezela Ngaye njengomprofethi othunywe nguNkulunkulu. NgoJakobe kuthe kwamenyezelwa ukuthi kufanele kube Kuye ukubuthwa kwabantu; futhi ngoAbrahama, ukuze izizwe zonke zomhlaba zibusiswe Ngaye. Ngalemibhalo abantu baseSamariya basekela ukholo lwabo kuMesiya. Umcijo wokuthi amaJuda aphendukezele ngokungeyikho iziprofetho zakamuva, ezikhomba ukubonakala kokuqala kwenkazimulo yokubuya kwesibili kukaKristu, kwaholela amaSamariya ukuba alahle yonke imibhalo engcwele ngaphandle kwaleyo eyanikezwa nguMose. Kodwa lapho uMsindisi esusa izincazelo ezingamanga, abaningi bamukela iziprofetho zakamuva kanye namazwi kaKristu ngoKwakhe maqondana nombuso kaNkulunkulu.”-The Desire of Ages, p. 193.

b. Kuyini esingayifunda namuhla ngomcijo wokuthi amaSamariya ayevulekele ngendlela emangalisayo eqinisweni-na? Umshumayeli 11:4, 5.

“Emhlabeni wonke abesilisa nabesifazane babheka ngokulangazela izulu. Imikhuleko nezinyembezi kanye nemibuzo ekhuphukela phezulu isuka emiphefumulweni elangazela ukukhanya, umusa, ngoMoya Ongcwele. Abaningi basemngceleni wombuso, balindele kuphela ukungeniswa ngaphakathi.”-The Acts of the Apostles, p. 109.

c. Abantu baba yini uma bemukela uKristu ngokweqiniso-na? Nikeza izibonelo. Marako 5:18-20; 7:31-37.

“UMoya [kaKristu] uzothuthukisa kumuntu konke okuzokwenza isimilo sibe nesithunzi semvelo. Uzokwakha umuntu ngokwenkazimulo kaNkulunkulu ngokomzimba umphefumulo nomoya….futhi imiphefumulo eyonakaliswe yaphenduka amathulusi kaSathane isekhona ngenxa yamandla kaKristu futhi yaguqulwa yaba yizithunywa zokulunga, futhi yathunywa yiNdodana kaNkulunkulu ukuba ikhulume ‘izinto ezinkulu iNkosi ebenzele zona, futhi ibenozwelo kuwe.”-The Desire of Ages, p. 341.


Ngolwesine , Nhlolanja 27

5. ABAVANGELI ABANGAMAKRESTU

a. Yiziphi izifundo esizifunda kowesifazane waseSamariya-na? 1 Johane 1:1-3; 2 Korinte 5:14 (isigaba sokuqala).

“Masinyane emva kokuba owesifazane waseSamariya efumene uMsindisi waletha abanye Kuye. Wazibonakalisa njengesithunywa sevangeli esiphumelelakakhudlwana kunabafundi Bakhe. Abafundi Bakhe ababonanga lutho eSamariya okubonisa ukuthi kwakuyinsimu ekhuthazayo. Umcabango wabo wawugxile emsebenzini omkhulu ozokwenziwa esikhathini esizayo. Ababonanga ukuthi okubazungezile isivuno okumele basibuthele. Kodwa ngowesifazane ababemdelela, umuzi wonke walethwa ukulalela uMsindisi. Wathwala ukukhanya ngokushesha kubantu bakubo.

“Lona owesifazane ufanekisa ukusebenza kokholo lwangempela kuKristu. Wonke umfundi weqiniso uzalelwa embusweni kaNkulunkulu njengesithunywa sevangeli. Lowo ophuza amanzi okuphila uba ngumthombo wokuphila. Owamukela umusa uba ngumuphi. Umusa kaKristu emphefumulweni ufana nomthombo osehlane, ophuphumayo ukuze uqabule bonke, nokwenza labo abalungele ukubhubha balangazele ukuphuza amanzi okuphila.”-The Desire of Ages, p. 195.

b. Lamava asikhuthaza kanjani namuhla-na? Umshumayeli 11:6.

“Akudingeki siye kwamanye amazwe ukuze sibe yizithunywa zevangeli zikaNkulunkulu. Yonke indawo sizungezwe amasimu ‘amhlophe aselungele ukuvunwa,’ futhi noma ngubani othandayo angabuthela ‘isithelo ekuphileni okuphakade.’ UNkulunkulu ubiza abaningi eBattle Creek abafa ngenxa yobuvila besimoya ukuba baye lapho umsebenzi wabo udingeka khona emsebenzini Wakhe. Phumani eBattle Creek, noma ngabe udinga umnikelo wemali. Hamba uye kwenye indawo ukuze ube yisibusiso kwabanye. Hamba lapho uzoqinisa khona ibandla elibuthakatha. Sebenzisa amandla uNkulunkulu akunike wona.”-Testimonies for the Church, vol. 5, p. 187.


NgoLwesihlanu , Nhlolanja 28

IMIBUZO YOMUNTU NGAMUNYE

1. Owesifazane kuyini akwenza uma ebona uJesu njengoMsindisi kuphela-na?

2. Chaza ukuthi kusho ukuthini ukuthi amasimu asemhlophe aselungele isivuno.

3. UJesu wahlala izinsuku ezingakhi namaSamariya-na?

4. Bufakazi buni amaSamariya abunikeza ngoJesu-na?

5. Kuyini okwenzeka kubantu ngokushesha uma bamukela uJesu ezimpilweni zabo-na?

 <<    >>